Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Ingabe umhlanga wawusetshenziselwa ukwakha izikebhe ngezikhathi zeBhayibheli?

Umhlanga

KUYAZIWA ukuthi umhlanga kwakubhalelwa kuwo ngokuyinhloko eGibhithe lasendulo. AmaGreki kanye namaRoma babebhala emhlangeni. * Okungaziwa kakhulu ukuthi umhlanga wawungasetshenziselwa nje ukubhala kuphela, kodwa nokwakha izikebhe.

Izikebhe ezimbili zemihlanga ezitholakala ngaphakathi ethuneni laseGibhithe

Eminyakeni engaphezu kuka-2 500 edlule, umprofethi u-Isaya wabhala ukuthi abantu abahlala “esifundeni semifula yaseTopiya” bathumela ‘izithunywa ngolwandle, zahamba emanzini ngemikhumbi yemihlanga.’ Kamuva, umprofethi uJeremiya wabikezela ukuthi lapho idolobha laseBhabhiloni lihlaselwa amaMede namaPheresiya, babeyoshisa “izikebhe zemihlanga” zabaseBhabhiloni ukuze babavimbe bangabaleki.—Isaya 18:1, 2; Jer. 51:32.

IBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, ngakho akubamangazi abafundi beBhayibheli ukuthi abavubukuli bathole ukuthi ngempela umhlanga wawusetshenjiselwa ukwakha izikebhe ngezikhathi zeBhayibheli. (2 Thim. 3:16) Yini etholakele? Abavubukuli bathole ubufakazi obucacile bokuthi izikebhe zazakhiwa ngomhlanga eGibhithe.

ZAZAKHIWA KANJANI IZIKEBHE ZEMIHLANGA?

Imidwebo nemifanekiso esemathuneni aseGibhithe ichaza indlela umhlanga owawusikwa ngayo bese kwenziwa izikebhe. Amadoda ayesika imihlanga esiqwini, ayibophe ibe izixha, bese ezibophela ndawonye. Iziqu zemihlanga ziwunxantathu. Ngakho lapho ziboshwe ngokuqinile ndawonye, iziqu ziyabumbana ziqine. Ngokwencwadi ethi A Companion to Ancient Egypt, izikebhe zemihlanga zazingaba amamitha angu-17 ubude, okwenza zibe namaphini okugwedla angu-10 noma angu-12 uhlangothi ngalunye.

Umdwebo waseGibhithe uveza indlela isikebhe somhlanga esasenziwe ngayo

KUNGANI ABAKHI BEZIKEBHE BABESEBENZISA UMHLANGA?

Umhlanga iwona owawutholakala kalula eSigodini saseNayile. Ngaphezu kwalokho, cishe kwakulula ukwenza izikebhe zemihlanga. Ngisho nalapho sekusetshenziswa ukhuni lapho kwakhiwa izikebhe ezinkulu, kubonakala sengathi abadobi nabazingeli baqhubeka besebenzisa izihlenga nezikebhe ezincane ezakhiwe ngemihlanga.

Kwaphela isikhathi eside izikebhe zemihlanga zasendulo zaziwa kabanzi. Ngokombhali ongumGreki uPlutarch, owaphila phakathi nekhulu lokuqala nelesibili C.E., izikebhe zomhlanga zazisadumile nakubafundi bangosuku lwakhe.

^ par. 3 Umhlanga umila emaxhaphozini nasezindaweni ezingenawo amanzi ageleza kakhulu. Lesi sitshalo singakhula size sibe amamitha amahlanu ubude, kanti isiqu saso singaba amasentimitha angu-15.