Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 10

Njengebandla, Sizani Abafundelwa IBhayibheli Bathuthuke Baze Babhapathizwe

Njengebandla, Sizani Abafundelwa IBhayibheli Bathuthuke Baze Babhapathizwe

‘Ilunga ngalinye lenezela ekukhuleni komzimba.’—EFE. 4:16.

INGOMA 85 Yamukelanani

AMAZWIBELA *

1-2. Obani abangasiza abafundi beBhayibheli bathuthuke baze babhapathizwe?

U-AMY ohlala eFiji, uthi, “Ngangikuthanda engangikufunda ngesikhathi ngifundiswa iBhayibheli. Ngangazi ukuthi kuyiqiniso. Kodwa izinguquko okwakudingeka ngizenze ukuze ngibhapathizwe ngaqala ukuzenza lapho sengizihlanganise nabafowethu nodadewethu.” Okwenzeka ku-Amy kusifundisa leli qiniso elibalulekile: Umfundi angaqhubeka ethuthuka aze abhapathizwe uma ethola usizo lwabanye ebandleni.

2 Ummemezeli ngamunye angaba nesandla ekukhuleni kwebandla. (Efe. 4:16) ULeilani, iphayona elihlala eVanuatu, uthi: “Kunesisho esithi: Umphakathi uba nesandla ekukhuliseni ingane. Ngicabanga ukuthi kungashiwo okufanayo ngokwenza abafundi; ngokuvamile kudinga ibandla ukusiza othile angene eqinisweni.” Amalungu omndeni, abangane nothisha, bonke badlala indima ebalulekile ekusizeni ingane ikhule. Lokhu bakwenza ngokuthi bayikhuthaze futhi bayifundise izifundo ezibalulekile. Ngendlela efanayo, abamemezeli bangabeluleka abafundi, babakhuthaze, bababekele nesibonelo esihle ukuze babasize bathuthuke baze babhapathizwe.—IzAga 15:22.

3. Ufundani kulokho okwashiwo u-Ana, uDorin, noLeilani?

3 Kungani ummemezeli oqhuba isifundo seBhayibheli kufanele ajabule lapho abanye abamemezeli besiza umfundi? Phawula lokho okushiwo u-Ana, iphayona elikhethekile laseMoldova, “Ave kunzima ngomuntu oyedwa ukuba anelise zonke izidingo zomfundi lapho eseqala ukuthuthuka.” UDorin, iphayona elikhethekile laseMoldova, uthi, “Ngokuvamile, abanye abamemezeli basho okuthile okuthinta inhliziyo yomfundi, into ebengingeke ngiyicabange ngisho nokuyicabanga.” ULeilani usho esinye isizathu, “Uthando nemfudumalo umfundi aboniswa kona kungamsiza abone ukuthi singabantu bakaJehova.”—Joh. 13:35.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Nokho, ungase uzibuze, ‘Ngingamsiza kanjani umfundi athuthuke ebe engafundelwa yimina?’ Ake sixoxe ngalokho esingakwenza lapho sihamba nothile eyoqhuba isifundo seBhayibheli nalokho esingakwenza lapho umfundi eseqala ukuza emihlanganweni. Sizobona nokuthi abadala bangabasiza kanjani abafundi bathuthuke baze babhapathizwe.

LAPHO UCELWA UKUBA UBE KHONA ESIFUNDWENI SEBHAYIBHELI

Lapho uzoba khona esifundweni seBhayibheli, ilungiselele kahle indaba ezobe ifundwa (Bheka izigaba 5-7)

5. Yini okufanele uyenze lapho othile ekucela ukuba ube khona lapho eqhuba isifundo seBhayibheli?

5 Lapho kuqhutshwa isifundo, uthisha nguye ngokuyinhloko okufanele asize umfundi aqonde iZwi likaNkulunkulu. Uma uthisha ekucela ukuba uhambe naye, kufanele uzibheke njengomsizi wakhe futhi umsekele. (UmSh. 4:9, 10) Yini ngokukhethekile ongayenza ukuze usize ekwenzeni isifundo sizuzise?

6. Lapho uzoba khona esifundweni seBhayibheli, ungasisebenzisa kanjani isimiso esisencwadini yezAga 20:18?

6 Lungiselela isifundo seBhayibheli. Qale ucele uthisha akutshele kafushane ngomfundi. (Funda izAga 20:18.) Ungase umbuze: “Yini oyaziyo ngomfundi? Yisiphi isihloko enizosifunda? Uyini umgomo wakho ngaso? Kukhona yini okufanele nokungafanele ngikwenze noma ngikusho esifundweni seBhayibheli? Yini engakhuthaza umfundi ukuba athuthuke?” Ngokusobala, uthisha ngeke akutshele izinto eziyimfihlo, kodwa azokutshela khona kungaba usizo. UJoy oyisithunywa sevangeli uxoxa ngalezi zinto nalabo abamemela esifundweni seBhayibheli. Uthi: “Le ngxoxo isiza engihamba naye abheke phambili esifundweni, azi nokuthi yini angase ayisho.”

7. Kungani kufanele ulungiselele uma umenywa ukuba ube khona lapho kuqhutshwa isifundo?

7 Uma umenywa ukuba ube khona lapho kuqhutshwa isifundo, kungaba kuhle ukuba ukulungiselele lokho okuzofundwa. (Ezra 7:10) UDorin, umzalwane ocashunwe ekuqaleni uthi: “Ngiyakwazisa uma engihamba naye esilungiselele isifundo. Naye angakwazi ukuhlanganyela ngendlela ezozuzisa.” Ngaphezu kwalokho umfundi uyoqaphela ukuthi nobabili nilungiselele kahle futhi lokho kuyombekela isibonelo esihle. Ngisho noma ungakwazi ukulungiselela kahle, okungenani zinike isikhathi sokucabanga ngamaphuzu ayinhloko.

8. Ungaqiniseka kanjani ukuthi umthandazo owenza esifundweni seBhayibheli uyazuzisa?

8 Umthandazo uyingxenye ebalulekile yesifundo seBhayibheli, ngakho cabanga kusengaphambili ngalokho ozokusho uma ucelwa ukuba uthandaze. Uma wenza kanjalo, umthandazo wakho uyozuzisa. (IHu. 141:2) UHanae ohlala eJapane, usayikhumbula imithandazo eyayenziwa udade owayehamba nomuntu owayemfundisa iBhayibheli. Uthi: “Ngabubona ubuhlobo obuseduze ayenabo noJehova futhi ngangifisa ukufana naye. Ngazizwa ngithandwa lapho ngimuzwa ebiza igama lami emthandazweni.”

9. NgokukaJakobe 1:19, yini omenyiwe angayenza ukuze abe usizo esifundweni seBhayibheli?

9 Sekela uthisha phakathi nesifundo. U-Omamuyovbi oyiphayona elikhethekile eNigeria uthi: “Ukuze abe usizo, ohamba naye kufanele ahambisane nendaba efundwayo. Uphawula uma kunesidingo kodwa akakhulumi kakhulu, uyaqaphela ukuthi uthisha oholayo.” Ungazi kanjani ukuthi kufanele uphawule nini futhi kanjani? (IzAga 25:11) Lalelisisa lapho uthisha nomfundi bekhuluma. (Funda uJakobe 1:19.) Yileyo ndlela kuphela eyokwenza ukwazi ukusiza lapho kuvela ithuba. Yiqiniso kumelwe usebenzise ukwahlulela okuhle. Ngokwesibonelo, uyokugwema ukukhuluma kakhulu, ukuphazamisa uthisha noma ukuqala enye indaba ehlukile. Kodwa ukuthi qaphu qaphu kafushane, ukusebenzisa umfanekiso, noma umbuzo, kungasiza ekucaciseni iphuzu. Ngezinye izikhathi ungase ucabange ukuthi akukuningi ongakusho endabeni. Kodwa uma umncoma umfundi futhi ubonisa ukuthi uyamkhathalela, kuningi oyokwenza ukuze umsize athuthuke.

10. Ukuxoxa ngokuphila kwakho kungamsiza kanjani umfundi weBhayibheli?

10 Xoxa ngokuphila kwakho. Uma kufaneleka, ungamchazela kafushane umfundi ukuthi walithola kanjani iqiniso, wabhekana kanjani nenselele ethile nokuthi wasibona kanjani isandla sikaJehova ekuphileni kwakho. (IHu. 78:4, 7) Okushoyo kungase kube yilokho kanye umfundi adinga ukukuzwa. Kungase kuqinise ukholo lwakhe noma kumkhuthaze ukuba athuthuke aze abhapathizwe. Lokho kungamsiza akwazi ukunqoba uvivinyo abhekene nalo. (1 Pet. 5:9) UGabriel ohlala eBrazil osekhonza njengephayona uyakhumbula ukuthi wazuza kanjani ngesikhathi esafundelwa iBhayibheli. Uthi: “Lapho ngizwa abafowethu belandisa ngokuphila kwabo ngafunda ukuthi uJehova uyazibona izinselele esibhekana nazo. Uma bakwazi ukuzinqoba, nami ngingakwazi.”

LAPHO UMFUNDI WEBHAYIBHELI ESEZA EMIHLANGANWENI

Sonke singamkhuthaza umfundi ukuba aqhubeke eza emihlanganweni (Bheka isigaba 11)

11-12. Kungani kufanele simamukele ngemfudumalo umfundi weBhayibheli oseza emihlanganweni?

11 Ukuze umfundi weBhayibheli athuthuke aze abhapathizwe, kufanele eze njalo emihlanganweni futhi azuze kuyo. (Heb. 10:24, 25) Ngakho uthisha uyommema okokuqala emihlanganweni. Lapho efika, sonke singamkhuthaza ukuba aqhubeke eza eHholo LoMbuso. Singakwenza kanjani lokho?

12 Mamukele ngemfudumalo umfundi. (Roma 15:7) Uma umfundi ezizwa amukelekile angase afune ukuqhubeka eza eHholo LoMbuso. Mbingelele ngemfudumalo, umethule nakwabanye kodwa ungamenzi azizwe engakhululekile. Ungacabangi ukuthi kukhona ozomnaka, ngoba kungenzeka omfundelayo akakafiki noma kunomsebenzi okumelwe awunakekele. Nakisisa lokho umfundi akushoyo futhi umbonise ukuthi unendaba naye. Ukumamukela ngemfudumalo kungaba namuphi umphumela? Phawula okwenzeka kuDimitri, owabhapathizwa eminyakeni embalwa edlule, osekhonza njengenceku ekhonzayo. Ekhumbula umhlangano wakhe wokuqala uthi: “Umzalwane wangibona ngilinde ngaphandle eHholo LoMbuso ngethukile, ngomusa wangena nami ngaphakathi. Baningi abeza bezongibingelela. Ngangimangele ngempela. Ngakuthanda kakhulu lokho ngaze ngafisa sengathi singaba nemihlangano nsuku zonke. Ngezwa into engangingakaze ngiyizwe kwenye indawo.”

13. Indlela oziphatha ngayo ingamsiza kanjani umfundi weBhayibheli?

13 Yiba isibonelo esihle. Ukuziphatha kwakho kungasiza umfundi aqiniseke ngokuthi usethole iqiniso. (Math. 5:16) UVitalii osekhonza njengephayona eMoldova uthi: “Ngabona indlela abanye ebandleni ababephila, becabanga futhi beziphatha ngayo. Lokhu kwangenza ngaqiniseka ngempela ukuthi oFakazi BakaJehova bahamba noNkulunkulu.”

14. Isibonelo sakho singamsiza kanjani othile aqhubeke ethuthuka?

14 Ukuze akufanelekele ukubhapathizwa, umfundi kudingeka akusebenzise lokho akufundayo. Akulula ngaso sonke isikhathi ukwenza kanjalo. Kodwa lapho umfundi eqaphela indlela wena ozuza ngayo lapho usebenzisa izimiso zeBhayibheli, naye angase afise ukukulingisa. (1 Kor. 11:1) Cabanga ngalokho okwenzeka kuHanae, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Uthi: “Abazalwane nodade baba izibonelo ezingokoqobo zalokho engangikufunda. Ngafunda ukuthi ngingaba kanjani isikhuthazo, ngibe othethelelayo nokuthi ngingalubonisa kanjani uthando kwabanye. Babehlale bekhuluma okuhle ngabanye. Ngangifuna ukubalingisa.”

15. IzAga 27:17 zingasisiza kanjani sibone ukuthi kungani kumelwe sakhe ubungane nomfundi weBhayibheli oqhubeka eza emihlanganweni?

15 Yakha ubungane nomfundi. Njengoba umfundi eqhubeka eza emihlanganweni, qhubeka umbonisa ukuthi unendaba naye. (Fil. 2:4) Kungani ungaxoxi naye? Ngaphandle kokumbangela amahloni, ungamncoma ngoshintsho oluhle alwenzile futhi umbuze ngesifundo sakhe seBhayibheli noma umndeni wakhe nomsebenzi wakhe. Lezi zingxoxo zinganenza nisondelane. Lapho uba umngane womfundi, uyomsiza athuthuke aze abhapathizwe. (Funda izAga 27:17.) UHanae manje usekhonza njengephayona elivamile. Ekhumbula isikhathi lapho eqala ukuya emihlanganweni uthi: “Njengoba ngase nginabangane ebandleni, ngaqala ukukulangazelela ukuya emihlanganweni, futhi ngangiya noma ngikhathele. Ngangikujabulela ukuba nabangane bami abasha, lokho kwangisiza ngayeka abangane abanezinkolelo ezingafani nezami. Ngangifuna ukusondelana noJehova kanye nabazalwane nodade. Ngakho, nganquma ukubhapathizwa.”

16. Yini enye ongayenza ukuze usize umfundi weBhayibheli azizwe ekhululekile ebandleni?

16 Njengoba umfundi eqhubeka ethuthuka futhi enza ushintsho, menze azizwe eyilungu lebandla. Lokhu ungakwenza ngokubonisa imfanelo yokwamukela abanye. (Heb. 13:2) Ekhumbula isikhathi lapho esengumfundi weBhayibheli, uDenis okhonza eMoldova uthi: “Izikhathi eziningi, mina nomkami sasimenywa ukuba sizochitha isikhathi kanye nabafowethu. Basixoxela ngendlela uJehova abasiza ngayo. Kwasikhuthaza lokho. Izikhathi ezinjalo zasisiza saqiniseka ngokuthi sifuna ukukhonza uJehova nokuthi silindelwe ikusasa elihle.” Lapho umfundi weBhayibheli esefaneleka ukuba ummemezeli, ungammema ukuba ahambe nawe ensimini. UDiego, ummemezeli waseBrazil uthi: “Abafowethu abaningi bangimema ukuba ngihambe nabo ensimini. Lena kwakuyindlela enhle kakhulu yokubazi kangcono. Njengoba ngangihamba nabo, ngafunda okuningi futhi ngazizwa ngisondelene noJehova noJesu.”

ABADALA BANGASIZA KANJANI?

Badala, imfudumalo nokukhathalela enikubonisayo kungabasiza abafundi bathuthuke (Bheka isigaba 17)

17. Abadala bangabasiza kanjani abafundelwa iBhayibheli?

17 Hlela isikhathi sokuba nabafundelwa iBhayibheli. Badala, ukubanaka ngothando kungabasiza abafundi bathuthuke baze babhapathizwe. Ungakwazi yini ukuxoxa nabafundelwa iBhayibheli njalo lapho beza emihlanganweni? Bazobona ukuthi unendaba nabo uma uwakhumbula amagama abo, ikakhulukazi lapho beqala ukuphendula. Ungakwazi yini ukubekela isikhathi eceleni ukuze ukwazi ukuhamba nommemezeli lapho eyoqhuba isifundo seBhayibheli ngezikhathi ezithile? Mhlawumbe kuningi ongamsiza ngakho umfundi kunalokho okucabangayo. UJackie, iphayona elihlala eNigeria, uthi: “Abafundi abaningi babemangala lapho bezwa ukuthi umzalwane owayehamba nami lapho ngiyobaqhubela izifundo ungumdala. Esinye isifundo seBhayibheli sathi: ‘Umfundisi wami ubengeke akwenze lokho. Uvakashela abacebile kuphela uma bezomnika imali!’” Manje leso sifundo sesiba khona emihlanganweni.

18. Abadala bangasifeza kanjani isibopho abaphathiswe sona esisencwadini yezEnzo 20:28?

18 Baqeqeshe futhi ubakhuthaze abafundisa ngeBhayibheli. Badala, ninesibopho esikhulu sokusiza abamemezeli ukuze bakhiqize enkonzweni, kuhlanganise nomsebenzi wabo wokuqhuba izifundo. (Funda izEnzo 20:28.) Uma othile enamahloni okuqhuba isifundo seBhayibheli phambi kwakho, ungasikisela ukuba usiqhube wena. UJackie, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Abadala bahlale bebuza ngabantu engibafundela iBhayibheli. Lapho ngibhekana nezinkinga ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli, banginikeza iseluleko esiwusizo.” Kuningi abadala abangakwenza ukuze bakhuthaze abafundisa ngeBhayibheli ukuba bakhuthazele. (1 Thes. 5:11) UJackie uyanezela: “Ngiyajabula lapho abadala bengikhuthaza futhi bengitshela ukuthi bayakwazisa ukuzikhandla kwami. Ave engijabulisa amazwi anjalo, kuba sengathi ngiphuza amanzi abandayo ilanga lishisa. Ukungincoma kwabo kungenza ngizethembe nakakhulu, kwandise nenjabulo engiyitholayo lapho ngiqhuba izifundo zeBhayibheli.”—IzAga 25:25.

19. Iyiphi injabulo sonke esingaba nayo?

19 Ngisho noma okwamanje engekho umuntu esimfundela iBhayibheli, singakwazi ukusiza othile athuthuke aze abhapathizwe. Ngaphandle kokukhuluma kakhulu size sedlule uthisha, amaphuzu ethu alungiselelwe kahle angaba usizo phakathi nesifundo. Singakwazi ukuba abangane babafundi lapho beza eHholo LoMbuso, futhi singakwazi ukubabekela isibonelo esihle. Abadala bangakhuthaza abafundi ngokuchitha isikhathi nabo, basize nothisha ngokubaqeqesha nokubancoma. Ngempela, ayikho injabulo engaqhathaniswa nokwazi ukuthi senze konke esingakwenza—ngisho nezinto ezibonakala zincane—ukuze sisize umuntu athande uBaba wethu uJehova futhi amkhonze!

INGOMA 79 Zifundiseni Ukuma Ziqine

^ par. 5 Akuthina sonke esinabantu esibafundela iBhayibheli njengamanje. Noma kunjalo, sonke singakwazi ukusiza othile athuthuke aze abhapathizwe. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi ngamunye wethu angamsiza kanjani umfundi afinyelele lowo mgomo.