INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Meyi 2020

Lo magazini unezihloko ezizofundwa ngoJulayi 6–Agasti 2, 2020.

“Inkosi Yasenyakatho” Esikhathini Sokuphela

Isihloko esifundwayo 19: Julayi 6-12, 2020. Siyabubona ubufakazi bokuthi isiprofetho sikaDaniyeli esimayelana “nenkosi yasenyakatho” ‘nenkosi yaseningizimu’ siyaqhubeka sigcwaliseka. Yini esenza siqiniseke kangaka ngalokho? Kungani kudingeka siyiqonde imininingwane yalesi siprofetho?

Amakhosi Alwayo Esikhathini Sokuphela

Isiprofetho esikhuluma ‘ngenkosi yasenyakatho’ kanye ‘nenkosi yaseningizimu’ senzeka ngesikhathi esisodwa nezinye iziprofetho. Lezo ziprofetho zifakazela kanjani ukuthi leli zwe maduze lizobhujiswa?

Ubani “Inkosi Yasenyakatho” Namuhla?

Isihloko esifundwayo 20: Julayi 13-19, 2020. Ubani “inkosi yasenyakatho” namuhla, futhi izobhujiswa kanjani? Ukwazi izimpendulo zale mibuzo kuzoqinisa ukholo lwethu futhi kusisize silungele ushushiso esizobhekana nalo maduze.

Uyambonga Yini UNkulunkulu Ngezipho Akuphe Zona?

Isihloko esifundwayo 21: Julayi 20-26, 2020. Lesi sihloko sizosisiza simbonge uJehova futhi sibonge nangezipho ezintathu aye asipha zona. Sizophinde sisisize sikwazi ukubonisana nalabo abangabazayo ukuthi uNkulunkulu ukhona.

Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngezipho Ezingabonakali

Isihloko esifundwayo 22: Julayi 27–Agasti 2, 2020. Esihlokweni esidlule, sixoxe ngezipho eziningana ezivela kuNkulunkulu esikwazi ukuzibona. Lesi sihloko sizogxila engcebweni esingayiboni nendlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga ngayo. Sizophinde sisisize simbonge nakakhulu uJehova, osinikeze lezi zipho ezinhle.