Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe IBhayibheli Lisakuguqula Ukuphila Kwakho?

Ingabe IBhayibheli Lisakuguqula Ukuphila Kwakho?

“Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.”—ROMA 12:2.

IZINGOMA: 61, 52

1-3. (a) Yiziphi izinguquko esingase sikuthole kunzima ukuzenza ngemva kokubhapathizwa? (b) Lapho ukwenza intuthuko kunzima kunalokho ebesikulindele, yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona? (Bheka izithombe ezisekuqaleni.)

KWASE kuyiminyaka uKevin egembula, ebhema, eyisidakwa futhi esebenzisa izidakamizwa. [1] (Bheka umbhalo osekugcineni.) Wabe esefunda ngoJehova futhi wafuna ukuba umngane wakhe. Kodwa ukuze enze lokho, kwadingeka enze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe. Wakwazi ukwenza izinguquko ngosizo lukaJehova nangamandla eZwi laKhe, iBhayibheli.—Hebheru 4:12.

2 Ngemva kokuba uKevin esebhapathiziwe, kwakusadingeka enze izinguquko ebuntwini bakhe ukuze abe umKristu ongcono. (Efesu 4:31, 32) Ngokwesibonelo, wayengumuntu onesififane. Kwammangaza ukuthola ukuthi kunzima kangakanani ukufunda ukulawula intukuthelo yakhe. Eqinisweni, uKevin wathi ukufunda ukulawula intukuthelo empeleni yikona okwakunzima kakhulu kunokuyeka izinto ezimbi ayezenza ngaphambi kokuba abhapathizwe! Kodwa wakwazi ukwenza izinguquko ngokuncenga uJehova ukuba amsize nangokutadisha iBhayibheli ngokujulile.

3 Ngaphambi kokuba sibhapathizwe, iningi lethu kwadingeka lenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwalo ukuze liphile ngokuvumelana nezimfundiso zeBhayibheli. Kodwa ngisho namanje, siyaqaphela ukuthi kunezinguquko ezincane okusadingeka sizenze ukuze sifane kakhudlwana noNkulunkulu noKristu. (Efesu 5:1, 2; 1 Petru 2:21) Ngokwesibonelo, singase siphawule ukuthi sikhononda njalo noma sinomkhuba wokuhleba futhi sikhulume kabi ngabanye. Noma, ngezinye izikhathi ukwesaba abantu kungase kusivimbele ekwenzeni okulungile. Mhlawumbe sekuyiminyaka silokhu sizama ukwenza izinguquko kodwa namanje sisaqhubeka senza amaphutha afanayo. Ngakho singase sizibuze: ‘Kungani ngikuthola kunzima kangaka ukwenza lezi zinguquko ezincane? Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngisebenzise lokho iBhayibheli elikushoyo ukuze ngiqhubeke ngithuthukisa ubuntu bami?’

UNGAMJABULISA UJEHOVA

4. Kungani singenakukwazi ukujabulisa uJehova kukho konke esikwenzayo?

4 Siyamthanda uJehova, futhi sifisa ngayo yonke inhliziyo yethu ukumjabulisa. Kodwa ngokudabukisayo, asikwazi ukumjabulisa ngaso sonke isikhathi ngenxa yokuthi asiphelele. Sivame ukuzizwa njengomphostoli uPawulu, owathi: “Amandla okufisa akhona kimi, kodwa amandla okwenza okuhle awekho.”Roma 7:18; Jakobe 3:2.

5. Yiziphi izinguquko esazenza ngaphambi kokuba sibhapathizwe, kodwa yikuphi ukushiyeka okungenzeka sisalwa nakho?

5 Ngaphambi kokuba sibe yingxenye yebandla, kwadingeka siyeke ukwenza izinto uJehova azizondayo. (1 Korinte 6:9, 10) Kodwa sisengabantu abangaphelele. (Kolose 3:9, 10) Ngakho siyaqhubeka senza amaphutha ngisho noma sekuyiminyaka eminingi sabhapathizwa. Ngezinye izikhathi, singase sibe nezifiso nemizwa engalungile, noma sikuthole kunzima ukulawula ubuthakathaka esinabo ebuntwini bethu. Empeleni, kungase kudingeke silwe nobuthakathaka obufanayo iminyaka eminingi.

6, 7. (a) Yini eyenza sikwazi ukuba abangane bakaJehova naphezu kokungapheleli kwethu? (b) Kungani kungafanele singabaze ukucela uJehova ukuba asithethelele?

6 Nakuba singaphelele, sisengaba abangane bakaJehova futhi simkhonze. Ungakhohlwa ukuthi waba kanjani umngane kaJehova kwasekuqaleni. Nguye owabona okuthile okuhle kuwe futhi wafuna ukuba umazi. (Johane 6:44) Wayazi nokuthi ubuthakathaka futhi uyashiyeka nokuthi uzowenza amaphutha. Noma kunjalo, uJehova wayesafuna ukuba ube umngane wakhe.

7 UJehova wasithanda kangangokuba wasinika isipho esiyigugu. Wathumela iNdodana yakhe uJesu emhlabeni ukuze inikele ngokuphila kwayo njengesihlengo sezono zethu. (Johane 3:16) Lapho senze isono, singacela uJehova ukuba asithethelele. Ngenxa yesihlengo, singaqiniseka ngokuthi uzosithethelela nokuthi sizoqhubeka singabangane bakhe. (Roma 7:24, 25; 1 Johane 2:1, 2) Khumbula ukuthi uJesu wafela izoni eziphendukayo. Ngakho ngisho noma sinomuzwa wokuthi senze isono esikhulu, akumelwe neze siyeke ukuthandaza kuJehova sicele ukuba asithethelele. Ukungayiceli intethelelo yakhe, kungafana nokwenqaba ukugeza izandla ezingcolile. Ave sibonga ngokuthi uJehova usivulele ithuba lokuba abangane bakhe nakuba singaphelele!—Funda eyoku-1 Thimothewu 1:15.

Uma sifuna ukusondelana noJehova, kumelwe siqhubeke sizama ukulingisa yena neNdodana yakhe

8. Kungani kungafanele sibushalazelele ubuthakathaka bethu?

8 Yiqiniso ukuthi asinakubushalazelela ubuthakathaka bethu noma silokhu sibeka izaba ngabo. UJehova usitshelile ukuthi ufuna abangane bakhe babe abantu abanjani. (IHubo 15:1-5) Ngakho uma sifuna ukusondelana naye, kumelwe siqhubeke sizama ukulingisa yena neNdodana yakhe. Kumelwe sizame nokulawula izifiso zethu ezingalungile futhi singase sikwazi ngisho nokunqoba ezinye zazo. Kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi eside kangakanani sabhapathizwa, kumelwe siqhubeke sithuthukisa ubuntu bethu.—2 Korinte 13:11.

9. Sazi kanjani ukuthi singaqhubeka sigqoka ubuntu obusha?

9 Umphostoli uPawulu watshela amaKristu: “[Nifundisiwe] ukuthi kufanele nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili futhi obonakaliswayo ngokwezifiso zabo zenkohliso; kodwa ukuthi kufanele [niqhubeke] nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu, futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.” (Efesu 4:22-24) Lokhu kusho ukuthi kudingeka siqhubeke sizama ukwenza izinguquko futhi ‘sigqoke ubuntu obusha.’ Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sesimkhonze isikhathi eside kangakanani uJehova, kuyohlale kunokwengeziwe esingakufunda ngezimfanelo zakhe. IBhayibheli lingasisiza siqhubeke senza izinguquko ebuntwini bethu ukuze sifane naye kakhudlwana.

KUNGANI KUNZIMA KANGAKA?

10. Yini okumelwe siyenze ukuze siqhubeke senza izinguquko ngosizo lweBhayibheli, futhi yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona?

10 Sonke siyafuna ukwenza lokho iBhayibheli elikushoyo. Kodwa kudingeka sizikhandle uma sifuna ukuqhubeka senza izinguquko. Kungani kudingeka sizikhandle kangako? Ubengeke yini uJehova akwazi ukusenzela kube lula ukwenza okulungile?

11-13. Kungani uJehova elindele ukuba senze umzamo wokunqoba ubuthakathaka bethu?

11 Lapho sicabanga ngomhlaba namazulu nakho konke okukukho, asingabazi neze ukuthi uJehova unamandla okwenza noma yini. Ngokwesibonelo, wadala ilanga elinamandla amakhulu. Umzuzwana ngamunye, ilanga likhipha ukukhanya nokushisa okukhulu kakhulu, noma kunjalo, amandla amancane nje kulawa adingekayo ukuze izinto eziphilayo ziqhubeke zikhona emhlabeni. (IHubo 74:16; Isaya 40:26) UJehova unikeza nezinceku zakhe ezisemhlabeni amandla lapho ziwadinga. (Isaya 40:29) Ngokusobala, ukube uJehova ubefuna, ubengenza kube lula kakhulu ngathi ukulwa nobuthakathaka bethu nokuba siyeke ukuba nezifiso ezingalungile. Pho kungani engakwenzi lokhu?

12 UJehova usinikeze inkululeko yokuzikhethela. Uyasivumela ukuba sizikhethele ukuthi sizomlalela yini noma cha. Lapho sikhetha ukumlalela futhi sizikhandla ukuze senze intando yakhe, sibonisa ukuthi siyamthanda nokuthi sifuna ukumjabulisa. USathane umi kwelokuthi uJehova akanalo ilungelo lokubusa. Kodwa lapho silalela uJehova, sibonisa ukuthi sifuna abe uMbusi wethu. Kanti singaqiniseka ngokuthi uBaba wethu onothando uyazisa yonke imizamo esiyenzayo ukuze simlalele. (Jobe 2:3-5; IzAga 27:11) Lapho sizikhandla ukuze silawule ubuthakathaka bethu ngisho noma kungelula ukwenza kanjalo, sibonisa ukuthi siqotho kuJehova nokuthi sifuna abe uMbusi wethu.

13 UJehova usiyala ukuba sizikhandle ukuze silingise izimfanelo zakhe. (Kolose 3:12; funda eyesi-2 Petru 1:5-7.) Ulindele nokuba sizikhandle ukuze silawule imicabango nemizwa yethu. (Roma 8:5; 12:9) Noma nini lapho kudingeka sisebenze kanzima ukuze senze izinguquko bese siphumelela, sijabula kakhulu.

VUMELA IZWI LIKANKULUNKULU LIQHUBEKE LIKUGUQULA

14, 15. Yini esingayenza ukuze sihlakulele izimfanelo ezithandwa nguJehova? (Bheka ibhokisi elithi “ IBhayibheli Nomthandazo Kwashintsha Ukuphila Kwabo.”)

14 Yini okumelwe siyenze ukuze sihlakulele izimfanelo ezithandwa nguJehova? Kunokuvele sizinqumele nje ukuthi yikuphi lapho kudingeka senze khona izinguquko, kudingeka sivumele uNkulunkulu ukuba asiqondise. EyabaseRoma 12:2 ithi: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” Ngakho, ukuze sithole ukuthi yini uJehova ayifunayo, kudingeka sincike osizweni alunikezayo. Kumelwe sifunde iBhayibheli nsuku zonke, sizindle ngalokho esikufundayo futhi sithandaze kuJehova ukuba asinike umoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Uma senza lezi zinto, uJehova angasisiza siqonde ukuthi yini emjabulisayo futhi nathi singafunda ukucabanga njengaye. Ngenxa yalokho, esikucabangayo, esikushoyo nesikwenzayo kuyomjabulisa ngokwengeziwe uJehova, futhi siyofunda ukuthi singabulawula kanjani ubuthakathaka bethu. Kodwa ngisho nalapho, kuyodingeka siqhubeke silwa nabo.—IzAga 4:23.

Gcina izihloko ozithole ezincwadini zethu noma imiBhalo eseBhayibhelini okukusiza ulwe nobuthakathaka bakho, bese uphinde ukufunda ngezinye izikhathi (Bheka isigaba 15)

15 Ngaphandle kokulifunda nsuku zonke iBhayibheli, kudingeka futhi silitadishe ngosizo lwezincwadi zethu ezinjenge-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Izihloko eziningi kulab’ omagazini zisifundisa indlela esingazilingisa ngayo izimfanelo zikaJehova nendlela esingalwa ngayo nobuthakathaka bethu. Singase sithole izihloko noma imiBhalo ewusizo ngokukhethekile kithi. Singayigcina le miBhalo nalezi zihloko ukuze siphinde sikufunde ngezinye izikhathi.

16. Kungani kungafanele sidikibale lapho singakwazi ukwenza izinguquko ngokushesha?

16 Kuthatha isikhathi ukufunda ukulingisa izimfanelo zikaJehova. Ngakho, uma ubona sengathi awenzanga izinguquko eziningi ngendlela obungafisa ngayo, bekezela. Ekuqaleni, kungase kudingeke uziphoqe ukuba wenze lokho iBhayibheli elikushoyo. Kodwa njengoba uqhubeka ucabanga futhi uziphatha ngendlela uJehova ayifunayo, kuzoya kuba lula ukucabanga njengaye nokwenza okulungile.—IHubo 37:31; IzAga 23:12; Galathiya 5:16, 17.

CABANGA NGEKUSASA LETHU ELIMANGALISAYO

17. Uma siqotho kuJehova, yiliphi ikusasa elijabulisayo esingalilindela?

17 Silangazelela isikhathi lapho siyobe sesiphelele khona futhi sikhonza uJehova phakade. Ngaleso sikhathi, ngeke kudingeke silwe nanoma yibuphi ubuthakathaka futhi siyokuthola kulula kakhulu ukulingisa uJehova. Kodwa ngisho namanje siyakwazi ukujabulisa uJehova ngenxa yesihlengo asiphe sona. Nakuba singaphelele, singakwazi ukumjabulisa uma siqhubeka sizikhandla ukuze senze izinguquko futhi silalela lokho asifundisa kona eBhayibhelini.

18, 19. Singaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli linawo amandla okuqhubeka liguqula ukuphila kwethu?

18 UKevin wenza konke ayengakwenza ukuze alawule intukuthelo yakhe. Wazindla ngalokho ayekufunda eBhayibhelini futhi wazama kanzima ukwenza izinguquko ekuphileni kwakhe. Walalela neseluleko ayesinikwa amaKristu ayekanye nawo. Nakuba kwathatha iminyaka ukuba uKevin athuthuke, ngokuhamba kwesikhathi wakwazi ukukhonza njengenceku ekhonzayo. Kanti kule minyaka engu-20 edlule, ubelokhu ekhonza njengomdala. Kodwa ngisho namanje, uyazi ukuthi kudingeka aqhubeke elwa nobuthakathaka bakhe.

19 NjengoKevin, singaqhubeka sithuthukisa ubuntu bethu. Uma senza kanjalo, siyoqhubeka sisondelana noJehova. (IHubo 25:14) Kanti uma senza konke esingakwenza ukuze senze izinguquko ezizomjabulisa, uzosisiza siphumelele. Singaqiniseka ngokuthi ngosizo lweBhayibheli, singakwazi ukuqhubeka senza izinguquko ekuphileni kwethu.—IHubo 34:8.

^ [1] (isigaba 1) Igama lishintshiwe.