Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Lalelani Isiyalo Nihlakaniphe”

“Lalelani Isiyalo Nihlakaniphe”

“Madodana, . . . lalelani isiyalo nihlakaniphe.”​—IZAGA 8:32, 33.

IZINGOMA: 64, 120

1. Sikuthola kanjani ukuhlakanipha futhi kusizuzisa kanjani?

UJEHOVA unguMthombo wokuhlakanipha futhi lokho kuhlakanipha ukunikeza abanye ngokukhululekile. UJakobe 1:5 uthi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.” Indlela esingazuza ngayo ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, ukwamukela isiyalo sakhe. Lokho kuhlakanipha kungasivikela ekulimaleni ngokomoya nasekuziphatheni okubi. (IzAga 2:10-12) Ngenxa yalokho, ‘Sizigcina othandweni lukaNkulunkulu . . . sinombono wokuphila okuphakade.’​—Jude 21.

2. Singakuhlakulela kanjani ukwazisa isiyalo sikaNkulunkulu?

2 Nokho, ukuthambekela kwethu esonweni, indlela esikhule ngayo nezinye izinto, kwenza kube nzima ukwamukela isiyalo noma ukusibheka ngendlela efanele. Isiyalo sisazisa lapho sibona izinzuzo zaso, okusenza siqiniseke ngokuthi uNkulunkulu uyasithanda. IzAga 3:11, 12 zithi, “Ndodana yami, ungasali isiyalo sikaJehova . . . ngoba uJehova uyamsola lowo amthandayo.” Masingalokothi sikhohlwe ukuthi uJehova usifunela okungcono kakhulu. (Funda eyamaHebheru 12:5-11.) Ngenxa yokuthi uNkulunkulu usazi ngokugcwele, isiyalo sakhe sihlale sifaneleka futhi usinikeza ngezinga elifanele. Manje ake sixoxe ngezingxenye ezine zesiyalo: (1) Ukuzikhuza, (2) isiyalo sabazali, (3) isiyalo esitholakala ebandleni lobuKristu (4) nento engaba buhlungu ukudlula ubuhlungu besikhashana obubangelwa yisiyalo.

KUWUKUHLANIPHA UKUZIKHUZA

3. Ingane ikufunda kanjani ukuzikhuza? Fanekisa.

3 Ukuzikhuza kuhlanganisa ukuzinqanda ukuze sithuthukise indlela esiziphatha ngayo nesicabanga ngayo. Ukuzikhuza asizalwa nakho, kufanele sikufunde. Ngokwesibonelo: Lapho ingane iqala ukufunda ukugibela ibhayisikili, ngokuvamile umzali uyalibamba ukuze ingane ingawi. Nokho, njengoba ingane iya ikwazi ukuligibela, umzali uyalibamba abuye alidedele. Ngokuhamba kwesikhathi, lapho ingane isikwazi ukuligibela, umzali ulidedela ngokuphelele. Ngokufanayo, lapho abazali beqhubeka ngesineke beqeqesha izingane ‘ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kaJehova,’ basuke bezisiza zifunde ukuzikhuza futhi zihlakaniphe.​—Efe. 6:4.

4, 5. (a) Kungani ukuzikhuza kuyingxenye ebalulekile ‘yobuntu obusha’? (b) Kungani kungafanele sidikibale ngisho noma ‘singawa ngisho nakasikhombisa’?

4 Lokhu kuyasebenza nakulabo abafunda ngoJehova sebebadala. Kungenzeka sebeyakwazi ukuzikhuza ngokwezinga elithile. Noma kunjalo, ngenxa yokuthi umfundi osemusha usuke engakamazi uNkulunkulu, usuke esafana nengane. Nokho, angakhula njengoba efunda ukugqoka “ubuntu obusha” obunjengobukaKristu. (Efe. 4:23, 24) Ukuzikhuza kuyingxenye ebalulekile yalokho kukhula. Ngenxa yokuzikhuza, sifunda “ukuba silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.”​—Thithu 2:12.

5 Nokho, sonke siyona. (UmSh. 7:20) Noma kunjalo, ukona akusho ukuhluleka ngokuphelele noma ukuba nenkinga enkulu yokungakwazi ukuzikhuza. IzAga 24:16 zithi: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka.” Yini eyomsiza aphumelele? Umoya kaNkulunkulu hhayi amandla akhe. (Funda eyabaseFilipi 4:13.) Izithelo zomoya zihlanganisa ukuzithiba okuhlobene eduze nokuzikhuza.

6. Singaba kanjani abafundi abangcono beZwi likaNkulunkulu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

6 Okunye okubalulekile ekufundeni ukuzikhuza, umthandazo osuka enhliziyweni, ukufunda iBhayibheli, nokucabangisisa ngesikufunda kulo. Nokho, kuthiwani uma ukuthola kunzima ukufunda iZwi likaNkulunkulu? Mhlawumbe awukuthandi ukufunda. Khumbula ukuthi uJehova uzokusiza uma umvumela. Angakusiza ‘ukulangazelele’ ukufunda iZwi laKhe. (1 Pet. 2:2) Qala ngokuthandaza kuJehova, akusize ufunde iZwi lakhe ukuze ukwazi uzikhuza lapho wenqena. Bese wenza ngokuvumelana nemithandazo yakho, mhlawumbe ungenza ukuba isikhathi ofunda ngaso singabi side kakhulu. Ngokuhamba kwesikhathi ukufunda kuzoba lula futhi kujabulise. Ngempela, uzozithola usuzijabulela izikhathi zokufunda lapho ugxila khona emicabangweni kaJehova eyigugu.​—1 Tim. 4:15.

7. Ukuzikhuza kungasisiza kanjani sifinyelele imigomo engokomoya?

7 Ukuzikhuza kusisiza sifinyelele imigomo engokomoya. Cabanga ngesibonelo sendoda enomndeni, eyayinomuzwa wokuthi ayisashiseki njengasekuqaleni. Ikhathazekile, yazibekela umgomo wokuba yiphayona elivamile futhi yafunda izihloko komagazini bethu ezikhuluma ngokuphayona. Lokho, kuhlanganise nomthandazo kwaqinisa ubuhlobo bayo noNkulunkulu futhi kwayenza yazimisela nakakhulu. Yahlela nokuba yiphayona elisizayo ngezikhathi ezithile. Waba yini umphumela? Naphezu kwezingqinamba, yaqhubeka igxile emgomweni wokuba yiphayona elivamile futhi ekugcineni yawufinyelela lowo mgomo.

KHULISA IZINGANE NGESIYALO SIKAJEHOVA

Izingane azizalwa zikwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi; zidinga ukuqeqeshwa (Bheka isigaba 8)

8-10. Yini engasiza abazali abangamaKristu baphumelele ekukhuliseni izingane ukuba zikhonze uJehova? Fanekisa.

8 Abazali abangamaKristu banesabelo esiyigugu—sokukhulisa izingane zabo ‘ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kaJehova.’ (Efe. 6:4) Lokho akulula ikakhulukazi kuleli izwe esiphila kulo. (2 Thim. 3:1-5) Izingane azizalwa zikwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Zizalwa zinonembeza odinga ukuqeqeshwa. (Roma 2:14, 15) Enye incwadi echaza iBhayibheli yasikisela ukuthi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isiyalo” lingabhekisela “ekuqeqesheni ingane.”

9 Izingane eziyalwa ngothando ngokuvamile zizizwa zivikelekile. Zifunda ukuthi inkululeko inemingcele nokuthi izinqumo nendlela eziziphatha ngayo kunemiphumela—emihle noma emibi. Yingakho kubalulekile ngabazali abangamaKristu ukuba bafune isiqondiso sikaJehova. Ungakhohlwa ukuthi imibono nezindlela zokwenza izinto ziyahlukahluka kuye ngesiko noma ngesizukulwane. Lapho abazali belalela uNkulunkulu ukukhulisa ingane akubi yindaba yokuqagela noma kuncike olwazini noma ekuhlakanipheni komuntu.

10 Cabanga ngesibonelo sikaNowa. Lapho uJehova emtshela ukuthi akhe umkhumbi, uNowa wayengeke ancike kulokho ayeke wabhekana nakho. Wayengakaze awakhe umkhumbi ngaphambili. Ngakho kwakudingeka ancike kuJehova futhi “wenza kanjalo nje”—njengoba uJehova ayemyalile. (Gen. 6:22) Umphumela waba yini? UNowa wawakha ngendlela efanele umkhumbi. UNowa waphumelela nanjenhloko yomndeni, ngenxa yokuthi nakulokhu wayethembela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela wazifundisa kahle izingane zakhe futhi wazibekela isibonelo esihle, okwakuyinselele enkulu njengoba babephila phakathi kwabantu ababi ngaphambi kokufika kukaZamcolo.​—Gen. 6:5.

11. Sibaluleke kangakanani isibonelo sabazali lapho beqeqesha izingane?

11 Njengomzali ungenza kanjani “kanjalo nje” emehlweni kaJehova? Lalela uJehova. Mvumele akubonise indlela yokufundisa ingane yakho ukuze uyikhulise ngeZwi nangesiqondiso esisithola ngenhlangano yakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, izingane zakho ziyokubonga ngokwenza lokho! Omunye umzalwane uthi: “Ngiyayazisa indlela abazali bami abangikhulisa ngayo. Benza konke abangakwenza ukuze bafinyelele inhliziyo yami. Yibo okufanele babongwe ngendlela engithuthuke ngayo ngokomoya.” Nokho, naphezu kwemizamo eqotho yabazali yokufundisa izingane zabo, ezinye izingane ziyamshiya uJehova. Noma kunjalo, abazali abaye bazama konke ukuze bafundise izingane zabo baba nonembeza okhululekile. Bangaba nanethemba lokuthi ingane ephambukile iyobuyela kuJehova ngolunye usuku.

12, 13. (a) Uma ingane isuswa, abazali abangamaKristu babonisa kanjani ukuthi balalela uNkulunkulu? (b) Omunye umndeni wazuza kanjani ngokuthi abazali balalela uJehova?

12 Kuye kube nzima kakhulu ngabazali ukulalela uNkulukulu lapho ingane yabo isusiwe. Cabanga ngalesi sibonelo, indodakazi yomunye umama yanquma ukuhamba ekhaya ngemva kokuba isusiwe ekuhlanganyeleni. Umama uyavuma: “Ngangibheka noma yini engaba izaba ezincwadini zethu ukuze ngikwazi ukuchitha isikhathi nendodakazi yami nomzukulu wami. Kodwa umyeni wami wangisiza ngomusa ngabona ukuthi ingane yethu yayisiphumile ezandleni zethu futhi kwakungafanele sizihlanganise nayo.”

13 Ngemva kweminyaka ethile indodakazi yabo yabuyiselwa. Umama uthi: “Manje ungishayela ucingo angithumele imiyalezo cishe nsuku zonke! Usihlonipha ngokujulile ngoba uyazi ukuthi salalela uNkulunkulu. Sinobuhlobo obuhle.” Uma unengane esusiwe, ‘ingabe uzothembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda’? (IzAga 3:5, 6) Khumbula, isiyalo sikaJehova sibonisa ukuhlakanipha nothando okungenakuqhathaniswa. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ngenxa yabo bonke abantu, kuhlanganise nengane yakho. Akafuni kubhubhe noyedwa. (Funda eyesi-2 Petru 3:9.) Ngakho yiba nokholo esiyalweni nasesiqondisweni sikaJehova. Kwenze lokho ngisho noma kubuhlungu kuwe njengomzali ukwenza lokho okushiwo uJehova. Yenza ngokuvumelana nesiyalo sikaNkulunkulu, ungamelani naso.

EBANDLENI

14. Singazuza kanjani esiqondisweni sikaJehova esisithola ‘ngomphathi othembekile’?

14 UJehova uthembise ukunakekela, ukuvikela nokufundisa ibandla lobuKristu. Lokhu ukwenza ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, ubeke ibandla ezandleni zikaJesu, oye wamisa “umphathi othembekile” ukuba akhiphe ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Luka 12:42) Lokho kudla kutholakala ngezindlela eziningi futhi kusinika isiqondiso esibalulekile noma isiyalo. Zibuze, ‘Ziningi kangakanani izikhathi lapho inkulumo noma isihloko esikwenye yezincwadi zethu siye sabangela ukuba ngishintshe indlela engicabanga ngayo noma engiziphatha ngayo?’ Uma lokhu kuye kwenzeka kuwe, jabula! Uvumela uJehova ukuba akubumbe noma akukhuze ukuze uzuze.​—IzAga 2:1-5.

15, 16. (a) Singazuza kanjani ‘eziphweni ezingabantu’ esinazo ebandleni? (b) Yini esingayenza ukuze senze abadala bawujabulele umsebenzi wabo?

15 UKristu uphinde wanika ibandla “izipho ezingabantu”—abadala ukuze beluse umhlambi kaNkulunkulu. (Efe. 4:8, 11-13) Singazuza kanjani kulezo zipho eziyigugu? Singazuza ngokulingisa ukholo lwabadala nesibonelo sabo esihle. Enye indlela, ukulalela isiyalo abasinikezayo esisekelwe emiBhalweni. (Funda eyamaHebheru 13:7, 17.) Khumbula, abadala bayasithanda futhi bafuna sikhule ngokomoya. Ngokwesibonelo, uma beqaphela ukuthi siyaphutha emihlanganweni noma ukuthi intshiseko yethu ngenkonzo yehlile, bazoza ngokushesha ukuze basikhuthaze. Bazosilalela bazame ukusisiza basakhe ngokusikhuthaza ngesiyalo esingokomBhalo. Ingabe lolo sizo ulubheka njengothando oluvela kuJehova?

16 Khumbula nokuthi abadala bangase bakuthole kunzima ukukhuluma nathi ngesiyalo okufanele basinike sona. Ngokwesibonelo, cabanga indlela okumelwe ukuba kwakunzima ngayo ngomprofethi uNathani ukukhuluma noDavide ngemva kokuba inkosi izame ukufihla isono sayo. (2 Sam. 12:1-14) Nomphostoli uPawulu ngokuqinisekile kwadingeka aqunge isibindi ukuze alungise uPetru, ongomunye wabaphostoli abangu-12, lapho ebonisa ukukhetha kumaJuda. (Gal. 2:11-14) Yini ongayenza ukuze unciphise umthwalo wabadala ebandleni lenu? Yiba othobekile, ongenekayo nobongayo. Bheka usizo lwabo njengendlela uNkulunkulu akubonisa ngayo ukuthi uyakuthanda. Lokhu ngeke kuzuzise wena kuphela kodwa kuyokwenza nabadala bawujabulele umsebenzi wabo.

17. Omunye udade wazuza kanjani lapho esizwa abadala ebandleni?

17 Ngenxa yezinto ake wabhekana nazo, omunye udade wakuthola kunzima ukuthanda uJehova. Wathi: “Lapho izinto ezenzeke ekuphileni kwami nobunye ubunzima kungenza ngicindezeleke ngokomzwelo, ngangazi ukuthi kufanele ngikhulume nabadala. Abazange bangithukuthelele noma bangigxeke, kunalokho bangikhuthaza bangiqinisa. Njalo ngemva kwemihlangano, kungakhathaliseki ukuthi bamatasa kangakanani, okungenani oyedwa kubo wayengibuza ukuthi nginjani. Ngenxa yezinto engabhekana nazo, ngikuthola kunzima ukuzizwa ngifanelwe uthando lukaNkulunkulu. Noma kunjalo, ngokuphindaphindiwe uJehova usebenzisa ibandla nabadala ukuze angiqinisekise ukuthi uyangithanda. Ngithandazela ukuthi ngingalokothi ngimshiye.”

YINI EBUHLUNGU KUNANOMA YIBUPHI UBUHLUNGU BESIYALO?

18, 19. Yini engase ibe buhlungu ukudlula noma yibuphi ubuhlungu obungalethwa isiyalo? Fanekisa.

18 Nakuba isiyalo singase sibe buhlungu, kunokuthile okubuhlungu nakakhulu—ukulimala okuba umphumela wokwenqaba isiyalo. (Heb. 12:11) Cabanga ngezibonelo ezimbili—uKhayini neNkosi uZedekiya. Lapho uKhayini eba nenzondo ngo-Abela, uNkulunkulu wathi kuKhayini: “Kungani uvutha intukuthelo, futhi kungani ubuso bakho bunyukubele? Uma uphendukela ekwenzeni okuhle, ngeke yini kube khona ukuphakanyiswa? Kodwa uma ungaphendukeli ekwenzeni okuhle, kukhona isono esicathama emnyango, futhi sinxanela wena; wena-ke, ingabe uzosihlula?” (Gen. 4:6, 7) UKhayini akalalelanga. Isono samqoba. Lokho kwamlethela ubuhlungu nokuhlupheka ngokungenasidingo. (Gen. 4:11, 12) Ubuhlungu besiyalo sikaJehova babungeke bube buhlungu kakhulu ukudlula umphumela awuthola.

19 Umbusi omubi owayengenamandla, uZedekiya wayebusa ngezikhathi ezinzima eJerusalema. Umprofethi uJeremiya ngokuphindaphindiwe wanxusa uZedekiya ukuba ashiye izindlela zakhe ezimbi, kodwa inkosi yasenqaba isiyalo. Nalapha, imiphumela yaba mibi kakhulu. (Jer. 52:8-11) UJehova ufuna ukusivikela ekuhluphekeni okunjalo okungenasidingo!​—Funda u-Isaya 48:17, 18.

20. Yini ezotholwa yilabo abalalela isiyalo sikaNkulunkulu nalabo abasenqabayo?

20 Abantu namuhla babheka isiyalo nokuzikhuza njengezinto ezingabalulekile. Nokho, leso simo sengqodo esibi kungekudala sizobalimaza abantu ababi. (IzAga 1:24-31) Ngakho, masilalele isiyalo sihlakaniphe. IzAga 4:13 zithi: “Bamba isiyalo; ungasidedeli. Silonde, ngoba singukuphila kwakho.”