Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 14

“Bonke Bayokwazi Ngalokhu Ukuthi Ningabafundi Bami”

“Bonke Bayokwazi Ngalokhu Ukuthi Ningabafundi Bami”

“Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami​—uma nithandana.”​—JOH. 13:35.

INGOMA 106 Ukuhlakulela Imfanelo Yothando

AMAZWIBELA a

Ukubona indlela abantu bakaJehova abathandana ngayo kubathinte kanjani abantu abaningi abangebona oFakazi? (Bheka isigaba 1)

1. Yini emangaza abantu abaningi abaqalayo ukuza emihlanganweni yethu? (Bheka nesithombe.)

 AKE ucabange ngendoda nomkayo abaqalayo ukuza emhlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Kuyabamangaza ukwamukelwa ngemfudumalo nendlela labo abasebandleni abathandana ngayo. Lapho bebuyela ekhaya, inkosikazi ithi kumyeni wayo, ‘Uyazi, oFakazi BakaJehova abafani nabanye abantu, kukhona engikuthandayo ngabo.’

2. Yini eyenze abanye bayeka ukukhonza uJehova?

2 Iyamangalisa ngempela indlela amaKristu asebandleni athandana ngayo. Kuyavunywa, oFakazi BakaJehova bangabantu abanesono. (1 Joh. 1:8) Ngakho njengoba siya sibazi kangcono abantu abasebandleni, cishe makhulu namathuba okuba sibone amanye amaphutha abo. (Roma 3:23) Ngokudabukisayo, abanye baye bavumela amaphutha abanye abayekisa ukukhonza uJehova.

3. Babonakala ngani abalandeli bakaJesu bangempela? (Johane 13:34, 35)

3 Phinda ubheke umBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko. (Funda uJohane 13:34, 35.) Babonakala ngani abalandeli bakaKristu bangempela? Ngokuba nothando, hhayi ngokungawenzi amaphutha. Phawula nokuthi uJesu akazange athi: ‘Nina niyokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami.’ Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami.” Ngokusho kanjalo, uJesu wayebonisa ukuthi uthando olungenabugovu lwalungeke lubonwe abalandeli bakhe kuphela, kodwa ngisho nalabo abangeyona ingxenye yebandla lobuKristu babeyolubona.

4. Yini abanye abangase bafune ukuyazi ngamaKristu eqiniso?

4 Abantu abangebona oFakazi BakaJehova bangase bazibuze: ‘Kungani kuthiwa abalandeli bakaKristu bangempela babonakala ngokuba nothando? UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyabathanda abaphostoli bakhe? Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu namuhla?’ OFakazi ababhapathiziwe kuhle bacabange ngezimpendulo zale mibuzo. Ukwenza kanjalo kungase kusisize silubonise nakakhulu uthando, ikakhulukazi lapho siwabona amaphutha abanye.​—Efe. 5:2.

KUNGANI KUNGABALANDELI BAKAJESU KUPHELA ABABONAKALA NGOKUBA NOTHANDO?

5. Asho ukuthi amazwi kaJesu akuJohane 15:12, 13?

5 UJesu wakwenza kwacaca ukuthi abalandeli bakhe babeyobonakala ngokuba nohlobo olukhethekile lothando. (Funda uJohane 15:12, 13.) Phawula ukuthi uJesu wabayala wathi: ‘Thandanani njengoba nje nami nginithandile.’ Kusho ukuthini lokho? Njengoba nje uJesu aqhubeka echaza, lolu uthando lokuzidela​—uthando olwenza umKristu azimisele ngisho nokufela akholwa naye uma kudingeka. b

6. IZwi likaNkulunkulu likubonisa kanjani ukubaluleka kothando?

6 IZwi likaNkulunkulu likhuluma kakhulu ngothando. Abantu abaningi bayawathanda amavesi eBhayibheli alandelayo: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8) “Kumele uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Math. 22:39) “Uthando lumboza izono eziningi.” (1 Pet. 4:8) “Uthando alusoze lwaphela nanini.” (1 Kor. 13:8) La mavesi namanye kufanele akwenze kucace kunoma ubani ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba nayo le mfanelo enhle futhi uyibonise.

7. Kungani uSathane engasoze akwazi ukwenza abantu bathandane ngempela?

7 Abantu abaningi bayazibuza: ‘Ungayibona kanjani inkolo yeqiniso? Zonke izinkolo zithi zifundisa iqiniso, kodwa zonke zifundisa izinto ezingafani ngoNkulunkulu.’ USathane ukwazile ukudida abantu ngokwenza izinhlangano eziningi zenkolo yamanga. Kodwa akasoze akwazi ukwenza amaKristu athandane emhlabeni wonke. NguJehova kuphela ongenza lokho. Kunengqondo lokho ngoba uthando lwangempela luvela kuJehova​—unika abantu abamkhonzayo umoya wakhe futhi uyababusisa. (1 Joh. 4:7) Akumangazi ukuthi uJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso babeyobonakala ngokuba nothando olungenabugovu.

8-9. Abantu abaningi bazizwe kanjani lapho bebona indlela oFakazi BakaJehova abathandana ngayo?

8 Njengoba nje uJesu abikezela, abantu abaningi bayakwazi ukubona abalandeli bakhe beqiniso ngothando lwangempela ababonisana lona. Ngokwesibonelo, umzalwane okuthiwa u-Ian ukhumbula umhlangano wokuqala aya kuwo owawusenkundleni yezemidlalo eduze kwalapho ehlala khona. U-Ian wayekade ekuleyo nkundla eyobukela umdlalo ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. Uthi: “Kwakunomehluko omkhulu phakathi kwalo mhlangano nalowo mdlalo. OFakazi babenomusa futhi begqoke kahle, nezingane zabo zaziziphethe kahle.” Uyenezela: “Ngaphezu kwakho konke, la bantu babebonakala benelisekile futhi benokuthula​—into engangiyifisa ngempela. Ayikho neyodwa inkulumo eyabekwa ngalelo langa engiyikhumbulayo, kodwa namanje ngisayikhumbula indlela ababeziphethe ngayo oFakazi.” c Ngempela, ukuziphatha okunjalo kubonisa ukuthi sithandana ngempela. Ngenxa yokuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu, sibabonisa umusa nenhlonipho.

9 Umzalwane okuthiwa uJohn naye wazizwa ngendlela efanayo lapho eqala ukuya emihlanganweni yebandla: “Yangithinta inhliziyo indlela wonke umuntu owayelapho . . . ayenobungani ngayo​—kwakungathi izingelosi. Uthando lwangempela ababenalo lwangenza ngaqiniseka ukuthi ngithole inkolo yeqiniso.” d Izindaba ezifana nalezi zihlezi zifakazela ukuthi abantu bakaJehova bangamaKristu eqiniso.

10. Silithola nini ithuba elihle lokubonisa uthando lobuKristu? (Bheka nombhalo waphansi.)

10 Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, sonke sinesono. Ngezinye izikhathi abafowethu nodadewethu bazosho noma benze izinto ezisiphatha kabi. e (Jak. 3:2) Lapho lokho kwenzeka, siba nethuba elihle lokubonisa uthando lobuKristu ngendlela esisabela ngayo. Ezimweni ezinjalo, singafundani esibonelweni sikaJesu?​—Joh. 13:15.

UJESU WABONISA KANJANI UKUTHI UYABATHANDA ABAPHOSTOLI BAKHE?

UJesu wababonisa uthando abaphostoli lapho bebonisa izimfanelo ezingezinhle (Bheka izigaba 11-13)

11. Yiziphi izimfanelo ezimbi ezaboniswa uJakobe noJohane? (Bheka nesithombe.)

11 UJesu wayengalindele ukuba abalandeli bakhe bangawenzi amaphutha. Kunalokho, ngothando wabasiza ukuba balungise izici zobuntu babo ezingathandeki ukuze bamukelwe uJehova. Ngolunye usuku, abaphostoli bakhe ababili, uJakobe noJohane, bacela umama wabo ukuba abacelele kuJesu izikhundla eziphezulu eMbusweni. (Math. 20:20, 21) Ngokwenza lokho, uJakobe noJohane babonisa ukuthi bayaqhosha futhi bazibona bebalulekile kunabanye.​—IzAga 16:18.

12. UJakobe noJohane kuphela yini ababonisa izimfanelo ezimbi? Chaza.

12 Akuyena uJakobe noJohane kuphela ababonisa izimfanelo ezimbi ngalolo suku. Phawula indlela abanye abaphostoli abasabela ngayo: “Lapho abanye abayishumi bezwa ngakho, bazithukuthelela lezi zelamani ezimbili.” (Math. 20:24) Cishe kungenzeka ukuthi uJakobe, uJohane, nabanye abaphostoli bajikijelana ngamazwi. Mhlawumbe abanye basho into enjengokuthi: ‘Nicabanga ukuthi ningobani nina ukuba ningazocela izikhundla eziphezulu eMbusweni? Ningacabangi ukuthi yinina nodwa enizikhandlile nisebenza noJesu. Nathi zisifanele izikhundla eziphezulu!’ Kunoma yikuphi, abaphostoli bavumela lesi simo sabenza bangabonisana uthando okwesikhashana.

13. Wenzenjani uJesu lapho ebona amaphutha abaphostoli bakhe? (Mathewu 20:25-28)

13 Wenzenjani uJesu? Akazange athukuthele. Akashongo ukuthi wayezohamba ayofuna abanye abaphostoli abangcono, abathobeke kakhudlwana nabazobonisana uthando ngaso sonke isikhathi. Kunalokho, ngesineke uJesu wabonisana nala madoda ayefuna ukwenza okulungile. (Funda uMathewu 20:25-28.) Waqhubeka ewabonisa uthando nakuba kwakungekhona okokuqala noma okokugcina ephikisana ngokuthi ubani omkhulu kunabo bonke phakathi kwawo.​—Marku 9:34; Luka 22:24.

14. Bakhulela endaweni enjani abaphostoli bakaJesu?

14 Akungabazeki ukuthi uJesu wacabanga ngesizinda sabaphostoli bakhe. (Joh. 2:24, 25) Bakhulela endaweni enabaholi benkolo ababazisa ukuvelela nezikhundla eziphezulu. (Math. 23:6; qhathanisa nesihloko esithi, “Isinagoge​—Indawo UJesu Nabafundi Bakhe Ababeshumayela Kuyo” kuyi-Nqabayokulinda, ka-Ephreli 1, 2010, kk. 16-18.) Abaholi benkolo abangamaJuda babecabanga nokuthi balungile kunabanye abantu. f (Luka 18:9-12) UJesu wayeqonda ukuthi ukukhulela endaweni enjalo kwakungathinta indlela abaphostoli abazibheka ngayo nendlela ababheka ngayo abanye. (IzAga 19:11) Wayengalindeli okungaphezu kwamandla abafundi bakhe futhi akazange athathe izinto ngamawala lapho benza amaphutha. Wayazi ukuthi bayafuna ukwenza okulungile, ngakho ngesineke wabasiza bayeka ukuqhosha nokuzibona bebalulekile kunabanye, wabasiza babonisana uthando.

SINGASILINGISA KANJANI ISIBONELO SIKAJESU?

15. Singafundani endabeni kaJakobe noJohane?

15 Kuningi esingakufunda endabeni kaJakobe noJohane. Kwakungafanele bafune izikhundla eziphezulu eMbusweni. Kodwa nabanye abaphostoli nabo kwakungafanele bavumele leso simo siphazamise ubunye ababenabo. Nokho, uJesu yena wababonisa umusa nothando bonke abaphostoli abangu-12. Sifundani? Okubalulekile akukona nje kuphela ukuthi abanye abantu benzani, kodwa nendlela esisabela ngayo lapho benza amaphutha nayo ibalulekile. Yini engasisiza? Lapho esikholwa naye esiphathe kabi, singazibuza: ‘Kungani le nto ayenzile ingiphatha kabi kangaka? Ingabe lokhu kubonisa ukuthi kunemfanelo engeyinhle okudingeka ngiyilungise? Kungenzeka yini ukuthi lo muntu ongiphathe kabi ubhekene nezinkinga? Ngisho noma nginesizathu esizwakalayo sokucasuka, ngingakwazi yini ukumbonisa uthando olungenabugovu ngokuthi ngikudlulise okwenzekile?’ Uma sihlale sibabonisa uthando abanye, sibonisa nakakhulu ukuthi singabalandeli bakaJesu beqiniso.

16. Yini enye esingayifunda esibonelweni sikaJesu?

16 Isibonelo sikaJesu sisifundisa nokuba sizame ukubaqonda esikholwa nabo. (IzAga 20:5) Kuyavunywa, uJesu wayekwazi ukufunda izinhliziyo. Thina asikwazi. Kodwa singakwazi ukubabekezelela abafowethu nodadewethu lapho besicasula. (Efe. 4:1, 2; 1 Pet. 3:8) Kulula ukukwenza lokho uma sisazi isizinda sabo. Cabanga ngalesi sibonelo.

17. Kwamsiza kanjani umbonisi wesigodi ukumazi kangcono omunye umzalwane?

17 Umbonisi wesigodi okhonza eMpumalanga Afrika ukhumbula ukuthi kwakunomzalwane ayecabanga ukuthi akanawo umusa. Wenzenjani lo mbonisi wesigodi? Uthi: “Kunokuba ngimgweme lo mzalwane, nganquma ukumazi kangcono.” Ngokwenza kanjalo, lo mbonisi wesigodi wathola ukuthi kunezinto ezithile endleleni lo mzalwane akhule ngayo ezazithonye ubuntu bakhe. Umbonisi wesigodi uyaqhubeka: “Lapho sengiqonda ukuthi lo mzalwane wayesebenze kanzima kangakanani ukuze ashintshe ubuntu bakhe nokuthi ingakanani intuthuko ayeseyenzile, ngamhlonipha. Saba abangani.” Impela, lapho sizama ukubaqonda abafowethu nodadewethu, ngokuvamile kuba lula ukubabonisa uthando.

18. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona uma esikholwa naye esiphathe kabi? (IzAga 26:20)

18 Ngezinye izikhathi kungase kudingeke sikhulume nesikholwa naye osiphathe kabi. Nokho, kuhle ukuqale sizibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Ngikwazi konke okwenzekile?’ (IzAga 18:13) ‘Kungenzeka yini ukuthi ubengaqondile ukungiphatha kabi?’ (UmSh. 7:20) ‘Angikaze yini mina ngilenze iphutha elifanayo?’ (UmSh. 7:21, 22) ‘Ingabe ukukhuluma naye kuzoyenza ibe nkulu inkinga kunalokho eyikho?’ (Funda izAga 26:20.) Lapho sizinika isikhathi sokucabanga ngale mibuzo, singathola ukuthi indlela esimthanda ngayo umfowethu ingasenza sinqume ukukudlulisa okwenzekile.

19. Yini ozimisele ukuyenza?

19 Njengeqembu, oFakazi BakaJehova babonisa ukuthi bangabafundi bakaJesu beqiniso. Ngamunye wethu ubonisa ukuthi ungumlandeli kaJesu wangempela lapho ebabonisa uthando olungenabugovu abafowethu nodadewethu naphezu kwamaphutha abo. Njengoba senza kanjalo, singasiza abanye babone inkolo yeqiniso, bakhonze nathi uJehova, uNkulunkulu oluthando. Masizimisele ukuqhubeka sibonisa uthando oluwuphawu lokuthi singamaKristu eqiniso.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

a Abantu abaningi bayathanda ukwazi iqiniso ngenxa yokubona uthando lwangempela esinalo. Noma kunjalo, ngenxa yokuthi sinesono, ngezinye izikhathi kungase kube nzima ukumbonisa uthando omunye umuntu esikholwa naye. Ake sihlole ukuthi kungani uthando lubaluleke kangaka nokuthi singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu lapho siwabona amaphutha abanye.

c Bheka isihloko esithi “Ekugcineni, Ukuphila Kwami Sekunenjongo” kuyi-Nqabayokulinda, kaNovemba 1, 2012, kk. 13-14.

d Bheka isihloko esithi “Ukuphila Kwami Kwakubonakala Kujabulisa” kuyi-Nqabayokulinda, kaMeyi 1, 2012, kk. 18-19.

e Lesi sihloko asikhulumi ngezono ezinkulu okufanele zisingathwe abadala, njengalezo ezikweyoku-1 Korinte 6:9, 10.

f Esikhathini eside kamuva kubikwa ukuthi urabi othile wathi: “Emhlabeni kunabantu abacishe babe ngu-30 abalunge njengo-Abrahama. Uma bengu-30, mina nendodana yami siphakathi kwalabo bantu; uma beyishumi, mina nendodana yami siphakathi kwabo; uma bebahlanu, mina nendodana yami siphakathi kwabo; uma bebabili, yimina nendodana yami; kodwa uma eyedwa, yimina lowo.”