Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 22

Thuthukisa Indlela Otadisha Ngayo!

Thuthukisa Indlela Otadisha Ngayo!

“[Qiniseka] ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—FIL. 1:10.

INGOMA 35 “Niqiniseke Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu”

AMAZWIBELA *

1. Kungani kunzima ngabanye ukutadisha?

ABANTU abaningi namuhla kudingeka bazikhandle ukuze bathole imali yokuziphilisa. Abafowethu abaningi basebenza amahora amaningi ukuze banakekele izidingo zemindeni yabo. Abanye bachitha isikhathi esiningi besendleleni eya emsebenzini nasendleleni ephindela emakhaya. Abaningi baziphilisa ngokwenza imisebenzi ekhandlayo. Kuthi kuphela usuku, laba bafowethu nodadewethu abazikhandlayo basuke beyimvithi! Basuke bengasenawo amandla okutadisha.

2. Usithola nini isikhathi sokutadisha?

2 Nokho, iqiniso liwukuthi kumelwe sisithole isikhathi sokutadisha—ukutadisha ngempela—iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zethu zobuKristu. Ubuhlobo bethu noJehova nokuthola ukuphila okuphakade kuncike ekutadisheni! (1 Thim. 4:15) Abanye batadisha njalo ekuseni lapho kungenamsindo endlini nangemva kokuba ingqondo isiphumule ngokwanele. Abanye basebenzisa isikhathi sakusihlwa ukuze batadishe futhi bazindle.

3-4. Kube naluphi ushintsho ezintweni esizifundayo, futhi kungani?

3 Cishe uyavuma ukuthi kubalulekile ukuthola isikhathi sokutadisha. Kodwa yini okufanele siyitadishe? Ungase uthi, ‘Kuningi okufanele sikutadishe. Ngiyahluleka ukukutadisha konke.’ Abanye bayakwazi ukufunda nokubukela konke esikunikezwa inhlangano, kodwa abafowethu abaningi bayehluleka ukuthola isikhathi sokukufunda nokukubukela. INdikimba Ebusayo iyakwazi lokhu. Ngenxa yalokhu, iye yakhipha isiqondiso sokuba kuncishiswe izinto ezinyatheliswayo nezinto ezikuyiwebusayithi yethu.

4 Ngokwesibonelo, INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova ayisanyatheliswa, njengoba sesizwa izindaba eziningi ezikhuthazayo zabafowethu kuyi-jw.org® nasohlelweni lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting®. Omagazini INqabayokulinda yomphakathi ne-Phaphama! manje sebenyatheliswa kathathu ngonyaka. Lezi zinguquko azenzelwanga ukuthi sibe nesikhathi sokwenza ezinye izinto. Zenzelwe ukuba sibe nesikhathi sokugxila ‘ezintweni ezibaluleke kakhulu.’ (Fil. 1:10) Ake sixoxe ngendlela esinganquma ngayo ukuthi yini ebaluleke kakhulu nokuthi singazuza kanjani ngokugcwele lapho sitadisha.

BEKA IZINTO EZIBALULEKILE KUQALA

5-6. Yikuphi okufanele siqiniseke ukuthi siyakutadisha?

5 Yiziphi izinto ezibalulekile okufanele sizitadishe? Kufanele sizinike isikhathi sokutadisha iZwi likaNkulunkulu usuku ngalunye. Amavesi esiwafunda emihlanganweni yebandla yaphakathi nesonto ancishisiwe ukuze sikwazi ukuba nesikhathi esanele sokuzindla nokucwaninga ngalokho esikufundayo. Umgomo wethu awukona nje ukuqeda ukufunda lawo mavesi, kodwa uwukuba sivumele lokho okushiwo yiBhayibheli kuthinte izinhliziyo zethu futhi kusisondeze nakakhulu kuJehova.—IHu. 19:14.

6 Yikuphi okunye okufanele sikutadishe? Kufanele silungiselele iSifundo Se-Nqabayokulinda, iSifundo SeBhayibheli Sebandla kanye nokunye okuzoxoxwa ngakho emihlanganweni yaphakathi nesonto. Kufanele sitadishe ne-Nqabayokulinda yomphakathi ne-Phaphama!

7. Ingabe kufanele sidikibale yini lapho singakwazi ukufunda nokubukela konke okutholakala kuyiwebusayithi yethu nakuyi-JW Broadcasting?

7 Ungase uthi, ‘Kulungile-ke, kodwa kuthiwani ngezihloko namavidiyo akuyiwebusayithi yethu i-jw.org nalawo akuyi-JW Broadcasting? Kwaze kwakuningi bo!’ Cabanga ngalo mfanekiso: Isitolo sokudlela sinezinhlobonhlobo zokudla okumnandi okungakhethwa kukho. Amakhasimende ngeke akwazi ukukudla konke lokhu kudla. Ngakho akhetha okumbalwa. Ngendlela efanayo, uma ungakwazi ukufunda nokubukela konke esikunikezwayo okukuyi-inthanethi, ungadikibali. Funda noma ubukele lokho ongakwazi ukukufunda nokukubukela. Manje ake sixoxe ngokuthi kusho ukuthini ukutadisha nokuthi yini esingayenza ukuze sizuze ngokugcwele lapho sitadisha.

UKUTADISHA KUDINGA UKUZIKHANDLA!

8. Iziphi izinto esingazenza lapho sitadisha INqabayokulinda, futhi ukwenza kanjalo kuzokuzuzisa kanjani?

8 Ukutadisha kuwukufunda unenjongo yokuzuza okuthile okubalulekile. Akukona nje ukufunda ushwampuluze noma ukufuna ukudwebela izimpendulo. Ngokwesibonelo, lapho ulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda, qala ngokufunda amazwibela asekuqaleni kwesihloko osifundayo. Yibe usucabanga ngesihloko, izihlokwana nemibuzo yokubuyekeza. Funda izigaba, ungajahi ukuziqeda. Yinakisise imisho eyinhloko, ngokuvamile eba sekuqaleni kwesigaba ngasinye. Leyo misho ivame ukukusiza wazi ukuthi leso sigaba sikhuluma ngani. Njengoba ufunda, cabanga ngendlela isigaba ngasinye esihlobana ngayo nezihlokwana kanye nesihloko esikhulu. Phawula amagama ongawajwayele namaphuzu ongathanda ukucwaninga ngawo.

9. (a) Kungani kufanele sinakisise imiBhalo lapho sitadisha INqabayokulinda, futhi singakwenza kanjani lokhu? (b) Njengoba kuboniswe kuJoshuwa 1:8, yini okufanele siyenze lapho sesiyifundile imiBhalo?

9 ISifundo Se-Nqabayokulinda sisisiza siqonde iBhayibheli. Ngakho nakisisa imiBhalo, ikakhulukazi leyo ezofundwa phakathi nomhlangano webandla. Naka ngokukhethekile indlela amagama nemishwana esemiBhalweni elisekela ngayo iphuzu elisesigabeni. Ngaphezu kwalokho, zinike isikhathi sokuzindla ngemiBhalo oyifundayo futhi ucabangisise ukuthi ungayisebenzisa kanjani ekuphileni kwakho.—Funda uJoshuwa 1:8.

Bazali, fundisani izingane zenu indlela yokutadisha (Bheka isigaba 10) *

10. NgokweyamaHebheru 5:14, kungani abazali kufanele babe nesikhathi sokufundisa izingane zabo ukutadisha nokucwaninga ekukhulekeleni komkhaya?

10 Kuyaqondakala ukuthi abazali bafuna izingane zabo zikujabulele ukuKhulekela Komkhaya kwamasonto onke. Nokho, nakuba abazali kufanele bahlele njalo ukuthi yini okuzoxoxwa ngayo ekukhulekeleni komkhaya, asikho isidingo sokuba bazizwe bebophekile ukuhlela izinto ezinjengemidlalo ukuze nje bajabulise izingane njalo. Nakuba ukuKhulekela Komkhaya kungase kuhlanganise ukubukela uhlelo lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting noma ukwenza umsebenzi othile, njengokwakha umkhumbi kaNowa, kubalulekile nokuba izingane zifundiswe indlela yokutadisha. Ngokwesibonelo, kudingeka zifunde ukulungiselela imihlangano yebandla noma ukucwaninga ngombuzo eziwubuzwe esikoleni. (Funda eyamaHebheru 5:14.) Uma ziba nesikhathi sokutadisha ekhaya, ziyokwazi ukugxilisa izingqondo kulokho okuzoxoxwa ngakho emihlanganweni yebandla, eyesigodi neyesifunda, okungenzeka ingabi namavidiyo njalo. Ubude besikhathi sokutadisha buzoncika ekutheni izingane zineminyaka emingaki nokuthi zinobuntu obunjani.

11. Kungani kubalulekile ukuba sifundise abantu esibafundelayo indlela yokutadisha?

11 Abantu esibafundela iBhayibheli nabo kufanele bafunde ukutadisha. Lapho siqala ukufunda nabo, siyajabula uma sibona ukuthi bazidwebele izimpendulo ngesikhathi belungiselela isifundo sabo noma imihlangano yebandla. Kodwa kuyadingeka sibafundise indlela yokucwaninga neyokuzitadishela ngendlela ezobazuzisa. Ngaleyo ndlela, kunokuba bagijimele ukuyofuna usizo kwabanye ebandleni lapho bebhekana nezinkinga, bazokwazi ukuzitholela bona izeluleko eziwusizo ngokucwaninga ezincwadini zethu.

YIBA NOMGOMO LAPHO UTADISHA

12. Yimiphi imigomo esingaba nayo lapho sitadisha?

12 Uma ungakuthandi ukufunda, ungase ucabange ukuthi ngeke ukwazi ukukujabulela ukutadisha. Kodwa ungakujabulela. Ungaqala ngokutadisha isikhathi esincane bese uya usandisa isikhathi sakho sokutadisha kancane kancane. Zama ukucabanga ukuthi yini ofuna ukuyizuza njengoba utadisha. Umgomo wethu kufanele kube ukusondelana nakakhulu noJehova. Omunye umgomo wethu kungaba ukuphendula umbuzo obuzwe othile noma ukucwaninga ngenkinga esibhekene nayo.

13. (a) Chaza izinto umuntu osafunda isikole angazenza ukuze avikele izinkolelo zakhe esikoleni. (b) Ungasisebenzisa kanjani iseluleko esitholakala kweyabaseKolose 4:6?

13 Ngokwesibonelo, ingabe usafunda isikole? Izingane ofunda nazo kungenzeka zonke zikholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Kungenzeka ufisa ukumelela iqiniso leBhayibheli kodwa mhlawumbe unomuzwa wokuthi uzokwehluleka. Ngakho kudingeka utadishe! Ungatadisha unemigomo emibili: (1) ukuze ukukholelwe nakakhulu ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto, (2) uthuthukise nendlela olivikela ngayo iqiniso. (Roma 1:20; 1 Pet. 3:15) Ungase uqale uzibuze, ‘Kungani engifunda nabo bethi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo?’ Yibe sewenza ucwaningo ngale ndaba usebenzisa izincwadi zethu. Ukuvikela izinto ozikholelwayo kungase kungabi nzima njengoba ucabanga. Abantu abaningi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ngenxa nje yokuthi umuntu othile abamhloniphayo ubatshele ukuthi kuyiqiniso. Uma uthola amaphuzu ongaxoxa ngawo, ungase usize umuntu ofuna ngempela ukwazi iqiniso.—Funda eyabaseKolose 4:6.

KHULISA ISIFISO SAKHO SOKUFUNDA

14-16. (a) Yini engakusiza uqonde kangcono incwadi yeBhayibheli okungenzeka awuyazi kahle? (b) Usebenzisa imiBhalo ekhonjiwe, chaza indlela ongaziqonda ngayo kakhudlwana izenzakalo ezisencwadini ka-Amose. (Bheka ibhokisi elithi “ Yenza IBhayibheli Liphile!”)

14 Ake sithi emhlanganweni waphakathi nesonto olandelayo kuzoxoxwa ngencwadi yeBhayibheli eyabhalwa omunye wabaprofethi abancane, mhlawumbe ongamazi kahle. Ongaqala ngokukwenza ukufuna ukwazi okwengeziwe ngalokho okwabhalwa yilowo mprofethi. Ungakwenza kanjani lokho?

15 Okokuqala, zibuze: ‘Yini engiyaziyo ngomuntu owabhala le ncwadi? Wayengubani, wayehlalaphi, wayenza msebenzi muni?’ Lapho sifunda okwengeziwe ngomuntu owabhala leyo ncwadi, singase siqonde kangcono ukuthi kungani asebenzisa amazwi noma imifanekiso ayibhala. Njengoba ufunda iBhayibheli, funa imisho ezokusiza ubone ukuthi lo muntu owabhala le ncwadi wayengumuntu onjani ngempela.

16 Ngemva kwalokho, kungakusiza ukwazi ukuthi yabhalwa nini leyo ncwadi. Ungakuthola kalula lokhu engxenyeni ethi “Ishadi Lezincwadi ZeBhayibheli” engemuva kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Ngaphezu kwalokho, ungabheka ishadi labaprofethi namakhosi engxenyeni 3 encwajaneni ethi INsiza-kufunda YeZwi LikaNkulunkulu. Uma utadisha incwadi yeziprofetho, kungaba kuhle ukuthola ukuthi zazinjani izimo zokuphila ngesikhathi kubhalwa leyo ncwadi. Yimiphi imikhuba umprofethi ayethunywe ukuba axwayise ngayo? Obani abanye ababephila ngesikhathi sakhe? Ukuze ukuqonde kahle lokhu, kungase kudingeke ubheke nezinye izincwadi zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ukuze uqonde kakhudlwana okwakwenzeka ngesikhathi somprofethi u-Amose, kuyokuzuzisa ukufunda eyesi-2 AmaKhosi neyesi-2 IziKronike, okuyizikhombo zencwadi ka-Amose 1:1. Ngaphezu kwalokho, ungafunda incwadi kaHoseya, okungenzeka wayephila ngesikhathi sika-Amose. Zonke lezi zincwadi zingakusiza usiqonde kangcono isikhathi u-Amose ayephila ngaso.—2 AmaKh. 14:25-28; 2 IziKr. 26:1-15; Hos. 1:1-11; Amose 1:1.

NAKISISA IMINININGWANE ECASHILE

17-18. Usebenzisa isibonelo esisesigabeni noma ozitholele sona, bonisa ukuthi ukunaka imininingwane ecashile lapho utadisha kungakwenza kanjani ukujabulele ukutadisha iBhayibheli.

17 Kuhle ukufunda iBhayibheli sinesifiso sokwazi okwengeziwe. Ngokwesibonelo, ake sithi ufunda isahluko 12 sencwadi yesiprofetho sikaZakariya, esibikezela ngokufa kukaMesiya. (Zak. 12:10) Uma usufunda ivesi 12, uthola ukuthi “umndeni wendlu kaNathani” wawuyolila lapho kufa uMesiya. Kunokuba ufunde udlule, yima uzibuze: ‘Indlu kaNathani ihlangana kanjani noMesiya? Ikhona yini indlela yokuthola okwengeziwe?’ Ukuze uthole okwengeziwe, cwaninga. Isikhombo salo mBhalo sikuyisa kweyesi-2 Samuweli 5:13, 14, lapho ufunda khona ukuthi uNathani wayeyindodana yeNkosi uDavide. Isikhombo sesibili, uLuka 3:23, 31, sibonisa ukuthi uJesu wayeyinzalo kaNathani, ukhokho kaMariya. (Bheka iphuzu lokucwaninga elithi “UJosefa, indodana kaHeli,” elikuLuka 3:23, kuyi-nwtsty-E.) Lokhu kuvele kukumangaze! Ubuwazi ukuthi kwakubikezelwe ukuthi uJesu wayeyovela ohlwini lozalo lukaDavide. (Math. 22:42) Kodwa uDavide wayenamadodana angaphezu kwangu-20. Kuyaphawuleka ngempela ukuthi uZakariya ugagula indlu kaNathani ngokukhethekile njengelilela ukufa kukaJesu!

18 Nasi esinye isibonelo. Esahlukweni sokuqala sikaLuka sifunda ukuthi ingelosi uGabriyeli yavakashela uMariya yamtshela lokhu ngendodana ayezoyizala: “Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade.” (Luka 1:32, 33) Singase sigxile engxenyeni yokuqala yomlayezo kaGabriyeli, othi uJesu wayeyobizwa ngokuthi “iNdodana YoPhezukonke.” Kodwa uGabriyeli wabuye waprofetha ukuthi uJesu ‘wayeyobusa njengenkosi.’ Ngakho siyazibuza ukuthi ayengase asho ukuthini ngempela kuMariya lawo mazwi kaGabriyeli. Ingabe wacabanga ukuthi amazwi kaGabriyeli ayesho ukuthi uJesu wayeyongena esikhundleni seNkosi uHerode noma omunye wababusi ababeyobusa ngemva kwakhe kwa-Israyeli? Ukube uJesu waba inkosi, uMariya wayeyoba indlovukazi futhi umndeni wakubo wawuyohlala esigodlweni. Nokho, akukho lapho sithola khona ukuthi uMariya wayibuza into enjengaleyo kuGabriyeli; akukho nalapho sifunda khona ukuthi uMariya wafuna isikhundla esiphakeme eMbusweni, njengoba kwenza abafundi bakaJesu ababili. (Math. 20:20-23) Le mininingwane iyasiqinisekisa ukuthi uMariya wayengowesifazane othobeke ngempela!

19-20. Njengoba kuboniswe kuJakobe 1:22-25 nasesahlukweni 4:8, iyini imigomo yethu lapho sitadisha?

19 Masikhumbule ukuthi umgomo wethu oyinhloko lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zethu zobuKristu uwukusondela nakakhulu kuJehova. Sifuna nokubona ngokucacile ukuthi ‘singabantu abanjani’ nokuthi yiziphi izinguquko okudingeka sizenze ukuze sijabulise uNkulunkulu. (Funda uJakobe 1:22-25; 4:8.) Ngakho, ngaphambi kokuba siqale ukutadisha, kufanele sicele uJehova asisize ngomoya wakhe. Kufanele simnxuse asisize sizuze ngokugcwele kulokho esikutadishayo futhi sizibone ngendlela yena asibheka ngayo.

20 Kwangathi sonke singafana nenceku kaNkulunkulu echazwe umhubi: “Injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. . . . Konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHu. 1:2, 3.

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

^ isig. 5 UJehova usinika ngesandla esivulekile izinto eziningi esingazibukela, sizifunde futhi sizitadishe. Lesi sihloko sizokusiza ukwazi ukukhetha ukuthi yini ozoyitadisha futhi sinamacebiso asebenzayo azokusiza uzuze ngokugcwele lapho utadisha.

^ isig. 61 INCAZELO YEZITHOMBE: Abazali babonisa izingane zabo indlela yokulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda.

^ isig. 63 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane ucwaninga ngomunye wababhali beBhayibheli u-Amose. Izithombe ezingemuva zibonisa lokho umfowethu akubonayo ngeso lengqondo njengoba efunda indaba eseBhayibhelini futhi ezindla ngayo.