Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uzenza Kanjani Izinqumo Zakho?

Uzenza Kanjani Izinqumo Zakho?

“Qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.”—EFESU 5:17.

IZINGOMA: 69, 57

1. Yiziphi ezinye izibonelo zemithetho eseBhayibhelini futhi sizuza kanjani lapho siyilalela?

EBHAYIBHELINI, uJehova usinikeze imithetho esitshela ngokucacile lokho afuna sikwenze. Ngokwesibonelo, usitshela ukuthi akumelwe sikhulekele izithombe, sebe, sidakwe noma siziphathe kabi ngokobulili. (1 Korinte 6:9, 10) Kanti uJesu, iNdodana kaJehova, wanikeza abalandeli bakhe lo myalo oqondile: ‘Yenzani abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 28:19, 20) Yonke into uJehova noJesu abasiyala ukuba siyenze izuzisa thina. Imithetho kaJehova isifundisa indlela esingazinakekela ngayo thina nemindeni yethu, isisize nokuba sibe nempilo engcono futhi sijabule. Okubaluleke nakakhulu, lapho silalela imiyalo kaJehova, kuhlanganise nomyalo wokushumayela, uyajabula futhi asibusise.

2, 3. (a) Kungani iBhayibheli lingasibekeli imithetho ngazo zonke izimo ezithinta ukuphila kwethu? (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

2 Ngesikhathi esifanayo, iBhayibheli alisibekeli imithetho ngazo zonke izimo ezithinta ukuphila. Ngokwesibonelo, eBhayibhelini ayikho imiyalo eqondile mayelana nezimpahla okufanele sizigqoke. Lokho kubonisa indlela uJehova ahlakaniphe ngayo. Nakuba abantu emhlabeni wonke begqoka izitayela ezinhlobonhlobo, nemfashini ishintshashintsha njalo, iBhayibheli aliphelelwa isikhathi. Kanti aliqukethe uhide lwemithetho mayelana nemisebenzi noma ezokuzijabulisa okufanele sizikhethe noma lokho okufanele sikwenze ukuze sihlale sinempilo enhle. UJehova uvumela abantu ngabanye nezinhloko zemindeni ukuba bazenzele izinqumo kulezi zinto.

3 Ngakho, lapho kufanele senze isinqumo esibalulekile esizothinta ukuphila kwethu futhi singatholi mthetho eBhayibhelini ophathelene naso, singase sizibuze: ‘Ingabe uJehova unendaba nesinqumo engisenzayo? Ingabe uzojabula nganoma yisiphi isinqumo engisenzayo, uma nje ngingaphuli mthetho oseBhayibhelini? Ngingaqiniseka kanjani ukuthi izinqumo engizenzayo zizomjabulisa?’

IZINQUMO ZETHU ZIYASITHINTA FUTHI ZITHINTE NABANYE

4, 5. Izinqumo zethu zingasithinta kanjani futhi zingabathinta kanjani abanye?

4 Abanye abantu bacabanga ukuthi bangenza noma yini abayithandayo. Kodwa thina sifuna ukwenza okujabulisa uJehova. Ngakho ngaphambi kokwenza isinqumo, kudingeka sicabange ngalokho okushiwo iBhayibheli bese siyakulalela. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela indlela uNkulunkulu azizwa ngayo mayelana nokusetshenziswa kwegazi, ngakho senza lokho elikushoyo. (Genesise 9:4; IzEnzo 15:28, 29) Singathandaza kuJehova simcele asisize senze izinqumo ezizomjabulisa.

5 Izinqumo esizenzayo ziyasithinta. Isinqumo esihle singasisiza sisondelane noJehova. Kanti isinqumo esibi singonakalisa ubungane bethu naye. Izinqumo esizenzayo zingabathinta nabanye. Asifuni kwenza lutho olungaphatha kabi abafowethu noma lwenze buthaka ukholo lwabo. Futhi asifuni ukubangela izinkinga phakathi kwabafowethu ebandleni. Ngakho, kubalulekile ukuba senze izinqumo ezinhle.—Funda eyabaseRoma 14:19; Galathiya 6:7.

6. Yini okufanele isiqondise lapho senza izinqumo?

6 Singazenza kanjani izinqumo ezinhle lapho iBhayibheli lingasitsheli ngokuqondile lokho okufanele sikwenze? Kunokuba simane senze lokho esikuthandayo, kumelwe sicabangisise ngesimo sethu futhi senze isinqumo esizojabulisa uJehova. Khona-ke, singaqiniseka ngokuthi uzosisiza siphumelele.—Funda iHubo 37:5.

YINI UJEHOVA AFUNA NGIYENZE?

7. Uma kungekho mthetho weBhayibheli ohilelekile, singazi kanjani ukuthi uJehova angathanda senzeni esimweni esithile?

7 Kodwa singazi kanjani ukuthi yini ezojabulisa uJehova? Eyabase-Efesu 5:17 iyasitshela: “Qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.” Lapho kungekho mthetho oqondile eBhayibhelini, kudingeka sikwazi ukubona ukuthi uJehova ufuna senzeni esimweni esibhekene naso. Singakwenza kanjani lokho? Kudingeka sithandaze kuye bese sivumela umoya wakhe ongcwele usiqondise.

8. UJesu wakwazi kanjani ukubona ukuthi uJehova wayefuna enzeni? Nikeza isibonelo.

8 UJesu wayehlale eqonda ukuthi uJehova wayefuna enzeni. Ngokwesibonelo, izikhathi ezimbili lapho izixuku zilambile, uJesu wathandaza wabe esezinikeza ukudla ngokuyisimangaliso. (Mathewu 14:17-20; 15:34-37) Kodwa ngesikhathi esehlane, elambile futhi uDeveli efuna ukuba aphendule amatshe abe yisinkwa, uJesu wenqaba. (Funda uMathewu 4:2-4.) Wayemazi kahle uYise, ngakho wayazi ukuthi uJehova wayengeke athande ukuba asebenzise umoya ongcwele ukuze anelise izidingo zakhe. Wayeqiniseka ngokuthi uYise wayezomqondisa futhi amnike ukudla lapho ekudinga.

9, 10. Yini ezosisiza senze izinqumo ezihlakaniphile? Fanekisa.

9 NjengoJesu, singenza izinqumo ezinhle uma sincika kuJehova ukuba asiqondise. IBhayibheli lithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde. Ungabi ohlakaniphile emehlweni akho. Yesaba uJehova ufulathele okubi.” (IzAga 3:5-7) Lapho sitadisha iBhayibheli futhi sithola indlela uJehova acabanga ngayo, sizokwazi lokho afuna sikwenze esimweni esithile. Kanti lapho sifunda okwengeziwe ngombono kaJehova, yilapho kuyoba lula khona nakakhulu ukwenza izinqumo ezimjabulisayo. Ngale ndlela, sisabela ngokushesha esiqondisweni sikaNkulunkulu.—Hezekeli 11:19.

10 Ake sithi owesifazane oshadile uyothenga izimpahla, bese ebona izicathulo ezinhle. Kodwa ziyabiza. Nakuba engahambi nomyeni wakhe, uyazi ukuthi ubeyozizwa kanjani ukube ubengasebenzisa imali eningi kangako. Wazi kanjani? Phela sekuyisikhathi beshadile, ngakho uyazi ukuthi ufuna bayisebenzise kanjani imali. Ngokufanayo, lapho sifunda ngendlela uJehova acabanga ngayo nalokho aye akwenza esikhathini esidlule, siyokwazi lokho angafuna sikwenze ezimweni ezihlukahlukene.

UNGATHOLA KANJANI UKUTHI UYINI UMBONO KAJEHOVA?

11. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona lapho sifunda noma sitadisha iBhayibheli? (Bheka ibhokisi elithi “ Lapho Utadisha IBhayibheli Zibuze.”)

11 Singathola kanjani ukuthi uyini umbono kaJehova? Into ebaluleke kakhulu esingayenza ukufunda nokutadisha iBhayibheli njalo. Lapho senza lokhu, singazibuza: ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova? Kungani enza ngale ndlela?’ Kanti njengoDavide, kudingeka nokuba sicele uJehova asisize simazi kangcono. UDavide wabhala: “O Jehova, ngazise izindlela zakho; ngifundise imikhondo yakho. Ngihambise eqinisweni lakho ungifundise, ngoba wena unguNkulunkulu wami wensindiso. Usuku lonke ngithembé wena.” (IHubo 25:4, 5) Lapho sifunda okuthile ngoJehova, singacabanga ngezimo esingakusebenzisa kuzo lokho esikufundayo. Singakusebenzisa yini emndenini wethu, emsebenzini, esikoleni noma enkonzweni? Lapho sicabanga ngesimo esingakusebenzisa kuso, kuyoba lula nakakhulu ukwazi ukuthi uJehova ubengafuna silusebenzise kanjani lolo lwazi.

Ukuze sithole ukuthi uyini umbono kaJehova kufanele sifunde futhi sitadishe iBhayibheli njalo

12. Izincwadi zethu nemihlangano kungasisiza kanjani sazi umbono kaJehova ngezinto ezihlukahlukene?

12 Enye indlela yokwazi umbono kaJehova ukunakisisa lokho inhlangano yakhe esifundisa kona, okusekelwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, lapho kufanele senze isinqumo, i-Watch Tower Publications Index kanye ne-Ncwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova kungasisiza sithole umbono kaJehova. Singazuza nasemihlanganweni yethu yobuKristu lapho silalelisisa, siphendula futhi sizindla ngalokho okusuke kufundiswa. Lokhu kuyosisiza sifunde ukucabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo. Ngaleyo ndlela, siyokwazi ukwenza izinqumo eziyomjabulisa nayozibusisa.

ZINDLA NGOMBONO KAJEHOVA NGENDABA NGAPHAMBI KOKWENZA ISINQUMO

13. Nikeza isibonelo sendlela esingenza ngayo isinqumo esihlakaniphile lapho sicabangela umbono kaJehova.

13 Ake sihlole isibonelo esibonisa indlela esingasenza ngayo isinqumo esihlakaniphile lapho sicabanga ngombono kaJehova ngendaba. Ake sithi ufisa ukuphayona. Usuzenzile izinguquko ezithile ekuphileni kwakho ukuze ukwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni. Kodwa awukaqiniseki ngokuthi uzokwaneliseka ngempela yini ngokuba nemali encane nezinto ezimbalwa. Yiqiniso, iBhayibheli alisho ukuthi ukuphayona kuyimfuneko yokukhonza uJehova. Singaqhubeka simkhonza ngokwethembeka sibe singabamemezeli. Kodwa ngakolunye uhlangothi, uJesu wathi uJehova uyababusisa labo abazidelayo ngenxa yoMbuso. (Funda uLuka 18:29, 30.) IBhayibheli liphinde lithi uJehova uyajabula lapho senza konke okusemandleni ethu ukuze simdumise futhi ufuna simkhonze ngenjabulo. (IHubo 119:108; 2 Korinte 9:7) Ngokuthandaza nangokuzindla ngalezi zinto, singenza isinqumo esiyosebenza esimweni sethu futhi esiyothola isibusiso sikaJehova.

14. Unganquma kanjani ukuthi indlela ethile yokugqoka iyamjabulisa yini uJehova?

14 Nasi esinye isibonelo: Kunesitayela sokugqoka osithanda ngempela, kodwa uyazi ukuthi abanye ebandleni bangase bacasuke uma ugqoka lezo zingubo. IBhayibheli alisho lutho mayelana naleso sitayela. Khona-ke, ungawazi kanjani umbono kaJehova? IBhayibheli liyasitshela: ‘Abesifazane mabazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okungukuthi, ngemisebenzi emihle.’ (1 Thimothewu 2:9, 10) Zonke izinceku zikaJehova zingafunda kula mazwi, kuhlanganise nabesilisa. Uma sinesizotha, siyayicabangela indlela abanye abangase bazizwe ngayo ngezingubo esikhetha ukuzigqoka. Kanti ngenxa yokuthi siyabathanda abafowethu, siyakugwema ukubacasula. (1 Korinte 10:23, 24; Filipi 3:17) Uma sikucabangela lokho iBhayibheli elikushoyo kuhlanganise nombono kaJehova, singenza izinqumo eziyomjabulisa.

15, 16. (a) Uzizwa kanjani uJehova lapho siqhubeka sicabanga ngezinto ezihilela ukuziphatha okubi? (b) Lapho sikhetha ezokuzijabulisa, singazi kanjani ukuthi yini eyamukelekayo kuJehova? (c) Kufanele zenziwe kanjani izinqumo ezibaluleke kakhulu?

15 EBhayibhelini sifunda ukuthi uJehova uzwa ubuhlungu obukhulu futhi uyadumala lapho abantu benza nalapho becabanga izinto ezimbi. (Funda uGenesise 6:5, 6.) Kusobala ukuthi uJehova akafuni sicabange ngokuziphatha okubi. Eqinisweni, uma siqhubeka sicabanga ngakho, singase sikwenze. Kunalokho, uJehova ufuna sicabange ngezinto ezimsulwa nezinhle. Umphostoli uJakobe wabhala ukuthi ukuhlakanipha kukaJehova “okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.” (Jakobe 3:17) Ngakho, iBhayibheli lisifundisa ukuthi kumelwe sigweme noma yiluphi uhlobo lokuzijabulisa olungasenza sicabange noma sifise izinto ezingahlanzekile nezimbi. Kanti uma sikuqonda ngokucacile lokho uJehova akuthandayo nakuzondayo, kuyoba lula ngathi ukwazi ukuthi yiluphi uhlobo lwezincwadi, amabhayisikobho noma imidlalo okufanele silukhethe. Ngeke kudingeke ukuba sibuze abanye ukuthi yini okufanele siyenze.

16 Lapho kufanele senze isinqumo, ngokuvamile kunezinto eziningana ezingajabulisa uJehova esingakhetha kuzo. Nokho, lapho kudingeka senze isinqumo esibaluleke kakhulu, kungaba kuhle ukucela iseluleko kumdala noma omunye umfowethu noma udadewethu ongumakadebona. (Thithu 2:3-5; Jakobe 5:13-15) Yiqiniso, akufanele sicele lowo muntu ukuba asenzele isinqumo. Kunalokho, kudingeka sicabangisise ngalokho esikwaziyo okuseBhayibhelini, bese siyazinqumela. (Hebheru 5:14) Umphostoli uPawulu wathi: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.”—Galathiya 6:5.

17. Sizuza kanjani ngokwenza izinqumo ezijabulisa uJehova?

17 Lapho senza izinqumo ezijabulisa uJehova, sisondela nakakhulu kuye futhi sithola isibusiso sakhe nokwamukelwa nguye. (Jakobe 4:8) Kanjalo, ukholo lwethu kuJehova luqina nakakhulu. Ngakho masizindle ngalokho esikufunda eBhayibhelini ukuze siqonde indlela acabanga ngayo. Ngempela, kuyohlale kunokuthile okusha esingakufunda ngoJehova. (Jobe 26:14) Kodwa uma sizikhandla ukuze sifunde ngaye manje, sizohlakanipha futhi sikwazi ukwenza izinqumo ezinhle. (IzAga 2:1-5) Amacebo nezinhlelo zabantu kuyashintsha kodwa uJehova akashintshi nanini. Umhubi wathi: “Injongo kaJehova iyokuma kuze kube nini nanini; imicabango yenhliziyo yakhe isezizukulwaneni ngezizukulwane.” (IHubo 33:11) Kusobala ukuthi singenza izinqumo ezingcono kakhulu lapho sifunda ukucabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo bese senza lokho okumjabulisayo.