Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 21

UJehova Uzokunika Amandla

UJehova Uzokunika Amandla

“Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona.”—2 KOR. 12:10

INGOMA 73 Sinikeze Isibindi

AMAZWIBELA *

1-2. Yiziphi izinselele oFakazi abaningi ababhekana nazo?

UMPHOSTOLI uPawulu wakhuthaza uThimothewu nawo wonke amaKristu, ukuba ayifeze ngokugcwele inkonzo yawo. (2 Thim. 4:5) Sonke silandela iseluleko sikaPawulu. Kodwa kunezinselele. Kubafowethu nodadewethu abaningi, kudinga isibindi sangempela ukwenza umsebenzi wokushumayela. (2 Thim. 4:2) Ngokwesibonelo, cabanga ngabafowethu abahlala ezindaweni lapho umsebenzi wethu wokushumayela ubekelwe imingcele noma uvinjelwe. Bayashumayela ngisho noma lokho kungabenza baboshwe!

2 Abantu bakaJehova kumelwe babhekane nezinkinga ezihlukahlukene ezingabadumaza. Ngokwesibonelo, abaningi kudingeka basebenze amahora amaningi ukuze nje bathole izidingo eziyisisekelo zemindeni yabo. Bayathanda ukwenza okwengeziwe enkonzweni, kodwa lapho kuphela iviki basuke bekhathele. Abanye kuncane kakhulu abangakwenza ngenxa yezifo ezingamahlala-khona noma ukukhula; bangase bangakwazi ngisho nokuphuma emakhaya abo. Abanye bahlale behlushwa imizwa yokuzizwa bengelutho. UMary, * udade ohlala eMpumalanga Ephakathi uthi: “Kudingeka ngisebenze kanzima ukuze ngilwe nemizwa engemihle, lokho kungishiya ngikhathele ngokomzwelo. Ngizizwa nginecala ngoba kungenza ngingabi naso isikhathi namandla enkonzweni yami.”

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kungakhathaliseki ukuthi sinaziphi izinkinga, uJehova uyosiqinisa ukuze siqhubeke simkhonza ngawo wonke amandla ethu. Ngaphambi kokuba sixoxe ngokuthi uJehova angasisiza kanjani, ake sihlole ukuthi wabaqinisa kanjani uPawulu noThimothewu ukuze bafeze inkonzo yabo naphezu kwezinkinga.

AMANDLA OKUFEZA UMSEBENZI WOKUSHUMAYELA

4. Yiziphi izinselele uPawulu abhekana nazo?

4 UPawulu wabhekana nezinselele eziningi. Wayedinga amandla ngokukhethekile lapho eshaywa, eshaywa ngamatshe nalapho eboshwa. (2 Kor. 11:23-25) UPawulu wavuma ukuthi ngezinye izikhathi wayelwa nemizwa engemihle. (Roma 7:18, 19, 24) Wabuye wakhuthazelela “iva enyameni,” ayefuna nakakhulu ukuba uNkulunkulu alisuse.—2 Kor. 12:7, 8.

Yini eyasiza uPawulu waqhubeka nenkonzo yakhe? (Bheka izigaba 5-6) *

5. Yini uPawulu ayifeza naphezu kwezinselele abhekana nazo?

5 UJehova wamqinisa uPawulu wakwazi ukuqhubeka nenkonzo yakhe naphezu kwezinselele ayebhekene nazo. Cabanga ngalokho uPawulu akufeza. Ngokwesibonelo lapho evalelwe—ejele laseRoma—ngentshiseko wavikela izindaba ezinhle phambi kwabaholi bamaJuda, mhlawumbe naphambi kwezikhulu zikahulumeni. (IzE. 28:17; Fil. 4:21, 22) Washumayela nakubaQaphi Bombusi abaningi, futhi wafakaza kubo bonke ababemvakashela. (IzE. 28:30, 31; Fil. 1:13) Ngaleso sikhathi, uPawulu wabhala izincwadi eziphefumulelwe ezizuzisa amaKristu eqiniso kuze kube namuhla. Ngaphezu kwalokho, isibonelo sikaPawulu saqinisa ibandla laseRoma, okwaholela ekutheni abafowabo babonise “isibindi esikhulu nangokwengeziwe sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.” (Fil. 1:14) Nakuba ngezinye izikhathi kwakulinganiselwe uPawulu ayengakwenza, kodwa wenza konke okusemandleni akhe futhi kwaba “nomthelela ekusakazekeni kwezindaba ezinhle.”—Fil. 1:12.

6. Ngokweyesi-2 Korinte 12:9, 10, yini eyenza uPawulu wayifeza ngokugcwele inkonzo yakhe?

6 UPawulu wayazi ukuthi konke akwenza enkonzweni kaJehova wayekwenza ngamandla kaNkulunkulu, hhayi awakhe. Wabona ukuthi amandla kaNkulunkulu ayenziwa “aphelele ebuthakathakeni.” (Funda eyesi-2 Korinte 12:9, 10.) Esebenzisa umoya waKhe ongcwele, uJehova wanika uPawulu amandla okuyifeza ngokugcwele inkonzo yakhe—naphezu koshushiso, ukuboshwa nezinye izinselele abhekana nazo.

Yini eyasiza uThimothewu waqhubeka nenkonzo yakhe? (Bheka isigaba 7) *

7. Yiziphi izinselele okwadingeka uThimothewu azinqobe ukuze afeze inkonzo yakhe?

7 UThimothewu, osemusha owayehamba noPawulu, naye kwadingeka ancike emandleni kaNkulunkulu ukuze afeze inkonzo yakhe. UThimothewu wahamba noPawulu amabanga amade beyizithunywa zevangeli. Ngaphezu kwalokho, uPawulu wamthuma ukuba avakashele amabandla futhi awakhuthaze. (1 Kor. 4:17) Kungenzeka uThimothewu wazizwa engafaneleki. Mhlawumbe yingakho uPawulu amyala: “Ungalokothi uvumele noma ubani abukele phansi ubusha bakho.” (1 Thim. 4:12) Ngaphezu kwalokho, phakathi nalesi sikhathi, uThimothewu wayehlushwa elakhe iva enyameni —‘wayegula kaningi.’ (1 Thim. 5:23) Kodwa uThimothewu wayazi ukuthi umoya ongcwele kaJehova onamandla uzomqinisa ukuze ashumayele izindaba ezinhle, akhonze nabafowabo.—2 Thim. 1:7.

AMANDLA OKUQHUBEKA SITHEMBEKILE NAPHEZU KWEZINSELELE

8. UJehova ubaqinisa kanjani abantu bakhe namuhla?

8 Namuhla, uJehova unika abantu bakhe “amandla angaphezu kwavamile” ukuze baqhubeke bemkhonza ngokwethembeka. (2 Kor. 4:7) Ake sixoxe ngamalungiselelo amane uJehova asenzele wona ukuze asiqinise futhi asisize sihlale sithembekile kuye: umthandazo, iBhayibheli, ukuhlangana namaKristu nenkonzo yethu.

UJehova usiqinisa ngomthandazo (Bheka isigaba 9)

9. Umthandazo ungasisiza kanjani?

9 Siqiniswa ngomthandazo. Njengoba kubhaliwe kwabase-Efesu 6:18, uPawulu usikhuthaza ukuba sithandaze kuNkulunkulu “ngezikhathi zonke.” UNkulunkulu yena uyosiqinisa. UJonnie, ohlala eBolivia, wakubona lokho ngesikhathi ehlelwa yizinkinga zilandelana. Umkakhe nabazali bakhe bobabili bavele bagula kakhulu ngesikhathi esisodwa. Kwakunzima ukuba uJonnie anakekele izidingo zabo bobathathu. Unina washona, kwathatha isikhathi eside ukuba umkakhe noyise balulame. Ekhumbula okwenzeka, uJonnie uthi, “Ngesikhathi ngingaphansi kwengcindezi enkulu, into eyayingisiza kwakuyimithandazo yami engagwegwesi.” UJehova wanika uJonnie amandla ayewadinga ukuze akhuthazele. URonald, ongumdala eBolivia, wathola ukuthi unina unomdlavuza. Washona ngemva kwenyanga. Yini eyamsiza wabhekana naleso simo? Uthi: “Ukuthandaza kuJehova kunginika ithuba lokuthulula isifuba sami ngikhiphe konke okusenhliziyweni. Ngiyazi ukuthi akekho ongazi ukwedlula yena, ngisho kwamina angiziqondi ngendlela angiqonda ngayo.” Ngezinye izikhathi singase sikhungatheke noma singazi ukuthi sithandaze sithini. Kodwa uJehova unxusa ukuba sithandaze kuye ngisho noma kungelula ukusho indlela esicabanga nesizizwa ngayo.—Roma 8:26, 27.

UJehova usiqinisa ngeBhayibheli (Bheka isigaba 10)

10. Njengoba kubonisiwe kumaHebheru 4:12, kungani ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngesikufundayo kubalulekile?

10 Siqiniswa ngeBhayibheli. Njengoba nje noPawulu ancika emiBhalweni ukuze athole amandla nenduduzo, nathi singancika kuyo. (Roma 15:4) Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi sizindla ngalo, uJehova angasebenzisa umoya wakhe ukuze asisize siqonde ukuthi imiBhalo ingasisiza kanjani esimweni esibhekene naso. (Funda amaHebheru 4:12.) URonald, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Kuyangijabulisa ukuthi ngahlakulela umkhuba wokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli njalo ebusuku. Isikhathi esiningi ngisichitha ngizindla ngezimfanelo zikaJehova nangendlela asebenzelana ngayo ngothando nezinceku zakhe. Lokhu kuyangisiza ngiphinde ngibe namandla.”

11. IBhayibheli lamqinisa kanjani udade owayelusizi?

11 Singaba nombono ofanele ngezimo esibhekana nazo lapho sizindla ngeZwi likaNkulunkulu. Cabanga ngendlela iBhayibheli elamsiza ngayo umfelokazi owayelusizi. Umdala wambonisa ukuthi angathola izifundo eziwusizo encwadini kaJobe. Njengoba ayeyifunda, ngokushesha waqala ukugxeka indlela yokucabanga kaJobe. Engqondweni yakhe wamkhuza wathi: “Jobe! Yeka ukucabanga kanjalo!” Kodwa wakhumbula ukuthi isimo sakhe sengqondo sasicishe sifane nesikaJobe. Lokhu kwamsiza walungisa ukucabanga kwakhe futhi kwamqinisa, wakwazi ukubhekana nobuhlungu bokushonelwa umyeni wakhe.

UJehova usiqinisa ngokuhlangana namaKristu (Bheka isigaba 12)

12. UJehova ubasebenzisa kanjani esikholwa nabo ukuze asiqinise?

12 Siqiniswa ngokuhlangana namaKristu. Enye indlela uJehova ayisebenzisayo ukuze aqinise amaKristu, ukusebenzisa izikhonzi ezikanye nawo. UPawulu wabhala ukuthi wayelangazelela ukuba nabafowabo nodadewabo ‘ukuze bakhuthazane.’ (Roma 1:11, 12) UMary, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyabazisa ubudlelwane obunjalo. Uthi: “UJehova uye wasebenzisa abazalwane nodade ababengazi ngisho nokwazi ukuthi nginezinkinga. Babesho okuthile okukhuthazayo noma bathumele ikhadi, okwakuyilokho kanye engangikudinga. Kuyasiza nokuxoxa nabanye odade abake baba nezinkinga ezifanayo, ufunde nangendlela abasizakala ngayo. Abadala nabo bahlale bengenza ngizizwe ngiyilungu elibalulekile lebandla.”

13. Singaqinisana kanjani emihlanganweni yebandla?

13 Enye yezindawo engcono kakhulu esingakhuthazana kuyo isemihlanganweni yebandla. Lapho usemihlanganweni, kungani ungazami ukuqinisa abanye ngokubatshela ukuthi uyabathanda nokuthi uyabazisa? Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuba kuqale imihlangano, uPeter ongumdala wathi kudade onomyeni ongeyena uFakazi: “Kukhuthaza ngempela ukukubona lapha. Uhlale uzilungiselele kahle izingane zakho eziyisithupha ukuba ziphendule.” Amehlo akhe agcwala izinyembezi zenjabulo waphendula wathi: “Awazi ukuthi bengikudinga kanjani ukuzwa lokho namuhla.”

UJehova usiqinisa ngenkonzo (Bheka isigaba 14)

14. Ukuba senkonzweni kusisiza kanjani?

14 Siqiniswa ngenkonzo. Lapho sixoxa ngamaqiniso eBhayibheli nabanye, siyajabula futhi sivuseleleke, kungakhathaliseki ukuthi bayalalela yini noma cha. (IzAga 11:25) UStacy wabona ukuthi iqinisana kanjani inkonzo. Lapho kususwa ilungu lomndeni, wayekhathazeke kakhulu elokhu ezibuza ukuthi, ‘Kukhona yini okunye ebengingakwenza ukuze ngimsize?’ UStacy wayelokhu ecabanga ngayo le nkinga. Yini eyamsiza ukuba abhekane nale simo esicindezelayo? Inkonzo! Njengoba ayenza umsebenzi wokushumayela, waqala ukugxila kubantu ababedinga usizo lwakhe ensimini. Uthi: “Phakathi naleso sikhathi, uJehova wanginika isifundo seBhayibheli esathuthuka ngokushesha. Kwangikhuthaza kakhulu lokho. Into engisize kakhulu ekuphileni kwami ukuya enkonzweni.”

15. Yini esiyifunda kulokho okushiwo uMary?

15 Izimo zabanye, zingase zibenze bazizwe bengakwazi ukwenza okuningi enkonzweni. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, khumbula ukuthi uJehova uyajabula lapho wenza okusemandleni akho. Phinda ucabange ngesibonelo sikaMary. Lapho ethuthela ensimini okukhulunywa kuyo olunye ulimi, wazibona engelona usizo. Uthi, “Esikhathini esiningi, ngangimane nje nginikeze impendulo elula, ngifunde ivesi eBhayibhelini noma ngihambise ipheshana ensimini.” Lokhu kwamenza wazenyeza ikakhulukazi lapho eziqhathanisa nalabo abalukhuluma kahle ulimi. Nokho, wayilungisa indlela ayecabanga ngayo. Waqala ukubona ukuthi uJehova wayengamsebenzisa naphezu kokulinganiselwa ayenakho. Uthi, “Amaqiniso asindisa ukuphila alula futhi lawo maqiniso ashintsha ukuphila kwabantu.”

16. Yini engasiza labo abavalelekile ukuba bathole amandla?

16 UJehova uyasibona futhi uyasazisa isifiso sethu sokuba senkonzweni, ngisho noma sivalelekile. Angasivulela amathuba okufakaza kwabasinakekelayo noma kodokotela. Uma siqhathanisa esikwenza manje nalokho esasikwazi ukukwenza esikhathini esedlule, singase sidikibale. Kodwa uma siqonda ukuthi uJehova usisiza kanjani manje, siyoba namandla esiwadingayo ukuze sikwazi ukukhuthazelela noma yiluphi uvivinyo ngenjabulo.

17. NgokukamShumayeli 11:6, kungani kumelwe siqhubeke nenkonzo yethu ngisho noma singawuboni ngokushesha umphumela?

17 Asazi ukuthi iyiphi imbewu yeqiniso esiyitshalayo eyohluma futhi iqale ukukhula. (Funda umShumayeli 11:6.) Ngokwesibonelo, uBarbara oneminyaka engu-80, uvame ukushumayela ngocingo nangokubhala izincwadi. Kwenye yezincwadi zakhe wafaka INqabayokulinda kaMashi 1, 2014, enesihloko esithi “Lokho UNkulunkulu Akwenzele Kona.” Engazi, wayethumele leyo ncwadi endodeni nomkayo ababengasebona oFakazi BakaJehova. Bawufunda kaningi lo magazini. Indoda yezwa sengathi uJehova ukhuluma nayo ngokuqondile. Baqala ukuya emihlanganweni futhi ngokuhamba kwesikhathi baba oFakazi futhi—ngemva kweminyaka engaphezu kuka-27. Cabanga nje ukuthi kwamkhuthaza futhi kwamqinisa kanjani uBarbara ukubona imiphumela emihle kangaka ngenxa yaleyo ncwadi eyodwa!

UJehova usiqinisa (1) ngomthandazo, (2) ngeBhayibheli, (3) ngokuhlangana namaKristu, kanye (4) nenkonzo (Bheka izigaba 9-10, 12, 14)

18. Yini esingayenza ukuze sizuze emandleni kaNkulunkulu?

18 UJehova usinika ithuba lokuthola amandla akhe amakhulu. Lapho sisebenzisa amalungiselelo akhe—ahlanganisa umthandazo, iBhayibheli, ukuhlangana namaKristu kanye nenkonzo—sisuke sibonisa ukuthi siyamethemba uJehova ukuthi uzosisiza nokuthi uyafuna ukwenza kanjalo. Ngaso sonke isikhathi masincike kuBaba wethu osezulwini, okujabulelayo ‘ukubonisa amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.’—2 IziKr. 16:9.

INGOMA 61 Phambili, Nina BoFakazi!

^ par. 5 Siphila ezikhathini ezinzima, kodwa uJehova usinika usizo esiludingayo ukuze sikhuthazele. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela uJehova asiza ngayo umphostoli uPawulu noThimothewu ukuba baqhubeke bemkhonza naphezu kwezinkinga. Sizoxoxa ngamalungiselelo amane uJehova asenzele wona azosisiza ukuba sikhuthazele namuhla.

^ par. 2 Igama lishintshiwe.

^ par. 53 INCAZELO YESITHOMBE: Ngesikhathi eboshiwe eRoma, uPawulu ubhalela amabandla amaningi izincwadi futhi ushumayela izindaba ezinhle kulabo abamvakashele.

^ par. 55 INCAZELO YESITHOMBE: UThimothewu ukhuthaza abazalwane njengoba evakashela amabandla.