Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani amaKristu kufanele aqaphe lapho esebenzisa ama-app emiyalezo?

Amanye amaKristu asebenzisa ezobuchwepheshe ukuze axhumane namalungu omndeni kanye nabanye oFakazi. Nokho, umKristu ovuthiwe uzokhumbula lesi seluleko: “Umuntu onokuqonda uyayibona ingozi acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.”—IzAga 27:12.

Siyaqonda ukuthi uJehova ufuna ukusivikela. Yingakho singazihlanganisi nalabo ababangela ukuhlukana, abasusiwe nabakhuthaza izimfundiso eziphambene. (Roma 16:17; 1 Kor. 5:11; 2 Joh. 10, 11) Abanye abazihlanganisa nebandla bangase bangaziphathi ngendlela eletha udumo kuNkulunkulu. (2 Thim. 2:20, 21) Kumelwe sikukhumbule lokhu lapho sikhetha abangane. Kungase kungabi lula ukukhetha abangane abahle lapho sisebenzisa ama-app emiyalezo.

Ukukhetha abantu esizihlanganisa nabo kubaluleke nakakhulu lapho sisebenzisa ama-app emiyalezo anamaqembu anabantu abaningi. Amanye amaKristu aye abhekana nemiphumela engemihle ngenxa yokujoyina amaqembu anabantu abaningi. Umzalwane noma udade angakubonisa kanjani ukuqapha uma kunenqwaba yabantu eqenjini? Ngeke abazi ukuthi bangobani bonke abantu abakulelo qembu nokuthi banobuhlobo obunjani noJehova. IHubo 26:4 lithi: “Anginabungane nabantu abakhohlisayo, ngiyabagwema labo abafihla lokho abayikho.” Lokhu akubonisi yini ukuthi kungcono sithumelelane imiyalezo nabantu esibaziyo kuphela?

Ngisho noma iqembu linabantu abambalwa, umKristu kudingeka ahlole ukuthi uchitha isikhathi esingakanani ekulo nokuthi bathanda uxoxa ngani abantu athumelelana nabo imiyalezo. Akufanele sizizwe siphoqelekile ukuxoxa nabanye ngisho noma sibona ukuthi asizithandi izinto okuxoxwa ngazo noma izingxoxo zisidlela isikhathi esiningi. UPawulu waxwayisa uThimothewu ngabantu ababeyoba “yizinhlebi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu.” (1 Thim. 5:13) Nanamuhla, kusengenzeka okufanayo kuma-app emiyalezo.

UmKristu ovuthiwe ngeke agxeke abanye noma alalele lapho kugxekwa abanye futhi ngeke adalule izindaba eziyimfihlo zamanye amaKristu. (IHu. 15:3; IzAga 20:19) Uzokugwema ukulalela nokuthumela imibiko eyenziwe ihaba noma angenabo ubufakazi bokuthi iyiqiniso. (Efe. 4:25) Siyaqiniseka ngokuthi sithola ulwazi oluningi olusekelwe eBhayibhelini kanye nemibiko esingayethemba kuyiwebusayithi yethu, i-jw.org nasezinhlelweni ze-JW Broadcasting® eziphuma nyanga zonke.

Abanye oFakazi basebenzisa ama-app emiyalezo ukuze badayise, bathenge futhi bakhangise okuthile noma ukuze babonise abanye amathuba omsebenzi. Konke lokhu kumayelana nezamabhizinisi, akuhlangene nokukhonza uJehova. AmaKristu ‘angayithandi imali ngokweqile’ azosigwema noma yisiphi isilingo esiyowenza abheke abafowethu nodadewethu njengendlela yokugaya imali.—Heb. 13:5.

Kuthiwani ngokusebenzisa ama-app emiyalezo ukuze sicele iminikelo yokusiza abafowethu abaswele noma abavelelwe izinhlekelele? Ngokuvamile, sibonisa ngezenzo ukuthi siyathanda ukusizana nokukhuthazana. (Jak. 2:15, 16) Kodwa ukwenza kanjalo sisebenzisa amaqembu akuma-app emiyalezo, kungaphazamisa amalungiselelo angcono enziwa ihhovisi legatsha noma ibandla. (1 Thim. 5:3, 4, 9, 10, 16) Ngokuqinisekile akekho kithi ongafuna kubonakale sengathi unikezwe isabelo esikhethekile sokunakekela izimvu zikaNkulunkulu.

Sifisa ukwenza okuzoletha udumo kuNkulunkulu. (1 Kor. 10:31) Ngakho, lapho unquma ukuthi uzowasebenzisa yini ama-app emiyalezo noma ezinye izinto zobuchwepheshe, cabanga ngezingozi ezingase zibe khona bese uyaqapha.