Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 10

Kungani Kufanele Ubhapathizwe?

Kungani Kufanele Ubhapathizwe?

‘Yilowo nalowo kini makabhapathizwe.’​—IZE. 2:38.

INGOMA 34 Ukuhamba Ngobuqotho

AMAZWIBELA a

1-2. Yini evame ukwenzeka lapho abantu bebhapathizwa, futhi yini okufanele uyicabangele?

 UKE ulibone iqembu labantu abazobhapathizwa? Uzwa ukuqiniseka emazwini abo lapho bephendula imibuzo emibili ngaphambi kokuba babhapathizwe. Uyabona ukuthi amalungu emindeni nabangani bayaziqhenya ngabo. Lapho ababhapathizwayo bekhuphuka bephuma emanzini, uzwa ihlombe futhi ubone injabulo ibhalwe ebusweni babo. Ngokwesilinganiso, isonto ngalinye, izinkulungwane zabantu zithatha leso sinyathelo, zibe oFakazi BakaJehova uNkulunkulu abazinikezele babhapathizwa.

2 Kuthiwani ngawe? Uma ucabangela ukubhapathizwa, ungumuntu okhetheke kakhulu kuleli zwe elibi ngoba wena ‘ufuna uJehova.’ (IHu. 14:1, 2) Lesi sihloko sibhalelwe wena, kungakhathaliseki ukuthi usemusha noma umdala. Kodwa nathi esibhapathiziwe sifuna ukuzimisela nakakhulu ukukhonza uJehova phakade. Ngakho, ake sixoxe ngezizathu ezintathu kweziningi ezenza sikhonze uJehova.

UYALITHANDA IQINISO NOKULUNGA

Sekuphele iminyaka eyizinkulungwane uSathane enyundela igama likaJehova elihle futhi uyaqhubeka elinyundela (Bheka izigaba 3-4)

3. Kungani izinceku zikaJehova zithanda iqiniso nokulunga? (IHubo 119:128, 163)

3 UJehova wayala abantu bakhe ukuba ‘bathande iqiniso.’ (Zak. 8:19) UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba baphishekele ukulunga. (Math. 5:6) Lokhu kusho ukuthi umuntu kudingeka abe nesifiso esinamandla sokwenza okulungile, okuhle nokuhlanzekile emehlweni kaNkulunkulu. Ingabe uyalithanda iqiniso nokulunga? Siyaqiniseka ukuthi uyakuthanda. Uyawazonda amanga nakho konke okubi nokungalungile. (Funda iHubo 119:128, 163.) Umuntu onamanga ubonisa ubuntu bukaSathane, umbusi waleli zwe. (Joh. 8:44; 12:31) Omunye wemigomo kaSathane uwukunyundela igama likaJehova uNkulunkulu elingcwele. USathane ubelokhu esakaza amanga ngoNkulunkulu wethu kusukela ekuvukeleni ensimini yase-Edene. Wazama ukwenza uJehova abonakale njengoMbusi ononya nongathembekile, ogodlela abantu okuhle. (Gen. 3:1, 4, 5) Amanga uSathane awaqamba ngoJehova aye aqhubeka edunga izinhliziyo nezingqondo zabantu. Lapho abantu bekhetha ‘ukungalithandi iqiniso,’ uSathane angabenza benze zonke izinhlobo zokungalungi nokuziphatha okubi.​—Roma 1:25-31.

4. UJehova ubonise kanjani ukuthi ‘unguNkulunkulu weqiniso’? (Bheka nesithombe.)

4 UJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso,’ futhi ngomusa ubafundisa iqiniso labo abamthandayo. (IHu. 31:5) Ngokwenza kanjalo, uyabasiza abakhulule emangeni kaSathane. UJehova ufundisa nezinceku zakhe ukuba zibe abantu abathembekile nabalungile. Ngenxa yalokho, ngokwezinga elithile, ziyazihlonipha futhi zinokuthula kwangaphakathi. (IzAga 13:5, 6) Ukwenzile yini lokho nakuwe njengoba ubulokhu utadisha iBhayibheli? Ufunde ukuthi izindlela zikaJehova zizuzisa sonke isintu futhi ziyakuzuzisa nawe. (IHu. 77:13) Ngakho, ufuna ukwenza lokho uNkulunkulu athi kulungile. (Math. 6:33) Ufuna ukuvikela iqiniso, usize ekudaluleni amanga ngoNkulunkulu wethu, uJehova. Ungakwenza kanjani lokho?

5. Ungalimelela kanjani iqiniso nokulunga?

5 Ungakhetha ukuphila ngendlela ebonisa ukuthi uyawenqaba amanga kaSathane, umelela iqiniso futhi ukhetha uJehova njengoMbusi, ufuna nokwenza lokho athi kulungile. Ungakwenza kanjani lokho? Thandaza kuJehova uzinikezele kuye, bese ubonisa lokho kuzinikezela ngokubhapathizwa obala. Ukuthanda iqiniso nokulunga kuyisizathu esinamandla sokukhetha ukubhapathizwa.

UYAMTHANDA UJESU KRISTU

6. Incwadi yeHubo 45:4 ikunikeza ziphi izizathu zokuthanda uJesu Kristu?

6 Kungani umthanda uJesu Kristu? Phawula ezinye izizathu ezinamandla ezisencwadini yeHubo 45:4. (Yifunde.) UJesu uyalithanda iqiniso, ukuthobeka nokulunga. Uma ulithanda iqiniso nokulunga, kuyaqondakala ukuthi kungani umthanda noJesu Kristu. Cabanga ngendlela uJesu alivikela ngayo ngesibindi iqiniso nokulunga. (Joh. 18:37) Nokho, uJesu ubonisa kanjani ukuthi uthobekile?

7. Yini oyithandayo ngokuthobeka kukaJesu?

7 Isibonelo sikaJesu sibonisa ukuthi uthobekile. Ngokwesibonelo, lonke udumo ulunika uYise, akalokothi alulethe kuye. (Marku 10:17, 18; Joh. 5:19) Uzizwa kanjani ngokufunda ngokuthobeka okunjalo? Akukwenzi yini uyithande iNdodana kaNkulunkulu futhi ufune ukuba umlandeli wayo? Ngokuqinisekile kunjalo. Kungani uJesu ethobekile? Kungoba uthanda futhi ulingisa uYise, naye othobekile. (IHu. 18:35; Heb. 1:3) Lokho akukwenzi yini usondele kuJesu, ozibonisa ngokuphelele izimfanelo zikaJehova?

8. Kungani sikuthanda ukuthi uJesu uyiNkosi yethu?

8 Siyathanda ukuthi uJesu uyiNkosi yethu ngoba unguMbusi obedlula bonke. UJehova wayiqeqesha ngokwakhe iNdodana yakhe futhi wayimisa ukuba ibuse. (Isaya 50:4, 5) Cabanga nangothando lokuzidela uJesu alubonisa. (Joh. 13:1) NjengeNkosi yakho, uJesu uyakufanelekela ukuba umthande. Wathi labo abamthanda ngempela​—labo ababiza ngabangani bakhe—​babonisa uthando lwabo ngokulalela imiyalo yakhe. (Joh. 14:15; 15:14, 15) Kuyilungelo ngempela ukuba umngani weNdodana kaJehova!

9. Ukubhapathizwa kwamaKristu kufana kanjani nokukaKristu?

9 Omunye wemiyalo kaJesu uwukuba abalandeli bakhe babhapathizwe. (Math. 28:19, 20) Wasibekela isibonelo. Ukubhapathizwa kwakhe kuhlukile kokwabalandeli bakhe ngezindlela ezithile. (Bheka ibhokisi elithi “ Ukubhapathizwa KukaJesu Nokubhapathizwa Kwabalandeli Bakhe​—Indlela Okuhluke Ngayo.”) Kodwa kuyefana ngezinye izindlela. Lapho ebhapathizwa, uJesu wabonisa ukuthi ufuna ukwenza intando kaYise. (Heb. 10:7) Ngendlela efanayo, abalandeli bakaKristu babhapathizwa obala njengophawu lokuthi sebezinikezele kuJehova uNkulunkulu. Manje ukuphila kwabo sekugxile ekwenzeni intando yakhe, hhayi eyabo. Ngakho, balandela isibonelo seNkosi yabo.

10. Kungani ukuthanda uJesu kufanele kukwenze ubhapathizwe?

10 Uyamamukela uJesu njengeNdodana kaJehova ezelwe yodwa nanjengeNkosi uNkulunkulu ayimisile ukuze isibuse. Uyazi ukuthi uJesu uthobekile futhi umlingisa ngokuphelele uYise. Uye wafunda ukuthi wapha abalambile ukudla, waduduza abadangele, welapha ngisho nabagulayo. (Math. 14:14-21) Uyibonile indlela ahola ngayo ibandla lakhe namuhla. (Math. 23:10) Uyazi nokuthi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu uzokwenza okungaphezu kwalokho esikhathini esizayo. Ungabonisa kanjani ukuthi uyamthanda? Ngokulandela isibonelo sakhe. (Joh. 14:21) Ungaqala ukwenza lokho ngokuzinikezela kuJehova futhi ubhapathizwe.

UYAMTHANDA UJEHOVA UNKULUNKULU

11. Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokubhapathizwa, futhi kungani usho kanjalo?

11 Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokubhapathizwa? UJesu washo ukuthi yimuphi umyalo kaNkulunkulu obaluleke kunayo yonke lapho ethi: “Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo wonke amandla akho.” (Marku 12:30) Ingabe la mazwi achaza indlela omthanda ngayo uNkulunkulu?

UJehova unguMthombo wayo yonke into enhle owake wayijabulela nosazoyijabulela (Bheka izigaba 12-13)

12. Kungani umthanda uJehova? (Bheka nezithombe.)

12 Ziningi izizathu zokuthanda uJehova. Ngokwesibonelo, usuyaqonda ukuthi “ungumthombo wokuphila” nokuthi unguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (IHu. 36:9; Jak. 1:17) Yonke into enhle oyijabulelayo ivela kuNkulunkulu wethu ophanayo nonothando.

13. Yini eyenza isihlengo sibe isipho esimangalisa kangaka?

13 Isihlengo siyisipho esimangalisayo uJehova asiphe sona. Kungani sisho kanjalo? Cabanga ngendlela uJehova neNdodana yakhe abasondelene ngayo. UJesu wathi: ‘UBaba uyangithanda’ futhi “ngiyamthanda uBaba.” (Joh. 10:17; 14:31) Basondelana nakakhulu phakathi nezigidigidi zeminyaka bendawonye. (IzAga 8:22, 23, 30) Manje cabanga ngokuthi kwamzwisa ubuhlungu kangakanani uNkulunkulu ukuvumela iNdodana yakhe ukuba ihlupheke futhi ife. UJehova uyabathanda abantu​—kuhlanganise nawe—​kangangokuba wayezimisele ukunikela ngeNdodana yakhe ayithandayo ukuba ibe umhlatshelo ukuze wena nabanye nithole ukuphila okuphakade. (Joh. 3:16; Gal. 2:20) Asikho isizathu esidlula lesi sokuthanda uNkulunkulu.

14. Yimuphi umgomo omuhle kunayo yonke ongase ube nayo ekuphileni?

14 Njengoba ulokhu ufunda okwengeziwe ngoJehova, indlela omthanda ngayo iye yakhula. Ngokuqinisekile ufuna ukusondela nakakhulu kuye manje naphakade. Futhi ungakwenza lokho. Ngomusa, ukukhuthaza ukuba wenze inhliziyo yakhe ijabule. (IzAga 23:15, 16) Lokho ungakubonisa nangezenzo, hhayi ngamazwi kuphela. Indlela ophila ngayo izobonisa ukuthi umthanda ngempela uJehova. (1 Joh. 5:3) Lowo umgomo omuhle kunayo yonke ongase ube nayo ekuphileni.

15. Ungabonisa kanjani ukuthi uyamthanda uJehova?

15 Ungabonisa kanjani ukuthi uyamthanda uJehova? Okokuqala, yenza umthandazo okhethekile, uzinikezele kuNkulunkulu weqiniso owukuphela kwakhe. (IHu. 40:8) Ngemva kwalokho, ukuzinikezela kwakho okwenze ngasese kubonakalise obala ngokubhapathizwa. Njengoba sixoxile ekuqaleni kwalesi sihloko, leso kuba isikhathi esijabulisa nesibaluleke ngempela ekuphileni kwakho. Ube usuqala ukuphila okusha, awube usaziphilela wena kodwa uphilela uJehova. (Roma 14:8; 1 Pet. 4:1, 2) Lokho kungazwakala kuyisinyathelo esikhulu futhi kuyiso ngempela. Kodwa kuvula amathuba okuphila ukuphila okungcono kakhulu. Kanjani?

16. Njengoba kuboniswe encwadini yeHubo 41:12, uJehova uzobavuza ngani labo abasebenzisa ukuphila kwabo ukuze bamkhonze?

16 UJehova unguMuntu ophana kunabo bonke. Kungakhathaliseki ukuthi yini omupha yona, uyohlale ekunika okungaphezu kwalokho. (Marku 10:29, 30) Uzokunika ukuphila okumnandi, okujabulisayo nokwanelisa kunakho konke ngisho kwamanje kuleli zwe elibi elidlulayo. Kumane kuyisiqalo nje leso. Ukuphila okuqala lapho ubhapathizwa akudingeki kuphelele lapho. Ungaqhubeka ukhonza uBaba wakho omthandayo phakade. Uthando oluphakathi kwakho noBaba wakho luyoqhubeka lukhula, empeleni uyophila phakade njengaye.​—Funda iHubo 41:12.

17. Iyiphi into uJehova angenayo ongamnika yona?

17 Lapho uzinikezela futhi ubhapathizwa, uba nelungelo lokunikeza uBaba wakho into eyigugu kakhulu. Ukuphe yonke into enhle, sonke isikhathi esijabulisayo owake waba naso. Wena-ke unganika uMnikazi wamazulu nomhlaba into angenayo​—ukumkhonza ngokuzinikela nangokuzithandela. (Jobe 1:8; 41:11; IzAga 27:11) Ikhona yini indlela engcono ongakusebenzisa ngayo ukuphila kwakho? Ngokungangabazeki indlela omthanda ngayo uJehova iyisizathu esihle sokubhapathizwa.

ULINDENI?

18. Yimiphi imibuzo ongase uzibuze yona?

18 Ungawuphendula kanjani-ke umbuzo othi, Uzobhapathizwa nini? Nguwe kuphela onempendulo yalo mbuzo. Kodwa kungase kusize ukuzibuza, ‘Ngilindeni?’ (IzE. 8:36) Khumbula izizathu ezintathu esixoxe ngazo. Esokuqala, uyalithanda iqiniso nokulunga. Zibuze: ‘Ingabe ngibheke phambili esikhathini lapho wonke umuntu eyobe ekhuluma iqiniso futhi enza okulungile?’ Esesibili, uyamthanda uJesu Kristu. Zibuze: ‘Ingabe ngifuna iNdodana kaNkulunkulu ibe iNkosi yami futhi ingabe ngifuna ukulandela isibonelo sayo?’ Esesithathu, esibaluleke nakakhulu, uthanda uJehova. Zibuze: ‘Ingabe ngifuna ukwenza inhliziyo kaJehova ijabule ngokumkhonza njengoNkulunkulu wami?’ Uma le mibuzo uyiphendula ngoyebo, yini ekuvimba ukuba ubhapathizwe? Ulindeni?​—IzE. 16:33.

19. Kungani kungafanele unqikaze ukubhapathizwa? Fanekisa. (Johane 4:34)

19 Uma unqikaza ukubhapathizwa, cabanga ngomfanekiso uJesu akhuluma ngawo. (Funda uJohane 4:34.) Phawula ukuthi uJesu wafanisa ukwenza intando kaYise nokudla. Kungani? Ukudla kuyasizuzisa. UJesu wayazi ukuthi yonke into uJehova asicela ukuba siyenze iyasizuzisa. UJehova akafuni senze noma yini ezosilimaza. Ingabe intando kaJehova ngawe iwukuba ubhapathizwe? Yebo. (IzE. 2:38) Ngakho, ungaqiniseka ukuthi kuzokuzuzisa ukulalela umyalo wokuba ubhapathizwe. Uma ungeke unqikaze ukudla ukudla okumnandi, kungani unqikaza ukubhapathizwa?

20. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Ulindeni? Abaningi bangase bathi, “Angikakakulungeli ukubhapathizwa.” Iqiniso liwukuthi isinqumo sokuzinikezela kuJehova nokubhapathizwa siyisinqumo esibaluleke kunazo zonke oyoke uzenze. Ngakho ukuze ukulungele, kuzothatha isikhathi futhi kudingeka ucabangisise bese uyazikhandla. Kodwa uma unesifiso esiqotho sokubhapathizwa, yini ongayenza manje ukuze uzilungiselele? Sizoxoxa ngempendulo yalo mbuzo esihlokweni esilandelayo.

INGOMA 28 Ukuba Umngane NoJehova

a Ukubhapathizwa kuyisinyathelo esibaluleke kakhulu kubo bonke abafundi beBhayibheli. Yini engakhuthaza umfundi ukuba athathe leso sinyathelo? Ngegama elilodwa nje, uthando. Kodwa uthando lwani futhi ngobani? Kulesi sihloko, sizozithola izimpendulo futhi sixoxe ngokuthi singalindela ukuphila okunjani njengamaKristu abhapathiziwe.