Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 10

Yini Engivimbela Ukuba Ngibhapathizwe?

Yini Engivimbela Ukuba Ngibhapathizwe?

“Behlela emanzini, bobabili uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.”—IZE. 8:38.

INGOMA 52 Ukuzinikezela KobuKristu

AMAZWIBELA *

1. U-Adamu no-Eva balahlekelwa yini, futhi kwaba namuphi umphumela?

UCABANGA ukuthi ubani okufanele asitshele okumelwe sikwenze nokungamelwe sikwenze? Lapho u-Adamu no-Eva bedla isithelo esihlahleni sokwazi okuhle nokubi, babechaza ukuthi abamethembi uJehova nemithetho yakhe. Banquma ukuzikhethela lokho bona ababekubona kukuhle futhi kukubi emehlweni abo. (Gen. 3:22) Kodwa awubheke ukuthi balahlekelwa kangakanani. Balahlekelwa ubungane babo noJehova. Balahlekelwa nayithuba lokuphila phakade futhi badlulisela isono nokufa ezinganeni zabo. (Roma 5:12) Lokho u-Adamu no-Eva abakukhetha kwabalethela usizi.

Ngemva kokufunda ngoJesu, umthenwa ongumTopiya wafuna ukubhapathizwa ngokushesha (Bheka izigaba 2-3)

2-3. (a) Umthenwa ongumTopiya wenzani lapho uFiliphu emshumayeza? (b) Yiziphi izibusiso esizitholayo lapho sibhapathizwa, futhi yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

2 Qhathanisa lokho okwenziwa u-Adamu no-Eva nalokho okwenziwa umthenwa ongumTopiya lapho uFiliphu emshumayeza. Kwamjabulisa kakhulu umthenwa ukuzwa ngalokho uJehova noJesu ababemenzele kona futhi masinyane wabhapathizwa. (IzE. 8:34-38) Lapho sizinikezela kuNkulunkulu futhi sibhapathizwa njengomthenwa, sisuke sibonisa ukubonga ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona. Sisuke sibonisa nokuthi siyamethemba uJehova futhi siyaqaphela ukuthi nguye okufanele asitshele okumelwe sikwenze nokungamelwe sikwenze.

3 Cabanga ngezibusiso esizitholayo ngokukhonza uJehova! Siba nethemba lokuthola konke lokho u-Adamu no-Eva abalahlekelwa yikho, kuhlanganise nokuphila okuphakade. Ngenxa yokholo lwethu kuJesu Kristu, uJehova uyazithethelela izono zethu, asinikeze nonembeza ohlanzekile. (Math. 20:28; IzE. 10:43) Siba yingxenye yomndeni wabantu bakaJehova abathandayo abanekusasa elihle lesikhathi esizayo. (Joh. 10:14-16; Roma 8:20, 21) Nakuba zikhona izinzuzo, kodwa abanye abaye bafunda ngoJehova bayangabaza ukulingisa isibonelo somthenwa ongumTopiya. Yini okungenzeka ibavimbela ukuba babhapathizwe? Bangazinqoba kanjani lezo zinselele?

IZINSELELE EZIVIMBELA ABANYE UKUBA BABHAPATHIZWE

Ubunzima abanye ababhekana nabo ngaphambi kokuba bakhethe ukubhapathizwa

Ukungazethembi (Bheka izigaba 4-5) *

4-5. Yibuphi ubunzima u-Avery noHannah ababhekana nabo?

4 Ukungazethembi. U-Avery unabazali abangoFakazi BakaJehova. Ubaba wakhe unedumela elihle lokuba ubaba onothando nomdala okhuthele. Nokho, u-Avery wayesaba ukubhapathizwa. Kungani? Uthi: “Ngangingacabangi ukuthi ngizokwazi ukufana nobaba.” Wayengabaza nokuthi uyokwazi ukufeza izabelo ayengase azithole. “Ngangisaba nokuthi ngizocelwa ukuba ngithandaze ebandleni, nginikeze izinkulumo noma ngiqhube umhlangano wenkonzo yasensimini.”

5 UHannah oneminyaka engu-18 wayengenakho nhlobo ukuzethemba. Wakhuliswa abazali abakhonza uJehova. Noma kunjalo, wayengabaza ukuthi angakwazi ukuphila ngemithetho kaJehova. Kungani? UHannah wayezenyeza. Ngezinye izikhathi wayezizwa kabi kangangokuthi wayezilimaza, okwakwenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Uthi, “Angizange ngitshele muntu, ngisho nabazali bami futhi ngangicabanga ukuthi uJehova ngeke angamukele ngenxa yendlela engangizilimaza ngayo.”

Ithonya Labangane (Bheka isigaba 6) *

6. Yini eyabangela ukuba uVanessa angabhapathizwa?

6 Ithonya labangane. UVanessa oneminyaka engu-22 uthi: “Nganginomngane omuhle kakhulu okwase kuphele cishe iminyaka eyishumi ngimazi.” Nokho, umngane kaVanessa akazange avumelane nomgomo wakhe wokufuna ukubhapathizwa. Lokho kwamlimaza uVanessa. Uthi, “Kunzima ngami ukuthola abangane futhi ngangesaba ukuthi uma ngiyeka ukuba umngane wakhe ngeke ngiphinde ngimthole umngane engizosondelana naye.”

Ukwesaba Ukwenza Iphutha (Bheka isigaba 7) *

7. UMakayla wayesabani, futhi kungani?

7 Ukwesaba ukwenza iphutha. UMakayla wayeneminyaka emihlanu lapho umfowabo esuswa ekuhlanganyeleni. Njengoba ekhula, wabona indlela lokho okwabahlukumeza ngayo abazali bakhe. Uthi, “Ngangesaba ukuthi uma ngibhapathizwa, ngizokwenza iphutha bese ngisuswa ekuhlanganyeleni, ngizwise abazali bami ubuhlungu obukhulu.”

Ukwesaba Ukuphikiswa (Bheka isigaba 8) *

8. Wayesabani uMiles?

8 Ukwesaba ukuphikiswa. Ubaba nosingamama kaMiles bakhonza uJehova, kodwa unina akayena uFakazi. Uthi, “Ngahlala nomama iminyaka engu-18 futhi ngangesaba ukumtshela ukuthi ngifuna ukubhapathizwa. Ngangibone indlela asabela ngayo lapho ubaba eba uFakazi. Ngangesaba lokho ayengase akwenze kimi.”

UNGAZINQOBA KANJANI IZINKINGA?

9. Yini ezokwenzeka lapho ufunda indlela uJehova anothando nabekezela ngayo?

9 U-Adamu no-Eva bakhetha ukungamkhonzi uJehova ngoba abazange bamthande ngokujulile. Noma kunjalo, uJehova wabavumela ukuba baphile baze babe nabantwana futhi bazinqumele indlela ababezobakhulisa ngayo. Ngokushesha, imiphumela yesinqumo sika-Adamu no-Eva sokungafuni ukulalela uJehova yabonisa ukuthi babekhethe ngobuwula. Ingane yabo eyizibulo yabulala umfowabo ongenacala futhi ngemva kwesikhathi udlame nobugovu kwadlondlobala kubantu. (Gen. 4:8; 6:11-13) Nokho, uJehova wayenayo indlela yokusindisa bonke abantwana baka-Adamu no-Eva ababefuna ukumkhonza. (Joh. 6:38-40, 57, 58) Njengoba uqhubeka ufunda ngendlela uJehova abekezela nanothando ngayo, cishe uthando lwakho ngaye luyokhula. Uzofuna ukuyishiya indlela yokuphila u-Adamu no-Eva abayikhetha bese uzinikezela kuJehova.

Indlela yokunqoba lobu bunzima

(Bheka izigaba 9-10) *

10. Kungani ukuzindla ngeHubo 19:7 kungakusiza ukhonze uJehova?

10 Qhubeka ufunda ngoJehova. Njengoba uqhubeka ufunda ngoJehova, uyoqiniseka nakakhulu ngokuthi ungakwazi ukumkhonza ngokuphumelelayo. U-Avery, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ngaqala ukuzethemba lapho ngifunda futhi ngizindla ngesithembiso esisencwadini yeHubo 19:7.” (Funda.) Lapho u-Avery ebona indlela uJehova asifeza ngayo leso sithembiso, uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwakhula. Uthando alusenzi sizethembe nje kuphela kodwa lusisiza nokuba sinamathele kuJehova nakulokho akufunayo. UHannah, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Lapho ngifunda futhi ngitadisha iBhayibheli, ngaqaphela ukuthi uma ngizilimaza, ngilimaza noJehova.” (1 Pet. 5:7) UHannah waba ‘umenzi wezwi’ likaNkulunkulu. (Jak. 1:22) Kwaba namuphi umphumela? Uthi: “Lapho ngibona ukuthi ukulalela uJehova kuyangizuzisa, uthando lwami ngaye lwakhula. Manje sengiyaqiniseka ngokuthi uJehova uyohlale enginika isiqondiso lapho ngisidinga.” UHannah wakwazi ukunqoba isifiso sokuzilimaza. Wazinikezela kuJehova futhi wabhapathizwa.

(Bheka isigaba 11) *

11. Yini uVanessa ayenza ukuze abe nabangane abahle, futhi yini esingayifunda kulokhu?

11 Khetha abangane ngokuhlakanipha. UVanessa okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wagcina ebona ukuthi umngane wakhe umvimbela ukuba akhonze uJehova. Ngakho wabuqeda lobo bungane. Kodwa kukhona nokunye akwenza. Wazama ukufuna abangane abasha ebandleni. Isibonelo sikaNowa nomndeni wakhe samsiza. Uthi: “Babephila nabantu ababengamthandi uJehova, kodwa bona bebodwa babesondelene, bezwana kakhulu.” Ngemva kokubhapathizwa, uVanessa waba yiphayona. Manje uthi: “Lokhu kungisizile ngaba nabangane abahle, hhayi nje ebandleni engikulo kuphela kodwa nakwamanye amabandla.” Nawe ungaba nabangane abahle uma wenza okuningi emsebenzini uJehova asinikeze wona.—Math. 24:14.

(Bheka izigaba 12-15) *

12. Yiluphi uhlobo lokwesaba u-Adamu no-Eva ababengenalo, futhi kwaba namuphi umphumela?

12 Mesabe ngendlela efanele uJehova. Kudingeka sesabe ukudumaza uJehova. (IHu. 111:10) Ukube u-Adamu no-Eva babenalolo hlobo lokwesaba, babengeke bahlubuke kuJehova. Kodwa bahlubuka. Ngemva kwalokho, amehlo abo avuleka ngomqondo wokuthi kwabacacela ukuthi bayizoni. Babeyodlulisela isono nokufa ezinganeni zabo. Njengoba babesibona noma besiqonda isimo sabo, baba namahloni ngobunqunu babo futhi bazenzela izibhinco.—Gen. 3:7, 21.

13-14. (a) Ngokweyoku-1 Petru 3:21, kungani kungafanele sikwesabe ngokweqile ukufa? (b) Yiziphi izizathu esinazo zokuthanda uJehova?

13 Nakuba kudingeka sesabe ukudumaza uJehova, akudingeki sikwesabe ngokweqile ukufa. UJehova usenzele indlela yokuthola ukuphila okuphakade. Uma senza isono kodwa siphenduka ngobuqotho, uJehova uzozithethelela izono zethu. Uzosithethelela ngoba sinokholo emhlatshelweni wesihlengo weNdodana yakhe. Indlela eyinhloko esibonisa ngayo ukholo ukunikezela ukuphila kwethu kuNkulunkulu nokubhapathizwa.—Funda eyoku-1 Petru 3:21.

14 Sinezizathu eziningi zokuthanda uJehova. Akagcini nje ngokusinika izinto ezinhle esizijabulela nsuku zonke kodwa usifundisa neqiniso ngaye nangezinjongo zakhe. (Joh. 8:31, 32) Usinikeze ibandla lobuKristu ukuze asiqondise futhi asisekele. Usisiza sibhekane nezinkinga zethu futhi usinika ithemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (IHu. 68:19; IsAm. 21:3, 4) Ukuzindla ngezinto uJehova asesenzele zona kakade ukuze asibonise ukuthi uyasithanda kusenza simthande. Lapho simthanda, siyesaba ukumdumaza. Siyesaba ukumzwisa ubuhlungu.

15. UMakayla wakunqoba kanjani ukwesaba ukuthi wayezokwenza isono?

15 Lapho uMakayla, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, eseqonda indlela uJehova athethelela ngayo wakunqoba ukwesaba ukuthi wayezokwenza isono. “Ngabona ukuthi sonke sinesono futhi siyawenza amaphutha. Kodwa ngabona nokuthi uJehova uyasithanda futhi uzosithethelela ngesisekelo sesihlengo.” Uthando lwakhe ngoJehova lwamenza wazinikezela kuye futhi wabhapathizwa.

(Bheka isigaba 16) *

16. UMiles wasizwa kanjani ukuze anqobe ukwesaba ukuphikiswa?

16 UMiles, owayesaba ukuthi umama wakhe ngeke afune abhapathizwe, wacela usizo kumbonisi wesigodi. Uthi, “Umbonisi wesigodi naye wayekhulele emndenini ohlukene ngokwenkolo. Wangisiza ngacabanga ngalokho engingakusho ukuze ngichazele umama ukuthi yimi engizinqumele ukuba ngibhapathizwe, angiphoqwanga ubaba.” Akuzange kumjabulise lokhu umama kaMiles. Ngokuhamba kwesikhathi, uMiles kwadingeka aphume ekhaya, kodwa wanamathela esinqumweni ayesenzile. Uthi: “Ukufunda ngezinto ezinhle uJehova angenzele zona kwangithinta enhliziyweni. Lapho ngicabanga ngijula ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu, ngabona indlela uJehova angithanda ngayo. Lokho kwangenza ngazinikezela kuJehova futhi ngabhapathizwa.”

NAMATHELA ESINQUMWENI SAKHO

Singabonisa ukuthi siyakwazisa lokho uNkulunkulu asenzele kona (Bheka isigaba 17)

17. Yiliphi ithuba esinalo?

17 Ngesikhathi u-Eva edla isithelo esihlahleni sase-Edene, wayemlahla uYise. Lapho no-Adamu edla, wabonisa ukuthi wayengenandaba nakho konke uJehova ayemenzele kona. Sonke sinethuba lokubonisa ukuthi asivumelani nesinqumo esenziwa u-Adamu no-Eva. Lapho sibhapathizwa, sibonisa uJehova ukuthi siyakholelwa ukuthi unegunya lokusho ukuthi yini elungile nengalungile. Sibonisa ukuthi siyamthanda futhi siyamethemba uBaba wethu.

18. Ungaphumelela kanjani ekukhonzeni uJehova?

18 Inselele esibhekana nayo ngemva kokubhapathizwa ukuthi kufanele siphile ngokuvumelana nemithetho kaJehova nsuku zonke, hhayi eyethu. Kunezigidi zabantu eziphila ngaleyo ndlela unyaka nonyaka. Nawe ungafana nabo uma uqhubeka uliqonda ngokujulile iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli; uzihlanganisa njalo nabafowenu nodadewenu; nalapho ushumayeza abantu ngentshiseko ngalokho okufundile ngoYihlo onothando osezulwini. (Heb. 10:24, 25) Lapho wenza izinqumo, lalela iseluleko uJehova akunika sona ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe. (Isaya 30:21) Uma wenza lokho, konke okwenzayo kuyophumelela.—IzAga 16:3, 20.

19. Yini okufanele uqhubeke uyiqaphela, futhi kungani?

19 Lapho uqhubeka uqaphela indlela ozuza ngayo ekuqondisweni uJehova, uthando lwakho ngaye nemithetho yakhe luyokhula. Ayikho into uSathane akuheha ngayo eyokwenza uyeke ukukhonza uJehova. Zibone uphila ngemva kweminyaka eyinkulungwane kusukela manje. Uyothi uma ucabanga ngesinqumo owasenza sokuba ubhapathizwe, ubone ukuthi wenza isinqumo esingcono kunazo zonke!

INGOMA 28 Ukuba Umngane NoJehova

^ isig. 5 Isinqumo esibaluleke kunazo zonke oyoke uzenze ukuthi uzobhapathizwa yini noma cha. Kungani sibaluleke kangaka? Lesi sihloko sizowuphendula lo mbuzo. Sizosiza nalabo abacabangela ukubhapathizwa ukuba banqobe izinselele ezingabenza bangabaze.

^ isig. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuzethemba: Insizwa yesaba ukuphendula esifundweni.

^ isig. 58 INCAZELO YEZITHOMBE: Abangane: UFakazi osemusha onomngane omubi, ushaywa amahloni lapho ebona oFakazi.

^ isig. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukwehluleka: Lapho umfowabo esuswa ekuhlanganyeleni futhi ehamba ekhaya, intombazanyana ikhathazeka ngokuthi nayo ingase yenze isono.

^ isig. 62 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuphikiswa: Umfana uyesaba ukuthandaza njengoba umama wakhe ongakholwa embhekile.

^ isig. 65 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuzethemba: Insizwa ithuthukisa isifundo sayo somuntu siqu.

^ isig. 67 INCAZELO YEZITHOMBE: Abangane: Intombazanyana ifunda ukuziqhenya ngokuba uFakazi.

^ isig. 69 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukwehluleka: Intombazanyana yenza iqiniso libe ngelayo futhi ibhapathizwe.

^ isig. 71 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuphikiswa: Umfana uchazela umama wakhe ongakholwa izinkolelo zakhe ngesibindi.