Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubuhle—Yini Ongayenza Ukuze Ube Nabo?

Ubuhle—Yini Ongayenza Ukuze Ube Nabo?

KUNGOKWEMVELO ukuthi sonke sifune ukubhekwa njengabantu abahle. Nokho, ukubonisa ubuhle kunzima ezweni namuhla. Abantu abaningi abanalo “uthando lokuhle.” (2 Thim. 3:3) Bangase benze lokho abacabanga ukuthi kulungile emehlweni abo, kodwa empeleni bebe bethi “okuhle kubi nokubi kuhle.” (Isaya 5:20) Ngenxa yendlela esikhule ngayo kanye nesono esasizuza njengefa kunzima ngathi ukwenza okuhle. Singase sizizwe njengo-Anne, * othi, “Kunzima kakhulu ukukholelwa ukuthi ngingumuntu omuhle,” yize esekhonze uJehova iminyaka eminingi.

Kuyajabulisa ukwazi ukuthi sonke singaba nabo ubuhle! Buyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu futhi lo moya unamandla kunanoma yiziphi izinkinga esingase sibhekane nazo. Ake sihlole ukuthi buyini ubuhle futhi sifunde ukuthi singabubonisa kanjani.

BUYINI UBUHLE?

Ubuhle busho ukwenza okuhle. Buhilela ukuziphatha kahle nokugwema ukwenza okubi. Buyimfanelo ebonakala ngezenzo eziwusizo kwabanye.

Abanye abantu benzela imindeni nabangane izinto ezinhle, kodwa ingabe kumelwe bagcine lapho? Kuyiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukubonisa ubuhle ngokuphelele ngoba iBhayibheli lithi “akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” (UmSh. 7:20) Umphostoli uPawulu wavuma: “Ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi, enyameni yami, akuhlali lutho oluhle.” (Roma 7:18) Ngakho, kuyacaca ukuthi ukuze sibe nobuhle kumelwe sifunde kuJehova uMthombo wobuhle.

“UJEHOVA MUHLE”

UJehova usibekela isibonelo sobuhle. IBhayibheli lithi ngaye: “Wena umuhle futhi wenza okuhle. Ngifundise iziqondiso zakho.” (IHu. 119:68) Ake sihlole izinto ezimbili ngobuhle bukaJehova okukhulunywa ngazo kuleli vesi.

UJehova muhle. Ubuhle buyingxenye yobuntu bukaJehova. Cabanga ngalokho okwenzeka lapho uJehova ethi kuMose: “Ngizokwenza ukuba kudlule bonke ubuhle bami phambi kobuso bakho.” Njengoba inkazimulo kaJehova—kuhlanganise nobuhle bakhe—idlula, uMose wezwa la mazwi: “NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono, kodwa ongeke neze akhulula esijezisweni.” (Eks. 33:19; 34:6, 7) Ngakho, lokhu kukwenza kucace ukuthi ubuhle bukaJehova bubonakala kubo bonke ubuntu bakhe. Ngisho noma uJesu ayengumuntu omuhle kakhulu kwabake baphila, wathi: “Akekho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.”—Luka 18:19.

Sibona ubufakazi bobuhle bukaJehova endalweni

UJehova wenza okuhle. Ubuhle bubonakala kukho konke uJehova akwenzayo. “UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.” (IHu. 145:9) Ubuhle bukaJehova abukhethi ngoba unikeza bonke abantu ukuphila nezinto abazidingayo. (IzE. 14:17) Ubuhle bakhe bubonakala nalapho esithethelela. Umhubi wabhala: “Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela.” (IHu. 86:5) Singaqiniseka ngokuthi “uJehova akayikubagodlela okuhle labo abahamba ngokungenaphutha.”—IHu. 84:11.

“FUNDANI UKWENZA OKUHLE”

Ngenxa yokuthi sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, singakwazi ukwenza okuhle. (Gen. 1:27) IZwi likaNkulunkulu likhuthaza izinceku zakhe ukuba ‘zifunde ukwenza okuhle.’ (Isaya 1:17) Yini esingayenza ukuze sibe nale mfanelo? Nazi izindlela ezintathu ezingasisiza.

Okokuqala, singathandazela umoya ongcwele ongasiza amaKristu abe nobuhle bangempela. (Gal. 5:22) Umoya ongcwele ungasisiza sithande okuhle, sizonde okubi. (Roma 12:9) Empeleni, iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova angasisiza ‘siqinise kuzo zonke izenzo namazwi amahle.’—2 Thes. 2:16, 17.

Okwesibili, kufanele sifunde iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Lapho senza lokho, uJehova angasifundisa “yonke inkambo yokuhle” futhi asenze ‘siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (IzAga 2:9; 2 Thim. 3:17) Lapho sifunda iBhayibheli futhi sizindla ngalo, siyogcwalisa izinhliziyo zethu ngezinto ezinhle ngoNkulunkulu nangentando yakhe. Siyobe senezela ezintweni esingacabanga ngazo ngokuhamba kwesikhathi.—Luka 6:45; Efe. 5:9.

Okwesithathu, sizama ngokusemandleni ethu ukuba ‘abalingisi bokuhle.’ (3 Joh. 11) Sithola izibonelo esingazilingisa eBhayibhelini. Isibonelo esivelele esikaJehova noJesu. Kodwa singacabanga nangezibonelo zabanye abaziwa ngokwenza izinto ezinhle. Abantu ababili esingacabanga ngabo uThabitha noBarnaba. (IzE. 9:36; 11:22-24) Singazuza esibonelweni sabo lapho sihlola izinto abazenza ngokoqobo ukuze basize abanye. Cabanga ngezinto ongazenza ukuze usize abanye emndenini wakho noma ebandleni. Akumelwe sikhohlwe nemiphumela emihle laba ababili abayithola ngokuba nedumela elihle lokuba abantu abahle. Nawe ungazuza ngendlela efanayo.

Singacabanga ngezibonelo zanamuhla zabantu abenza okuhle. Ngokwesibonelo, cabanga ngabadala ‘abathanda okuhle’ abasebenza kanzima ebandleni. Cabanga nangodade abathembekile ‘abangabafundisi bokuhle’ ngezwi nangesibonelo. (Thithu 1:8; 2:3) Udade ogama lakhe uRoslyn uthi: “Umngane wami uyazikhandla ukuze asize futhi akhuthaze abanye ebandleni. Ucabanga ngezimo zabo futhi ngokuvamile ubanika izipho ezincane noma abasize ngezinye izindlela. Ngimbheka njengomuntu omuhle ngempela.”

UJehova ukhuthaza abantu bakhe ukuba ‘bafune okuhle.’ (Amose 5:14) Uma senza lokho, ngeke sigcine nje ngokuthanda lokho uJehova athi kuhle kodwa siyofuna ukukwenza okuhle.

Silwela ukuba bahle nokwenza okuhle

Ukwenza okuhle akusho ukuthi kumelwe senze izinto ezinkulu noma sidele okukhulu kakhulu. Ngokwesibonelo: Ukhona yini umdwebi odweba isithombe ngokudlula kanye nje ephepheni ngebhrashi? Cha, kumelwe isandla sigijime kaningi ephepheni ukuze kwakheke isithombe esiphelele nesihle. Ngendlela efanayo, ubuhle bungabonakala lapho senza izenzo eziningi zokusiza abanye.

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sikulungiselele’ futhi ‘sikulungele’ ukwenza okuhle. (2 Thim. 2:21; Thithu 3:1) Ukuphaphamela izimo zabanye kungasisiza sibone izindlela esingajabulisa ngazo umakhelwane wethu “ngento ezomakha.” (Roma 15:2) Lokhu kungahilela ukwabelana ngalokho esinakho. (IzAga 3:27) Ungamema othile umenzele ukudla okulula noma uxoxe naye ngento ezomakha. Uma sazi othile ogulayo, singambhalela ikhadi, simvakashele noma simshayele ucingo. Singathola amathuba amaningi okusho “izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”—Efe. 4:29.

NjengoJehova, sifuna ukwenza okuhle kubo bonke. Ngakho, asibandlululi muntu. Indlela evelele yokwenza lokho ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kubo bonke. Njengoba uJesu ayala, sifuna ukwenza okuhle ngisho nakulabo abasizondayo. (Luka 6:27) Kuhle kakhulu ukuba nomusa nokwenzela abanye okuhle ngoba “akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo.” (Gal. 5:22, 23) Uma siziphatha kahle ngisho nalapho sishushiswa noma silingwa, singase sidonsele abanye eqinisweni futhi sikhazimulise uNkulunkulu.—1 Pet. 3:16, 17.

SIYAZUZA NGOKWENZA OKUHLE

“Umuntu omuhle uyokwaneliswa yimiphumela yokusebenzelana kwakhe nabanye.” (IzAga 14:14) Yimiphi leyo miphumela? Lapho sibaphatha kahle abanye, maningi amathuba okuthi nabo bayosiphatha kahle. (IzAga 14:22) Ngisho noma abanye bengasiphathi kahle, uma siqhubeka sibenzela okuhle indlela yabo yokucabanga ingase ishintshe bese besiphatha kahle.—Roma 12:20.

Abaningi bayavuma ukuthi baye bazuza ngokwenza okuhle nangokugwema ukwenza okubi. Cabanga ngalokho okwenzeka kuNancy. Uthi, “Ngesikhathi ngikhula ngangingenandaba, ngiziphethe kabi futhi ngiluhlaza. Nokho lapho ngifunda futhi ngisebenzisa lokho uJehova akushoyo ngobuhle, ngaqala ukujabula. Manje senginesithunzi futhi ngiyazihlonipha.”

Isizathu esikhulu esenza sifune ukubonisa ubuhle ukuthi ukwenza lokho kujabulisa uJehova. Ngisho noma abaningi bengakuboni esikwenzayo, uJehova uyabona. Uyayibona yonke imisebenzi nemicabango yethu emihle. (Efe. 6:7, 8) Uba yini umphumela? “Umuntu omuhle uJehova uyamamukela.” (IzAga 12:2) Ngakho, masiqhubeke silwela ukubonisa ubuhle. UJehova uthembisa “inkazimulo nodumo nokuthula kuwo wonke umuntu owenza okuhle.”—Roma 2:10.

^ isig. 2 Amanye amagama ashintshiwe.