Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 19

Uthando Nobulungisa Ezweni Elonakele

Uthando Nobulungisa Ezweni Elonakele

“Awuyena uNkulunkulu ojabula ngobubi; akekho noyedwa omubi ongahlala nawe nganoma yisiphi isikhathi.”—IHU. 5:4.

INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu

AMAZWIBELA *

1-3. (a) NgokweHubo 5:4-6, uJehova uzizwa kanjani ngobubi? (b) Kungani singathi ukunukubeza ingane kungqubuzana ‘nomthetho kaKristu’?

UJEHOVA UNKULUNKULU uyazizonda zonke izinhlobo zobubi. (Funda iHubo 5:4-6.) Uyakuzonda ukunukubezwa kwezingane, okuyisenzo esinyanyekayo ngempela! NjengoFakazi BakaJehova, nathi silingisa uJehova ngokukuzonda ukunukubezwa kwezingane futhi asikubekezeleli ebandleni lobuKristu.—Roma 12:9; Heb. 12:15, 16.

2 Noma isiphi isenzo sokunukubeza izingane singqubuzana ngokuphelele ‘nomthetho kaKristu’! (Gal. 6:2) Kungani sisho kanjalo? Njengoba sifundile esihlokweni esidlule, umthetho kaKristu—oyikho konke uJesu akufundisa ngamazwi nangezenzo—usekelwe othandweni futhi ukhuthaza ubulungisa. Elalela lo mthetho, amaKristu eqiniso aphatha izingane ngendlela ezenza zizizwe zivikelekile futhi zithandwa ngempela. Kodwa ukunukubeza ingane kuyisenzo sobugovu esingenabulungisa, esenza ingane izizwe ingaphephile futhi ingathandwa.

3 Ngokudabukisayo, ukunukubezwa kwezingane kuyinkinga ekhungethe umhlaba wonke futhi le nkinga iyawathinta namaKristu eqiniso. Kungani? Baningi “abantu ababi nabakhohlisi” futhi abanye kubo bangase bazame ukungena ebandleni. (2 Thim. 3:13) Ngaphezu kwalokho, abanye abenza sengathi bayingxenye yebandla baye banqotshwa izifiso zenyama eziphambene nemvelo futhi banukubeza izingane. Ake sixoxe ngokuthi kungani ukunukubeza izingane kuyisono esibi kakhulu. Sizobe sesixoxa nangalokho okwenziwa abadala lapho othile ebandleni enza isono esikhulu, esihlanganisa ukunukubeza ingane, sixoxe nangendlela abazali abangazivikela ngayo izingane zabo. *

ISONO ESIBI KAKHULU

4-5. Ukunukubezwa kuyisono ngayiphi indlela kulowo oyisisulu?

4 Ukunukubezwa kwengane kunemiphumela ehlala isikhathi eside. Kulimaza isisulu nalabo abasithandayo—okungamalungu omndeni namalungu ebandla. Ukunukubeza ingane kuyisono esibi kakhulu.

5 Kuyisono kulowo oyisisulu. * Kuyisono ukulimaza abanye nokubazwisa ubuhlungu. Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, umuntu onukubeza ingane uyizwisa ubuhlungu futhi ayilimaze kakhulu. Njengoba ingane isuke imethemba, uyayixhaphaza ayinukubeze ayishiye izizwa ingavikelekile. Izingane kumelwe zivikelwe kulesi senzo esibi, futhi izingane ezike zanukubezwa zidinga induduzo nosizo.—1 Thes. 5:14.

6-7. Ukunukubeza ingane kuyisono ngayiphi indlela ebandleni naseziphathimandleni?

6 Kuyisono ebandleni. Lapho umuntu ebandleni enukubeza ingane, usuke ehlambalaza ibandla. (Math. 5:16; 1 Pet. 2:12) Kuzimelela kabi izigidi zamaKristu athembekile ‘alulwela kanzima ukholo’! (Jude 3) Asibafuni abantu abaqhubeka benza izinto ezimbi bengaphenduki futhi abangcolisa idumela elihle lebandla.

7 Kuyisono eziphathimandleni. AmaKristu kumelwe ‘azithobe emagunyeni aphakeme.’ (Roma 13:1) Sibonisa ukuthi siyawulalela lo myalo ngokuhlonipha imithetho yezwe ngendlela efanele. Uma umuntu ebandleni ephula umthetho kahulumeni, njengokunukubeza ingane, usuke enza isono eziphathimandleni. (Qhathanisa nezEnzo 25:8.) Nakuba abadala bengenalo ilungelo lokujezisa abantu abaphula umthetho kahulumeni, abamvikeli umuntu onukubeza ingane ekujezisweni uhulumeni ngenxa yesono asenzile. (Roma 13:4) Isoni sivuna lokho esikutshalile.—Gal. 6:7.

8. UJehova uzibheka kanjani izono ezenziwa kwabanye abantu?

8 Ngaphezu kwakho konke, kuyisono kuNkulunkulu. (IHu. 51:4) Lapho umuntu ona omunye umuntu, usuke ona nakuJehova. Cabanga ngesibonelo esiseMthethweni uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli. UMthetho wawuthi umuntu ophanga noma aphambe umakhelwane wakhe wayeziphatha “ngokungathembeki kuJehova.” (Lev. 6:2-4) Ngakho-ke, umuntu ebandleni onukubeza ingane—ayenze izizwe ingaphephile—uziphatha ngokungathembeki kuNkulunkulu. Umuntu onjalo uhlambalaza igama likaJehova. Ngenxa yaleso sizathu, ukunukubezwa kwengane kumelwe kubhekwe njengokwenza isono esinyanyekayo kuNkulunkulu.

9. Yikuphi ukwaziswa okungokomBhalo inhlangano kaJehova eye yakunikeza phakathi nayo yonke le minyaka, futhi kungani?

9 Phakathi nayo yonke le minyaka, inhlangano kaJehova ibilokhu inyathelisa izihloko eziningi ezingokomBhalo ezikhuluma ngokunukubezwa kwezingane. Ngokwesibonelo, izihloko ezitholakala kuyi-Nqabayokulinda nakuyi-Phaphama! ziye zakhuluma ngokuthi labo abake banukubezwa bangabhekana kanjani nokulimala ngokomzwelo, zakhuluma ngendlela abanye abangabasiza futhi babakhuthaze ngayo nangendlela abazali abangazivikela ngayo izingane zabo. Abadala baye bathola ukuqeqeshwa okuvela eBhayibhelini endleleni abangasingatha ngayo isono sokunukubezwa kwengane. Inhlangano isaqhubeka ibuyekeza indlela abadala abangasingatha ngayo isono sokunukubezwa kwezingane. Kungani? Ukuze iqikelele ukuthi indlela okusingathwa ngayo lesi sono iyahambisana nomthetho kaKristu.

UKUSINGATHA IZONO EZIMBI KAKHULU

10-12. (a) Lapho abadala besingatha udaba lwesono esikhulu, yini okufanele bayikhumbule, futhi yini abakhathazeka ngayo? (b) Ngokwencwadi kaJakobe 5:14, 15, yini abadala abazama ukuyenza?

10 Lapho abadala besingatha noma isiphi isono esibi kakhulu, bayakhumbula ukuthi umthetho kaKristu udinga ukuba baphathe umhlambi ngothando futhi benze okulungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, kuningi okufanele bakucabangele lapho bethola umbiko othi kunothile owenze isono esibi kakhulu. Into abadala abakhathazeka ngayo kakhulu ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu. (Lev. 22:31, 32; Math. 6:9) Bakhathazeka nangengokomoya labafowabo nodadewabo ebandleni futhi bafuna ukusiza noma ibaphi abake baba izisulu zezenzo ezimbi.

11 Ngaphezu kwalokho, uma umenzi wobubi eyingxenye yebandla, abadala bazama ukumsiza aphenduke uma kungenzeka. (Funda uJakobe 5:14, 15.) UmKristu onqotshwa isifiso esibi bese enza isono esibi kakhulu usuke esegula ngokomoya. Lokhu kusho ukuthi ubuhlobo bakhe noJehova bulimele. * Ngomqondo othile, abadala bangodokotela abangokomoya. Bazama ukwenza “ongaphilile kahle [kulokhu, umenzi wobubi] aphile.” Iseluleko sabo esingokomBhalo singamsiza alungise ubuhlobo bakhe noNkulunkulu, kodwa lokhu kungenzeka kuphela uma ephenduka ngempela.—IzE. 3:19; 2 Kor. 2:5-10.

12 Kuyacaca ukuthi abadala banomthwalo onzima kakhulu. Bawuthanda ngempela umhlambi uNkulunkulu abaphathise wona. (1 Pet. 5:1-3) Bafuna abafowabo nodadewabo bazizwe bephephile ebandleni. Ngenxa yalokho, bayashesha ukuthatha isinyathelo lapho betshelwa ukuthi othile wenze isono esikhulu, kuhlanganise nokunukubeza ingane. Cabanga ngemibuzo esekuqaleni  kwezigaba 13,  15  no-17.

13-14. Ingabe abadala bayayilalela imithetho yezwe babike ukunukubezwa kwengane? Chaza.

 13 Ingabe abadala bayayilalela imithetho yezwe babike ukunukubezwa kwengane eziphathimandleni? Yebo. Ezindaweni ezinemithetho enjalo, abadala bayayilalela imithetho yezwe babike ukunukubezwa kwengane. (Roma 13:1) Imithetho enjalo ayingqubuzani nomthetho kaNkulunkulu. (IzE. 5:28, 29) Ngakho uma bethola umbiko wokwephulwa komthetho, ngokushesha bafuna isiqondiso salokho umthetho othi kufanele kwenziwe ukuze kubikwe lelo cala.

14 Abadala baqinisekisa izisulu nabazali bazo kanye nabanye abalwaziyo udaba ngokuthi bakhululekile ukubika ukunukubezwa kwengane eziphathimandleni. Kodwa kuthiwani uma kubikwa umenzi wobubi ozihlanganisa nebandla bese indaba yaziwa umphakathi? Ingabe umKristu oyibikile kufanele acabange ukuthi uhlambalaze igama likaNkulunkulu? Cha. Umnukubezi wengane nguye ohlambalaze igama likaNkulunkulu.

15-16. (a) Ngokweyoku-1 Thimothewu 5:19, kungani kudingeka okungenani ofakazi ababili ukuze kumiswe ikomiti yokwahlulela? (b) Yini abadala abayenzayo lapho bethola ukuthi umuntu ebandleni usolwa ngokunukubeza ingane?

 15 Ebandleni, ngaphambi kokuba abadala bamise ikomiti yokwahlulela, kungani kudingeka okungenani ofakazi ababili? Yingoba yilokho iBhayibheli elithi kufanele kwenziwe. Lapho umenzi wobubi engasivumi isono, kudingeka ofakazi ababili ukuze bamangalele umenzi wobubi futhi bagunyaze abadala ukuba bamise ikomiti yokwahlulela. (Dut. 19:15; Math. 18:16; funda eyoku-1 Thimothewu 5:19.) Ingabe lokhu kusho ukuthi ngaphambi kokuba kubikwe ukunukubezwa eziphathimandleni, kudingeka kube nofakazi ababili? Cha. Le mfuneko ayisebenzi lapho abadala noma abanye kudingeka babike ukwephulwa komthetho.

16 Lapho abadala bethola ukuthi umuntu ebandleni usolwa ngokunukubeza ingane, bayazimisela ukulalela noma imiphi imithetho yezwe eqondene nokubika lolo daba, bese benza uphenyo ngokuvumelana nalokho okushiwo iBhayibheli. Uma umsolwa eziphika izinsolo, abadala kufanele bafune ofakazi. Uma okungenani abantu ababili—lowo obika udaba nomunye ozokufakazela lokho okubikwayo noma afakazele ezinye izenzo zokunukubezwa kwengane ezenziwe umsolwa—beqinisekisa ukuthi ububi benziwe ngempela, kube sekumiswa ikomiti yokwahlulela. * Ukungabi khona kukafakazi wesibili akusho ukuthi umuntu obika ububi unamanga. Ngisho noma bengekho ofakazi ababili, abadala bayaqaphela ukuthi kungenzeka senziwe isono esibi, esizwise abanye ubuhlungu obukhulu. Abadala bayoqhubeka besekela noma ubani okungenzeka uthintekile. Ngaphezu kwalokho, bayohlala bemqaphile umuntu osolwe ngokunukubeza ukuze bavikele ibandla.—IzE. 20:28.

17-18. Chaza umsebenzi wekomiti yokwahlulela.

 17 Yini eyenziwa ikomiti yokwahlulela? Igama elithi “yokwahlulela” alisho ukuthi abadala bayonquma ukuthi umnukubezi kufanele yini ajeziswe abomthetho ngokwephula umthetho. Abadala abangeni ekusebenzeni kwengalo yomthetho; bashiyela izindaba zokwephulwa komthetho kubantu bomthetho. (Roma 13:2-4; Thithu 3:1) Nokho bahlulela, noma banqume, ukuthi umsolwa angaqhubeka yini esebandleni.

18 Umsebenzi wabadala abamiswe njengekomiti yokwahlulela uwukusiza umsolwa abuyisane noNkulunkulu. Beqondiswa yimiBhalo, bayanquma ukuthi umnukubezi uphendukile yini noma cha. Uma engaphenduki, uyasuswa bese kwenziwa isaziso ebandleni. (1 Kor. 5:11-13) Uma ephendukile, angaqhubeka esebandleni. Nokho, abadala bayomtshela ukuthi angase angaphinde akufanelekele ukusetshenziswa ebandleni noma ukuthola amalungelo enkonzo. Bekhathalela inhlalakahle yezingane, abadala bangase baxwayise ngasese abazali abanezingane ebandleni ngesidingo sokuqapha izingane zabo lapho zinalowo muntu. Lapho bekhuluma nabazali abanezingane, abadala bayoqikelela ukuba bangawasho amagama abantu abathintekile esonweni salowo muntu.

INDLELA YOKUVIKELA IZINGANE ZAKHO

Abazali bavikela izingane zabo ekunukubezweni ngokuzifundisa lokho okudingeka zikwazi ngocansi kuye ngeminyaka yazo. Ukuze benze lokhu, abazali basebenzisa omagazini namavidiyo esiwanikwa inhlangano kaNkulunkulu. (Bheka isihloko esifundwayo 19, izigaba 19-22)

19-22. Yini abazali abangayenza ukuze bavikele izingane zabo? (Bheka isithombe esisesembozweni.)

19 Obani abanomthwalo wokuvikela izingane? Abazali. * Izingane zenu ziyisipho, “ifa elivela kuJehova.” (IHu. 127:3) Kuwumthwalo wenu ukuqapha leso sipho. Yini eningayenza ukuze nivikele izingane zenu ekunukubezweni?

20 Okokuqala, fundani ngokunukubezwa kwezingane. Fundani ukuthi obani abanukubeza izingane nokuthi imaphi amaqhinga abawasebenzisayo ukuze bazikhohlise. Qaphani izimo ezingase zibe ingozi ezinganeni zenu. (IzAga 22:3; 24:3) Khumbulani ukuthi ezikhathini eziningi, umuntu onukubeza ingane kusuke kungumuntu emaziyo futhi emethembayo.

21 Okwesibili, xoxani njalo nezingane zenu. (Dut. 6:6, 7) Lokho kuhlanganisa nokuba izilaleli ezinhle. (Jak. 1:19) Khumbulani ukuthi izingane ziyesaba ukubika lapho zinukubezwa. Zingase zesabe ukuthi akekho umuntu ozozikholwa noma kungenzeka umuntu ozinukubezayo uyazisabisa athi zingatsheli muntu. Uma nisola ukuthi kukhona okungahambi kahle, zibuzeni imibuzo ngendlela enomusa bese nilalela ngesineke lapho ziphendula.

22 Okwesithathu, fundisani izingane zenu. Zifundiseni lokho ezidinga ukukwazi ngocansi, kuye ngeminyaka yazo. Zifundiseni ukuthi yini okufanele ziyisho futhi ziyenze lapho othile ezama ukuzithinta ezindaweni ezingafanele. Sebenzisani ukwaziswa inhlangano kaNkulunkulu esinikeza kona okukhuluma ngezindlela zokuvikela izingane zenu.—Bheka ibhokisi elithi “ Zifundise Wena Ufundise Nezingane Zakho.”

23. Sikubheka kanjani ukunukubezwa kwezingane, futhi yimuphi umbuzo ozophendulwa esihlokweni esilandelayo?

23 NjengoFakazi BakaJehova, sibheka ukunukubezwa kwezingane njengesono esinyanyekayo nesibi kakhulu. Eqondiswa umthetho kaKristu, amabandla awabavikeli abantu abanukubeza izingane ekubhekaneni nemiphumela yezono zabo. Kodwa-ke, yini esingayenza ukuze sisize labo abanukubeziwe? Isihloko esilandelayo sizophendula lo mbuzo.

INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu

^ isig. 5 Lesi sihloko sizoxoxa ngezindlela esingazivikela ngazo izingane ekunukubezweni. Sizofunda nangendlela abadala abangalivikela ngayo ibandla nokuthi abazali bangazivikela kanjani izingane zabo.

^ isig. 3 INCAZELO YAMAGAMA: Ukunukubezwa kwengane kwenzeka lapho umuntu omdala esebenzisa ingane ukuze anelise izifiso zakhe zocansi. Lokhu kungahlanganisa ukuya ocansini nengane; ucansi lomlomo noma lwendunu; ukuwotawota izitho zayo zangasese, ukuyipotoza amabele nezinqe nokwenza ezinye izenzo ezinyanyekayo. Nakuba kuyizingane zamantombazane ezivame ukuba izisulu zokunukubezwa, nezingane zabafana nazo ziyanukubezwa. Nakuba abanukubezi abaningi kungamadoda, bakhona nabesifazane abanukubeza izingane.

^ isig. 5 INCAZELO YAMAGAMA: Kulesi sihloko nakwesilandelayo, igama elithi “isisulu” libhekisela kumuntu owake wanukubezwa eseyingane. Sisebenzisa leli gama ukuze sikwenze kucace ukuthi ingane iye yalinyazwa, yaxhashazwa futhi ayinakubekwa cala.

^ isig. 11 Ukugula ngokomoya akusithetheleli isono esibi kakhulu. Umenzi wobubi kufanele abhekane nemiphumela yezinqumo nezenzo zakhe ezimbi futhi kufanele alandise kuJehova.​—Rom. 14:12.

^ isig. 16 Akulindelekile ukuba ingane ibe khona lapho abadala bekhuluma nalowo osolwa ngokuyinukubeza. Umzali noma omunye umuntu othenjwayo angase akhulume nabadala abatshele okwenzekile ngaphandle kokuba ingane ibekwe esimweni esingayenza izwe ubuhlungu obengeziwe.

^ isig. 19 Lokho okushiwo kubazali kuyasebenza nakubabheki abangokomthetho bengane noma abanye abayikhulisayo.