Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubumnene​—⁠Kungani Kuzuzisa Ukuba Mnene?

Ubumnene​—⁠Kungani Kuzuzisa Ukuba Mnene?

USara * uthi, “Ngingumuntu onamahloni ngokwemvelo futhi ngiyazenyeza. Ngakho angikhululeki lapho nginabantu abazethembayo nabanolaka. Kodwa ngiyakhululeka lapho nginomuntu omnene nothobekile. Ngiyakwazi ukumtshela indlela engizizwa ngayo lowo muntu futhi ngimxoxele nangezinkinga zami. Abangane bami abakhulu banjalo.”

Amazwi kaSara ayabonisa ukuthi ubumnene busenza sithandeke kwabanye. Ubumnene bujabulisa noJehova. IZwi lakhe liyasinxusa: “Qqokani . . . ubumnene.” (Kol. 3:12) Buyini ubumnene? UJesu wabonisa kanjani ukuthi umnene? Ukuba mnene kungasenza kanjani sijabule?

BUYINI UBUMNENE?

Ubumnene uba nabo lapho ungumuntu onokuthula. Umuntu omnene uphatha abanye ngendlela enomusa futhi uhlala ezolile ngisho nalapho kwenzeka izinto ezimcasulayo.

Ubumnene abusho ukuthi umuntu ubuthaka. Igama lesiGreki elisho “ubumnene” eBhayibhelini lisetshenziselwe ukuchaza ihhashi elinamandla eliqeqeshelwe ukugitshelwa. Lisuke lisenawo amandla, kodwa lisuke seliqeqeshiwe ukuze lilawuleke. Ngendlela efanayo, lapho sibonisa ubumnene, sisuke silawula imikhuba emibi ebangelwa isono bese siba nokuthula nabanye.

Singase sithi, ‘Angiyena umuntu omnene ngokwemvelo.’ Phela siphila ezweni eligcwele abantu abanolaka nabangenasineke, ngakho kungase kube nzima ukubonisa ubumnene. (Roma 7:19) Kuyacaca-ke ukuthi sidinga ukuzikhandla ukuze sibonise ubumnene, kodwa umoya kaJehova ongcwele uzosisiza sikwazi ukuqhubeka sizama ukuba mnene. (Gal. 5:22, 23) Kungani kufanele sizame ukuba mnene?

Ubumnene busenza sithandeke kwabanye. Njengoba uSara, ocashunwe ekuqaleni, echazile, sizizwa sikhululekile lapho sinabantu abamnene. UJesu uyisibonelo esikhulu somuntu owayemnene futhi enomusa. (2 Kor. 10:1) Ngisho nezingane ezazingamazi zafuna ukusondelana naye.—Marku 10:13-16.

Ubumnene buyasivikela thina nalabo esibathandayo. Uma simnene, ngeke sisheshe ukucasuka noma ukuthukuthela. (IzAga 16:32) Ngaleyo ndlela, ngeke sishaywe unembeza wokwenza noma wokusho izinto ezibuhlungu kwabanye, okuhlanganisa nabantu esibathandayo. Lapho simnene, nabanye bayazuza ngoba sizokwazi ukulawula indlela esizizwa nesiziphatha ngayo ukuze singabalimazi.

ISIBONELO ESIKHULU SOBUMNENE

Naphezu komsebenzi omkhulu owawusemahlombe akhe nokuba matasa kakhulu, uJesu wayemnene kubo bonke abantu. Abaningi ngosuku lwakhe babenezinkinga, besindwa izinkathazo futhi bedinga induduzo. Kumelwe ukuba baduduzeka ngempela lapho bezwa uJesu ethi kubo: “Wozani kimi, . . . ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo”!—Math. 11:28, 29.

Singaba kanjani mnene njengoJesu? Lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu, sifunda indlela uJesu abaphatha ngayo abanye nalokho akwenza lapho ebhekene nezimo ezinzima. Ngakho, lapho sibhekana nezimo ezivivinya ubumnene bethu, siyozimisela ukwenza njengoba uJesu enza. (1 Pet. 2:21) Cabanga ngezinto ezintathu ezasiza uJesu waba mnene.

UJesu wayethobeke ngempela. UJesu wathi ‘wayemnene futhi ethobekile ngenhliziyo.’ (Math. 11:29) IBhayibheli likhuluma ngakho kokubili ubumnene nokuthobeka ngoba kuyahambisana. (Efe. 4:1-3) Kanjani?

Ukuthobeka kusisiza siyeke ukuzwela kakhulu lapho abantu besho okuthile ngathi. UJesu wasabela kanjani lapho abantu bemgxeka bethi ‘uyaminza’ futhi ‘uthanda nokuphuza iwayini’? Wavumela izenzo zakhe zimphendulele, ngakho ngobumnene wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.”—Math. 11:19.

Uma umuntu othile esho into ongayithandi noma ekucasulayo ngobuzwe bakho nangesizizinda sakho, zimisele ukumphendula ngomoya omnene. UPeter, umdala waseNingizimu Afrika, uthi: “Lapho ngicasulwa into eshiwo othile, ngiyazibuza, ‘UJesu ubezokwenzenjani?’” Uyanezela: “Ngiye ngafunda ukungasheshi ukucasuka lapho abanye besho izinto ezingiphatha kabi.”

UJesu wayeqonda ukuthi abantu banesono. Abafundi bakaJesu babefuna ukwenza okulungile, kodwa ngenxa yokuthi babenesono, ngezinye izikhathi babehluleka. Ngokwesibonelo, ngobusuku bangaphambi kokuba uJesu afe, uPetru, uJakobe noJohane bahluleka ukusekela uJesu njengoba ayebacelile. UJesu waqaphela ukuthi “umoya uyalangazela, kodwa inyama ibuthakathaka.” (Math. 26:40, 41) Ngenxa yokuthi wayeqonda ukuthi abantu banesono, uJesu akazange abacasukele abaphostoli bakhe.

Udade okuthiwa uMandy wayevame ukugxeka abanye, kodwa manje usezama kanzima ukulingisa isibonelo sikaJesu sokuba mnene. Uthi: “Ngizama ukukhumbula ukuthi bonke abantu banesono, ngizame nokugxila ezintweni ezinhle abazenzayo, njengoba kwenza uJehova.” Ingabe indlela enozwela uJesu aphatha ngayo abanye ingakusisiza ukuba nawe ubonise ubumnene lapho usebenzelana nabanye?

UJesu washiyela izinto ezandleni zikaNkulunkulu. UJesu wavuma ukoniwa ngesikhathi esemhlabeni. Abantu bamgxeka, bamzonda futhi bamhlukumeza. Noma kunjalo, wahlala enomoya omnene ngenxa yokuthi “waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.” (1 Pet. 2:23) UJesu wayazi ukuthi uYise wasezulwini wayeyomnakekela futhi abajezise ngesikhathi sakhe esifanele labo ababemphatha kabi.

Uma sithukuthela lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa, singase senze isimo sibe sibi nakakhulu. Yingakho imiBhalo isikhumbuza: “Intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.” (Jak. 1:20) Ngisho noma sinesizathu sokuthukuthela, isono singasiholela ekwenzeni okubi.

Udade waseJalimane, uCathy, wayevame ukucabanga, ‘Uma ungazilweli, akekho ozokulwela.’ Kodwa isimo sakhe sengqondo sashintsha lapho efunda ukuthembela kuJehova. Uthi, “Angisadingi ukuzivikela njalo. Kuba lula ukuba mnene ngoba ngiyazi ukuthi uJehova uzolungisa bonke ububi kuleli zwe.” Uma kuye kwenzeka waphathwa ngendlela engenabulungisa, ukulingisa isibonelo sikaJesu sokuthembela kuNkulunkulu kuzokusiza ukwazi ukuhlala umnene.

“BAYAJABULA ABANOMOYA OMNENE”

Ukuba mnene kungasisiza kanjani ezikhathini ezinzima?

UJesu wabonisa ukuthi ukuba mnene kunomthelela omkhulu enjabulweni yethu. Wathi, “Bayajabula abanomoya omnene.” (Math. 5:5) Bona ukuthi ukuba mnene kusiza kanjani kulezi zimo ezilandelayo.

Ubumnene busisiza silungise ukungezwani eshadweni. URobert, umzalwane wase-Australia, uyavuma, “Ngiye ngasho izinto eziningi ezibuhlungu nengizisola ngazo kumkami, kodwa uma usukhulume amagama abuhlungu, awukwazi ukwenza sengathi awushongo lutho. Ngangiphatheka kabi lapho ngibona indlela engimzwise ngayo ubuhlungu umkami.”

“Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi” ngesikushoyo, futhi amazwi esiwakhuluma singacabanganga angabangela izinkinga emishadweni yethu. (Jak. 3:2) Ezimweni ezinjalo, ubumnene buzosisiza sihlale sizolile futhi silawule ulimi lwethu.—IzAga 17:27.

URobert wasebenza kanzima ukuze azole futhi azithibe. Uye waba yini umphumela? Uthi, “Manje, uma siba nokungaboni ngaso linye sinomkami, ngizama ukumlalelisisa, ngikhulume ngomoya omnene futhi ngingazivumeli ukuba ngicasuke. Sekuhamba kahle kakhulu manje emshadweni wethu kunakuqala.”

Ubumnene busisiza sisondelane nabanye. Labo abasheshayo ukucasuka bagcina bengasenabo abangane abaningi. Nokho, ubumnene buyasisiza ‘sizame ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ (Efe. 4:2, 3) UCathy, ocashunwe ekuqaleni, uthi, “Ubumnene buye bangisiza ngajabulela ukuchitha isikhathi nabanye, ngisho noma abanye abantu bengangeneki.”

Ubumnene busisiza sibe nokuthula. IBhayibheli lihlobanisa “ukuhlakanipha kwaphezulu” nobumnene nokuthula. (Jak. 3:13, 17) Umuntu omnene ‘unenhliziyo ezolile.’ (IzAga 14:30) UMartin, oye wasebenza kanzima ukuze abe mnene, uthi, “Angisabaphoqi abantu ukuthi benze izinto ngendlela mina engifuna ngayo, manje nginokuthula kwangaphakathi futhi ngijabule.”

Iqiniso liwukuthi kungase kudingeke sizikhandle ukuze sibe mnene. Omunye umzalwane uthi, “Uma ngikhuluma iqiniso, ngezinye izikhathi ngisathukuthela kakhulu.” Kodwa uJehova, osikhuthaza ukuba sibe mnene, uzosisiza kulo mshikashika. (Isaya 41:10; 1 Thim. 6:11) ‘Uzoqedela ukuqeqeshwa kwethu’; ‘asenze sibe namandla.’ (1 Pet. 5:10) Ngokuhamba kwesikhathi, nathi siyokwazi ukulingisa ‘ubumnene nomusa kaKristu’ njengoPawulu.—2 Kor. 10:1.

^ par. 2 Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.