Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlangano wesigodi e-Nyzhnya Apsha, e-Ukraine, ngo-2012

Okuvuna Okukhulu!

Okuvuna Okukhulu!

UJESU wabikezela ukuthi abalandeli bakhe babeyojabulela ukuvuna okukhulu ngesikhathi sokuphela. (Math. 9:37; 24:14) Cabanga ngendlela amazwi akhe aye aba yiqiniso ngayo, endaweni yaseTranscarpathia, e-Ukraine. Emadolobheni amathathu akhelene kuleyo ndawo, kunamabandla angu-50 nabamemezeli abangaphezu kuka-5 400. * Oyedwa kubantu abane enanini labantu abahlala kula madolobha amathathu, unguFakazi KaJehova!

Basabela kanjani abantu ensimini? Umzalwane wasendaweni, uVasile, uthi: “Abantu balapha bayalihlonipha iBhayibheli, bathanda ubulungisa nemindeni iyezwana kakhulu futhi bayazama ukusizana.” Uyanezela: “Abavumelani ngaso sonke isikhathi nezinkolelo zethu. Kodwa lapho ubabonisa okuthile eBhayibhelini bayalalelisisa.”

Kuyavunywa, abafowethu nodadewethu babhekana nezinselele ezingavamile lapho beshumayela endaweni enabamemezeli abaningi. Ngokwesibonelo, elinye ibandla linabamemezeli abangu-134 kodwa insimu eliyisebenzayo inezindlu ezingu-50! Abamemezeli babhekana kanjani nalesi simo?

Abafowethu nodadewethu abaningi bayazinikela ukuze bayoshumayela endingekweni. ULonash, umzalwane oneminyaka engu-90 uthi: “Ummemezeli ngamunye unezindlu ezimbili kuphela angashumayela kuzo. Ngishumayela emaphandleni kodwa ngaphambi kokuba ngibe nenkinga yempilo ngangihamba amakhilomitha angu-160 ngiye ensimini engashunyayelwa njalo, okukhulunywa kuyo isiHungary.” Abamemezeli kumelwe bazidele ukuze basize kwamanye amasimu. ULonash uthi: “Ngangivuka ngo-4:00 ekuseni ukuze ngigibele isitimela bese ngishumayela kuze kushaye u-6:00 ntambama, isikhathi isitimela esibuyela ngaso emuva. Ngangenza lokho kabili noma kathathu ngesonto.” Ingabe waba nomuzwa wokuthi umzamo wakhe uyafaneleka? Uthi: “Kwangijabulisa kakhulu ukwenza lolo hlobo lwenkonzo. Ngajabulela ukusiza umndeni ohlala kude ukuba ufunde iqiniso.”

Kuyaqondakala ukuthi akuwona wonke umuntu emabandleni akule ndawo ongakwazi ukuhamba amabanga amade. Sonke, kuhlanganise nabamemezeli abakhulile, silwela ukushumayela yonke insimu yendawo. Umphumela waba ukuthi ngo-2017, inani labantu abeza eSikhumbuzweni kula madolobha amathathu laliphinda kabili inani labamemezeli—okuyingxenye yenani labo bonke abantu abahlala kuleyo ndawo. Ngokungangabazeki, noma kuphi lapho sikhonza khona, kuningi esingakwenza “emsebenzini weNkosi.”—1 Kor. 15:58.

^ isig. 2 Amagama amadolobha, yi-Hlybokyy Potik, i-Serednye Vodyane ne-Nyzhnya Apsha.