Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Ukuyisebenzisa Ngokuphumelelayo Ingxenye Ethi “Okusha”

Ingxenye ethi “Okusha” ku-JW Library® nethi “Bheka Ukuthi Yini Entsha” ku-jw.org/zu ibonisa izinto ezisanda kufakwa. Ungayisebenzisa kanjani le ngxenye ukuze uthole izinto zamuva?

KU-JW Library

  • Isihloko ngasinye esikhululwayo sifakwa ngaphansi kochungechunge okufanele singene kulo. Ngakho, lapho kuvela uchungechunge lwalezo zihloko engxenyeni ethi “Okusha,” ungadawuniloda uchungechunge lwamuva. Uyobe usukwazi ukufunda isihloko esisha esiphezulu kulolo hlu oluhlelwe ngokwezinsuku.

  • Izincwadi ezinde, njengomagazini, ungase ungakwazi ukuzifunda uziqede ngesikhathi esisodwa. Ukuze ukwazi ukubona ukuthi yini ongakaqedi ukuyifunda, ungase ukhethe ukufaka lowo magazini engxenyeni ethi “Okuthandayo” kuze kube yilapho uqeda ukuwufunda.

KU-JW.ORG

Ezinye izinto ezifakwayo, okuhlanganisa izindaba nezimemezelo, zivela kuwebusayithi ethi jw.org/zu kuphela, hhayi ku-JW Library. Ungakhohlwa ukudamane ubheka ingxenye ethi “Bheka Ukuthi Yini Entsha” ukuze ubone izihloko zamuva.