Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 12

INGOMA 77 Ukukhanya Ezweni Elimnyama

Gwema Ubumnyama—Hlale Usekukhanyeni

Gwema Ubumnyama—Hlale Usekukhanyeni

“Nanikade niwubumnyama kodwa manje seniwukukhanya.”EFE. 5:8.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Esingakufunda egameni elithi ubumnyama nelithi ukukhanya uPawulu awasebenzisa kweyabase-Efesu isahluko 5.

1-2. (a) UPawulu wayekusiphi isimo ngesikhathi ebhalela abase-Efesu incwadi? (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

 NGESIKHATHI eboshelwe endlini eRoma, umphostoli uPawulu wayefuna ukukhuthaza akholwa nabo. Wayengakwazi ukubavakashela ngokoqobo, ngakho wababhalela izincwadi. Enye yalezo zincwadi wayibhalela abase-Efesu cishe ngawo-60 noma ngawo-61 C.E.—Efe. 1:1; 4:1.

2 Cishe eminyakeni eyishumi ngaphambili, uPawulu wayechithe isikhathi esithile e-Efesu, eshumayela futhi efundisa izindaba ezinhle. (IzE. 19:​1, 8-10; 20:​20, 21) Wayebathanda kakhulu abafowabo efuna nokubasiza bahlale bethembekile kuJehova. Kodwa kungani abhalela amaKristu agcotshiwe ngobumnyama nangokukhanya? Yiziphi izifundo ezingafundwa yiwo wonke amaKristu kulokho akubhala? Ake sixoxe ngezimpendulo zale mibuzo.

BASUKA EBUMNYAMENI BAYA EKUKHANYENI

3. Yimaphi amagama uPawulu awasebenzisa encwadini ayibhalela abase-Efesu?

3 UPawulu wabhalela amaKristu ase-Efesu: “Nanikade niwubumnyama kodwa manje seniwukukhanya.” (Efe. 5:8) UPawulu lapha wasebenzisa igama elithi ubumnyama nelithi ukukhanya ukuze achaze indlela abase-Efesu abase beshintshe ngayo kulokho ababeyikho ngaphambili. Ake sixoxe ngokuthi kungani uPawulu athi abase-Efesu ‘babekade bewubumnyama.’

4. Abase-Efesu babesebumnyameni obungokwenkolo ngamuphi umqondo?

4 Ubumnyama obungokwenkolo. Ngaphambi kokuba bafunde iqiniso futhi babe amaKristu, abase-Efesu uPawulu ababhalela babeyizigqila zemibono yenkolo yamanga nezinkolelo-ze. Idolobha lase-Efesu lalinethempeli elidumile lika-Arthemisi, ngaleso sikhathi abantu abaningi babelibheka njengesakhiwo esihle kunazo zonke ezake zaba khona. Abantu ababekhonza kulelo thempeli babekhulekela izithombe. Izingcweti zazenza imali eningi ngokudayisa izithombe zethempeli nezikankulunkulukazi u-Arthemisi. (IzE. 19:​23-27) Ngaphezu kwalokho, idolobha lalaziwa ngokuba nabantu abenza imilingo.—IzE. 19:19.

5. Abase-Efesu babesebumnyameni endleleni yokuziphatha ngamuphi umqondo?

5 Ubumnyama endleleni yokuziphatha. Abantu base-Efesu babaziwa ngokuziphatha okunyanyekayo okuhambisana nendelelo. Kwakujwayelekile ukuzwa inkulumo eyichilo ezinkundleni zeshashalazi ezisedolobheni ngisho nasemikhosini yenkolo. (Efe. 5:3) Abaningi ‘babengasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle,’ ngokwezwi nezwi okusho ukuthi “babengasabuzwa ubuhlungu.” (Efe. 4:​17-19) Ngaphambi kokuba abase-Efesu bafunde ukuthi yini ngempela elungile nengalungile, onembeza babo babengasebenzi futhi babecabanga ukuthi kwakungadingeki balandise kuJehova ngezenzo zabo. Yingakho uPawulu ayengabachaza ngokuthi ‘basebumnyameni ngengqondo futhi bahlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu.’

6. Kungani uPawulu ayengathi kwabase-Efesu “manje seniwukukhanya”?

6 Kodwa abanye kwabase-Efesu abahlalanga besebumnyameni. UPawulu wabhala ‘manje base bewukukhanya ngokuqondene neNkosi.’ (Efe. 5:8) Base bephila ngokuvumelana nokukhanya kwamaqiniso aseBhayibhelini. (IHu. 119:105) Abase-Efesu base beyiyekile imikhuba yenkolo yamanga nokuziphatha okubi. Base ‘bengabalingisi bakaNkulunkulu,’ babenza konke okusemandleni abo ukuze bakhonze uJehova bamjabulise.—Efe. 5:1.

7. Iyiphi indlela esifana ngayo namaKristu amaningi ase-Efesu?

7 Ngendlela efanayo, ngaphambi kokuba sifunde iqiniso, sasisebumnyameni ngokwenkolo nangokuziphatha. Abanye kithi babegubha amaholidi enkolo yamanga; abanye babeziphatha kabi. Kodwa lapho sifunda ngemithetho kaJehova yokulungile nokungalungile senza izinguquko. Saqala ukuphila ngokuvumelana nemithetho yakhe. Ngenxa yalokho, siye sazuza kakhulu. (Isaya 48:17) Kodwa manje, siyaqhubeka sibhekana nezinkinga. Kudingeka sibubalekele ubumnyama esabushiya ‘siqhubeke sihamba njengabantwana bokukhanya.’ Singakwenza kanjani lokho?

Image digitally reproduced with the permission of the Papyrology Collection, Graduate Library, University of Michigan, P.Mich.inv. 6238. Licensed under CC by 3.0

Lokho uPawulu akubhalela abase-Efesu yiseluleko esinothando nathi esingasisebenzisa namuhla (Bheka isigaba 7) b


GWEMA UBUMNYAMA

8. Ngokweyabase-Efesu 5:​3-5, yini abase-Efesu okwakudingeka bayigweme?

8 Funda eyabase-Efesu 5:​3-5. Ukuze abalekele ukuziphatha okubi, amaKristu ase-Efesu kwakumele aqhubeke egwema imikhuba engamjabulisi uJehova. Lokho kwakungahlanganisi nje kuphela ukuziphatha okubi ngokocansi, kodwa kwakuhlanganisa nenkulumo eyichilo. UPawulu wawakhumbuza ukuthi kwakumele azigweme lezi zinto uma efuna ukuba “nefa eMbusweni kaKristu nokaNkulunkulu.”

9. Kungani kufanele senqabe noma yini engasenza siziphathe kabi ngokocansi?

9 Nathi kumele siqhubeke silwa ukuze singahlanganyeli “emisebenzini engatheli yobumnyama.” (Efe. 5:11) Kuyiqiniso ukuthi lapho umuntu ebuka, elalela noma ekhuluma ngezinto ezingcolile kuba lula ukuba enze okungalungile. (Gen. 3:6; Jak. 1:​14, 15) Kwelinye izwe, iqembu labazalwane laba “abangani” enkundleni yokuxhumana. Abaningi kula bazalwane baqale bakhuluma ngezinto ezingokomoya. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, baqala ukukhuluma ngezinto ezingamjabulisi uJehova. Izikhathi eziningi base bekhuluma ngocansi. Kamuva abaningi kula bazalwane bavuma ukuthi le ngxoxo engahlanzekile yabenza baziphatha kabi ngokocansi.

10. USathane uzama kanjani ukusikhohlisa? (Efesu 5:6)

10 Izwe likaSathane lizama ukusikhohlisa ukuze lisenze sikholelwe ukuthi lokho uJehova akubiza ngokuthi ukuziphatha okubi nokungcolile akukubi neze. (2 Pet. 2:19) Lokhu akusimangazi! Elinye iqhinga likaDeveli aselisebenzise isikhathi eside ukudida abantu ukuze bangakwazi ukuqonda ukuthi yini elungile nengalungile. (Isaya 5:20; 2 Kor. 4:4) Yingakho nje amamuvi amaningi, izinhlelo zethivi namawebusayithi kukhuthaza izinto ezingavumelani nemithetho kaJehova yokulungile! USathane uzama ukusikhohlisa ukuze asenze sicabange ukuthi ukwenza imikhuba engcolile nokuziphatha kabi akukhona nje ukuthi kwamukelekile, kodwa kuyajabulisa futhi akulimazi.—Funda eyabase-Efesu 5:6.

11. Okwenzeka ku-Angela kukubonisa kanjani ukubaluleka kokusebenzisa iseluleko esihlakaniphile esitholakala kweyabase-Efesu 5:7? (Bheka nesithombe.)

11 USathane ufuna sizihlanganise nabantu abenza kube nzima ukulalela imithetho kaJehova. Yingakho uPawulu anxusa abase-Efesu: “Ningahlanganyeli kanye nabo,” okuwukuthi labo abenza izinto ezimbi emehlweni kaNkulunkulu. (Efe. 5:7) Kudingeka sikhumbule ukuthi abantu esizihlanganisa nabo akubona kuphela labo esichitha nabo isikhathi ngokoqobo. Bahlanganisa nalabo esixoxa nabo ezinkundleni zokuxhumana, ingozi abase-Efesu lasendulo ababengachayekile kuyo. U-Angela, a ohlala e-Asia, wabona ukuthi izinkundla zokuxhumana zingaba yingozi kangakanani. Uthi: “Zingaba isicupho, kancane kancane zishintshe indlela ocabanga ngayo. Kwase kungasangikhathazi ukuba ‘nabangani’ abangazihloniphi izimiso zeBhayibheli. Ngokushesha, ngaqala ukucabanga ukuthi kwakungenankinga ukuphila ngendlela engamjabulisi uJehova.” Siyabonga ngokuthi abadala abanothando basiza u-Angela wenza ushintsho olwaludingeka. Uthi: “Manje ngigxila ezintweni ezijabulisa uJehova kunokuba ngigxile ezinkundleni zokuxhumana.”

Ukuthi sizokwazi yini ukunamathela emithethweni kaJehova kuncike kakhulu ekutheni obani esikhetha ukuba babe abangani bethu (Bheka isigaba 11)


12. Yini ezosisiza sinamathele emithethweni kaJehova yokulungile nokungalungile?

12 Kumele silwe nokucabanga kwezwe elithi ukuziphatha okubi kwamukelekile. Siyazi ukuthi akulungile. (Efe. 4:​19, 20) Senza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe ngigwema noma yikuphi ukuzihlanganisa ngokungenasidingo nabantu engisebenza nabo, engifunda nabo noma abanye abangayihloniphi imithetho kaJehova yokulungile? Ingabe nginamathela ngesibindi emithethweni kaJehova ngisho nalapho abanye bethi anginawo umqondo ovulekile?’ Njengoba kuboniswe kweyesi-2 Thimothewu 2:​20-22, kungase kudingeke siqaphe nalapho sikhetha abangani ebandleni lobuKristu. Kumele sikhumbule ukuthi abanye ngeke basisize ukuba sihlale sithembekile ekukhonzeni uJehova.

HAMBANI “NJENGABANTWANA BOKUKHANYA”

13. Kusho ukuthini ‘ukuqhubeka sihamba njengabantwana bokukhanya’? (Efesu 5:​7-9)

13 UPawulu akagcinanga nje ngokukhuthaza amaKristu ase-Efesu ukuba aqhubeke enqaba ubumnyama kodwa wawakhuthaza nokuba ‘aqhubeke ehamba njengabantwana bokukhanya.’ (Funda eyabase-Efesu 5:​7-9.) Kusho ukuthini lokho? Ngamazwi alula, kusho ukuziphatha njengamaKristu eqiniso ngaso sonke isikhathi. Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukufunda nokutadisha iBhayibheli nezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini ngenkuthalo. Kubaluleke nakakhulu ukunakisisa isibonelo nezimfundiso zikaJesu Kristu, ‘owukukhanya kwezwe.’—Joh. 8:12; IzAga 6:23.

14. Umoya ongcwele ungasisiza kanjani?

14 Sidinga nosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu ukuze siqhubeke siziphatha “njengabantwana bokukhanya.” Kungani? Kungenxa yokuthi kuyinselele ngempela ukuhlala sihlanzekile kuleli zwe eliziphatha kabi. (1 Thes. 4:​3-5, 7, 8) Umoya ongcwele ungasisiza silwe nokucabanga kwaleli zwe, okuhlanganisa amafilosofi alo nemibono yalo engqubuzana nokucabanga kukaNkulunkulu. Umoya ongcwele ungasisiza nokuba sibe nazo “zonke izinhlobo zobuhle nokulunga.”—Efe. 5:9.

15. Yiziphi izindlela esingathola ngazo umoya ongcwele? (Efesu 5:​19, 20)

15 Enye indlela esingathola ngayo umoya ongcwele ukuba siwuthandazele. UJesu wathi uJehova “uyobapha . . . umoya ongcwele labo abawucela kuye.” (Luka 11:13) Umoya ongcwele siyawuthola nalapho sidumisa uJehova ndawonye emihlanganweni yobuKristu. (Funda eyabase-Efesu 5:​19, 20.) Umoya ongcwele kaNkulunkulu uzosisiza siphile ngendlela ejabulisa uNkulunkulu.

16. Yini ezosisiza senze izinqumo ezihlakaniphile? (Efesu 5:​10, 17)

16 Lapho kudingeka senze izinqumo ezibalulekile, kudingeka siqonde “ukuthi iyini intando kaJehova” bese senza ngokuvumelana nayo. (Funda eyabase-Efesu 5:​10, 17.) Lapho sikwazi ukubona izimiso zeBhayibheli ezisebenza esimweni esibhekene naso, empeleni sisuke sifuna ukuthola ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngaleyo ndaba. Njengoba sisuke sisebenzisa izimiso zakhe, cishe siyokwenza izinqumo ezihlakaniphile.

17. Kuhilelani ukusisebenzisa kahle isikhathi sethu? (Efesu 5:​15, 16) (Bheka nesithombe.)

17 UPawulu wayala nokuba amaKristu ase-Efesu asisebenzise kahle isikhathi sawo. (Funda eyabase-Efesu 5:​15, 16.) “Omubi,” isitha sethu uSathane, angathanda ukusigcina simatasa ngezinto zaleli zwe size singabi naso isikhathi sokukhonza uNkulunkulu. (1 Joh. 5:19) UmKristu angase aqale ukugxila ekwenzeni imali, emfundweni yezwe noma emsebenzini kunokuba agxile ezindleleni eziningi angakhonza ngazo uJehova. Uma lokho kwenzeka, kuyosho ukuthi useqala ukuthonywa ukucabanga kwezwe. Yiqiniso, lezi zinto azizimbi, kodwa akufanele neze zize kuqala ekuphileni kwethu. Ukuze sihambe “njengabantwana bokukhanya,” kudingeka ‘sisisebenzise kahle isikhathi sethu,’ sigxile kokubaluleke ngempela.

AmaKristu ase-Efesu anxuswa ukuba asisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi sawo (Bheka isigaba 17)


18. Yiziphi izinto uDonald azenza ukuze asisebenzise kahle isikhathi sakhe?

18 Waphaphamele amathuba okwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Yilokho okwenziwa uDonald, ohlala eNingizimu Afrika. Uthi: “Ngabuka isimo sami ngancenga uJehova ukuba angisize ngenze okwengeziwe enkonzweni. Ngathandazela ukuthola umsebenzi owawuzongivumela ukuba ngichithe isikhathi esiningi emsebenzini wokushumayela. Ngosizo lukaJehova, ngawuthola lowo msebenzi. Mina nomkami sabe sesingenela inkonzo yesikhathi esigcwele.”

19. Singaqhubeka kanjani sihamba “njengabantwana bokukhanya”?

19 Kumele ukuba incwadi uPawulu ayibhalela abase-Efesu yabasiza ngempela ukuba bahlale bethembekile kuJehova. Leso seluleko esiphefumulelwe singasisiza nathi. Njengoba kuphawuliwe, singasisiza sibakhethe ngokuhlakanipha abangani nendlela esizijabulisa ngayo. Singasikhuthaza ukuba sihlale sisekukhanyeni kweqiniso ngokulitadisha njalo iBhayibheli. Sigcizelela nokubaluleka komoya ongcwele, ongasenza sibe nezimfanelo ezinhle. Ukusebenzisa lokho okwabhalwa uPawulu kungasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile, ezivumelana nokucabanga kukaJehova. Uma senza lezi zinto, siyokwazi ukugwema ubumnyama baleli zwe sihlale sisekukhanyeni!

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Bubhekisela kuphi “ubumnyama” ‘nokukhanya’ okukhulunywe ngabo kweyabase-Efesu 5:8?

  • Singabugwema kanjani “ubumnyama”?

  • ‘Singaqhubeka’ kanjani ‘sihamba njengabantwana bokukhanya’?

INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu

a Amanye amagama ashintshiwe.

b INCAZELO YESITHOMBE: Lapha kuboniswe isithombe sasendulo sencwadi kaPawulu ayibhalela abase-Efesu.