INKULUMO ESEBHAYIBHELINI
Ukuthethelelwa Kwezono Ezenzeka Ngaphambi Kokuba Kube Nesihlengo
Izono zethu zingathethelelwa kuphela ngomhlatshelo wesihlengo owakhokhwa uJesu ngegazi lakhe. (Efe. 1:7) Nokho, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu ngenxa yokubekezela kwakhe wayethethelela izono ezenzeka esikhathini esidlule,” okuwukuthi, ngaphambi kokuba uJesu abe yisihlengo. (Roma 3:25) UJehova wayengazithethelela kanjani izono ngaphambi kokuba kukhokhwe isihlengo kodwa aqhubeke enguNkulunkulu wobulungisa?
Ngokombono kaJehova, ngesikhathi enquma ukuba kube ‘nenzalo’ eyayizosindisa isintu esibonisa ukholo kwakufana nokuthi sesikhokhiwe kakade isihlengo. (Gen. 3:15; 22:18) UNkulunkulu wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi ngesikhathi sakhe esifanele, iNdodana yakhe okuwukuphela kwayo ngokuzithandela yayizoba isihlengo. (Gal. 4:4; Heb. 10:7-10) Ngesikhathi uJesu esesemhlabeni njengommeleli kaNkulunkulu, wayenegunya lokuthethelela izono ngaphambi kokuba kube nelungiselelo lesihlengo. UJesu wayengazithethelela izono zalabo ababenokholo ngenxa yokuthi wayazi ukuthi umhlatshelo ayezowunikela wawuzozithethelela izono zabo.—Math. 9:2-6.