Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 21

Ungakhohliswa “Ukuhlakanipha Kwaleli Zwe”

Ungakhohliswa “Ukuhlakanipha Kwaleli Zwe”

“Ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu.” —1 KOR. 3:19.

INGOMA 98 ImiBhalo—Iphefumulelwe UNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1. Yini esiyithola eZwini likaNkulunkulu?

UJEHOVA unguMfundisi wethu Omkhulu, ngakho singakwazi ukubhekana nanoma iyiphi inkinga. (Isaya 30:20, 21) IZwi laKhe linakho konke esikudingayo ukuze ‘sikufanelekele ngokugcwele’ futhi ‘siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thim. 3:17) Lapho siphila ngokuvumelana nezimfundiso zeBhayibheli, siyahlakanipha kunalabo abakhuthaza ukulandela “ukuhlakanipha kwaleli zwe.”—1 Kor. 3:19; IHu. 119:97-100.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Njengoba sizobona, ngokuvamile ukuhlakanipha kwezwe kukhuthaza izifiso zobugovu. Ngakho kungase kube nzima ukugwema ukucabanga nokwenza njengabantu baleli zwe. Yingakho iBhayibheli lithi: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu.” (Kol. 2:8) Kulesi sihloko sizohlola ukuthi kwenzeka kanjani ukuba abantu bakholwe amanga amabili afundiswa uSathane. Esimweni ngasinye, sizobona ukuthi kungani ukuhlakanipha kwezwe kuwubuwula nokuthi ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu kuphakeme kanjani kunanoma yini esingayinikwa yizwe.

UKUSHINTSHA KWENDLELA OKUBHEKWA NGAYO UKUZIPHATHA OKUBI

3-4. Yiziphi izinguquko ezaba khona endleleni yokuziphatha ngasekuqaleni kwekhulu lama-20 e-United States?

3 Ekuqaleni kwekhulu lama-20 leminyaka, e-United States abantu babona ushintsho olukhulu endleleni okwakubhekwa ngayo ukuziphatha okubi. Ngaphambilini, abantu abaningi babekholelwa ukuthi abantu abashadile kuphela okwakufanele baye ocansini futhi kwakungaxoxwa ngalo emphakathini. Kodwa lokho kwashintsha, abantu bazamukela izinto ezazingamukeleki ngaphambili.

4 Phakathi kuka-1920 no-1929 yashintsha kakhulu indlela abantu ababeziphatha ngayo nendlela ababebheka ngayo ucansi. Omunye umcwaningi uthi, “Amafilimu, imidlalo yasesiteji, izingoma, izincwadi nezikhangiso, konke kwaqala ukukhuthaza ucansi.” Phakathi naleyo minyaka abantu babedansa ngendlela evusa inkanuko futhi begqoka ngendlela engenasizotha. Njengoba iBhayibheli lalibikezele mayelana nezinsuku zokugcina, abantu babeyoba “abathandi benjabulo” ngezinga eliphawulekayo.—2 Thim. 3:4.

Abantu bakaJehova abalingisi abantu baleli zwe abangenasimilo (Bheka isigaba 5) *

5. Kuye kwenzekani endleleni abantu abaziphatha ngayo kusukela ngawo-1960?

5 Ngawo-1960, ukukipita, ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo nokudivosa ngezizathu ezingathi shu kwaba insakavukela. Izinhlobo eziningi zokuzijabulisa zaqala ukuba nezenzo ezilubonisa ingcaca ucansi. Eminyakeni yamuva, imiphumela yokungabi khona kwesimilo iye yabonakala ngezindlela eziningi. Umbhali wencwadi ethile wathi uqhekeko emindenini, imindeni enomzali oyedwa, ukuhlukumezeka ngokomzwelo, ukubukwa kwezithombe zabantu abanqunu nabenza ucansi nokunye okunjengalokhu kubangelwa ukuthi ‘isimilo asisekho, abantu benza lokho okuthandwa yibo.’ Ukubhebhetheka kwezifo ezithathelwana ngocansi, njengengculazi, kungenye yezinkomba zokuthi ukuhlakanipha kwezwe kuwubuwula.—2 Pet. 2:19.

6. Indlela umhlaba obheka ngayo ucansi iyifeza kanjani injongo kaSathane?

6 Indlela umhlaba obheka ngayo ucansi ifeza injongo kaSathane. Akungabazeki ukuthi uyajabula lapho ebona abantu bengasihloniphi lesi sipho uNkulunkulu asiphe abantu abashadile futhi bedelela ilungiselelo laKhe lomshado. (Efe. 2:2) Ukuziphatha kabi ngokocansi akugcini nje ngokona isipho sikaJehova esihle sokuzalana kodwa kungabangela ukuba labo abaziphatha kabi balahlekelwe yithuba lokuphila phakade.—1 Kor. 6:9, 10.

UMBONO WEBHAYIBHELI NGOKUZIPHATHA

7-8. Yimuphi umbono ofanele nohloniphekile ngocansi ofundiswa yiBhayibheli?

7 Abantu abamukela ukuhlakanipha kwezwe bagcona lokho okushiwo yiBhayibheli ngokuziphatha, bathi akunangqondo. Labo bantu bangase bathi, ‘Kungani uNkulunkulu esidale saba nezifiso zocansi bese ethi singenzi ngokuvumelana nazo?’ Lo mbuzo uvela enkolelweni engamanga yokuthi abantu kumelwe benze noma yini abafisa ukuyenza. Kodwa iBhayibheli lisho okuhlukile. Lisifundisa ukuthi singakwazi ukugwema izifiso ezingalungile. (Kol. 3:5) Ngaphezu kwalokho, uJehova usinikeze isipho somshado, okuyilungiselelo elisisiza sanelise izifiso zocansi ngendlela efanele. (1 Kor. 7:8, 9) Ngaleli lungiselelo, indoda nomkayo bangaya ocansini ngaphandle kokuzisola noma ukukhathazeka okuyizinto eziba umphumela wokuziphatha kabi ngokocansi.

8 Ngokungafani nokuhlakanipha kwaleli zwe, iBhayibheli lifundisa ukubheka ucansi ngendlela efanele. Liyavuma ukuthi ucansi lungaba umthombo wenjabulo. (IzAga 5:18, 19) Nokho, iBhayibheli lithi: “Ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka, esinjengaleso lezo zizwe ezingamazi uNkulunkulu ezinaso.”—1 Thes. 4:4, 5.

9. (a) Abantu bakaJehova ngasekuqaleni kwekhulu lama-20 leminyaka bakhuthazwa kanjani ukuba basebenzise ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu? (b) Yisiphi iseluleko esihlakaniphile esitholakala kweyoku-1 Johane 2:15, 16? (c) Njengoba kubonisiwe kweyabaseRoma 1:24-27, yikuphi ukuziphatha okubi okufanele sikugweme?

9 Ngasekuqaleni kwekhulu leminyaka lama-20, abantu bakaJehova abazange bakhohliswe yimibono yalabo ababengasenawo “nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.” (Efe. 4:19) Bazama ukulandela eduze indlela yokuziphatha uJehova ayifunayo. INqabayokulinda yesiNgisi kaMeyi 15, 1926 yathi “indoda noma owesifazane kumelwe ahlanzeke futhi abe msulwa kulokho akwenzayo nakucabangayo, ikakhulukazi ngokuphathelene nomuntu wobulili obuhlukile.” Kungakhathaliseki ukuthi kwakwenzekani ezweni, abantu bakaJehova babelandela ukuhlakanipha okungcono kakhulu okuseZwini likaNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Johane 2:15, 16.) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuba neZwi likaNkulunkulu! Siyambonga uJehova nangokusinika ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi okusisiza sigweme ukulandela ukuhlakanipha kwaleli zwe mayelana nokuziphatha. *Funda eyabaseRoma 1:24-27.

USHINTSHO ENDLELENI ABANTU ABAZITHANDA NGAYO

10-11. IBhayibheli laxwayisa ngokuthi kwakuzokwenzekani ezinsukwini zokugcina?

10 IBhayibheli laxwayisa ukuthi ezinsukwini zokugcina “abantu bayokuba abazithandayo.” (2 Thim. 3:1, 2) Akumangazi ukuthi izwe likhuthaza abantu ukuba bazibheke njengababalulekile. Enye incwadi ithi ngawo-1970 “sanda isibalo sezincwadi ezichaza ukuthi umuntu angaphumelela kanjani.” Ezinye izincwadi “zakhuthaza abafundi ukuba bazazi futhi bathande lokho abayikho.” Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwashiwo enye incwadi enjalo: “Thanda umuntu omuhle kakhulu, othandekayo nobaluleke kakhulu—zithande wena.” Le ncwadi ifundisa ukuthi “umuntu kumelwe azinqumele yena indlela yokuziphatha, enze noma yini acabanga ukuthi ilungile futhi ifanele.”

11 Ingabe wake wakuzwa lokhu ngaphambili? USathane wakhuthaza u-Eva ukuba enze into efanayo. Wathi u-Eva angaba ‘njengoNkulunkulu, azi okuhle nokubi.’ (Gen. 3:5) Namuhla, abantu abaningi bacabanga ukuthi bangcono futhi abafuni kutshelwa, ngisho noNkulunkulu ngeke abatshele ukuthi yini elungile nengalungile. Lesi simo sengqondo siye saphawuleka kakhulu endleleni abantu ababheka ngayo umshado.

UmKristu ubeka izidingo zabanye kuqala kunezakhe—ikakhulukazi ezomuntu ashade naye (Bheka isigaba 12) *

12. Yimuphi umbono leli zwe eliwufundisayo ngomshado?

12 IBhayibheli litshela indoda nomkayo ukuba bahloniphane futhi bahloniphe izifungo zabo zomshado. Likhuthaza abantu abashadile ukuba bazimisele ukuhlala ndawonye, lithi: “Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” (Gen. 2:24) Ngokuphambene nalokho, labo abathonywe ukuhlakanipha kwezwe bakhuthaza umbono ohlukile, bathi umuntu oshadile kumelwe agxile ezidingweni zakhe. Enye incwadi ekhuluma ngokudivosa ithi, “Kweminye imikhosi yemishado, amazwi esifungo esivamile somshado athi ‘uma nje sisaphila ndawonye,’ aye athathelwa indawo amazwi athi ‘uma nje sisathandana.’” Umbono onjalo ngomshado ubangele ukuhlukana kwemindeni eminingi nokulimala okukhulu ngokomzwelo. Akungabazeki ukuthi umbono wezwe obonisa ukungawuhloniphi umshado uwubuwula.

13. Kungani abantu abaziqhenyayo benengeka kuJehova?

13 IBhayibheli lithi: “Wonke umuntu oziqhenyayo enhliziyweni uyinto enengekayo kuJehova.” (IzAga 16:5) Kungani abantu abaziqhenyayo benengeka kuJehova? Esinye sezizathu siwukuthi abantu abazithandayo nabazibona bengcono kunabanye balingisa ukuziqhenya kukaSathane. Khumbula ukuthi uSathane wayezitshela ukuthi uJesu—lowo uNkulunkulu ayemsebenzisile ekudaleni zonke izinto—wayezomkhothamela amkhulekele! (Math. 4:8, 9; Kol. 1:15, 16) Abantu abanjalo abaziphakamisayo banikeza ubufakazi bokuthi ukuhlakanipha kwaleli zwe kuwubuwula kuNkulunkulu.

UMBONO WEBHAYIBHELI NGOKUQHOSHA

14. EyabaseRoma 12:3 isisiza kanjani sibe nokulinganisela endleleni esizibheka ngayo?

14 IBhayibheli lisisiza sibe nokulinganisela endleleni esizibheka ngayo. Lithi akukubi ukuba umuntu azithande ngokwezinga elithile. UJesu wathi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena,” okusho ukuthi kufanele sikunake nalokho thina esikudingayo. (Math. 19:19) Nokho, iBhayibheli alifundisi ukuthi kufanele sizibone singcono kunabanye. Kunalokho, lithi: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani.”—Fil. 2:3; funda eyabaseRoma 12:3.

15. Kungani ucabanga ukuthi iseluleko seBhayibheli ngokuqhosha sihlakaniphile?

15 Namuhla, abantu abaningi ababhekwa njengabahlakaniphile abasihloniphi iseluleko seBhayibheli ngokuqhosha. Bathi uma ubheka abanye njengabakhulu kunawe bangase badlale ngawe futhi bakuxhaphaze. Kodwa-ke ube namiphi imiphumela umoya wokuziqhenya okhuthazwa yizwe likaSathane? Yini wena oyibonile? Ingabe abantu abangamagovu bajabule? Imindeni yabo inayo yini injabulo? Ingabe banabo abangane beqiniso? Banabo yini ubuhlobo obuhle noNkulunkulu? Kulokho okubonile, yikuphi okunemiphumela emihle—ukuhlakanipha kwaleli zwe noma ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu?

16-17. Yisiphi isizathu sokubonga esinaso, futhi kungani?

16 Abantu abakholelwa yilokho okushiwo yilabo izwe elibabheka njengabahlakaniphile bafana nomuntu ovakashele ezweni elithile ocela ukulayelwa indlela komunye umuntu ovakashile naye odukile. UJesu washo lokhu ngabantu ababebhekwa njengabahlakaniphile ngosuku lwakhe: “Bangabaholi abayizimpumputhe. Khona-ke, uma impumputhe ihola impumputhe, zombili ziyowela emgodini.” (Math. 15:14) Ngempela, ukuhlakanipha kwaleli zwe kuwubuwula kuNkulunkulu.

OFakazi abashadile bajabule njengoba bebuka izithombe ezibakhumbuza isikhathi abasichitha besenkonzweni (Bheka isigaba 17) *

17 Iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile besilokhu ‘sinenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’ (2 Thim. 3:16) Kusijabulisa ngempela ukuthi uJehova, ngenhlangano yakhe, uye wasivikela ekuhlakanipheni kwaleli zwe! (Efe. 4:14) Ukudla okungokomoya asipha kona kusinika amandla esiwadingayo ukuze senze lokho okushiwo yiZwi lakhe. Kuyilungelo elikhulu ukuqondiswa ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa!

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

^ isig. 5 Lesi sihloko sizosisiza siqiniseke nakakhulu ngokuthi uJehova uwukuphela koMthombo wesiqondiso esingawethemba. Sizosibonisa nokuthi ukulandela ukuhlakanipha kwezwe kunemiphumela ebuhlungu, kuyilapho ukusebenzisa ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu kuzuzisa.

^ isig. 9 Ngokwesibonelo, bheka ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1, izahl. 24-26, noMqulu 2, izahl. 4-5.

^ isig. 50 INCAZELO YESITHOMBE: Sibona izikhathi zokuphila koFakazi abashadile. Bayashumayela ngawo-1960.

^ isig. 52 INCAZELO YESITHOMBE: Ngawo-1980, umzalwane unakekela umkakhe ogulayo kukhona nendodakazi yabo.

^ isig. 54 INCAZELO YESITHOMBE: Namuhla, le ndoda nomkayo babuka izithombe ezibakhumbuza injabulo abayithole ngokukhonza uJehova. Bahlezi nendodakazi yabo esikhulile nomndeni wayo.