Zuza Ngokugcwele Emalungiselelweni KaJehova
“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze.”—ISAYA 48:17.
1, 2. (a) OFakazi BakaJehova bazizwa kanjani ngeBhayibheli? (b) Iyiphi ingxenye yeBhayibheli oyithanda ngokukhethekile?
NJENGOFAKAZI BAKAJEHOVA, siyalithanda iBhayibheli. Liyasiduduza, lisinike ithemba nesiqondiso esingasethemba. (Roma 15:4) Aliyona incwadi equkethe imibono yabantu kodwa ‘liyizwi likaNkulunkulu.’—1 Thesalonika 2:13.
2 Cishe sonke sinezingxenye ezithile esizithanda ngokukhethekile eBhayibhelini. Abanye bathanda amaVangeli ngoba abonisa ubuntu bukaJehova obuhle obubonakala kuJesu. (Johane 14:9) Abanye bathanda izincwadi eziyiziprofetho njengesAmbulo, esisibonisa “izinto okumelwe zenzeke maduzane.” (IsAmbulo 1:1) Abanye bayaduduzeka lapho befunda amaHubo, kanti abanye bathanda ukufunda izeluleko eziwusizo ezisencwadini yezAga. Ngokusobala, iBhayibheli liyincwadi yawo wonke umuntu.
3, 4. (a) Sizizwa kanjani ngezincwadi zethu? (b) Yiziphi izincwadi esizitholayo ezilungiselelwe amaqembu athile ngokukhethekile?
3 Ngenxa yokuthi siyalithanda iBhayibheli, siyazithanda nezincwadi zethu ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Zonke Thithu 2:2.
izincwadi, izincwajana, omagazini nezinye izinto zokufundisa esizitholayo ziyilungiselelo elivela kuJehova. Zisisiza ukuba sihlale siseduze naye futhi sigcine ukholo lwethu luqinile.—4 Izincwadi zethu eziningi zibhalelwe oFakazi BakaJehova bebonke. Nokho, kunezinye izincwadi ezibhalelwe amaqembu athile abantu, njengentsha noma abazali. Iningi lezihloko nama-video okusengosini yethu, kulungiselwe ngokukhethekile abantu abangebona oFakazi BakaJehova. Ukwaziswa okuhlukahlukene ngale ndlela kubonisa ukuthi uJehova uye wasigcina isithembiso sakhe sokulungiselela bonke abantu inala yeziqondiso.—Isaya 25:6.
5. Yini esingaqiniseka ngokuthi uJehova uyayazisa?
5 Abaningi bethu bangathanda ukuba nesikhathi esengeziwe sokufunda iBhayibheli nezincwadi zethu. Ngakho lapho sitadisha, singase singachithi isikhathi esilinganayo encwadini ngayinye esiyitholayo. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyajabula lapho sisebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha ukuze sifunde futhi sitadishe iBhayibheli nezincwadi zethu. (Efesu 5:15, 16) Nokho, kunengozi okumelwe siqikelele ukuthi siyayigwema. Iyiphi leyo ngozi?
6. Yini engase isenze silahlekelwe yizinzuzo ezitholakala emalungiselelweni kaJehova?
6 Uma singaqaphile, singase sicabange ukuthi izingxenye ezithile zeBhayibheli noma izincwadi zethu ezithile azisithinti. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma ingxenye ethile yeBhayibheli ibonakala ingasebenzi kithi? Noma kuthiwani uma incwadi ethile ingabhalelwe thina ngokukhethekile? Ingabe sivele sidlulise amehlo nje kuleyo ncwadi noma size ngisho singayifundi nhlobo? Uma kunjalo, singase silahlekelwe ulwazi olubalulekile obelungasizuzisa. Singayigwema kanjani leyo ngozi? Kufanele sikhumbule ukuthi lonke lolu lwazi esilutholayo luvela kuJehova. EBhayibhelini sifunda lokhu: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze.” (Isaya 48:17) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokusikisela okuthathu okuzosisiza sizuze kuwo wonke amalungiselelo uJehova asinika wona.
UKUSIKISELA OKUNGENZA UKUFUNDA IBHAYIBHELI KUZUZISE
7. Kungani kudingeka sifunde iBhayibheli ngomqondo ovulekile?
7 Funda ngomqondo ovulekile. Yiqiniso ukuthi izingxenye ezithile zeBhayibheli zazibhalelwe umuntu othile noma iqembu elithile labantu. Noma kunjalo, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16) Yingakho kudingeka sibe nomqondo ovulekile lapho sifunda iBhayibheli. Omunye umfowethu uthi yena uzama ukukhumbula ukuthi ziningi izifundo angazifunda ekulandiseni okukodwa nje kuphela. Lokho kumsiza abone izifundo ezicashile. Ngakho, ngaphambi kokuba sifunde iBhayibheli, kufanele sicele uJehova asiphe umqondo ovulekile nokuhlakanipha ukuze siqonde izifundo afuna sizithole.—Ezra 7:10; funda uJakobe 1:5.
8, 9. (a) Lapho sifunda iBhayibheli, yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona? (b) Izimfanelo abadala abangamaKristu okufanele babe nazo zisitshelani ngoJehova?
8 Zibuze. Lapho ufunda iBhayibheli, siyozuza ngokwengeziwe ekufundeni kwethu iBhayibheli. Ake sibheke isibonelo esisodwa. IBhayibheli likhuluma ngezimfanelo ezithile okudingeka abadala abangamaKristu babe nazo. (Funda eyoku-1 Thimothewu 3:2-7.) Nokho, iningi lethu alibona abadala, ngakho singase sicabange ukuthi lokhu kwaziswa ngeke kusisize nhlobo. Noma kunjalo, ake sisebenzise le mibuzo emithathu okukhulunywe ngayo ukuze sibone ukuthi lezi zimfanelo zingasisiza kanjani.
yima bese uzibuza le mibuzo: ‘Lokhu kungitshelani ngoJehova? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu ekuphileni kwami? Ngingakusebenzisa kanjani ukuze ngisize abanye?’ Lapho sizindla ngale mibuzo,9 “Lokhu kungitshelani ngoJehova?” UJehova wasinikeza uhlu lwezimfanelo abadala okufanele babe nazo. Ulindele lukhulu emadodeni anakekela ibandla. Lokhu kubonisa ukuthi ibandla liyigugu kuJehova. IBhayibheli lithi walithenga “ngegazi leNdodana yakhe.” (IzEnzo 20:28) Ngakho uJehova ulindele ukuba abadala babe yizibonelo ezinhle, futhi bayolandisa kuye ngendlela abaphatha ngayo amalungu ebandla. Ufuna sizizwe silondekile njengoba besinakekela. (Isaya 32:1, 2) Lapho sifunda ngalezi zimfanelo, siyaqaphela ukuthi uJehova usikhathalela kakhulu kangakanani.
UJehova ulindele ukuba ngamunye wethu acabangele futhi abe nokwahlulela okuhle
10, 11. (a) Lapho sifunda ngezimfanelo ezidingeka kubadala, singakusebenzisa kanjani lokho kwaziswa ekuphileni kwethu? (b) Singakusebenzisa kanjani lokho kwaziswa ukuze sisize abanye?
10 “Ngingakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ekuphileni kwami?” Uma usungumdala kakade, kufanele uluhlole njalo uhlu lwezimfanelo zabadala futhi uzame ukuthuthuka. Uma ‘uzama ukufinyelela ukuba umbonisi,’ kufanele uzame ngokusemandleni akho ukuba nalezi zimfanelo. (1 Thimothewu 3:1) Kodwa wonke amaKristu angafunda okuthile kulezi zimfanelo. Ngokwesibonelo, uJehova ulindele ukuba ngamunye wethu acabangele futhi abe nokwahlulela okuhle. (Filipi 4:5; 1 Petru 4:7) Lapho abadala ‘beyizibonelo emhlanjini,’ singafunda kubo futhi ‘silingise ukholo lwabo.’—1 Petru 5:3; Hebheru 13:7.
11 “Ngingakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ukuze ngisize abanye?” Singasebenzisa uhlu lwezimfanelo zabadala abangamaKristu ukuze sisize esibafundela iBhayibheli nabanye abafisa ukwazi, ukuba baqonde ukuthi abadala bahluke kanjani kubefundisi benkolo. Lolu hlu lungasisiza nokuba sikhumbule umsebenzi onzima abadala abawenzayo ebandleni lethu. Lokhu kuyobe sekusisiza ukuba sibahloniphe laba bafowethu. (1 Thesalonika 5:12) Lapho siqhubeka sibahlonipha, bayojabula ngokwengeziwe emsebenzini wabo.—Hebheru 13:17.
12, 13. (a) Sisebenzisa amathuluzi esinawo, yiluphi ucwaningo esingase silwenze? (b) Nikeza isibonelo sendlela isizinda sendaba esingasembulela ngayo izifundo ezicashile.
12 Cwaninga. Lapho sitadisha iBhayibheli, singafuna izimpendulo zemibuzo elandelayo:
-
Ubani owabhala le ngxenye yeBhayibheli?
-
Yabhalelwa kuphi futhi nini?
-
Yiziphi izenzakalo ezibalulekile ezazenzeka ngesikhathi kulotshwa le ncwadi?
Ukwaziswa okunjalo kungasisiza sibone izifundo ezicashile.
13 Ngokwesibonelo, uHezekeli 14:13, 14 uthi: “Ngokuqondene nezwe, uma kwenzeka lenza isono kimi ngokwenza ngokungathembeki, ngiyokwelulela kulo isandla sami ngiliphulele izinduku okulengiswa kuzo izinkwa ezimise okwesongo, futhi ngiyothumela phezu kwalo indlala nginqume kulo umuntu wasemhlabeni nesilwane esifuywayo. ‘Futhi ukube la madoda amathathu ebekhona kulo, uNowa, uDaniyeli noJobe, wona ngenxa yokulunga kwawo abeyowukhulula umphefumulo wawo,’ kusho iNkosi enguMbusi uJehova.” Uma sicwaninga, siyathola ukuthi uHezekeli waloba la mazwi cishe eminyakeni engu-612 ngaphambi kukaKristu. Ngaleso sikhathi kwase kungamakhulu eminyaka uNowa noJobe befile, kodwa uJehova wayesakukhumbula ukwethembeka kwabo. Ngakolunye uhlangothi, uDaniyeli wayesaphila. Cishe wayeneminyaka engaba ngu-20 ubudala lapho uJehova ethi ngaye wayelunge njengoNowa noJobe. Sifundani kulokhu? Sifunda ukuthi uJehova uyazibona futhi uyazazisa zonke izinceku zakhe ezithembekile, kuhlanganise nentsha.—IHubo 148:12-14.
ZUZA EZINCWADINI EZIHLUKAHLUKENE
14. Ukwaziswa okulungiselelwe intsha kuyisiza kanjani, futhi kungabazuzisa kanjani nabanye? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
14 Izincwadi ezilungiselelwe intsha. Sesibonile ukuthi singazuza kuzo zonke izingxenye zeBhayibheli. Ngokufanayo, singazuza kuzo zonke izincwadi zethu. Ake sibheke izibonelo ezimbalwa. Eminyakeni yamuva, uJehova ulungiselele intsha ukwaziswa okuningi. [1] (Bheka umbhalo osekugcineni.) Lokhu kwaziswa kusiza intsha ukuba ibhekane nezingcindezi esikoleni kanye nezinselele zokukhula. Kodwa singazuza kanjani sonke ngokufunda lezi zihloko nezincwadi? Lapho sifunda lokhu kwaziswa, singafunda ngezinkinga intsha ebhekene nazo futhi sibe sethubeni elingcono lokuyisiza nokuyikhuthaza.
AmaKristu asemadala akufanele azibone engcono kakhulu ukuba angafunda ukwaziswa okulungiselelwe intsha
15. Kungani amaKristu asemadala kufanele abe nendaba nokwaziswa okulungiselelwe intsha?
15 AmaKristu asemadala akufanele azibone engcono kakhulu ukuba angafunda ukwaziswa okulungiselelwe intsha. Izinkinga eziningi okuxoxwa ngazo kulezi zihloko zithinta wonke amaKristu. Ngokwesibonelo, sonke kudingeka sivikele izinkolelo zethu, silawule imizwelo yethu, simelane nokucindezela kontanga futhi sigweme abangane ababi nezokuzilibazisa ezingalungile. Ngakho, nakuba lezi zincwadi zibhalelwe intsha, ulwazi eziluqukethe luvela eBhayibhelini futhi wonke amaKristu angazuza.
16. Yikuphi okunye izincwadi zethu ezisiza intsha ukuba ikwenze?
16 Izincwadi ezibhalelwe intsha zingayisiza nokuba iqinise ubungane bayo noJehova. (Funda umShumayeli 12:1, 13.) Kanti nabantu abadala bangazuza. Ngokwesibonelo, kuyi-Phaphama! ka-April 2009 kwakunesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kujabulise?” Leso sihloko sasinokusikisela okuningana okuwusizo futhi sasinebhokisi elalingasikwa, ligcinwe bese lisetshenziselwa ukutadisha. Ingabe abantu abadala bazuza kuleso sihloko? Enye inkosikazi enabantwana yathi ibilokhu ikuthola kunzima ukufunda iBhayibheli. Kodwa yasebenzisa ukusikisela okwakukuleso sihloko futhi manje isiyakulangazelela ukufunda iBhayibheli. Ithi iyakujabulela ukubona indlela izincwadi zeBhayibheli ezihlobana ngayo bese zikunika isithombe esigcwele sendaba. Iyanezela, “angikaze ngikujabulele kangaka ukufunda iBhayibheli.”
17, 18. Singazuza kanjani ngokufunda izincwadi zethu ezibhalelwe umphakathi? Nikeza isibonelo.
17 Izincwadi ezibhalelwe umphakathi.
Kusukela ngo-2008 siye sajabulela INqabayokulinda efundwayo. Lo magazini ubhalelwe oFakazi BakaJehova ngokuyinhloko, kodwa sinabo nabanye omagazini ababhalelwe umphakathi ngokuyinhloko. Singazuza kanjani nakubo? Ake senze isibonelo. Lapho umema umuntu eHholo LoMbuso bese efika, ujabula kakhulu. Njengoba isikhulumi sinikeza inkulumo, wena ucabanga ngomuntu ommemile. Uyazibuza ukuthi kaze uzizwa kanjani ngalokho akulalele futhi ucabanga ngendlela okungakushintsha ngayo ukuphila kwakhe. Ngenxa yalokho, uthinteka ngokujulile futhi uyazisa nakakhulu leyo nkulumo.18 Kungenzeka okufanayo kithi lapho sifunda izincwadi ezibhalelwe umphakathi. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda yomphakathi nezihloko ezikuyi-jw.org zichaza iBhayibheli ngamazwi aqondakala kalula. Lapho sifunda lokhu kwaziswa, sijulisa uthando lwethu ngamaqiniso eBhayibheli ebesivele siwazi futhi siwaqonda kangcono. Kanti singafunda nezindlela ezintsha zokuchaza izinkolelo zethu enkonzweni. Ngokufanayo, umagazini i-Phaphama! uqinisa ukukholelwa kwethu ukuthi ukhona uMdali. Uphinde usisize sifunde indlela esingavikela ngayo izinkolelo zethu.—Funda eyoku-1 Petru 3:15.
19. Singabonisa kanjani ukuthi siyambonga uJehova ngamalungiselelo asenzele wona?
19 Kuyacaca ukuthi uJehova usinike inala yezeluleko neziqondiso ukuze sizuze. (Mathewu 5:3) Masiqhubeke sifunda futhi sisebenzisa konke ukwaziswa asinike kona. Uma senza kanjalo siyozuza futhi sibonise uJehova ukuthi siyawazisa wonke amalungiselelo asenzele wona.—Isaya 48:17.
^ [1] (isigaba 14) Lezi zinto zihlanganisa Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1 no-2, kanye nochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza,” olutholakala kuyi-Internet.