Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha—Melanani Ngokuqinile NoDeveli

Basha—Melanani Ngokuqinile NoDeveli

“Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.”—EFE. 6:11.

IZINGOMA: 79, 140

1, 2. (a) Kungani intsha engamaKristu inqoba ngokumelene noSathane namademoni? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Sizoxoxa ngani?

UMPHOSTOLI uPawulu wafanisa ukuba umKristu nokuba yisosha. Sisempini futhi izitha zethu zingokoqobo. Nokho, asilwi nabantu kodwa silwa noSathane namademoni. USathane namademoni sebekule mpi isikhathi eside futhi sebemnkantsh’ ubomvu. Kungase kubonakale sengathi ngeke sikwazi ukuphumelela ngokumelene nabo. Ngokukhethekile, intsha engamaKristu ingase ibonakale ingavikelekile. Ingakwazi yini ukunqoba ngokumelene noSathane namademoni akhe? Iqiniso liwukuthi intsha inganqoba, empeleni iyanqoba! Kungani? Ngenxa yokuthi iyaqhubeka “izuza amandla eNkosini.” Ayigcini nje ngokuthola amandla kuNkulunkulu. Igqoke nezembatho zempi. Njengamasosha aqeqeshwe kahle ‘igqoke zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.’​—Funda eyabase-Efesu 6:10-12.

2 Lapho esho umfanekiso wakhe, kungenzeka uPawulu wayecabanga ngesembatho esasigqokwa yisosha laseRoma. (IzE. 28:16) Ake sihlole ukuthi kungani lo mfanekiso ufaneleka. Njengoba senza lokho, phawula lokho okushiwo yintsha ngezinselele nezinzuzo zokugqoka isembatho ngasinye.

Ingabe Uzigqoke Zonke Izembatho Zakho Zempi?

“IZINKALO ZENU ZIBOSHWE NGEQINISO”

3, 4. Iqiniso esilithola eBhayibhelini lifana kanjani nebhande elaligqokwa isosha lasendulo?

3 Funda eyabase-Efesu 6:14. Ibhande lesosha laseRoma lalinensimbi evikela ukhalo. Laliklanyelwe ukunciphisa isisindo sesivikelo sesifuba. Amanye amabhande ayephinde abe nezibambo eziqinile okwakufakwa kuzo inkemba nommese omncane. Lapho lifase ibhande, isosha lalingaya empini ngokukhulu ukuzethemba.

4 Ngokufanayo, iqiniso esilifunda eZwini likaNkulunkulu lisivikela ezimfundisweni ezingamanga ezisilimazayo ngokomoya. (Joh. 8:31, 32; 1 Joh. 4:1) Ukuthanda amaqiniso esiwafunda eBhayibhelini kwenza kube lula ukuthwala “isivikelo sesifuba,” okungukuthi, ukuphila ngezindinganiso ezilungile zikaNkulunkulu. (IHu. 111:7, 8; 1 Joh. 5:3) Ngaphezu kwalokho, lapho siwaqonda kahle amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu singawavikela ngokuzethemba lapho siphikiswa.—1 Pet. 3:15.

5. Kungani kufanele sikhulume iqiniso?

5 Lapho iqiniso leBhayibheli linjengokungathi liboshelwe kithi ngokuqinile, liyosenza ukuba siphile ngokuvumelana nalo futhi sikhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi. Kungani sizokugwema ukuqamba amanga? Ngenxa yokuthi amanga ayithuluzi likaSathane eliphumelela kakhulu. Amanga alimaza lowo owashoyo nalowo owakholelwayo. (Joh. 8:44) Ngakho senza konke okusemandleni ethu ukuze sigweme ukukhuluma amanga. (Efe. 4:25) Nokho, kungaba yinselele lokho. U-Abigail oneminyaka engu-18 uthi: “Ukukhuluma iqiniso kungase kungabi usizo ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma ukuqamba amanga kungakukhipha kalula enkingeni.” Pho, kungani ehlale ezama ukukhuluma iqiniso? Uthi: “Lapho ngikhuluma iqiniso ngiba nonembeza ohlanzekile emehlweni kaJehova. Abazali bami nabangane bami bayazi ukuthi bangangethemba.” UVictoria oneminyaka engu-23 uthi: “Lapho ukhuluma iqiniso futhi umelela izinkolelo zakho ungase uhlukunyezwe ontanga yakho. Nokho, uthola izinzuzo ezinhle kakhulu: Uyazethemba, usondela nakakhulu kuJehova futhi uhlonishwa yilabo abakuthandayo.” Ngokuqinisekile, kuyazuzisa ukugcina ‘izinkalo zethu ziboshwe ngeqiniso’ ngaso sonke isikhathi.

Izinkalo zenu ziboshwe ngeqiniso (Bheka izigaba 3-5)

“ISIVIKELO SESIFUBA SOKULUNGA”

6, 7. Kungani ukulunga kufaniswa nesivikelo sesifuba?

6 Olunye uhlobo lwesivikelo sesifuba esasigqokwa yisosha laseRoma ngekhulu lokuqala sasiba nemicu yensimbi ehlanganisiwe. Le micu yayigotshwa ukuze ilingane kahle esifubeni ngemva kwalokho yayiboshwa ngesikhumba esasixhunywe ezibambweni zensimbi. Ingxenye esele yesifuba yayimbozwa ngemicu yensimbi eyayiboshwa ngesikhumba. Ngokwezinga elithile le ngubo yempi yayenza kube nzima ukuhamba futhi isosha kwakufanele lihlole njalo ukuthi izinsimbi zisahlezi kahle. Noma kunjalo, le ngubo yempi yayilivikela ekuhlatshweni inkemba noma umcibisholo owawungahlaba inhliziyo noma izitho ezibalulekile.

7 Lokhu kusibonisa indlela izindinganiso zikaJehova ezilungile ezingavikela ngayo inhliziyo yethu engokomfanekiso. (IzAga 4:23) Njengoba nje isosha lingeke liyeke ukusebenzisa isivikelo sesifuba sensimbi lisebenzise esingenziwanga ngensimbi, nathi ngeke sifune ukushintsha izindinganiso zikaJehova zokulungile sisebenzise ezethu. Ukwahlulela kwethu kunamaphutha kakhulu ukuthi kungasivikela. (IzAga 3:5, 6) Kunalokho, sihlola njalo ukuthi imicu yensimbi uJehova asinike yona ihlezi kahle yini ukuze ivikele izinhliziyo zethu.

8. Kungani kuzuzisa ukunamathela ezindinganisweni zikaJehova?

8 Ingabe ngezinye izikhathi uye ucabange ukuthi izindinganiso zikaJehova zokulunga ziyakucindezela noma zikuncisha inkululeko? UDaniel oneminyaka engu-21 uthi: “Othisha nezingane engifunda nazo babehlekisa ngami ngenxa yokuthi ngiphila ngezindinganiso zeBhayibheli. Okwesikhathi esithile, ngangingazethembi futhi ngicindezelekile.” Yini eyamsiza? Uthi: “Ngokuhamba kwesikhathi ngazibona izinzuzo zokuphila ngezindinganiso zikaJehova. Abanye abangane bami baqala ukusebenzisa izidakamizwa; abanye bayeka isikole. Kwakudabukisa ukubona indlela okwashintsha ngayo ukuphila kwabo. Ngempela uJehova uyasivikela.” UMadison oneminyaka engu-15 uthi: “Kwakunzima ngami ukuncika ezindinganisweni zikaJehova ngingahambisani nalokho ontanga abathi kuhle noma kumnandi.” Wabhekana kanjani nalokhu? Uthi: “Ngazikhumbuza ukuthi ngibizwa ngegama likaJehova nokuthi lesi silingo simane nje siyindlela kaSathane yokungihlasela. Lapho nginqoba isilingo ngiyajabula.”

Isivikelo sesifuba sokulunga (Bheka izigaba 6-8)

‘IZINYAWO ZENU ZIGQOKISWE UKUHLONYISELWA IZINDABA EZINHLE ZOKUTHULA’

9-11. (a) Yiziphi izicathulo ezingokomfanekiso ezigqokwa amaKristu? (b) Yini engasenza sizethembe lapho sishumayela izindaba ezinhle?

9 Funda eyabase-Efesu 6:15. Isosha laseRoma elalingazigqokile izicathulo lalingakulungele ukuya empini. Izicathulo ezimise okwezimbadada zazenziwa ngesikhumba esiwugqinsi futhi zazizivikela kahle izinyawo. Lezi zicathulo zaziqinile futhi zintofontofo.

10 Nakuba amasosha aseRoma ayegqoka izicathulo ezingokoqobo lapho eya empini, namuhla amaKristu agqoka izicathulo ezingokomfanekiso eziwasiza amemezele izindaba zokuthula. (Isaya 52:7; Roma 10:15) Noma kunjalo, kudinga isibindi ukukhuluma lapho kuvela ithuba. UBo oneminyaka engu-20 uthi: “Ngangesaba ukufakaza ezinganeni engifunda nazo ekilasini. Ngicabanga ukuthi ngangizizwa ngihlazekile. Uma ngibheka emuva, angazi ngempela ukuthi yini eyayingenza ngizizwe ngaleyo ndlela. Manje ngiyakujabulela ukushumayeza ontanga yami.”

11 Intsha eningi iye yathola ukuthi uma ilungiselele kahle ukushumayela izindaba ezinhle, iyazethemba. Yini ongayenza ukuze ukulungele ukushumayela? UJulia oneminyaka engu-16 uthi, “Ngihlale nginezincwadi esikhwameni sami futhi ngiye ngilalele imibono nezinkolelo zengifunda nabo ekilasini. Lokho kunginika ithuba lokucabanga ngalokho okungabasiza. Lapho ngilungiselele, ngiyakwazi ukubatshela ngokuqondile lokho okuzobasiza.” UMakenzie oneminyaka engu-23 uthi: “Uma unomusa futhi uyisilaleli esihle uzokuqonda lokho ontanga yakho ababhekene nakho. Ngiyaqikelela ukuthi ngizifunda zonke izincwadi ezibhalelwe intsha. Ngaleyo ndlela ngingabonisa ontanga yami okuthile okuseBhayibhelini noma ku-jw.org okungabasiza.” Njengoba le ntsha ibonisa, uma ukulungele ukushumayela, kuyoba sengathi uzibophe zaqina izicathulo ezinyaweni zakho.

Izinyawo zigqokiswe ukuhlonyiselwa (Bheka izigaba 9-11)

“ISIHLANGU ESIKHULU SOKHOLO”

12, 13. Yimiphi eminye yemicibisholo kaSathane evuthayo?

12 Funda eyabase-Efesu 6:16. “Isihlangu esikhulu” esasiphathwa yisosha laseRoma sasinezinhlangothi ezine, ezimbili ezinde nezimbili ezimfushane futhi semboza isosha kusukela emahlombe kuye emadolweni. Sasilivikela ezikhalini nasemicibisholweni.

13 Eminye ‘yemicibisholo evuthayo’ uSathane angakudubula ngayo amanga ngoJehova—ukuthi akanandaba nawe nokuthi awuthandeki kuye. U-Ida oneminyaka engu-19 uhlushwa yimizwa yokuzenyeza. Uthi, “Ngokuvamile ngangizwa sengathi uJehova ukude nami futhi akafuni ukuba uMngane wami.” Ubhekana kanjani nalokhu kuhlaselwa? U-Ida uthi, “Imihlangano iluqinisa kakhulu ukholo lwami. Ngangivame ukuhlala ngingaphenduli ngizitshela ukuthi akekho ofuna ukuzwa impendulo yami. Nokho, manje ngiyayilungiselela imihlangano bese ngilwela ukuphendula kabili noma kathathu. Kunzima, kodwa ngijabula kakhulu lapho ngiphendula, nabazalwane nodade bakhuthazeka kakhulu. Lapho iphela imihlangano ngihlale ngazi ukuthi uJehova uyangithanda.”

14. Yiliphi iqiniso eliqokonyiswa yilokho okwenzeka ku-Ida?

14 Lokho u-Ida abhekana nakho kuqokomisa iqiniso elibalulekile: Isihlangu esasinikwa amasosha sasingashintshi kodwa isihlangu sokholo singancipha noma sikhule. Yithi esinqumayo. (Math. 14:31; 2 Thes. 1:3) Kubaluleke ngempela ukuba sakhe ukholo lwethu.

Isihlangu esikhulu sokholo (Bheka izigaba 12-14)

“ISIGQOKO SOKUZIVIKELA SENSINDISO”

15, 16. Lifana kanjani ithemba nesigqoko?

15 Funda eyabase-Efesu 6:17. Izigqoko ezazifakwa yimigundatshani yebutho lamaRoma zaziklanyelwe ukuvikela amasosha lapho eshaywa ekhanda, entanyeni noma ebusweni. Ezinye izigqoko zazinesibambo ukuze isosha likwazi ukusibamba ngesandla.

16 Njengoba isigqoko sasivikela ingqondo yesosha, ithemba lethu lensindiso livikela ingqondo yethu, ikhono lethu lokucabanga. (1 Thes. 5:8; IzAga 3:21) Ithemba lisigcina sigxile ezithembisweni zikaNkulunkulu futhi lisisiza singadikibali ngenxa yezinkinga zethu. (IHu. 27:1, 14; IzE. 24:15) Nokho, uma sifuna “isigqoko” sethu sisivikele kahle kumelwe sisigqoke ekhanda singasiphathi ngesandla.

17, 18. (a) Yini uSathane angayenza ukuze sikhumule isigqoko sethu? (b) Singabonisa kanjani ukuthi asikhohliswanga amanga kaSathane?

17 Yini uSathane angayenza ukuze sikhumule isigqoko sethu? Cabanga ngalokho akwenza kuJesu. Kumelwe ukuba uSathane wayazi ukuthi uJesu wayenethemba lokuthi ekugcineni wayezobusa isintu. Nokho, uJesu kwakuzomelwe alinde isikhathi esimiswe uJehova. Ngaphambi kwalokho, kwakuzomelwe ahlupheke futhi afe. Ngakho uSathane wamnika ithuba lokwenza lelo themba ligcwaliseke ngokushesha. USathane wathi uma uJesu enza isenzo esisodwa sokumkhulekela wayengathola yonke imibuso ngaso leso sikhathi. (Luka 4:5-7) Ngokufanayo, uSathane uyazi ukuthi uJehova usithembise izinto eziningi ezinhle ezweni elisha. Nokho, kumelwe silinde futhi kungase kudingeke sibhekane nobunzima. Ngakho uSathane uyasilinga asinikeze amathuba okuphila leyo mpilo njengamanje. Ufuna siphishekele izinto ezibonakalayo kuqala—siziqongelele futhi sizifune manje. USathane usikhuthaza ukuba sibeke uMbuso endaweni yesibili ekuphileni kwethu.—Math. 6:31-33.

18 Njengentsha eningi engamaKristu, uKiana oneminyaka engu-20 akazange akhohliswe yila manga. Uthi: “Ngiyazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu yiwo kuphela ozoxazulula zonke izinkinga zethu.” Leli themba aqiniseka ngalo liyithinta kanjani indlela acabanga ngayo nenza ngayo manje? Ithemba lePharadesi lingisiza ngizazi izinto eziza kuqala ekuphileni kwami. Angizami ukwenza imali eningi ngamakhono ami noma ukuthola isikhundla esiphezulu emsebenzini. Kunalokho ngisebenzisa isikhathi sami namandla ami ukuze ngikhonze uJehova.

Isigqoko sokuzivikela sensindiso (Bheka izigaba 15-18)

‘INKEMBA YOMOYA,’ IZWI LIKANKULUNKULU

19, 20. Singawathuthukisa kanjani amakhono ethu okusebenzisa iZwi likaNkulunkulu?

19 Inkemba eyayisetshenziswa isosha laseRoma, ngesikhathi uPawulu ebhala incwadi yakhe, yayingu-50 cm ubude futhi ukuze isosha ligadle ngayo, kwakufanele lisondele eduze kwesosha elilwa nalo. Into eyayenza amasosha aseRoma abe nekhono lokusebenzisa inkemba ukuthi ayeziqeqesha njalo ngosuku.

20 UPawulu ufanisa iZwi LikaNkulunkulu nenkemba uJehova asinikeze yona. Kumelwe sifunde ukulisebenzisa ngokuhlakanipha lapho simelela izinkolelo zethu—noma lapho silungisa ukucabanga kwethu. (2 Kor. 10:4, 5; 2 Thim. 2:15) Ungawathuthukisa kanjani amakhono akho? USebastian, oneminyaka engu-21, uthi: “Bengilokhu ngibhala ivesi elilodwa njalo lapho ngifunda isahluko seBhayibheli. Ngenza uhlu lwamavesi engiwathandayo. Lokho kungisiza ngicabange ngendlela uJehova acabanga ngayo.” UDaniel, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Njengoba ngifunda iBhayibheli, ngikhetha amavesi engicabanga ukuthi azosiza abantu engihlangana nabo enkonzweni. Ngithole ukuthi abantu basabela kangcono lapho bebona ukuthi ngiyalithanda iBhayibheli futhi ngenza konke okusemandleni ami ukuze ngibasize.”

Inkemba yomoya (Bheka izigaba 19-20)

21. Kungani singekho isidingo sokwesaba uSathane namademoni?

21 Njengoba intsha okukhulunywe ngayo kulesi sihloko ibonisile, asikho isidingo sokwesaba uSathane namademoni. Bayethusa kodwa lokho akusho ukuthi ngeke sikwazi ukubanqoba. Siyazi nokuthi ngeke baphile kuze kube phakade. Maduze, phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, bazobe bevalelwe bengakwazi ukwenza lutho, ngemva kwalokho bazobhujiswa. (IsAm. 20:1-3, 7-10) Siyasazi isitha sethu, amaqhinga aso nezinhloso zaso. Sisizwa uJehova, singakwazi ukumelana ngokuqinile naso.