Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 13

UJehova Uzokuvikela​—Kanjani?

UJehova Uzokuvikela​—Kanjani?

“INkosi ithembekile, iyoniqinisa futhi inivikele komubi.”—2 THES. 3:3.

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

AMAZWIBELA *

1. Kungani uJesu acela uJehova ukuba abheke abafundi bakhe?

NGOBUSUKU bokugcina elapha emhlabeni, uJesu wayecabanga ngezinselele abafundi bakhe ababeyobhekana nazo. Ngenxa yothando uJesu ayenalo ngabangane bakhe, wacela uYise ukuba ‘ababheke ngenxa yomubi.’ (Joh. 17:14, 15) UJesu wayazi ukuthi lapho esebuyele ezulwini, uSathane uDeveli wayeyoqhubeka elwa nanoma ubani ofuna ukukhonza uJehova. Kusobala ukuthi abantu bakaJehova babeyodinga isivikelo.

2. Singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uzoyiphendula imithandazo yethu?

2 UJehova wawuphendula umthandazo kaJesu ngoba eyithanda iNdodana yaKhe. Uma senza konke esingakwenza ukuze sijabulise uJehova, uzosithanda nathi futhi uzoyilalela imithandazo yethu yokucela usizo nesivikelo. NjengeNhloko yomndeni ekhathalelayo, uJehova uzoqhubeka ezinakekela ngothando izingane zakhe. Uma engakwenzi lokhu, igama lakhe, noma idumela, lingahlazeka!

3. Kungani namuhla sisidinga isivikelo sikaJehova?

3 Namuhla, sisidinga kakhulu isivikelo sikaJehova kunanini ngaphambili. USathane waxoshwa ezulwini, “ethukuthele kakhulu.” (IsAm. 12:12) Uye wenza abanye abasishushisayo bacabanga ukuthi banikela “inkonzo engcwele kuNkulunkulu.” (Joh. 16:2) Abanye, abangakholelwa kuNkulunkulu, basishushisa ngenxa yokuthi sihlukile ezweni. Kunoma yikuphi, asesabi. Kungani? Yingoba iZwi likaNkulunkulu lithi: “INkosi ithembekile, iyoniqinisa futhi inivikele komubi.” (2 Thes. 3:3) UJehova usivikela kanjani? Ake sixoxe ngezindlela ezimbili.

UJEHOVA USINIKEZA IZEMBATHO ZEMPI

4. Ngokwencwadi yabase-Efesu 6:13-17, yini uJehova asinikeze yona ukuze asivikele?

4 UJehova usinikeze izembatho zempi ezingasivikela ekuhlaseleni kukaSathane. (Funda eyabase-Efesu 6:13-17.) Lezi zembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ziqinile futhi zisebenza kahle! Kodwa ziyosivikela kuphela uma sizigqoka zonke—futhi sihlale sizigqokile. Simelelani isembatho ngasinye? Ake sibone.

5. Liyini ibhande leqiniso, futhi kungani kumelwe silifake?

5 Ibhande leqiniso limelela amaqiniso atholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Kungani kumelwe silifake leli bhande? Yingoba uSathane ‘unguyise wamanga.’ (Joh. 8:44) Useqambe amanga izinkulungwane zeminyaka futhi usedukise “umhlaba wonke owakhiwe”! (IsAm. 12:9) Kodwa amaqiniso aseBhayibhelini ayasivikela singakhohliseki. Silifaka kanjani leli bhande elingokomfanekiso? Silifaka ngokufunda iqiniso ngoJehova, ngokumkhulekela “ngomoya nangeqiniso,” nangokuziphatha ngokwethembeka kuzo zonke izinto.—Joh. 4:24; Efe. 4:25; Heb. 13:18.

Ibhande: Amaqiniso atholakala eZwini likaNkulunkulu

6. Siyini isivikelo sesifuba sokulunga, futhi kungani kumelwe sisigqoke?

6 Isivikelo sesifuba sokulunga simelela imithetho kaJehova elungile. Kungani kumelwe sisigqoke lesi sivikelo sesifuba? Njengoba nje isivikelo sesifuba sivikela inhliziyo yesosha ingagwazeki, nesivikelo sesifuba sokulunga sivikela inhliziyo engokomfanekiso, noma umuntu esinguye ngaphakathi, ekuthonyweni yileli zwe elikhohlakele. (IzAga 4:23) UJehova ulindele ukuba simthande futhi simkhonze ngayo yonke inhliziyo yethu. (Math. 22:36, 37) Ngakho, uSathane uzama ukuyihlukanisa phakathi inhliziyo yethu ngokusenza sithande izinto zaleli zwe—izinto uJehova azizondayo. (Jak. 4:4; 1 Joh. 2:15, 16) Uma lokho kungasebenzi, uzozama ukusicindezela ukuze singayilaleli imithetho kaJehova.

Isivikelo sesifuba: Imithetho kaJehova elungile

7. Sisigqoka kanjani isivikelo sesifuba sokulunga?

7 Isivikelo sesifuba sokulunga sisigqoka ngokwamukela imithetho kaJehova emayelana nokuthi yini elungile nengalungile, bese siphila ngokuvumelana nayo. (IHu. 97:10) Abanye bangase bacabange ukuthi imithetho kaJehova ibancisha inkululeko. Kodwa uma singayeka ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu, siyofana nesosha elikhumula isivikelo sesifuba phakathi nempi ngoba nakhu nje lithi siyasinda. Kungaba ubuphukuphuku lobo! Kulabo abathanda uJehova, imiyalo yakhe, “ayiwona umthwalo,” kunalokho isindisa ukuphila.—1 Joh. 5:3.

8. Kusho ukuthini ukugqokisa izinyawo zethu izimbadada ukuze silungele ukushumayela izindaba ezinhle?

8 UPawulu uphinde asikhuthaze ukuba sigqokise izinyawo zethu izimbadada ukuze silungele ukushumayela izindaba ezinhle. Ngamanye amazwi, kumelwe sihlale sikulungele ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Lapho sixoxa nabanye ngomyalezo weBhayibheli, ukholo lwethu luyaqina. Kuyakhuthaza ngempela ukubona abantu bakaJehova emhlabeni wonke befuna amathuba okushumayela izindaba ezinhle—lapho besemsebenzini, esikoleni, ezindaweni zamabhizinisi, beshumayela endlini ngendlu, ezitolo, bevakashele izihlobo ezingebona oFakazi, bexoxa nabanye abantu ababajwayele, ngisho nalapho bevaleleke ezindlini okwesikhashana. Uma sivumela ukwesaba kusinqobe size siyeke ukushumayela, siyofana nesosha elikhumula izimbadada zalo phakathi nempi; izinyawo zalo ziyolimala kalula. Uma lenza kanjalo, liyoba sengcupheni enkulu lapho lihlaselwa, lingakwazi nokulandela iziqondiso zomkhuzi wempi.

Izimbadada: Ukuhlale sikulungele ukushumayela izindaba ezinhle

9. Kungani kudingeka siphathe ihawu elikhulu lokholo?

9 Ihawu elikhulu lokholo limelela ukholo esinalo kuJehova. Sinokholo lokuthi uzozigcwalisa zonke izithembiso zakhe. Lolo kholo luzosisiza sikwazi ‘ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.’ Kungani kudingeka siliphathe leli hawu elikhulu? Yingoba liyasivikela singakhohliswa izimfundiso zezihlubuki noma singasatshiswa izinto ezishiwo abantu abagxeka izinkolelo zethu. Ngaphandle kokholo, ngeke sibe nawo amandla okumelana nalabo abazama ukusenza siphule imithetho kaJehova. Ngakolunye uhlangothi, njalo lapho simelela ukholo lwethu emsebenzini noma esikoleni, sisuke siphethe ihawu lethu. (1 Pet. 3:15) Njalo lapho senqaba umsebenzi oholela kangcono kodwa ongasiphazamisa ekukhonzeni uJehova, sisuke siphethe ihawu lethu. (Heb. 13:5, 6) Njalo nalapho siqhubeka sikhonza uJehova naphezu kokuphikiswa, sisuke sivikelwa ihawu lethu.—1 Thes. 2:2.

Ihawu: Ukholo esinalo kuJehova nasezithembisweni zakhe

10. Siyini isigqoko sokuzivikela sensindiso, futhi kungani kumelwe sisigqoke?

10 Isigqoko sokuzivikela sensindiso siyithemba uJehova asinika lona—ithemba lokuthi uzosikhulula ekufeni futhi abusise bonke labo abenza intando yakhe. (1 Thes. 5:8; 1 Thim. 4:10; Thithu 1:1, 2) Njengoba nje isigqoko sivikela ikhanda lesosha, ithemba lensindiso livikela indlela esicabanga ngayo. Kanjani? Lelo themba lisisiza sihlale sigxilile ezithembisweni zikaNkulunkulu futhi sikwazi ukuba nombono ofanele ngezinkinga zethu. Sisigqoka kanjani lesi sigqoko? Sisigqoka ngokuvumelanisa imicabango yethu nemicabango kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ithemba lethu likuNkulunkulu, hhayi engcebweni engaqinisekile.—IHu. 26:2; 104:34; 1 Thim. 6:17.

Isigqoko: Ithemba lokuphila okuphakade

11. Iyini inkemba yomoya, futhi kungani kudingeka siyisebenzise?

11 Inkemba yomoya iyiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Leyo nkemba inamandla okudalula lonke uhlobo lwenkohliso, nokukhulula abantu ekugqilazweni izimfundiso ezingamanga nemikhuba elimazayo. (2 Kor. 10:4, 5; 2 Thim. 3:16, 17; Heb. 4:12) Sifunda ukuyisebenzisa kahle leyo nkemba lapho senza isifundo somuntu siqu nangokuqeqeshwa esikuthola enhlanganweni kaNkulunkulu. (2 Thim. 2:15) Ngaphezu kwezembatho zempi, uJehova usinikeza olunye uhlobo lwesivikelo esinamandla. Yisiphi leso sivikelo?

Inkemba: IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli

AKUDINGEKI SIYILWE SODWA LE MPI

12. Yini enye esiyidingayo, futhi kungani?

12 Isosha elingumakad’ ebona liyazi ukuthi ngeke liphumelele uma liyilwa lodwa impi; lidinga usizo lwamanye amasosha. Ngokufanayo, nathi ngeke silwe ngokuphumelelayo noSathane nabalandeli bakhe sisodwa; sidinga usizo lwabafowethu nodadewethu. UJehova usilungiselele abazalwane ‘esikholwa nabo’ emhlabeni wonke, abakulungele ukusisiza.—1 Pet. 2:17.

13. Ngokwencwadi yamaHebheru 10:24, 25, yiziphi izinzuzo esizithola ngokuya emihlanganweni?

13 Usizo sibuye siluthole ngokuya emihlanganweni. (Funda amaHebheru 10:24, 25.) Lapho sidikibele—njengoba kuba njalo ngathi sonke ngezinye izikhathi—imihlangano ingasikhuthaza. Sikhuthazwa yizimpendulo zabafowethu nodadewethu ezisuka enhliziyweni. Izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini nemiboniso esiyithola kuyo kuqinisa isifiso sethu sokukhonza uJehova. Nezingxoxo ezakhayo esiba nazo ngaphambi nangemva komhlangano ziyasikhuthaza. (1 Thes. 5:14) Imihlangano yethu iphinde isinikeze nethuba lokuba nenjabulo etholakala ngokusiza abanye. (IzE. 20:35; Roma 1:11, 12) Zikhona nezinye izindlela imihlangano yethu esisiza ngazo. Kufana nokuthi ithuthukisa amakhono ethu okulwa, ngokusihlomisela inkonzo. Ngokwesibonelo, sifunda ukusebenzisa ngokuphumelelayo amathuluzi aseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. Ngakho ilungiselele kahle imihlangano yebandla. Lalelisisa phakathi nomhlangano. Ngemva kwayo, kusebenzise lokho okufundile. Uma wenza kanjalo, uzoba “njengesosha elihle likaKristu Jesu.”—2 Thim. 2:3.

14. Yiluphi olunye usizo esingaluthola?

14 Siphinde sisizwe yizigidi zezingelosi ezinamandla. Cabanga nje ngalokho okungenziwa yingelosi eyodwa vo! (Isaya 37:36) Yibe usucabanga-ke ngalokho okungafezwa yibutho elinamandla lezingelosi. Akekho umuntu noma idemoni elilingana namandla amakhulu uJehova anawo okulwa. Kuye kwathiwa uma uFakazi oyedwa othembekile enoJehova ohlangothini lwakhe unamandla kunabantu abaningi. (AbaHl. 6:16) Iqiniso elimsulwa lelo! Kukhumbule lokho lapho wesatshiswa okuthile okushiwo noma okwenziwa osebenza naye, ofunda naye, noma isihlobo esingeyena uFakazi. Ungakhohlwa ukuthi awuwedwa kule mpi. Ulandela isiqondiso sikaJehova.

UJEHOVA UZOQHUBEKA ESIVIKELA

15. Ngokwencwadi ka-Isaya 54:15, 17, kungani abantu bakaNkulunkulu bengasoze bathuliswa?

15 Izwe elilawulwa uSathane linezizathu eziningi zokusizonda. Asiluthathi nhlobo uhlangothi kwezepolitiki futhi asiziphathi izikhali. Simemezela igama likaNkulunkulu, sishumayele ngoMbuso wakhe njengowukuphela kwethemba lokuba nokuthula, siphile nangemithetho yakhe elungile. Sidalula umbusi waleli zwe njengomqambimanga nombulali ononya. (Joh. 8:44) Simemezela nokubhujiswa kwezwe likaSathane okusemnyango. Noma kunjalo, uSathane nabalandeli bakhe abasoze basivala umlomo. Kunalokho, sizoqhubeka sidumisa uJehova, sisebenzisa zonke izindlela esingazisebenzisa! Nakuba uSathane enamandla, uhlulekile ukuvimba umyalezo woMbuso ukuba ufinyelele kubantu emhlabeni wonke. Isivikelo sikaJehova kuphela esingabangela lokho.—Funda u-Isaya 54:15, 17.

16. UJehova uzobasindisa kanjani abantu bakhe phakathi nosizi olukhulu?

16 Yini esiyilindele? Phakathi nosizi olukhulu, uJehova uzosisindisa ngezindlela ezimbili ezimangalisayo. Okokuqala, uzosindisa izinceku zakhe eziqotho lapho ebangela ukuba amakhosi omhlaba aqothule iBhabhiloni Elikhulu, umbuso wenkolo yamanga. (IsAm. 17:16-18; 18:2, 4) Ngemva kwalokho, uzosindisa abantu bakhe lapho ebhubhisa okusele ezweni likaSathane nge-Armagedoni.—IsAm. 7:9, 10; 16:14, 16.

17. Kusisiza kanjani ukuhlale sisondelene noJehova?

17 Uma sihlale sisondelene noJehova, awukho umonakalo ohlala unomphela uSathane angawenza kithi. Eqinisweni, uyena ozobhujiswa unomphela. (Roma 16:20) Ngakho gqoka zonke izembatho zempi—ungazikhumuli! Ungazami ukulwa le mpi uwedwa. Siza abafowenu nodadewenu. Ulandele nesiqondiso sikaJehova. Uma wenza kanjalo, ungaqiniseka ngokuthi uBaba wakho osezulwini onothando uzokuqinisa futhi akuvikele.—Isaya 41:10.

INGOMA 149 Ingoma Yokunqoba

^ par. 5 IBhayibheli lithembisa ukuthi uJehova uzosiqinisa futhi ngeke agcine ngokuvikela ubungane bethu naye, kodwa uzosivikela nakuzo zonke izinto ezingasilimaza unomphela. Kulesi sihloko sizophendula le mibuzo elandelayo: Kungani sidinga ukuvikelwa? UJehova usivikela kanjani? Yini okumelwe siyenze lapho uJehova esinika usizo?