Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 22

Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngezipho Ezingabonakali

Bonisa Ukuthi Uyabonga Ngezipho Ezingabonakali

‘Gcina amehlo [akho] esezintweni ezingabonwayo. Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwayo zihlala phakade.’​—2 KOR. 4:18.

INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami

AMAZWIBELA *

1. Wathini uJesu ngengcebo yasezulwini?

AKUYONA yonke ingcebo ebonakalayo. Empeleni, ingcebo eyigugu kakhulu yileyo engabonakali. ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wakhuluma ngengcebo yasezulwini engcono kakhulu ukwedlula imali. Wabe esenezela leli qiniso: “Lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona futhi.” (Math. 6:19-21) Lapho into ethile siyibheka njengeyigugu kakhulu, siyofuna ukuyithola. Sizibekela “ingcebo ezulwini” ngokuzenzela igama elihle noNkulunkulu. UJesu wachaza ukuthi ingcebo enjalo ayisoze yabhujiswa noma yebiwa.

2. (a) Ngokwencwadi yesi-2 Korinte 4:17, 18, uPawulu wasikhuthaza ukuba sigxile kuphi? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Umphostoli uPawulu wasikhuthaza ukuba ‘sigcine amehlo ethu esezintweni ezingabonwayo.’ (Funda eyesi-2 Korinte 4:17, 18.) Lezi zinto ezingabonwa zihlanganisa izibusiso esizozijabulela ezweni elisha likaNkulunkulu. Kulesi sihloko, sizofunda ngezipho ezine ezingabonakali esingazuza kuzo njengamanje—ubungane noNkulunkulu, umthandazo, usizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu nokusekelwa esikuthola kuJehova enkonzweni yethu. Sizophinde sifunde ngalokho esingakwenza ukuze sibonise ukuthi siyambonga uJehova ngale ngcebo engabonakali.

UBUNGANE NOJEHOVA

3. Isiphi isipho esingabonakali esikhulu kunazo zonke, futhi yini eyenza sikwazi ukuba naso?

3 Isipho esingabonakali esikhulu kunazo zonke ubungane bethu noJehova uNkulunkulu. (IHu. 25:14) UNkulunkulu uba kanjani umngane wabantu abanesono futhi ahlale engcwele ngokuphelele? Engenza kanjalo ngenxa yokuthi umhlatshelo wesihlengo sikaJesu ‘ususa isono sezwe.’ (Joh. 1:29) Ngisho nangaphambi kokuba uJesu afe, uJehova wayazi ukuthi uJesu wayezothembeka kuze kube sekupheleni ukuze kusindiswe abantu. Yingakho uNkulunkulu aba umngane nabantu ababephila ngaphambi kokuba uKristu afe.—Roma 3:25.

4. Nikeza izibonelo zamadoda asendulo aba abangane bakaNkulunkulu.

4 Cabanga ngamadoda asendulo aba abangane bakaNkulunkulu. U-Abrahama wayeyindoda enokholo oluqinile. Ngemva kweminyaka engu-1 000 u-Abrahama afa, uJehova wambiza ngokuthi “umngane wami.” (Isaya 41:8) Ngakho, ngisho nokufa imbala, akukwazi ukuhlukanisa uJehova nabangane bakhe abakhulu. U-Abrahama usaphila enkumbulweni kaJehova. (Luka 20:37, 38) Esinye isibonelo uJobe. Phambi kwezingelosi ezulwini, uJehova wakhuluma ngokuqiniseka ngoJobe. UJehova wambiza ‘ngomuntu ongasoleki futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu nokugwemayo okubi.’ (Jobe 1:6-8) UJehova wayezizwa kanjani ngoDaniyeli, owamkhonza ngokwethembeka iminyaka engu-80 ezweni elalinabantu abangamkhonzi? Ingelosi yayiqinisekisa kathathu le ndoda esikhulile ukuthi ‘yayingumuntu ofiseleka kakhulu’ kuNkulunkulu. (Dan. 9:23; 10:11, 19) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyafuna ngempela ukuvusa abangane bakhe abathandayo abaye bafa.—Jobe 14:15.

Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabonga ngezipho ezingabonakali? (Bheka isigaba 5) *

5. Yini edingekayo ukuze sijabulele ubungane obuseduze noJehova?

5 Bangaki abantu abanesono namuhla abajabulela ukuba abangane bakaJehova? Bayizigidi. Iningi lamadoda, abesifazane nezingane emhlabeni wonke babonisa ngezenzo ukuthi ngempela bangabangane bakaNkulunkulu. UJehova “usondelana nabaqotho.” (IzAga 3:32) Lobu bungane bukhona ngenxa yokuthi banokholo emhlatshelweni wesihlengo sikaJesu. Ngenxa yesihlengo, singaba abangane bakaJehova futhi sinikezele ukuphila kwethu kuye. Uma sithatha lezi zinyathelo, siba phakathi kwezigidi zamaKristu azinikezele nabhapathiziwe ajabulela ‘ukusondelana’ noMuntu omkhulu kunabo bonke!

6. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngobungane bethu noJehova?

6 Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngobungane bethu noNkulunkulu? Njengo-Abrahama noJobe, abahlala bethembekile kuNkulunkulu iminyaka engaphezu kweyikhulu, nathi kudingeka sihlale sithembekile—kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi esingakanani sikhonza uJehova kuleli zwe elidala. NjengoDaniyeli, kudingeka sibubheke njengobubaluleke kakhulu ubungane bethu noJehova ukwedlula ukuphila kwethu. (Dan. 6:7, 10, 16, 22) Ngosizo lukaJehova, singakwazi ukukhuthazelela noma iluphi uvivinyo esibhekana nalo futhi sihlale singabangane bakaJehova abaseduze.—Fil. 4:13.

ISIPHO SOMTHANDAZO

7. (a) Ngokwencwadi yezAga 15:8, uJehova uzizwa kanjani ngemithandazo yethu? (b) UJehova uyiphendula kanjani imithandazo yethu?

7 Umthandazo ungesinye isipho esingabonakali. Abangane abasondelene bayakuthanda ukuxoxelana ngalokho abakucabangayo nangedlela abazizwa ngayo. Kunjalo yini ngobungane bakho noJehova? Yebo! UJehova ukhuluma nathi esebenzisa iZwi lakhe futhi usembulela indlela acabanga nazizwa ngayo kulo. Sikhuluma naye ngomthandazo, simxoxele ngemicabango yethu ejulile nangendlela esizizwa ngayo. UJehova uyakujabulela ukulalela imithandazo yethu. (Funda izAga 15:8.) NjengoMngane, akagcini nje ngokulalela imithandazo yethu kodwa futhi uyayiphendula. Ngezinye izikhathi uyashesha ukusiphendula. Ngezinye kungase kudingeke siqhubeke sithandaza ngaleyo ndaba. Noma kunjalo, singaqiniseka ngokuthi uzosiphendula ngesikhathi esikahle futhi ngendlela enhle kakhulu. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu angaphendula imithandazo yethu ngendlela esingayilindele. Ngokwesibonelo, kunokuba asuse uvivinyo, angase asinikeze ukuhlakanipha namandla ‘okukhuthazela.’—1 Kor. 10:13.

(Bheka isigaba 8) *

8. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngesipho esiwumthandazo?

8 Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngalesi sipho esiyigugu esiwumthandazo? Enye indlela esingabonisa ngayo iwukulalela umyalo kaJehova ‘wokuthandaza singaphezi.’ (1 Thes. 5:17) UJehova akasiphoqi ukuba sithandaze. Kunalokho, uyalihlonipha ilungelo lethu lokuzikhethela futhi usikhuthaza ukuba ‘siphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Ngakho, singabonisa ukuthi siyabonga ngalesi sipho ngokuthandaza nsuku zonke. Empeleni, lapho sithandaza kudingeka simbonge futhi simdumise uJehova.—IHu. 145:2, 3.

9. Omunye umzalwane uzizwa kanjani ngokuthandaza, futhi wena uzizwa kanjani ngakho?

9 Lapho siqhubeka sikhonza uJehova futhi sibona indlela aphendula ngayo imithandazo yethu, sizosazisa nakakhulu isipho esiwumthandazo. Ngokwesibonelo, ake ucabange ngaloko okushiwo uChris, umzalwane oseneminyaka engu-47 esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Uthi, “Ngiyakujabulela ukuvuka ekuseni kakhulu ukuze ngithandaze kuJehova. Kuyaqabula kakhulu ukukhuluma noJehova lapho kuphakama ilanga futhi yonke into iba yinhle! Lokhu kungenza ngimbonge ngazo zonke izipho zakhe, ngisho nelungelo lokuthandaza. Ngemva kokuthandaza ekupheleni kosuku ngalunye, ngilala nginonembeza ohlanzekile.”

ISIPHO SOMOYA ONGCWELE

10. Kungani kufanele sibonge ngomoya ongcwele kaNkulunkulu?

10 Esinye isipho esingabonakali okufanele sisibonge, amandla kaNkulunkulu asebenzayo. UJesu wasikhuthaza ukuba siqhubeke sithandazela umoya ongcwele. (Luka 11:9, 13) Ngomoya wakhe ongcwele, uJehova usinikeza amandla—ngisho ‘namandla angaphezu kwavamile.’ (2 Kor. 4:7; IzE. 1:8) Ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, singakhuthazelela noma yiluphi uvivinyo esibhekana nalo.

(Bheka isigaba 11) *

11. Umoya ongcwele usisiza ngayiphi indlela?

11 Umoya ongcwele ungasisiza sikwazi ukwenza izabelo zethu enkonzweni kaNkulunkulu. Umoya kaNkulunkulu ungathuthukisa amakhono esesinawo kakade. Siyazi ukuthi imiphumela emihle esiyithola enkonzweni ibangelwa ukuthi sisizwa umoya kaNkulunkulu.

12. Ngokwencwadi yeHubo 139:23, 24, singathandazela umoya ongcwele ukuba usisize senzeni?

12 Enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga ngomoya ongcwele kaNkulunkulu, ukuthandazela ukuba usisize sizihlole ukuthi sinayo yini imicabango nezifiso ezingalungile ezinhliziyweni zethu. (Funda iHubo 139:23, 24.) Uma senza kanjalo, uJehova esebenzisa umoya wakhe ongcwele angasisiza sizibone lezo izifiso nemicabango engalungile. Lapho sesikubonile, kudingeka sithandazele umoya kaNkulunkulu ukuba usinikeze amandla okulwisana nako. Ngaleyo ndlela, uJehova uzobona ukuthi sizimisele ukugwema noma yini engamenza ayeke ukusisiza ngomoya wakhe ongcwele.—Efe. 4:30.

13. Singabonisa kanjani ukuthi siwazisa ngempela umoya ongcwele?

13 Siwazisa kakhulu umoya ongcwele lapho sicabanga ngalokho okwenzayo esikhathini sethu. Ngaphambi kokuba uJesu anyukele ezulwini, watshela abafundi bakhe: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Yilokho kanye okwenzekayo namuhla. Ngosizo lomoya ongcwele, kunabakhulekeli bakaJehova abangaba izigidi ezingu-8 nohhafu emhlabeni wonke. Njengabantu bakaNkulunkulu, sinobunye nabafowethu emhlabeni wonke ngoba umoya kaJehova usisiza sibe nobuntu obuhle obunjengothando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba. Lobu buntu bakha “izithelo zomoya.” (Gal. 5:22, 23) Umoya ongcwele uyisipho esiyigugu ngempela!

UKUSELWA ESIKUTHOLA EZULWINI LAPHO SISENKONZWENI

14. Lapho sishumayela, yiluphi usizo olungabonakali esilutholayo?

14 Sinesipho esiyigugu ‘sokusebenza’ noJehova, uJesu nezingelosi. (2 Kor. 6:1) Sisebenza nabo noma nini lapho sishumayela. UPawulu wathi ngaye nangalabo ayeshumayela nabo: “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (1 Kor. 3:9) Lapho sisebenza enkonzweni yobuKristu, siphinde sibe izisebenzi ezikanye noJesu. Khumbula ukuthi ngemva kokuyala abalandeli bakhe ukuba ‘bayokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi,’ uJesu wathi: “Nginani.” (Math. 28:19, 20) Kuthiwani ngezingelosi? Asive sibonga ngokuthi izingelosi ziyasiqondisa lapho simemezela ‘izindaba ezinhle zaphakade kwabahlala emhlabeni’!—IsAm. 14:6.

15. Nikeza isibonelo esiseBhayibhelini esibonisa indima ebalulekile uJehova aba nayo enkonzweni yethu.

15 Yini esikwazi ukuyifeza ngenxa yosizo esiluthola ezulwini? Njengoba sihlwanyela umyalezo woMbuso, enye imbewu iwela ezinhliziyweni ezilalelayo bese iyakhula. (Math. 13:18, 23) Ubani obangela ukuba leyo mbewu yeqiniso ikhule futhi ithele? UJesu wachaza ukuthi akekho umuntu ongaba umlandeli wakhe ngaphandle kokuba “uBaba . . . emdonsa.” (Joh. 6:44) IBhayibheli lisinikeza isibonelo salokhu. Cabanga ngalokho okwenzeka ngesikhathi uPawulu eshumayeza iqembu labesifazane elalingaphandle kwedolobha laseFilipi. Phawula ukuthi iBhayibheli lithini ngomunye owesifazane okuthiwa uLidiya: “UJehova wayivula kakhulu inhliziyo yakhe ukuba anake izinto ezazikhulunywa uPawulu.” (IzE. 16:13-15) NjengoLidiya, izigidi zabanye ziye zadonswa uJehova.

16. Ubani okufanele athole udumo nganoma yimiphi imiphumela emihle esiyithola enkonzweni?

16 Ubani okufanele athole udumo lapho sithola imiphumela emihle enkonzweni? UPawulu wawuphendula lo mbuzo lapho ebhalela ibandla laseKorinte la mazwi: “Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa; kangangokuthi lowo otshalayo akalutho nalowo oniselayo akalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho.” (1 Kor. 3:6, 7) NjengoPawulu, ngaso sonke isikhathi kudingeka sinikeze uJehova udumo nganoma yimiphi imiphumela emihle esiyithola enkonzweni.

17. Singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa ‘ukusebenza’ noNkulunkulu, uKristu nezingelosi?

17 Singabonisa kanjani ukuthi siyalazisa ilungelo ‘lokusebenza’ noNkulunkulu, uKristu nezingelosi? Singabonisa ngokusebenzisa wonke amathuba esiwatholayo okuxoxa nabanye ngezindaba ezinhle. Ziningi izindlela zokwenza kanjalo, njengokushumayela “obala nasendlini ngendlu.” (IzE. 20:20) Abaningi bayakuthanda ukushumayela bengahlelile. Lapho behlangana nabantu abangabazi, bababingelela ngobungane bese bezama ukuxoxa nabo. Uma umuntu engenankinga ngokuxoxa, ngobuhlakani babe sebefaka umyalezo ophathelene noMbuso engxoxweni.

(Bheka isigaba 18) *

18-19. (a) Siyinisela kanjani imbewu yeqiniso? (b) Nikeza isibonelo esibonisa indlela uJehova asiza ngayo omunye umfundi weBhayibheli.

18 “Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu,” akufanele sigcine ngokuhlwanyela imbewu yeqiniso kodwa futhi kufanele siyinisele. Lapho umuntu othile ebonisa ukuthi uyakuthanda ukulalela, sifuna ukwenza okusemandleni ukuba sibuyele kuye noma sihlele nomunye ukuba axhumane naye ukuze baqale ukufunda iBhayibheli. Siyajabula lapho sibona uJehova esiza umfundi ukuba ashintshe indlela acabanga nenza ngayo.

19 Cabanga ngesibonelo sikaRaphalalani, isangoma saseNingizimu Afrika. Wakuthanda lokho ayekufunda eBhayibhelini. Kodwa wabhekana nobunzima lapho efunda lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngokuxhumana nabantu abafile. (Dut. 18:10-12) Kancane kancane, wamvumela uNkulunkulu ukuba abumbe indlela acabanga ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi, wakuyeka ukuba isangoma nakuba kwakuyiwona msebenzi ayeziphilisa ngawo. URaphalalani, manje oseneminyaka engu-60, uthi: “Ngibabonga kakhulu oFakazi BakaJehova ngokungisiza ngezindlela eziningi, njengokungisiza ngithole umsebenzi. Okukhulu nakakhulu, ngibonga uJehova ngokungisiza ngishintshe ukuphila kwami, ukuze ngikwazi ukushumayela njengoba manje senginguFakazi wakhe obhapathiziwe.”

20. Yini ozimisele ukuyenza?

20 Kulesi sihloko, sixoxe ngezipho ezine ezingabonakali. Esikhulu kakhulu esokuba nelungelo lokuba noMngane omkhulu, uJehova. Lokho kusenza sizuze nakwezinye izipho ezingabonakali—ukukhuluma naye ngomthandazo, ukuthola usizo lomoya wakhe ongcwele nokusekelwa esikuthola ezulwini lapho sisenkonzweni. Kwangathi singazimisela ukubonisa ukuthi siyabonga ngalezi zipho ezingabonakali. Kwangathi singaqhubeka simbonga njalo uJehova ngokuba uMngane omuhle kangaka!

INGOMA 145 Isithembiso SikaNkulunkulu SePharadesi

^ par. 5 Esihlokweni esidlule, sixoxe ngezipho eziningana ezivela kuNkulunkulu esikwazi ukuzibona. Lesi sihloko sizogxila engcebweni esingayiboni nendlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga ngayo. Sizophinde sisisize simbonge nakakhulu uJehova, osinikeze lezi zipho ezinhle.

^ par. 58 INCAZELO YESITHOMBE: (1) Njengoba ebheke indalo kaJehova, udade uyazindla ngobungane bakhe noJehova.

^ par. 60 INCAZELO YESITHOMBE: (2) Udade ofanayo ucela amandla okushumayela kuJehova.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: (3) Umoya ongcwele usiza udade ukuba abe nesibindi sokuxoxela abanye engahlelile ngomyalezo woMbuso.

^ par. 64 INCAZELO YESITHOMBE: (4) Udade ufundela umuntu amshumayezile iBhayibheli. Lo msebenzi uwenza ngosizo lwezingelosi.