Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

“Ngifunde Okuningi Kwabanye!”

“Ngifunde Okuningi Kwabanye!”

KWAKUWUBUSUKU obumnyama bhuqe ezintabeni zase-Algeria, lapho ibutho laseFrance lalikanise khona futhi izimpi e-Algeria zazishube kakhulu. Ngiphethe isibhamu esandleni, ngingedwa endaweni engangiyigadile, inqwaba yamasaka anesihlabathi. Ngokushesha ukuthula kwaqedwa izigi ezaziza ngakumina. Ngathuka ngoma. Ngangiseyibhungu futhi ngingenaso isifiso sokubulala noma sokubulawa. Ngamemeza kakhulu ngathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu wami!”

Leso senzakalo esethusayo sashintsha ukuphila kwami, sangenza ngaqala ukufuna uMdali. Kodwa ngaphambi kokuba nginixoxele ngokwalandela ngalobo busuku obumnyama, ake nginitshele ngezinto ezenzeka ngisakhula ezathonya indlela yami yokucabanga futhi zangenza ngafuna ukwazi ngoNkulunkulu.

ENGAKUFUNDA KUBABA WAMI

Ngazalwa ngo-1937 eGuesnain, idolobha elinezimayini enyakatho yeFrance. Ubaba wami, umvukuzi wamalahle, wangifundisa ukubaluleka kokusebenza kanzima. Wangifundisa nokuzonda ukungabi nabulungisa, njengoba ayemelela abavukuzi abakhuthazelela ukusebenza ngaphansi kwezimo ezimbi. Ezama ukushintsha isimo sabo, wajoyina izinhlangano zezisebenzi neziteleka. Kwakumcasula nokubona ubuzenzisi kwabefundisi bendawo. Abaningi babo babehlala ezindaweni zikanokusho, kodwa babefuna ukudla nemali kubavukuzi abasebenza kanzima ukuze baphile. Indlela ababeziphatha ngayo abefundisi yamcasula kakhulu ubaba, kangangokuba akangifundisanga lutho ngenkolo. Empeleni, sasingakaze sikhulume ngoNkulunkulu.

Njengoba ngikhula, nami ngaqala ukuzonda ukungabi nabulungisa. Lokho kungabi nabulungisa kwakuhlangisa ukucwaswa kwalabo abangabokufika abahlala eFrance. Ngangidlala ibhola nezingane zabokufika futhi ngikujabulela ukuhlala nazo. Ngaphezu kwalokho, umama wayengowasePoland, hhayi eFrance. Ngangifuna luphele ubandlululo kube nokuthula nokulingana.

NGAQALA UKUCABANGISISA NGOKUPHILA

Ngiseyisosha

Ngabuthelwa empini ngo-1957. Ngafika kanjalo ezintabeni zase-Algeria ngobusuku obumnyama engikhulume ngabo ekuqaleni. Ngemva kokumemeza ngithi “Nkulunkulu! Nkulunkulu wami!” ngazithola ngibhekene ngqo, hhayi nesosha, kodwa nembongolo yasendle! Kwathi dwe! Noma kunjalo, leso sigameko—nempi ngokwayo—kwangenza ngacabangisisa ngenjongo yokuphila. Kungani silapha? Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela? Siyoke sibe nakho yini ukuthula okungapheli?

Kamuva, ngesikhathi ngivakashele abazali bami, ngahlangana noFakazi KaJehova. Wanginika ikhophi ye-La Sainte Bible, okuyiBhayibheli lamaKatolika lesiFulentshi, engaqala ukulifunda ngemva kokubuyela e-Algeria. Ngathintwa yisAmbulo 21:3, 4. Sithi: “Itende likaNkulunkulu limi phakathi kwabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” * Ngamangala. ‘Ingabe yiqiniso leli?’ Ngazibuza. Ngaleso sikhathi, kwakumnyama, ngingazi lutho nhlobo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli.

Ngemva kokushiya ebusosheni ngo-1959, ngahlangana noFrançois onguFakazi, wangifundisa amaqiniso eBhayibheli amaningi. Ngokwesibonelo, wangibonisa eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu unegama, elithi Jehova. (IHu. 83:18) UFrançois wachaza nokuthi uJehova uzokwenza kube nobulungisa emhlabeni, ashintshe umhlaba ube ipharadesi, agcwalise namazwi esAmbulo 21:3, 4.

Lezo zimfundiso zazizwakala kahle kakhulu, futhi zangithinta inhliziyo. Ngabathukuthelela kakhulu abefundisi futhi ngangifuna ukubaveza obala ngokufundisa izinto ezingekho eBhayibhelini! Kubonakala sengathi ngangisacabanga njengobaba, ngangingenaso isineke. Ngangingapholisi maseko uma ngifuna ukwenza into!

UFrançois nabanye abangane bami abasha abangoFakazi, bangisiza ngehlisa umoya. Bangichazela ukuthi umsebenzi wethu njengamaKristu akukhona ukwahlulela kodwa ukwenza abantu babe nethemba ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Yilowo umsebenzi owenziwa uJesu, futhi wawunika abalandeli bakhe ukuba bawenze. (Math. 24:14; Luka 4:43) Ngafunda nokuba nomusa lapho ngikhuluma nabantu, ngingabakhahlamezi, kungakhathaliseki ukuthi banaziphi izinkolelo. IBhayibheli lith: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.”—2 Thim. 2:24.

Ngenza izinguquko ezazidingeka, ngabhapathizwa njengoFakazi KaJehova emhlanganweni wesigodi ngo-1959. Lapho, ngahlangana no-Angèle, udade osemusha owangikhanga. Ngaqala ukuvakasha ebandleni ayekulo, sashada ngo-1960. Ngimthanda kakhulu, uyinkosikazi eqotho, futhi uyisipho esiyigugu esivela kuJehova.—IzAga 19:14.

Ngosuku lwethu lomshado

NGAFUNDA LUKHULU EMADODENI AHLAKANIPHILE NANGOMAKAD’ EBONA

Kule minyaka edlule, ngifunde izinto ezibalulekile kubafowethu abahlakaniphile nabanesipiliyoni. Okukhulu kakhulu yilokhu: Ukuze siphumelele kunoma yisiphi isabelo esiyinselele, kufanele sithobeke sisebenzise ukuhlakanipha okusencwadini yezAga 15:22, ezithi: “Kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”

Emsebenzini wokujikeleza eFrance ngo-1965

Ngo-1964, ngaqala ukubona ukuthi ayiqiniso lawo mazwi aphefumulelwe. Ngalowo nyaka, ngakhonza njengombonisi wesigodi, ngihambela amabandla ukuze ngikhuthaze abafowethu futhi ngibaqinise ngokomoya. Kodwa ngaleso sikhathi, ngangina-27 ngingakazazi izinto eziningi. Ngakho ngenza amaphutha. Kodwa ngazama ukufunda kuwo. Ngaphezu kwakho konke, ngafunda izinto eziningi ezinhle ‘kubeluleki’ abanekhono nabangomakad’ ebona.

Nasi isibonelo engisikhumbulayo: Lapho ngivakashele ibandla eParis, umzalwane ovuthiwe ngokomoya wacela ukukhuluma nami ngasese. Ngathi, “Kulungile.”

Wangibuza, “Louis, uma udokotela ezokwenza umsebenzi wakhe ekhaya, unaka umuntu onjani?”

Ngamphendula ngathi, “Ogulayo.”

Wathi: “Uqinisile. Kodwa ngiphawule ukuthi isikhathi esiningi usichitha nabantu abaphilayo ngokomoya, njengombonisi webandla. Ibandla lethu linabazalwane abaningi nodade abadikibele, abasha eqinisweni, noma abanamahloni. Bazojabula kakhulu uma uchitha isikhathi nabo, mhlawumbe uze uye emakhaya abo udle nabo.”

Iseluleko salowo mzalwane othandekayo sangisiza kakhulu. Indlela azithanda ngayo izimvu zikaJehova yangithinta ngokujulile. Ngakho ngazehlisa ngaqala ngaleso sikhathi ukusebenzisa ayekusho. Ngiyambonga uJehova ngabazalwane abafana naye.

Ngo-1969 nango-1973, ngacelwa ukuba ngengamele uMnyango Wokudla emhlanganweni wezizwe eColombes eParis. Emhlanganweni wango-1973, kwakufanele senzele abantu abacishe babe ngu-60 000 ukudla kwezinsuku ezinhlanu! Ngangingazi ukuthi ngizosifeza kanjani lesi sabelo. Nalapha futhi, okwangenza ngaphumelela incwadi yezAga 15:22—ukubonisana nabahlakaniphile. Ngacela usizo emadodeni avuthiwe ngokomoya ayenolwazi emkhakheni wokudla. Abanye babo babesebenza esilaheni, abanye bengabalimi bemifino, abanye bengabapheki, abanye bethenga izinto. Sakwazi ukusifeza ndawonye lesi sabelo esasibukeka siwumqansa.

Ngo-1973, mina nomkami sacelwa ukuba siyokhonza eBethel yaseFrance. Isabelo sami sokuqala naso saba yinselele enkulu. Kwadingeka ngithole indlela yokuhambisa izincwadi kubafowethu e-Afrika ezweni laseCameroon, lapho umsebenzi wethu wawuvinjelwe khona phakathi kuka-1970 no-1993. Ngaphinde ngazizwa ngikhungathekile. Mhlawumbe wayebona lokho umzalwane owengamele umsebenzi eFrance lapho engikhuthaza, ethi:“Abafowethu eCameroon bayakudinga ukudla okungokomoya. Asibondle!” Nangempela sabondla.

Emhlanganweni okhethekile eNigeria noFakazi baseCameroon ngo-1973

Ngaya kaningi emazweni asemingceleni weCameroon ukuze ngihlangane nabadala bakulelo zwe. Lawo madoda anesibindi nanokuqonda angisiza ngenza amalungiselelo adingekayo ukuze iCameroon ikuthole njalo ukudla okungokomoya. UJehova wayibusisa imizamo yethu. Eqinisweni, eminyakeni engaba ngu-20, abantu bakhe kulelo zwe abakaze bangayitholi INqabayokulinda kanye nencwajana yanyanga zonke eyayibizwa ngokuthi INkonzo Yethu YoMbuso.

Ngo-1977, mina no-Angèle sajabulela ukuvashela eNigeria nababonisi besigodi kanye nomkabo baseCameroon

NGAFUNDA LUKHULU KUMKAMI OYIGUGU

Kusukela ngesikhathi esaqala ngaso ukuthandana, ngaqaphela ukuthi u-Angèle uyamthanda uJehova. Lokho kwaba sobala ngisho nakakhulu lapho sesishadile. Ngokwesibonelo, ngabo kanye ubusuku esashada ngabo, wangicela ukuba ngisibeke emthandazweni isifiso sethu sokukhonza uJehova ngokugcwele njengabantu abashadile. UJehova wawuphendula lowo mthandazo.

U-Angèle wabuye wangisiza ukuba ngithembele ngokugcwele kuJehova. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sicelwa ukuba siye kokhonza eBethel ngo-1973 ngangimanqikanqika ngoba ngangiwuthanda umsebenzi wokujikeleza. Kodwa u-Angèle wangikhumbuza ukuthi sasinikezele ukuphila kwethu kuJehova. Ngakho akufanele yini senze noma yini inhlangano yakhe esicela ukuba siyenze? (Heb. 13:17) Ngangingaphikisana kanjani nalokho! Ngakho saya eBethel. Phakathi nokuphila kwethu sindawonye, indlela umkami ayesebenzisa ngayo ukuqonda, nendlela abheka ngayo izinto ezingokomoya, kuye kwawuqinisa umshado wethu kwasisiza senza izinqumo ezinhle.

Ngino-Angèle engadini yaseBethel, eFrance

Njengoba sesikhulile, u-Angèle usaqhubeka eyinkosikazi enokuqonda nengisekelayo. Ngokwesibonelo, ukuze sikwazi ukuya ezikoleni ezingokwasezulwini, eziningi zazo eziqhutshwa ngesiNgisi, mina no-Angèle sasebenza kanzima ukuze sithuthukise ukulukhuluma lolo limi. Lokho kwakuhlanganisa ukujoyina ibandla elalikhuluma isiNgisi, ngisho noma sase sineminyaka engaphezu kuka-70 ngaleso sikhathi. Ngenxa yemisebenzi engangiyenza njengelungu leKomiti Yegatsha laseFrance, ukufunda olunye ulimi kwaba yinselele. Kodwa mina no-Angèle sasizana. Manje sineminyaka engu-80, siyaqhubeka silungiselela imihlangano yebandla ngesiNgisi nangesiFulentshi. Siyazama njalo ukuba nengxenye emihlanganweni yebandla nasenkonzweni. UJehova uyibusisile imizamo yethu yokufunda isiNgisi.

Esinye isibusiso esivelele sasithola ngo-2017. Mina no-Angèle saba nelungelo lokuya eSikoleni Samalungu Ekomiti Yegatsha Nomkawo, esiseWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York.

UJehova unguMfundisi Omkhulu ngempela. (Isaya 30:20) Ngakho akumangazi ukuthi abantu bakhe—abasha nabadala—bathola imfundo engcono kakhulu! (Dut. 4:5-8) Ngempela, ngiye ngabona ukuthi abasebasha abalalela uJehova kanye nabafowethu nodadewethu abanolwazi, bayathuthuka ngokomoya futhi babe abantu abaphumelelayo. IzAga 9:9 ziyasikhumbuza: “Nika ohlakaniphile ulwazi, uyohlakanipha nakakhulu. Fundisa olungile, uyokwenezela olwazini lwakhe.”

Ngezinye izikhathi, ngicabanga ngalobuya busuku obumnyama nobethusayo ezintabeni zase-Algeria eminyakeni engu-60 eyedlule. Ngangingazi ukuthi kuningi kangakanani okuhle okwakuseza. Ngifunde okuningi kwabanye! Ngempela uJehova unike mina no-Angèle ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo. Ngakho sizimisele ukungalokothi siyeke ukufunda kuBaba wethu osezulwini nakubafowethu nodadewethu abahlakaniphile nabamthandayo.

^ par. 11 IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.