Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 19

Akukho Lutho Olungakhuba Abalungile

Akukho Lutho Olungakhuba Abalungile

“Ukuthula okuchichimayo kungokwalabo abathanda umthetho wakho; akukho lutho olungabakhuba.”—IHU. 119:165.

INGOMA 122 Yibani Abagxilile, Abangenakunyakazizwa!

AMAZWIBELA *

1-2. Wathini omunye umbhali, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

NAMUHLA izigidi zabantu zithi zikholelwa kuJesu, kodwa azizamukeli izinto azifundisa. (2 Thim. 4:3, 4) Omunye umbhali, wathi: “Uma kungaba nomunye ‘uJesu’ phakathi kwethu namuhla okhuluma izinto ngendlela uJesu azisho ngayo . . . , ingabe besiyomlahla ngendlela esamlahla ngayo uJesu eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezedlule? . . . Impendulo ithi: Yebo, besiyomlahla.”

2 Abaningi ngekhulu lokuqala, bamuzwa uJesu efundisa futhi bambona enza izimangaliso, kodwa benqaba ukuba nokholo kuye. Kungani? Esihlokweni esedlule, sixoxe ngezizathu ezine ezenza abantu bakhutshwa yilokho uJesu akusho nakwenza. Ake sixoxe ngezinye izizathu ezine. Njengoba senza kanjalo sizobona ukuthi kungani abantu namuhla bengabathandi abalandeli bakaJesu nendlela esingakugwema ngayo ukukhubeka.

(1) UJESU WAYENGAKHETHI

Abaningi bakhubeka ngenxa yabantu uJesu ayezihlanganisa nabo. Abanye namuhla bangakhutshwa kanjani into efanayo? (Bheka isigaba 3) *

3. Yini uJesu ayenza, eyabangela ukuba abanye bakhubeke?

3 Ngesikhathi esemhlabeni uJesu wazihlanganisa nabantu bazo zonke izinhlobo. Wadla nabacebile nezikhulu, kodwa isikhathi sakhe esiningi wasichitha nabahluphekayo kanye nabacindezelekile. Ngaphezu kwalokho, wayebazwela abantu ababebizwa ‘ngezoni.’ Abanye ababezenza abantu abalungile bakhutshwa izinto uJesu azenza. Babuza abafundi bakhe: “Kungani nidla futhi niphuza nabaqoqi bentela nezoni?” UJesu wabaphendula wathi: “Abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. Ngizele ukuzobizela izoni ekuphendukeni, hhayi abantu abalungile.”—Luka 5:29-32.

4. Ngokomprofethi u-Isaya, yini amaJuda okwakufanele ayilindele ngoMesiya?

4 Ithini imiBhalo? Kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba kufike uMesiya, umprofethi u-Isaya wamchaza njengomuntu izwe elalingeke limamukele. Leso siprofetho sabikezela: “Wadelelwa wagwenywa ngabantu . . . Kwakunjengokungathi ubuso bakhe babufihliwe kithi. Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho.” (Isaya 53:3) UMesiya wayezogwenywa “ngabantu,” ngakho lawo maJuda angekhulu lokuqala kwakufanele akulindele ukuthi uJesu wayengeke amukelwe.

5. Abaningi namuhla bababheka kanjani abalandeli bakaJesu?

5 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Abefundisi abaningi bayakujabulela ukwamukela amalungu ebandla avelele, acebile kanye nalawo izwe eliwabheka njengahlakaniphile. Bayawamukela lamalungu amasha ngisho noma indlela aziphatha naphila ngayo ingavumelani nemithetho kaNkulunkulu. Kodwa bona futhi labefundisi bazibukela phansi izikhonzi zikaJehova ezishisekayo neziziphatha ngendlela ehlanzekile, ngenxa yokuthi abantu abaningi emhlabeni bacabanga ukuthi azibalulekile. Njengoba uPawulu asho, uNkulunkulu wakhetha labo ‘ababukelwa phansi.’ (1 Kor. 1:26-29) Nokho, kuJehova zonke izinceku zakhe ezithembekile ziyigugu.

6. Singayilingisa kanjani indlela kaJesu yokubheka izinto njengoba kuvezwe kuMathewu 11:25, 26?

6 Singakugwema kanjani ukukhubeka? (Funda uMathewu 11:25, 26.) Ungathonywa indlela izwe elibabheka ngayo abantu bakaNkulunkulu. Khumbula ukuthi uJehova usebenzisa kuphela abantu abathobekile ukuba benze intando yakhe. (IHu. 138:6) Cabanga nangokuthi usefeze okungakanani esebenzisa bona labo bantu izwe elibabheka njengabangahlakaniphile.

(2) UJESU WADALULA IZIMFUNDISO EZINGAMANGA

7. Kungani uJesu abiza abaFarisi ngabazenzisi, futhi yini abayenza?

7 Ngesibindi, uJesu wabulahla ubuzenzisi babaholi benkolo bangosuku lwakhe. Ngokwesibonelo, wadalula ubuzenzisi babaFarisi, ababekhathazeka kakhulu ngokuthi bazigeza kanjani izandla zabo kunokuba bakhathazeke ngokuthi babanakekela kanjani abazali babo. (Math. 15:1-11) Kungenzeka amazwi kaJesu abamangaza abafundi bakhe. Empeleni bambuza: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubekile lapho bezwa lokho okushilo?” UJesu wabaphendula: “Zonke izitshalo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyosishulwa. Bayekeni. Bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, zombili ziyowela emgodini.” (Math. 15:12-14) UJesu akavumelanga imibono eyiphutha yabaholi benkolo ukuba imenze angalikhulumi iqiniso.

8. UJesu wabonisa kanjani ukuthi akuzona zonke izimfundiso zenkolo ezamukelekayo kuNkulunkulu?

8 UJesu wadalula nezimfundiso zenkolo ezingamanga. Akashongo ukuthi zonke izimfundiso zenkolo zamukelekile kuNkulunkulu. Kunalokho, wakhuluma ngabaningi ababehamba emgwaqweni ovulekile oholela ekubhujisweni, kanti bambalwa abasemgwaqweni oholela ekuphileni. (Math. 7:13, 14) Wakwenza kwacaca ukuthi abanye babeyobonakala sengathi bakhonza uNkulunkulu kodwa empeleni babengamkhonzi. Waxwayisa: “Qaphelani abaprofethi bamanga abeza kini bembethe isikhumba semvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi ezihahayo. Niyobabona ngezithelo zabo.”—Math. 7:15-20.

Abaningi bakhubeka ngenxa yokuthi uJesu wachitha izinkolelo nemikhuba engamanga. Abanye namuhla bangakhutshwa kanjani into efanayo? (Bheka isigaba 9) *

9. Yiziphi ezinye izimfundiso zenkolo ezingamanga uJesu azidalula?

9 Ithini imiBhalo? Isiprofetho seBhayibheli sabikezela ukuthi uMesiya wayezoyithanda indlu kaJehova. (IHu. 69:9; Joh. 2:14-17) Lolo thando lwenza uJesu wadalula izimfundiso zenkolo ezingamanga. Ngokwesibonelo, abaFarisi babekholelwa ukuthi umphefumulo awufi, uJesu wafundisa ukuthi abafileyo balele. (Joh. 11:11) AbaSadusi bathi alukho uvuko, uJesu wavusa umngane wakhe uLazaru. (Joh. 11:43, 44; IzE. 23:8) AbaFarisi babefundisa ukuthi zonke izinto ziqondiswa amandla angabonakali noma uNkulunkulu, uJesu wafundisa ukuthi abantu bangazikhethela ukuthi bayamkhonza yini uNkulunkulu noma abamkhonzi.—Math. 11:28.

10. Kungani izimfundiso zethu zibakhuba abaningi?

10 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Abaningi bakhutshwa ukuthi izimfundiso zethu ezisekelwe eBhayibhelini zidalula izimfundiso zenkolo ezingamanga. Abefundisi bafundisa amalungu amasonto abo ukuthi uNkulunkulu ujezisa abantu ababi esihogweni. Basebenzisa leyo mfundiso engamanga ukuze balawule abantu. Njengezikhonzi zikaJehova, ezikhonza uNkulunkulu wothando, siyazidalula lezo zimfundiso ezingamanga. Abefundisi bafundisa nokuthi umphefumulo awufi. Siyayidalula leyo mfundiso engeyona eyobuKristu, ngoba uma kungathiwa iyiqiniso ingenza uvuko lungadingeki. Ngokuphambene nemfundiso yenkolo yokuthi uNkulunkulu unquma yonke into kusengaphambili, sifundisa ukuthi umuntu unenkululeko futhi angazikhethela ukukhonza uNkulunkulu. Basabela kanjani abaholi benkolo? Ngokuvamile, bathukuthela bagan’ unwabu!

11. Ngokwamazwi kaJesu atholakala kuJohane 8:45-47, uNkulunkulu ufuna abantu bakhe benzeni?

11 Singakugwema kanjani ukukhubeka? Uma silithanda iqiniso, kumelwe silalele amazwi kaNkulunkulu. (Funda uJohane 8:45-47.) Ngokungafani noSathane uDeveli, asisoze salilahla iqiniso. Asilokothi senze izinto eziphikisana nezinkolelo zethu. (Joh. 8:44) UNkulunkulu ufuna abantu bakhe ‘bazonde okubi’ futhi ‘babambelele kokuhle’ njengoba nje noJesu enza kanjalo.—Roma 12:9; Heb. 1:9.

(3) UJESU WASHUSHISWA

Abaningi bakhubeka ngenxa yokufa kukaJesu esigxotsheni. Abanye namuhla bangakhutshwa kanjani into efanayo? (Bheka isigaba 12) *

12. Kungani indlela uJesu afa ngayo yawakhuba amaJuda amaningi?

12 Yikuphi okunye okwakhuba amaJuda osukwini lukaJesu? UPawulu wathi: “Thina sishumayela ngoKristu owabulawelwa esigxotsheni, oyimbangela yokukhubeka kumaJuda.” (1 Kor. 1:23) Kungani indlela uJesu afa ngayo yawakhuba amaJuda amaningi? Kuwona, ukufa kukaJesu esigxotsheni kwamenza wabonakala njengesigebengu nanjengesoni—hhayi uMesiya.—Dut. 21:22, 23.

13. Yini labo abakhubeka ngenxa kaJesu abahluleka ukuyiqaphela?

13 Labo ababephakathi kwamaJuda akhubeka ngenxa kaJesu, bahluleka ukuqaphela ukuthi wayengenacala, wayemangalelwe ngamanga nokuthi akaphathwanga ngobulungisa. Labo ababequla icala likaJesu babengenandaba nobulungisa. Inkantolo ephakeme yamaJuda yaxhamazela, imithetho ayizange ilandelwe. (Luka 22:54; Joh. 18:24) Kunokuba balalele amacala ayebekwe wona uJesu kanye nobufakazi ngaphandle kokuthatha uhlangothi, abahluleli babefuna “ubufakazi obungamanga ngoJesu ukuze bambulale.” Lapho behluleka ukwenza kanjalo, umpristi ophakeme wazama ukwenza uJesu asho okuthile okwakuyobenza bambeke icala. Lokhu kwakungavumelani neze nemithetho yezobulungisa. (Math. 26:59; Marku 14:55-64) Ngemva kokuvuswa kukaJesu, labo bahluleli abangalungile bakhokhela amasosha amaRoma ayeqaphe ithuna “izinhlamvu zesiliva eziningi,” ukuze asakaze indaba engamanga echaza ukuthi kungani ithuna lalingenamuntu.—Math. 28:11-15.

14. Yini imiBhalo eyayibikezela mayelana nokufa kukaMesiya?

14 Ithini imiBhalo? Nakuba amaJuda amaningi angosuku lukaJesu ayengalindele ukuthi uMesiya kwakumelwe afe, phawula lokho okwakuprofethwe emiBhalweni: “Wathulula ukuphila kwakhe ngisho nasekufeni wabalwa kanye nezeqamthetho; wathwala isono sabantu abaningi, walamulela izeqamthetho.” (Isaya 53:12) Ngakho amaJuda kwakungafanele akhubeke lapho uJesu ebulawa njengesoni.

15. Yiziphi izinsolo ngoFakazi BakaJehova eziye zabangela abanye ukuba bakhubeke?

15 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Impela! UJesu wabekwa futhi walahlwa icala ngokungafanele, noFakazi BakaJehova baye baphathwa ngendlela efanayo engenabulungisa. Nazi ezinye izibonelo. Phakathi nawo-1930 kanye no-1940 e-United States, kwaba namacala amaningi ezinkantolo ayemelene nenkululeko yethu yokukhonza uNkulunkulu. Amanye amajaji ayesibandlulula ngokucacile. EQuebec, eCanada, iSonto kanye noHulumeni babesebenza ndawonye ukuze bamelane nomsebenzi wethu. Abamemezeli abaningi baye baboshwa ngenxa nje yokuthi bakhulume ngoMbuso kaNkulunkulu komakhelwane babo. EJalimane lobuNazi, abazalwane abaningi abathembekile abasebasha babulawa yilowo hulumeni ongamhloniphi uNkulunkulu. Eminyakeni yakamuva, abafowethu abaningi eRussia baye bagwetshwa futhi baboshwa ngenxa yokuxoxa ngeBhayibheli, okuyinto ebhekwa “njengokweqisa.” Ngisho ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwesiRashiya ivinjelwe futhi ibhekwa “njengencwadi eyeqisayo” ngoba isebenzisa igama elithi Jehova.

16. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Johane 4:1, kungani kungafanele sikhohliswe izindaba ezingamanga ezishiwo ngabantu bakaJehova?

16 Singakugwema kanjani ukukhubeka? Funda amaqiniso. Entshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu waxwayisa ababemlalele ukuthi abanye ‘babeyosho yonke inhlobo yento embi ngabo bebaqambela amanga.’ (Math. 5:11) La manga avela kuSathane. Ugqugquzela abaphikisi ukuba basakaze amanga ngalabo abathanda iqiniso. (IsAm. 12:9, 10) Kumelwe siwenqabe amanga akhulunywa abaphikisi. Akufanele siwavumele asethuse noma alwenze buthaka ukholo lwethu.—Funda eyoku-1 Johane 4:1.

(4) UJESU BAMKHAPHELA FUTHI BAMSHIYA

Abaningi bakhubeka ngenxa yokukhashelwa kukaJesu uJuda. Abanye namuhla bangakhutshwa kanjani into efanayo? (Bheka izigaba 17-18) *

17. Izinto ezenzeka ngaphambi kokufa kukaJesu zazingabakhuba kanjani abanye?

17 Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu wakhashelwa omunye wabaphostoli bakhe abangu-12. Omunye umphostoli wamphika kathathu uJesu, futhi bonke abaphostoli bakhe bamshiya ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. (Math. 26:14-16, 47, 56, 75) Lokho akuzange kummangaze uJesu. Wayekubikezele ukuthi lokho kuyokwenzeka. (Joh. 6:64; 13:21, 26, 38; 16:32) Lapho bebona lokhu, abanye babengakhubeka, baphethe ngokuthi, ‘Uma abaphostoli bakaJesu benza ngale ndlela, angifuni ngisho nokuba yingxenye yalelo qembu!’

18. Iziphi iziprofetho ezagcwaliseka ezenzakalweni zangaphambi kokufa kukaJesu?

18 Ithini imiBhalo? Emakhulwini eminyaka kusengaphambili, uJehova wembula eZwini lakhe ukuthi uMesiya wayeyokhashelwa ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30. (Zak. 11:12, 13) UJesu wayeyokhashelwa omunye wabangane bakhe abaseduze. (IHu. 41:9) Umprofethi uZakariya naye wabhala: “Shaya umalusi, umhlambi uhlakazeke.” (Zak. 13:7) Kunokuba zibakhube lezi zinto, labo abanhliziyo ziqotho kwakufanele kubaqinise ukubona lezi ziprofetho zigcwaliseka ngoJesu.

19. Yini abantu abanezinhliziyo eziqotho abayiqaphelayo?

19 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Namuhla, kunoFakazi abambalwa abaziwayo abaye bashiya iqiniso, baba izihlubuki base bezama ukuhlubula nabanye. Baye basakaza imibiko engemihle, engawavezi wonke amaqiniso, namanga aluhlaza ngoFakazi BakaJehova besebenzisa imithombo yezindaba ne-inthanethi. Kodwa abanezinhliziyo eziqotho abakhubeki. Kunalokho, bayazi ukuthi iBhayibheli labikezela ukuthi lezi zinto ziyokwenzeka.—Math. 24:24; 2 Pet. 2:18-22.

20. Singakugwema kanjani ukukhutshwa yilabo abashiye iqiniso? (2 Thimothewu 4:4, 5)

20 Singakugwema kanjani ukukhubeka? Kumelwe sigcine ukholo lwethu luqinile ngokutadisha njalo, ngokuthandaza njalo nangokuzigcina simatasa emsebenzini esiwunikwe uJehova ukuba siwenze. (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:4, 5.) Uma sibonisa ukholo, ngeke sethuke lapho sizwa imibiko engemihle. (Isaya 28:16) Uthando esinalo ngoJehova, ngeZwi lakhe, nangabafowethu luyosisiza singakhutshwa yilabo abashiye iqiniso.

21. Ngisho noma abantu abaningi namuhla bengawulaleli umyalezo wethu, yini esingaqiniseka ngayo?

21 Ngekhulu lokuqala, abaningi bakhubeka futhi bamlahla uJesu. Noma kunjalo, kunabanye abaningi abamamukela. Laba babehlanganisa okungenani ilungu elilodwa leSanhedrini yamaJuda, ngisho ‘nesixuku esikhulu sabapristi.’ (IzE. 6:7; Math. 27:57-60; Marku 15:43) Ngokufanayo namuhla, kunezigidi zabantu abangakhubekanga. Kungani? Kungenxa yokuthi bayawazi futhi bayawathanda amaqiniso asemiBhalweni. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ukuthula okuchichimayo kungokwalabo abathanda umthetho wakho; akukho lutho olungabakhuba.”—IHu. 119:165.

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

^ par. 5 Esihlokweni esedlule, sixoxe ngezizathu ezine ezenza abantu balahla uJesu esikhathini esidlule nezenza bangabathandi abalandeli bakhe namuhla. Kulesi sihloko sizoxoxa ngezinye izizathu ezine. Sizophinde sibone ukuthi kungani abantu abanhliziyo ziqotho abathanda uJehova bengavumi ukukhubeka.

^ par. 60 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu udla noMathewu nabaqoqi bentela.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu uxosha abathengisayo ethempelini.

^ par. 64 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu bamthwalisa isigxobo sokuhlushwa.

^ par. 66 INCAZELO YESITHOMBE: UJuda ukhaphela uJesu ngokumqabula.