Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 13

Sebenzisa Indalo Ukuze Ufundise Izingane Zakho NgoJehova

Sebenzisa Indalo Ukuze Ufundise Izingane Zakho NgoJehova

“Ngubani odale lezi zinto?”​—ISAYA 40:26.

INGOMA 11 Indalo Yembula Inkazimulo KaJehova

AMAZWIBELA a

1. Abazali bafuna ukusiza izingane zabo zenzeni?

 BAZALI, siyazi ukuthi nifuna ukusiza izingane zenu zazi uJehova futhi zimthande. Kodwa uNkulunkulu akabonakali. Ningazisiza kanjani izingane zenu zimbheke njengoMuntu ongokoqobo futhi zisondele kuye?​—Jak. 4:8.

2. Abazali bangazifundisa kanjani izingane zabo ngobuntu bukaJehova?

2 Indlela ebalulekile yokusiza izingane zisondele kuJehova ukutadisha nazo iBhayibheli. (2 Thim. 3:14-17) Nokho, iBhayibheli lembula enye indlela abasebasha abangafunda ngayo ngoJehova. Encwadini yezAga, kusobala ukuthi ubaba ukhumbuza indodana yakhe ukuba ingalokothi izikhohlwe izimfanelo zikaJehova ezibonakala endalweni. (IzAga 3:19-21) Sizoxoxa ngezinye zezindlela abazali abangasebenzisa ngazo indalo ukuze basize izingane zabo zifunde ngobuntu bukaJehova.

UNGAYISEBENZISA KANJANI INDALO UKUZE UFUNDISE IZINGANE ZAKHO?

3. Abazali kufanele bazisize kanjani izingane zabo?

3 IBhayibheli lithi ‘izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali, zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.’ (Roma 1:20) Bazali, cishe niyakuthanda ukuchitha isikhathi nezingane zenu nihleli ngaphandle. Sebenzisani leso sikhathi ukuze nisize izingane zenu zibone ukuhlobana okukhona phakathi ‘kwezinto ezenziwe’ nezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo. Ngakho, ake sibone ukuthi abazali bangafundani esibonelweni sikaJesu.

4. UJesu wayisebenzisa kanjani indalo ukuze afundise abafundi bakhe? (Luka 12:24, 27-30)

4 Phawula ukuthi uJesu wayisebenzisa kanjani indalo ukuze afundise. Ngolunye usuku, wacela abafundi bakhe ukuba banakisise amagwababa nezimbali zasendle. (Funda uLuka 12:24, 27-30.) UJesu wayengakhuluma nganoma yisiphi isilwane noma isitshalo, kodwa wakhetha inyoni nembali abafundi bakhe ababeyazi kahle. Kungenzeka abafundi bakhe babewabona amagwababa endiza nezimbali ziqhakaza. Uyambona yini ngeso lengqondo uJesu ekhomba lezi zinto njengoba ekhuluma? Yini ayenza ngemva kokukhuluma ngalezi zibonelo? Wafundisa abafundi bakhe isifundo esibalulekile ngokupha kanye nomusa kaBaba wabo osezulwini: UJehova uzozondla futhi azigqokise izinceku zakhe ezithembekile njengoba nje enza emagwababeni nasezimbalini zasendle.

5. Yiziphi izibonelo ezisendalweni ezingasetshenziswa abazali ukuze bafundise ingane yabo ngoJehova?

5 Bazali, ningayilingisa kanjani indlela kaJesu yokufundisa? Ningase nixoxele ingane yenu ngento eniyazisa ngokukhethekile endalweni, mhlawumbe isilwane noma isitshalo enisithandayo. Njengoba nixoxa, qikelelani ukuthi niyayichazela ukuthi leso sibonelo sembulani ngoJehova. Ningabe senibuza ingane yenu ukuthi yona ithanda siphi isilwane noma isitshalo. Uma nisebenzisa izinto ingane yenu ezijabulelayo kakade endalweni, cishe iyonakisisa ngisho nakakhulu lapho nikhuluma ngezimfanelo zikaJehova.

6. Singafundani esibonelweni sikamama kaChristopher?

6 Ingabe abazali kufanele bachithe isikhathi esiningi becwaninga ngesilwane noma ngesitshalo esithile ngaphambi kokuba baxoxe ngokuthi leyo ndalo emangalisayo yembulani ngoJehova? Akunjalo ngempela. UJesu akazange anikeze incazelo ende mayelana nendlela amagwababa adla ngayo noma ngendlela izimbali ezikhula ngayo. Yiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi ingane yakho ingase iyijabulele ingxoxo ejulile ngendalo, kodwa ngezinye izikhathi kwanele ukumane usho okuthile okulula noma ubuze umbuzo olula ukuze ucacise iphuzu. Phawula lokho umzalwane okuthiwa uChristopher akukhumbulayo ngokwakwenzeka ngesikhathi eseyingane: “Umama wayesho izinto ezilula ukuze asisize siyazise indalo esizungezile. Ngokwesibonelo, uma siseduze kwezintaba, wayengase athi: ‘Awubheke nje ukuthi zinkulu kangakanani futhi zinhle kanjani lezi zintaba! Umangalisa ngempela uJehova, akunjalo?’ Noma lapho siseduze kolwandle, wayengase athi: ‘Awubheke nje ukuthi anamandla kangakanani la magagasi! Unamandla ngempela uNkulunkulu, akunjalo?’” UChristopher uthi: “Leyo mibuzo elula ekwenza ucabange, yakuthinta ngempela ukuphila kwethu.”

7. Ungaziqeqesha kanjani izingane zakho ukuba zicabangisise ngendalo?

7 Njengoba izingane zakho zikhula, ungaziqeqesha ukuba zicabangisise ngendalo futhi zifunde ngobuntu bukaJehova kuyo. Ungakhuluma ngendalo kaNkulunkulu emangalisayo eyodwa bese ubuza izingane zakho, “Kunifundisani lokhu ngoJehova?” Kungase kukumangaze lokho ezikucabangayo.​—Math. 21:16.

UNGAYISEBENZISA NINI INDALO UKUZE UFUNDISE IZINGANE ZAKHO?

8. Yiliphi ithuba abazali abangama-Israyeli ababenalo lapho behamba “endleleni”?

8 Abazali abangama-Israyeli banxuswa ukuba bafundise izingane zabo imiyalo kaJehova lapho behamba “endleleni.” (Dut. 11:19) Kwa-Israyeli imigwaqo yayinqamula emaphandleni. Babengase babone izinhlobonhlobo zezilwane, izinyoni nezimbali. Njengoba imindeni yakwa-Israyeli ihamba endleleni, abazali babenethuba lokwenza izingane zabo ziyinake indalo kaJehova. Cishe nani bazali ninamathuba afanayo okusebenzisa indalo ukuze nifundise izingane zenu. Phawula ukuthi abanye abazali bakwenze kanjani lokho.

9. Ungafundani kuPunitha noKatya?

9 Umama okuthiwa uPunitha, ohlala edolobheni elikhulu eNdiya, uthi: “Lapho sivakashele umndeni emaphandleni, sibheka leso sikhathi njengethuba lokusiza izingane zethu zifunde ngendalo kaJehova emangalisayo. Nginomuzwa wokuthi izingane zami ziyiqonda kangcono indalo lapho zikude nemigwaqo ephithizelayo yasemadolobheni.” Bazali, cishe izingane zenu azisoze zasikhohlwa isikhathi ezisichitha nani endaweni enhle. UKatya, udade waseMoldova, uthi: “Izikhathi engizikhumbula kahle ngokukhula kwami yilezo engangizichitha nabazali bami emaphandleni. Ngibabonga kakhulu ngokuthi kusukela ngisemncane bangifundisa ukuthi ngime kancane ngibuke indalo kaJehova, ngifunde ngaye kuyo.”

Ngisho noma uhlala edolobheni, ungazithola izinto ezidalwe uJehova ongafundisa ngazo izingane zakho ngaye (Bheka isigaba 10)

10. Yini abazali abangayenza uma kunzima ukuvakashela emaphandleni? (Bheka ibhokisi elithi “ Okungasiza Abazali.”)

10 Kuthiwani uma kunzima ukuvakashela emaphandleni? U-Amol, naye ohlala eNdiya, uthi: “Lapho ngihlala khona, abazali kufanele basebenze amahora amaningi futhi ukuya emaphandleni kungabiza kakhulu. Noma kunjalo, ipaki elincane noma ukuba sendaweni ephezulu yebhilidi kungaba yindawo ekahle yokubuka indalo nokuxoxa ngezimfanelo zikaJehova.” Uma ubhekisisa, cishe uyokwazi ukubona izinto eziningi ezidalwe uNkulunkulu eduze kwalapho uhlala khona ongazibonisa izingane zakho. (IHu. 104:24) Cishe uzobona izinyoni, izinambuzane, izitshalo nokunye okuningi. UKarina, waseJalimane, uthi: “Umama uyazithanda izimbali, ngakho lapho ngiseyintombazanyana wayevame ukungikhombisa izimbali ezinhle lapho silula izinyawo ndawonye.” Bazali, ningasebenzisa namavidiyo amaningi kanye nezincwadi ezikhishwa yinhlangano ezikhuluma ngendalo ukuze nifundise izingane zenu. Kungakhathaliseki ukuthi nihlala kuphi, ningazisiza izingane zenu zinakisise izinto ezenziwe uNkulunkulu. Manje ake sixoxe ngezinye zezimfanelo zikaJehova eningakhuluma ngazo nezingane zenu.

“IZIMFANELO” ZIKAJEHOVA ‘EZINGABONAKALI ZIBONAKALA NGOKUCACILE’

11. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ziqonde ukuthi uJehova unothando?

11 Ukuze usize izingane zakho ziqonde ukuthi uJehova unothando, ungase uzixoxele ngendlela izilwane eziningi ezinakekela ngayo ngothando abantwana bazo. (Math. 23:37) Ungase uzixoxele nangezinto ezihlukahlukene ezimangalisayo esizijabulela kakhulu endalweni. UKarina, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Lapho silula izinyawo nomama, wayevame ukungikhuthaza ukuba ngime kancane ngibuke indlela imbali ngayinye ehluke ngayo kwenye nendlela ubuhle bayo obuveza ngayo uthando lukaJehova. Nakuba sekudlule iminyaka eminingi, ngisazibukisisa izimbali​—ukuhlukahluka kwazo, indlela ezakheke ngayo nemibala yazo. Zisangikhumbuza indlela uJehova asithanda ngayo.”

Ungakhuluma ngendlela emangalisayo imizimba yethu eyenziwe ngayo ukuze ufundise izingane zakho ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu (Bheka isigaba 12)

12. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ziqonde ukuthi uNkulunkulu uhlakaniphile? (IHubo 139:14) (Bheka nesithombe.)

12 Siza izingane zakho ziqonde ukuthi uNkulunkulu uhlakaniphile. UJehova uhlakaniphe kakhulu kunathi. (Roma 11:33) Ngokwesibonelo, ungaxoxela ingane yakho ngendlela amanzi ahwamuka ngayo enze amafu bese kalula nje lawo mafu eyasuka kuleyo ndawo aye kwenye. (Jobe 38:36, 37) Ungayixoxela nangendlela emangalisayo umzimba womuntu owenziwe ngayo. (Funda iHubo 139:14.) Phawula indlela ubaba okuthiwa uVladimir akwenza ngayo lokho. Uthi: “Ngolunye usuku, indodana yethu yawa igibele ibhayisikili, yalimala. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa isilonda saphola. Mina nomkami sayichazela ukuthi uJehova wenze imizimba yethu ngendlela yokuthi ikwazi ukuphola uma ilimele. Sayitshela ukuthi akwenzeki lokho ezintweni ezenziwe abantu. Ngokwesibonelo, imoto ayikwazi ukuzilungisa uma ibisengozini. Lesi sibonelo sasiza indodana yethu yakuqonda ukuhlakanipha kukaJehova.”

13. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ziqonde ukuthi uNkulunkulu unamandla? (Isaya 40:26)

13 UJehova usimema ukuba siphakamisele amehlo ethu ezulwini, sicabange ngendlela amandla akhe amangalisayo agcina ngayo izinkanyezi zisendaweni yazo. (Funda u-Isaya 40:26.) Ungakhuthaza izingane zakho ukuba zibuke isibhakabhaka, zicabange ngezikubonayo. Phawula lokho uTingting, udade waseTaiwan, akukhumbulayo ngalokho okwenzeka eseyingane: “Ngolunye usuku, umama wahamba nami sayolala endaweni ekude nedolobha, safike sabuka izinkanyezi ebusuku, kungekho ukukhanya kwasedolobheni. Lokho kwenzeka ngesikhathi ngicindezelwa ontanga futhi ngizibuza ukuthi ngizokwazi yini ukuqhubeka ngikhonza uJehova ngokwethembeka. Umama wangikhuthaza ukuba ngicabange ngamandla uJehova awasebenzisa ukuze adale zonke lezo zinkanyezi nokuba ngikhumbule ukuthi angakwazi ukusebenzisa lawo mandla ukuze angisize ngibhekane nanoma yiluphi uvivinyo. Ngemva kokubuka indalo kulolo hambo, ngaba nesifiso sokumazi kangcono uJehova futhi ngazimisela nakakhulu ukumkhonza.”

14. Abazali bangayisebenzisa kanjani indalo ukuze basize izingane zabo zibone ukuthi uJehova unguNkulunkulu ojabulayo?

14 Indalo kaJehova yembula ukuthi unguNkulunkulu ojabulayo nothanda ukuthi kuhlekwe. Ososayensi baye baphawula ukuthi izilwane eziningi ziyadlala, kuhlanganise nezinyoni nezinhlanzi. (Jobe 40:20) Kwake kwenzeka yini izingane zakho zahlekiswa ukubuka isilwane sidlala? Mhlawumbe zike zabona ikati lidlala ngebhola noma imidlwane igingqana phansi. Uma kwenzeka izingane zakho ziphinde zihlekiswa ukubuka isilwane sidlala, kungani ungazikhumbuzi ukuthi sikhonza uNkulunkulu ojabulayo?​—1 Thim. 1:11.

JABULELANI INDALO KAJEHOVA NJENGOMNDENI

Izingane zakho zingakhululeka kakhudlwana futhi kube lula ukuba zikutshele indlela ezizizwa ngayo lapho nijabulela indalo ndawonye (Bheka isigaba 15)

15. Yini engasiza abazali benze izingane ziveze ezikucabangayo? (IzAga 20:5) (Bheka nesithombe.)

15 Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima kubazali ukwenza izingane zikhulume ngezinkinga zazo. Uma ubhekene nesimo esinjalo, kungase kudingeke usize izingane zakho ziveze ezikucabangayo. (Funda izAga 20:5.) Abanye abazali bakuthola kulula ukwenza lokho lapho bebuka indalo nezingane zabo. Kungani? Esinye isizathu ukuthi ziba mbalwa izinto eziphazamisa izingane nabazali. Ubaba waseTaiwan okuthiwa uMasahiko usho esinye isizathu: “Lapho sichitha isikhathi nezingane zethu ngaphandle​—siqwala izintaba noma sizihambela ebhishi—​ngokuvamile ziyakhululeka. Ngenxa yalokho, sikuthola kulula ukuzenza ziveze ezikucabangayo.” UKatya, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Lapho isikole sesiphumile, umama wayevame ukungiyisa epaki elihle. Kuleyo ndawo enokuthula, kwakuba lula ukumtshela okwenzeke esikoleni noma okungikhathazayo.”

16. Imindeni ingayisebenzisa kanjani indalo kaJehova lapho iziphumulele futhi izithokozisa?

16 Indalo kaJehova ingenza nokuba imindeni ibe nesikhathi sokuphumula nesokuzithokozisa, ngaleyo ndlela isondelane nakakhulu. IBhayibheli lithi kukhona ‘isikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ (UmSh. 3:1, 4, mbhw.) Ngezinto azidalile, uJehova usinike izindawo ezinhle esingajabulela kuzo izinto ezakhayo ezimnandi. Imindeni eminingi iyathanda ukuvakashela esiqiwini, endaweni yasemakhaya, ezintabeni noma ebhishi. Ezinye izingane ziyakuthanda ukudlala epaki, ukubuka izilwane noma ukubhukuda emfuleni, edanyini noma olwandle. Sinamathuba amahle ngempela okuzijabulisa lapho singaphandle sibuka izinto uJehova azenzile!

17. Kungani abazali kufanele basize izingane zabo zijabulele indalo kaNkulunkulu?

17 Ezweni elisha likaNkulunkulu, abazali nezingane bazojabulela indalo kaJehova ngezinga abangakaze bayijabulele ngalo ngaphambili. Ngaleso sikhathi, ngeke sibe naso isizathu sokwesaba izilwane; nazo ngeke zisesabe. (Isaya 11:6-9) Sizojabulela izinto ezenziwe uJehova kuze kube phakade. (IHu. 22:26) Kodwa bazali, ningalindi kuze kube yileso sikhathi ngaphambi kokuba nisize izingane zenu zijabulele indalo. Njengoba nisebenzisa indalo ukuze nifundise izingane zenu ngoJehova, cishe ziyovumelana nalokho okwashiwo iNkosi uDavide: “O Jehova, . . . ayikho imisebenzi efana neyakho.”​—IHu. 86:8.

INGOMA 134 Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

a Abafowethu nodadewethu abaningi banezinkumbulo ezimnandi zesikhathi abasichitha nabazali babo abangamaKristu bejabulela indalo. Bayayikhumbula indlela abazali babo abasebenzisa ngayo lezo zikhathi ukuze babafundise ngobuntu bukaJehova. Uma unezingane, ungayisebenzisa kanjani indalo ukuze uzifundise ngezimfanelo zikaNkulunkulu? Lesi sihloko sizophendula lowo mbuzo.