Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando

Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando

‘Yibani nokuthula phakathi kwenu.’—MARKU 9:50.

IZINGOMA: 39, 77

1, 2. Yiziphi izingxabano zabantu okukhulunywa ngazo kuGenesise, futhi kungani sithanda ukwazi ngazo?

WAKE wacabanga yini ngezingxabano okukhulunywa ngazo eBhayibhelini? Ezahlukweni ezimbalwa nje zokuqala zikaGenesise sifunda ukuthi uKhayini wabulala u-Abela (Genesise 4:3-8); uLameka wabulala insizwa eyayimshayile (Genesise 4:23); abelusi bezimvu zika-Abrahama baxabana nabelusi bezimvu zikaLoti (Genesise 13:5-7); uHagari wazibona engcono kunoSara, futhi uSara wathukuthelela u-Abrahama (Genesise 16:3-6); u-Ishmayeli wayemelene nawo wonke umuntu kanti wonke umuntu wayemelene naye.—Genesise 16:12.

2 Kungani iBhayibheli likhuluma ngalezi zingxabano? Kungenxa yokuthi singafunda kulezi zibonelo zabantu abangaphelele ababenezinkinga ezinkulu. Nathi asiphelele, futhi lapho sinezinkinga ezifanayo ekuphileni, singalingisa izibonelo ezinhle ezitholakala eBhayibhelini futhi sigweme ukulingisa ezimbi. (Roma 15:4) Lokhu kungasisiza sifunde ukuhlala ngokuthula nabanye.

3. Kuzokhulunywa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko sizofunda ukuthi kungani kudingeka silungise ukungaboni ngaso linye, noma sixazulule izingxabano, nokuthi singakwenza kanjani lokho. Sizofunda nangezimiso zeBhayibheli eziyisisekelo ezingasisiza sixazulule izinkinga futhi sihlale sinobuhlobo obuhle noJehova nabanye.

OKWENZA KUDINGEKE UKUBA IZINCEKU ZIKANKULUNKULU ZILUNGISE UKUNGABONI NGASO LINYE

4. Yisiphi isimo sengqondo esisabalele emhlabeni wonke futhi ube yini umphumela?

4 USathane uyimbangela eyinhloko yokuhlukana nokungezwani okungaka kwabantu. Kungani sisho kanjalo? E-Edene uSathane wathi wonke umuntu angakwazi ukuzinqumela ukuthi yini elungile nengalungile ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu, futhi kufanele azinqumele. (Genesise 3:1-5) Kodwa lapho sibheka emhlabeni namuhla, siyabona ukuthi isimo sengqondo esinjalo sibangela izinkinga nje kuphela. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi banelungelo lokuzinqumela ukuthi yini elungile nengalungile. Bayazazisa, ababacabangeli abanye, banomoya wokuncintisana futhi abanandaba nokuthi izinqumo zabo zibathinta kanjani abanye. Isimo sengqondo esinjalo sibangela izingxabano. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi uma sishesha ukuthukuthela sizolokhu sixabana nabantu futhi sizokona njalo.—IzAga 29:22.

5. UJesu wabafundisa kanjani abantu ukusingatha ukungezwani?

5 Lapho uJesu enikeza iNtshumayelo Yasentabeni wafundisa abafundi bakhe ukuba benze ukuthula futhi bagweme izingxabano, ngisho noma kubonakala sengathi ngeke bazuze ngalokho. Ngokwesibonelo, wabayala ukuba babe nomusa, benze kube nokuthula phakathi kwabo nabanye, balahle imizwa enjengentukuthelo, bakuxazulule ngokushesha ukungezwani nokuba bathande izitha zabo.—Mathewu 5:5, 9, 22, 25, 44.

6, 7. (a) Kungani kubalulekile ukukulungisa ngokushesha ukungezwani? (b) Yimiphi imibuzo okufanele bonke abantu bakaJehova bazibuze yona?

6 Namuhla, sikhulekela uJehova ngokuthandaza, ukushumayela nangokuya emihlanganweni. Uma singakulungisi ukungezwani nabafowethu, uJehova ngeke akwamukele ukukhulekela kwethu. (Marku 11:25) Ukuze uJehova abe umngane wethu, kumelwe sibathethelele abanye lapho besona.—Funda uLuka 11:4; Efesu 4:32.

Ingabe uyashesha ukuthethelela abafowenu?

7 UJehova ulindele ukuba zonke izinceku zakhe zithethelele futhi zibe nokuthula nabanye. Singazibuza: ‘Ingabe ngiyashesha ukuthethelela abafowethu? Ngiyakujabulela yini ukuba nabo?’ Uma ubona ukuthi kudingeka uthethelele kakhudlwana, thandaza kuJehova umcele ukuba akusize. UBaba wethu osezulwini uyoyilalela futhi ayiphendule imithandazo enjalo yokuthobeka.—1 Johane 5:14, 15.

UNGAKWAZI YINI UKUVELE UYIDLULISE INDABA?

8, 9. Yini okufanele siyenze uma kukhona osicasulile?

8 Sonke siyawenza amaphutha, ngakho singalindela ukuba abantu basho noma benze izinto ezingasicasula. (UmShumayeli 7:20; Mathewu 18:7) Uma ubhekana nesimo esinjalo, uyokwenzenjani? Singafunda isifundo esibalulekile kule ndaba elandelayo: Udade wabingelela abafowethu ababili embuthanweni othile. Kodwa omunye walaba bafowethu yamcasula indlela lo dade ayembingelele ngayo. Lapho laba bafowethu sebebodwa, umfowethu owayecasukile waqala ukukhononda ngalo dade. Nokho, lo omunye umfowethu wamkhumbuza ukuthi lo dade wayesekhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka engu-40 naphezu kwezingqinamba eziningi. Wayeqiniseka ukuthi lo dade wayengahlose bubi. Wasabela kanjani umfowethu owayecasukile? Wathi, “Uqinisile.” Wabe esenquma ukuvele ayidlulise indaba.

9 Isifundisani le ndaba? Lapho othile esicasulile, singakhetha ukuthi yini esizoyenza. Umuntu onothando uyathethelela. (Funda izAga 10:12; 1 Petru 4:8.) Lapho ‘seqa isiphambeko’ noma siyidlulisa indaba, lokho kuyinto enhle kuJehova. (IzAga 19:11; UmShumayeli 7:9) Ngakho, lapho kuphinde kuba nomuntu osho noma owenza into ekucasulayo, zibuze: ‘Ngingakwazi yini ukuvele ngiyidlulise le ndaba? Ingabe kufanele ngempela ngilokhu ngicabanga ngayo?’

10. (a) Omunye udade waqale wenzenjani lapho egxekwa? (b) Yimaphi amazwi aseBhayibheli asiza lo dade walondoloza ukuthula?

10 Lapho abanye bekhuluma kabi ngathi, kungaba nzima ukukushalazela abakushoyo. Cabanga ngokwenzeka kudadewethu oyiphayona esizombiza ngokuthi uLucy. Abanye ebandleni babegxeka inkonzo yakhe nendlela asebenzisa ngayo isikhathi sakhe. Waphatheka kabi wabe esecela iseluleko kwabanye abafowethu abavuthiwe. Waba yini umphumela? Uthi basebenzisa iBhayibheli ukuze bamsize ayeke ukucabanga kakhulu ngemibono engemihle yabanye bese eqala ukucabanga kakhulu ngoJehova. Wakhuthazeka lapho efunda uMathewu 6:1-4. (Funda.) Lawo mavesi amkhumbuza ukuthi ukujabulisa uJehova yikona okubaluleke kakhulu. Ngakho wanquma ukungakunaki abakushoyo. Manje, ngisho noma abanye beyigxeka inkonzo yakhe, ujabule ngoba uyazi ukuthi wenza konke okusemandleni ukuze ajabulise uJehova.

LAPHO UNGENAKUKWAZI UKUVELE UYIDLULISE INDABA

11, 12. (a) UmKristu kufanele enzenjani uma ecabanga ukuthi umfowabo ‘unokuthile ngaye’? (b) Yini esingayifunda endleleni u-Abrahama asingatha ngayo umbango? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

11 “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Ake sithi uthola ukuthi omunye umfowethu ucasulwe okuthile okushilo noma okwenzile. Yini okufanele uyenze? UJesu wathi “uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho.” (Mathewu 5:23, 24) Ngakho, khuluma nomfowenu. Lapho wenza kanjalo umgomo wakho kufanele ube ukwenza ukuthula naye. Kufanele uvume iphutha lakho, ungazami ukusola yena. Ukuba nokuthula nabafowethu yikona okubaluleke kakhulu.

Umgomo wethu kufanele ube ukwenza ukuthula nabafowethu

12 IBhayibheli libonisa indlela izinceku zikaNkulunkulu ezingaba ngayo nokuthula lapho kunokungezwani. Ngokwesibonelo, u-Abrahama nomshana wakhe uLoti bobabili babenemfuyo eningi, futhi abelusi bemfuyo yabo baqala ukuxabana ngenxa yokuthi indawo yayingabanele bonke. Ngenxa yokuthi u-Abrahama wayefuna kube nokuthula wavumela uLoti ukuba akhethe indawo enhle kakhulu. (Genesise 13:1, 2, 5-9) Yeka isibonelo esihle asibekela sona! Ingabe u-Abrahama walahlekelwa unomphela ngenxa yokuba nesandla esivulekile? Lutho neze. Ngokushesha ngemva kwalokho uJehova wathembisa ukubusisa u-Abrahama ngokuthile okungaphezu kwalokho okwakumlahlekele. (Genesise 13:14-17) Yini esiyifundayo? Ngisho noma singalahlekelwa, uJehova uyosibusisa uma sixazulula ukungezwani ngothando. [1]—Bheka umbhalo osekugcineni.

13. Omunye umbonisi womnyango othile wasabela kanjani emazwini ahlabayo futhi singafundani esibonelweni sakhe?

13 Cabanga ngesibonelo sosuku lwethu. Umbonisi omusha womnyango othile emhlanganweni wesifunda washayela omunye umfowethu ucingo emcela ukuba asebenze kulowo mnyango. Lo mfowethu wamphendula ngamazwi ahlabayo wabe esevala ucingo ngoba wayesathukuthelele umbonisi owayengamele lowo mnyango ngaphambili. Umbonisi omusha akazange acasuke kodwa wayengenakukushalazela okwakwenzekile. Ngemva kwehora, waphinde wamshayela ucingo lo mfowethu, wacela ukuba babonane. Ngesonto elilandelayo, laba bafowethu bahlangana eHholo LoMbuso, futhi ngemva kokuthandaza kuJehova baxoxa ihora lonke. Umfowethu wachaza okwakwenzekile phakathi kwakhe nombonisi wangaphambili. Umbonisi omusha wamlalela ngomusa, wabe esexoxa naye ngeminye imiBhalo ewusizo. Ngenxa yalokho, laba bafowethu bayilungisa indaba, ngemva kwalokho basebenza ndawonye emhlanganweni. Umfowethu uyabonga ngokuthi umbonisi waxoxa naye ngomusa.

INGABE KUFANELE UBIKELE ABADALA?

14, 15. (a) Kunini lapho kufanele sisebenzise khona iseluleko esikuMathewu 18:15-17? (b) UJesu wakhuluma ngaziphi izinyathelo ezintathu, futhi kufanele ube yini umgomo wethu lapho sizisebenzisa?

14 Izinkinga eziningi phakathi kwamaKristu amabili zingalungiswa ngasese futhi kufanele kube njalo. Nokho, ngezinye izikhathi lokhu akunakwenzeka. Ezinye izimo zingadinga usizo lwabanye ngokusho kukaMathewu 18:15-17. (Funda.) ‘Ukona’ uJesu akhuluma ngakho kulo mBhalo kwakungekona ukuphikisana okungatheni phakathi kwamaKristu. Sazi kanjani? UJesu wathi uma isoni senqaba ukuphenduka ngemva kokukhuluma nomfowabo, ofakazi kanye nabafowethu abamisiwe, kufanele siphathwe “njengomuntu wezizwe nanjengomthelisi.” Namuhla, lokhu kusho ukuthi kufanele leso soni sisuswe ekuhlanganyeleni. Lokhu ‘kona’ kungahlanganisa izinto ezifana nokuphamba noma ukunyundela, kodwa ngeke kuhlanganise izinto ezinjengokuphinga, ubungqingili, ukuhlubuka noma ukukhonza izithombe. Lezi zono nakanjani kudingeka zisingathwe abadala.

Kungase kudingeke ukuba ukhulume ngokuphindaphindiwe nomfowenu ukuze nibe nokuthula (Bheka isigaba 15)

15 Umgomo kaJesu lapho enikeza lesi seluleko kwakuwukusibonisa ukuthi singamsiza kanjani umfowethu ngoba simthanda. (Mathewu 18:12-14) Singasilandela kanjani lesi seluleko? (1) Kufanele sizame ukwenza ukuthula nomfowethu ngaphandle kokuhilela abanye. Kungase kudingeke sikhulume naye ngokuphindaphindiwe. Kodwa kuthiwani uma inkinga ingalungiseki? (2) Kufanele sikhulume nomfowethu kukhona omunye oyaziyo indaba noma ongabona ukuthi kukhona yini okungalungile okwenziwe. Uma inkinga ilungiseka, uyobe “umzuzile umfowenu.” Kodwa ngemva kokuba usukhulume nomfowenu ngokuphindaphindiwe kodwa inkinga yangaxazululeka, khona-ke kufanele (3) ubikele abadala ngaleyo nkinga.

16. Yini ebonisa ukuthi ukulalela iseluleko sikaJesu kuyasiza futhi kubonisa uthando?

16 Ngokuvamile, asibi bikho isidingo sokuzithatha zonke izinyathelo ezitholakala kuMathewu 18:15-17. Lokhu kuyakhuthaza. Kungani sisho kanjalo? Ngoba ezimweni eziningi, isoni siyalibona iphutha laso bese siyilungisa inkinga, okwenza kungabi nasidingo sokuba sisuswe ekuhlanganyeleni. Owoniwe kufanele abe esemthethelela umfowabo ukuze babe nokuthula. Ngakho kusobala eselulekweni sikaJesu ukuthi akudingeki sisheshe sibikele abadala. Kufanele sibike udaba kuphela ngemva kokuba sithathe izinyathelo ezimbili zokuqala futhi kunobufakazi obuphathekayo bokuthi bukhona ububi obenziwe.

17. Yiziphi izibusiso esiyozithola lapho ‘sifuna ukuba nokuthula’ nabanye?

17 Uma nje singakapheleli, sizoqhubeka sona abanye. Umfundi uJakobe wabhala: “Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.” (Jakobe 3:2) Ukuze silungise ukungaboni ngaso linye, kudingeka senze konke okusemandleni ethu ukuze ‘sifune ukuthola ukuthula, sikuphishekele.’ (IHubo 34:14) Uma siqhubeka silungisa ukungaboni ngaso linye nabanye, sizoba nobungane obuhle nabafowethu nodadewethu, futhi lokhu kuyosigcina sinobunye. (IHubo 133:1-3) Okubaluleke nakakhulu, siyoba nobungane obuseduze noJehova “uNkulunkulu onika ukuthula.” (Roma 15:33) Siyozijabulela zonke lezi zibusiso uma silungisa ukungaboni ngaso linye ngothando.

^ [1] (isigaba 12) Abanye abalungisa izinkinga ngokuthula uJakobe no-Esawu (Genesise 27:41-45; 33:1-11); uJosefa nabafowabo (Genesise 45:1-15); noGideyoni nabakwa-Efrayimi (AbaHluleli 8:1-3). Mhlawumbe zikhona ezinye izibonelo ozicabangayo eziseBhayibhelini ezifana nalezi.