Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 19

“Inkosi Yasenyakatho” Esikhathini Sokuphela

“Inkosi Yasenyakatho” Esikhathini Sokuphela

“Esikhathini sokuphela inkosi yaseningizimu iyoqhubukushana nayo [inkosi yasenyakatho].”​—DAN. 11:40.

INGOMA 150 Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1. Yini isiprofetho seBhayibheli esisisiza ukuba siyazi?

YINI ezokwenzeka kubantu bakaJehova maduzane? Akudingeki siqagele. Isiprofetho seBhayibheli sisinikeza iwindi esingabuka kulo izenzakalo ezinkulu ezizosithinta sonke. Kunesinye isiprofetho esisisiza sibone lokho okuzokwenziwa abanye ohulumeni abanamandla kakhulu emhlabeni. Lesi siprofetho sisencwadini kaDaniyeli isahluko 11. Sichaza amakhosi amabili alwa wodwa futhi la makhosi abizwa ngokuthi inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu. Ingxenye enkulu yalesi siprofetho isigcwalisekile kakade, ngakho singaqiniseka ngokuthi ingxenye esele nayo izogcwaliseka.

2. Njengoba kuboniswe kuGenesise 3:15 nesAmbulo 11:7; 12:17, yiziphi izinto ezibalulekile okumelwe sizikhumbule lapho sitadisha isiprofetho sikaDaniyeli?

2 Ukuze siqonde isiprofetho esibhalwe encwadini kaDaniyeli isahluko 11, kudingeka sikhumbule ukuthi sibhekisela kubabusi nohulumeni abaye baba nethonya ngokuqondile kubantu bakaNkulunkulu. Abantu bakaNkulunkulu bambalwa kakhulu uma beqhathaniswa nabantu emhlabeni wonke. Pho kungani labo hulumeni behlasela abantu bakaNkulunkulu? Yingoba uSathane nalo lonke izwe lakhe banomgomo owodwa—ukuqeda labo abakhonza uJehova noJesu. (Funda uGenesise 3:15 nesAmbulo 11:7; 12:17.) Ngaphezu kwalokho, isiprofetho esisencwadini kaDaniyeli kumelwe sivumelane nezinye iziprofetho eziseZwini likaNkulunkulu. Empeleni, singasiqonda kahle isiprofetho sikaDaniyeli uma sihlola nezinye izingxenye zemiBhalo.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko nakwesilandelayo?

3 Ngakho manje sizohlola uDaniyeli 11:25-39. Sizobona ukuthi yayingubani inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu kusukela ngo-1870 kuya ku-1991, nokuthi kungani kufaneleka ukuba sicacise indlela esiyiqonda ngayo ingxenye yalesi siprofetho. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngencwadi kaDaniyeli 11:40–12:1, sizobe sesicacisa lokho leyo ngxenye yesiprofetho esitshela kona mayelana nesikhathi esiqala ku-1991 kuze kufike empini i-Armagedoni. Njengoba ufunda lezi zihloko zombili, kuzokusiza ukubheka neshadi elithi “Amakhosi Alwayo Esikhathini Sokuphela.” Nokho, okokuqala kudingeka sazi ukuthi angobani la makhosi akulesi siprofetho.

SINGAZI KANJANI UKUTHI UBANI INKOSI YASENYAKATHO NENKOSI YASENINGIZIMU?

4. Yiziphi izinto ezintathu ezizosisiza zasi ukuthi ingubani inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu?

4 Ekuqaleni, “inkosi yasenyakatho” yayibhekisela kumbusi owayebusa indawo esenyakatho kwa-Israyeli, kanti “inkosi yaseningizimu” yayibhekisela kumbusi owayebusa indawo eseningizimu kwa-Israyeli. Kungani sisho kanjalo? Phawula lokho okwashiwo yingelosi eyayilethe umyalezo kuDaniyeli: “Ngizé ukuzokwenza uqonde lokho okuyokwehlela abantu bakini engxenyeni yokugcina yezinsuku.” (Dan. 10:14) Kwaze kwaba iPhentekoste lika-33 C.E., isizwe sakwa-Israyeli silokhu singabantu bakaNkulunkulu. Nokho, kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uJehova wakwenza kwacaca ukuthi wayebheka abafundi bakaJesu abathembekile njengabantu bakhe. Ngakho, ingxenye eningi yesiprofetho esikuDaniyeli isahluko 11 ayikhulumi ngesizwe sakwa-Israyeli, kodwa ikhuluma ngabalandeli bakaKristu. (IzE. 2:1-4; Roma 9:6-8; Gal. 6:15, 16) Ukuthi ingubani inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu bekulokhu kushintsha njengoba isikhathi siqhubeka. Noma kunjalo, kunezinto ezintathu ebezingashintshi. Okokuqala, amakhosi ebelokhu ebusa amazwe okuhlala kuwo abantu bakaNkulunkulu futhi ebahlasela ngokuqondile. Okwesibili, indlela aphatha ngayo abantu bakaNkulunkulu iyabonisa ukuthi bazonda uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Kanti okwesithathu, womabili la makhosi ayalwa, abanga ukubusa.

5. Chaza ukuthi yayikhona yini inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu phakathi nonyaka wekhulu nonyaka ka-1870?

5 Esikhathini esithile ngemva konyaka wekhulu, amaKristu amanga aqala ukugcwala ebandleni lobuKristu. Aqala ukufundisa izimfundiso ezingamanga futhi afihla amaqiniso atholakala eZwini likaNkulunkulu. Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube ngawo-1870, lalingekho iqembu elihleliwe lezinceku zikaNkulunkulu emhlabeni. AmaKristu amanga aqhubeka anda njengokhula ensimini. Ngenxa yalokho, kwabanzima ukubona ukuthi angobani amaKristu angempela. (Math. 13:36-43) Kungani kubalulekile ukwazi lokhu? Yingoba lokho esikufunda ngenkosi yasenyakatho nangenkosi yaseningizimu akunakwenzeka ukuthi kubhekisela kubabusi noma emibusweni eyayinamandla phakathi nonyaka wekhulu nonyaka ka-1870. Lalingekho iqembu elihleliwe labantu bakaNkulunkulu ababengalihlasela. * Nokho, singalindela ukuba inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu iphinde ibonakale ngasekupheleni kuka-1870. Sikwazi kanjani lokho?

6. Chaza ukuthi kunini lapho abantu bakaNkulunkulu baphinde bahlelwa khona njengeqembu?

6 Kusukela ngo-1870 kuqhubeke, abantu bakaNkulunkulu baqala ukuhleleka njengeqembu. Kwakungalowo nyaka lapho uMfoweth’ uCharles T. Russell nabangane bakhe baqala khona ikilasi lokutadisha iBhayibheli. UMfoweth’ uRussell nabangane bakhe baba njengesithunywa ‘esalungisa indlela’ ngaphambi kokuba kumiswe uMbuso kaMesiya. (Mal. 3:1) Abantu bakaNkulunkulu baphinde babonakala futhi! Ukhona yini uhulumeni owayekhona ngaleso sikhathi owawungaba nomthelela ophawulekayo ezincekwini zikaNkulunkulu? Ake sibone.

UBANI INKOSI YASENINGIZIMU?

7. Ubani owayeyinkosi yaseningizimu ngeMpi Yezwe I?

7 Ngawo-1870, iBrithani yayibusa ezindaweni eziningi kunanoma yiliphi elinye izwe futhi inamabutho empi anamandla kakhulu emhlabeni. Isiprofetho sikaDaniyeli sikhuluma ngophondo oluncane olunqoba ezinye izimpondo ezintathu. Uphondo oluncane lumelela iBrithani kanti ezinye izimpondo zimelela iFrance, iSpain neNetherlands. (Dan. 7:7, 8) IBrithani yaba inkosi yaseningizimu ngeMpi Yezwe I. Phakathi naleso sikhathi, iMelika yaba yizwe elicebe kakhulu emhlabeni futhi yaqala ukusebenzisana neBrithani.

8. Ubani obelokhu eyinkosi yaseningizimu phakathi nezinsuku zokugcina?

8 Phakathi neMpi Yezwe I, iMelika neBrithani bakha umfelandawonye kwezempi okwabenza baba namandla kakhulu. Ngaleso sikhathi, iBrithani neMelika baba uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. Njengoba uDaniyeli abikezela, le nkosi yayihlanganise ‘ibutho elikhulu nelinamandla ngokwedlulele.’ (Dan. 11:25) Phakathi nezinsuku zokugcina, inkosi yaseningizimu bekulokhu kunguMbuso WamaNgisi NamaMelika. * Kodwa ubani owaba inkosi yasenyakatho?

INKOSI YASENYAKATHO IPHINDE IYAVELA

9. Yaphinde yabonakala nini inkosi yasenyakatho, futhi uDaniyeli 11:25 wagcwaliseka kanjani?

9 Ngo-1871, ngemva konyaka uMfoweth’ uRussell nabangane bakhe beqalise iqembu lokutadisha iBhayibheli, inkosi yasenyakatho yaphinde yabonakala. Ngalowo nyaka u-Otto von Bismarck wahlanganisa izifunda eziningana wazenza zaba izwe elinamandla elibizwa ngokuthi iJalimane. Inkosi yasePrussia uWilhelm I waba inkosi yaleli zwe elisha futhi wakhetha uBismarck ukuba abe umholi walowo hulumeni. * Ngokuhamba kwesikhathi, iJalimane lanqoba namanye amazwe ase-Afrika nasePacific Ocean futhi lazama ukuba namandla ukwedlula iBrithani. (Funda uDaniyeli 11:25.) IJalimane lakha ibutho elinamandla lempi futhi laba izwe lesibili emhlabeni ukuba nebutho elikhulu lasemanzini. Empini yezwe yokuqala, iJalimane lasebenzisa lelo butho lempi ukuze lilwe nezitha zalo.

10. UDaniyeli 11:25b, 26 wagcwaliseka kanjani?

10 UDaniyeli uphinde abikezele lokho okuyokwenzeka eMbusweni waseJalimane nasemabuthweni alo empi. Isiprofetho sithi inkosi yasenyakatho ‘yayingeke ime.’ Kungani? “Ngoba bayomcebela amacebo. Bona kanye abadla izibiliboco zakhe bayobangela ukuwa kwakhe.” (Dan. 11:25b, 26a) Osukwini lukaDaniyeli, labo abadla ‘izibiliboco zenkosi’ bahlanganisa izikhulu zasebukhosini ‘ezima phambi kwenkosi.’ (Dan. 1:5) Lesi siprofetho sibhekisela kubani? Sibhekisela kubantu abanamandla eMbusweni waseJalimane—okuhlanganisa ojenene nezikhulu zamasosha—abagcina bewugumbuqele phansi umbuso. * Isiprofetho asigcini nje ngokubikezela ukuwa kombuso kodwa siphinde sikhulume ngomphumela wempi nenkosi yaseningizimu. Lapho isiprofetho sikhuluma ngenkosi yasenyakatho, sithi: “Ngokuqondene nebutho lakhe lempi, liyokhukhulwa, futhi ngokuqinisekile abaningi bayowa bebulewe.” (Dan. 11:26b) Njengoba kwabikezelwa, empini yezwe yokuqala, ibutho lempi laseJalimane ‘lakhukhulwa’ futhi abaningi ‘bawa bebulewe.’ Kwafa abantu abaningi kuleyo mpi kunanoma iyiphi enye impi eyake yaliwa ngaphambili.

11. Yini eyenziwa inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu?

11 UDaniyeli 11:27, 28 uchaza izinto ezazizokwenzeka ngaphambi kweMpi Yezwe I. Uthi inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu ‘babezokhuluma amanga etafuleni linye.’ Uphinde athi inkosi yasenyakatho yayizoqongelela “inani elikhulu lezimpahla.” Yilokho ngempela okwenzeka. IJalimane neBrithani yaxoxa yathi ifuna kube nokuthula, kodwa lokho kwakungamanga ngoba ngo-1914 kwagqashuka impi. Kanti ngawo-1914, iJalimane laba yizwe lesibili elicebile emhlabeni wonke. Ngakho ekugcwalisekeni kukaDaniyeli 11:29 kanye nengxenye yokuqala yevesi 30, iJalimane lalwa nenkosi yaseningizimu kodwa lanqotshwa.

AMAKHOSI ALWA NABANTU BAKANKULUNKULU

12. Empini yezwe yokuqala, yini eyenziwa inkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu?

12 Kusukela ngo-1914 kuqhubeke, amakhosi amabili ebelokhu elwa wodwa futhi elwa nabantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, empini yezwe yokuqala, uhulumeni waseJalimane nohulumeni waseBrithani bashushisa izinceku zikaNkulunkulu ezazenqaba ukulwa empini. Kanti uhulumeni waseMelika wabopha labo ababehola emsebenzini wokushumayela. Lolo shushiso lwagcwalisa isiprofetho esisencwadini yesAmbulo 11:7-10.

13. Yini eyenziwa yinkosi yasenyakatho ngo-1930 naphakathi nempi yezwe yesibili?

13 Ngakho ngawo-1930, naphakathi nempi yezwe yesibili, inkosi yasenyakatho yabahlasela ngonya abantu bakaNkulunkulu. Lapho amaNazi eqala ukubusa eJalimane, uHitler nabalandeli bakhe bavimbela umsebenzi wabantu bakaNkulunkulu. Abaphikisi babulala amakhulu abantu bakaJehova futhi bathumela izinkulungwane emakamu okuhlushwa. Lezo zenzakalo zabikezelwa uDaniyeli. Inkosi yasenyakatho ‘yayingcolisa indlu engcwele’ futhi ‘yasusa isici esihlala sikhona’ ngokuvimbela izinceku zikaNkulunkulu ukuba zidumise igama lakhe obala. (Dan. 11:30b, 31a) Umholi wabo, uHitler, waze wafunga ukuthi uzobaqeda nya abantu bakaNkulunkulu eJalimane.

INKOSI ENTSHA YASENYAKATHO IYAVELA

14. Chaza ukuthi ubani owaba inkosi yasenyakatho ngemva kwempi yezwe yesibili?

14 Ngemva kwempi yezwe yesibili, iSoviet Union yaba inkosi yasenyakatho. Yaqala ukubusa indawo enkulu eyayibuswa iJalimane. Njengohulumeni wamaNazi ononya, iSoviet Union yashushisa bonke labo abakhetha ukukhonza uJehova kunokulalela imithetho yezwe.

15. Yini eyenziwa inkosi yasenyakatho ngemva kokuba kuphele iMpi Yezwe II?

15 Ngokushesha nje ngemva kokuba kuphele iMpi Yezwe II, inkosi entsha yasenyakatho, iSoviet Union, yahlasela abantu bakaNkulunkulu. IsAmbulo 12:15-17 sifanisa ushushiso lwabantu bakaNkulunkulu ‘nomfula.’ Ngokuvumelana nalesi siprofetho, inkosi yasenyakatho yavala umsebenzi wethu wokushumayela futhi yathumela izinkulungwane zabantu bakaJehova eSiberia. Ngakho, selokhu kwaqala izinsuku zokugcina, inkosi yasenyakatho iye yaqhubeka ibashushisa nakakhulu abantu bakaNkulunkulu, kodwa ayikaze iphumelele ekuvimbeni umsebenzi wabo. *

16. ISoviet Union yasigcwalisa kanjani isiprofetho esikuDaniyeli 11:37-39?

16 Funda uDaniyeli 11:37-39. Ekugcwalisekeni kwaleso siprofetho, inkosi yasenyakatho ayizange ‘imnake uNkulunkulu woyise.’ Kanjani? ISoviet Union yafuna ukuvala inkolo, ngakho yazama ukuqeda amandla ayo. Ukuze ikwenze lokhu, ngasekuqaleni kuka-1918, uhulumeni weSoviet Union wakhipha umyalo wokuba ezikoleni kufundiswe imfundiso yokuthi akekho uNkulunkulu. Le nkosi yasenyakatho yamnika kanjani “unkulunkulu wezinqaba inkazimulo”? ISoviet Union yachitha izindodla zezimali iqoqa amabutho futhi yenza nezinkulungwane zezikhali zenuzi ukuze iqinise umbuso wayo. Ngokuhamba kwesikhathi, womabili la makhosi—eyasenyakatho neyaseningizimu—ayeseqoqe izikhali ezinamandla ezingabulala amabhiliyoni abantu!

IZITHA ZISEBENZA NDAWONYE

17. Siyini “isinengiso esibangela incithakalo”?

17 Inkosi yasenyakatho iye yabambisana nenkosi yaseningizimu ukuze benze into eyodwa ebalulekile; baye ‘bamisa isinengiso esibangela incithakalo.’ (Dan. 11:31) Leso “sinengiso” iZizwe Ezihlangene (i-UN).

18. Kungani iZizwe Ezihlangeni kuthiwa ‘ziyisinengiso’?

18 Inhlangano yeZizwe Ezihlangene ‘iyisinengiso’ ngoba ithi ingakwazi ukwenza into ezokwenziwa uMbuso kaNkulunkulu kuphela—ukuletha ukuthula emhlabeni. Isiprofetho sithi isinengiso “sibangela incithakalo” ngenxa yokuthi iZizwe Ezihlangene zizohlasela futhi sibhubhise yonke inkolo yamanga.—Bheka ishadi elithi “Amakhosi Alwayo Esikhathini Sokuphela.”

KUNGANI KUDINGEKA SIWAZI LO MLANDO?

19-20. (a) Kungani kudingeka siwazi lo mlando? (b) Yimuphi umbuzo esizoxoxa ngawo esihlokweni esilandelayo?

19 Kudingeka siwazi lo mlando ngoba ufakazela ukuthi kusukela ngawo-1870 kuya ekuqaleni kuka-1990, isiprofetho esimayelana nenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu siye sagcwaliseka. Ngakho singaqiniseka ngokuthi ingxenye esele yalesi siprofetho nayo izogcwaliseka.

20 Ngo-1991, iSoviet Union yawa. Ngakho ubani oyinkosi yasenyakatho namuhla? Isihloko esilandelayo sizophendula lowo mbuzo.

INGOMA 128 Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

^ par. 5 Siyabubona ubufakazi bokuthi isiprofetho sikaDaniyeli esimayelana “nenkosi yasenyakatho” ‘nenkosi yaseningizimu’ siyaqhubeka sigcwaliseka. Yini esenza siqiniseke kangaka ngalokho? Kungani kudingeka siyiqonde imininingwane yalesi siprofetho?

^ par. 5 Ngenxa yalesi sizathu esivezwe lapha, kubonakala kungasafanaleki ukubala uMbusi waseRoma u-Aurelian (270-275 C.E.) ‘njengenkosi yasenyakatho’ noma iNdlovukazi uZenobia (267-272 C.E.) ‘njengenkosi yaseningizimu.’ Lokhu kulungisa lokho okwanyatheliswa encwadini ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! esahlukweni 13 no-14.

^ par. 9 Ngo-1890, uKaiser Wilhelm II wagudluza uBismarck esihlalweni sokubusa.

^ par. 10 Benza izinto eziningi ezabangela ukuba umbuso uphelelwe amandla. Ngokwesibonelo, bayeka ukusiza inkosi, bakhipha imininingwane eyimfihlo mayelana nempi futhi bayiphoqa ukuba yehle esikhundleni.

^ par. 15 Njengoba kuboniswe kuDaniyeli 11:34, inkosi yasenyakatho yayeka ukushushisa amaKristu okwesikhashana. Ngokwesibonelo, lokhu kwenzeka ngesikhathi umbuso weSoviet Union uwa ngo-1991.