Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 18

Uzokhubeka Yini Ngenxa KaJesu?

Uzokhubeka Yini Ngenxa KaJesu?

“Uyajabula ongasitholi isizathu sokukhubeka ngami.”—MATH. 11:6.

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

AMAZWIBELA *

1. Yini eyakumangaza lapho uzama okokuqala ukuxoxela abanye ngomyalezo weBhayibheli?

UYASIKHUMBULA isikhathi owaqala ukubona ngaso ukuthi uthole iqiniso? Izimfundiso zeBhayibheli owawuzifunda zazicacile—zicace bha! Wawucabanga ukuthi wonke umuntu uzozamukela izinto owase uzikholelwa. Wawuqiniseka ngokuthi umyalezo weBhayibheli uzobanika ukuphila okujabulisayo kanye nethemba elimangalisayo ngekusasa. (IHu. 119:105) Ngakho ngentshiseko, waxoxela bonke abangane bakho nezihlobo amaqiniso owafundile. Yini eyenzeka? Wamangala lapho abaningi bengakwamukeli lokho owabatshela kona.

2-3. Ngosuku lukaJesu abantu abaningi basabela kanjani esigijimini sakhe?

2 Akufanele kusimangaze ukuthi abanye abawamukeli umyalezo esiwushumayelayo. Osukwini lukaJesu, abaningi abazange bamamukele, ngisho noma ayenza izimangaliso, ebonisa ukuthi usekelwa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJesu wavusa uLazaru—isimangaliso abaphikisi bakhe ababengenakusiphika. Noma kunjalo, abaholi bamaJuda abazange bamamukele uJesu njengoMesiya. Bafuna ngisho nokubabulala bobabili uJesu noLazaru!—Joh. 11:47, 48, 53; 12:9-11.

3 UJesu wayazi ukuthi abantu abaningi babeyonqaba ukumamukela njengoMesiya. (Joh. 5:39-44) Wathi eqenjini labafundi bakaJohane uMbhapathizi: “Uyajabula ongasitholi isizathu sokukhubeka ngami.” (Math. 11:2, 3, 6) Kungani abaningi bengamamukelanga uJesu?

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizohlola izizathu eziningana zokuthi kungani abaningi ngekhulu lokuqala bengabanga nokholo kuJesu. Sizobona nokuthi kungani abaningi namuhla bevumela ukukhubeka. Okubaluleke nakakhulu, sizofunda ngokuthi kungani kufanele sibe nokholo oluqinile kuJesu ukuze singakhubeki.

(1) ISIZINDA SIKAJESU

Abaningi bakhubeka ngenxa yesizinda sikaJesu. Abanye bangakhutshwa kanjani into efanayo namuhla? (Bheka isigaba 5) *

5. Kungani abanye babengaphetha ngokuthi uJesu akayena uMesiya owayebikezelwe?

5 Isizinda sikaJesu sabakhuba abaningi. Bavuma ukuthi uJesu wayengumfundisi omuhle kakhulu nokuthi wayenza izimangaliso. Kubona, wayemane nje eyindodana yombazi ophansi. Wayephuma eNazaretha, idolobha okungenzeka lalingabhekwa njengelibalulekile. Ngisho noNathanayeli, owaba ngumfundi kaJesu, wathi ekuqaleni: “Kukhona yini okuhle okungaphuma eNazaretha?” (Joh. 1:46) Kungenzeka uNathanayeli wayengalithandi idolobha uJesu ayehlala kulo. Noma mhlawumbe wayecabanga ngesiprofetho esitholakala kuMika 5:2, esabikezela ukuthi uMesiya wayeyozalelwa eBhetlehema, hhayi eNazaretha.

6. Yini okwakufanele isize abantu bangosuku lukaJesu babone ukuthi unguMesiya?

6 Ithini imiBhalo? Umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi izitha zikaJesu zaziyohluleka ukuqaphela ‘imininingwane yesizukulwane sikaMesiya.’ (Isaya 53:8) Eminingi yaleyo mininingwane yayiprofethiwe. Ukube labo bantu babezinike isikhathi sokuhlola wonke amaqiniso, babeyokwazi ukuthi uJesu wazalelwa eBhetlehema nokuthi wayeyinzalo yeNkosi uDavide. (Luka 2:4-7) Ngakho kwakubikezelwe ukuthi uJesu wayezozalelwa kuleyo ndawo esiprofethweni esitholakala kuMika 5:2. Pho kwakuyini inkinga? Abantu bashesha ukufinyelela esiphethweni. Babengenawo wonke amaqiniso. Ngenxa yalokho, bakhubeka.

7. Kungani abaningi namuhla bengabamukeli abantu bakaJehova?

7 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Bebonke, abantu bakaJehova bangabantu abangavelele emphakathini, abaningi bababheka njengabantu “abangafundile nabavamile.” (IzE. 4:13) Abanye bacabanga ukuthi abantu bakaNkulunkulu abakwazi ukufundisa ngeBhayibheli ngenxa yokuthi abathweswanga iziqu zasezikoleni zenkolo ezaziwayo. Abanye bathi oFakazi BakaJehova “bayinkolo yaseMelika,” ngisho noma, eqinisweni cishe uyedwa kwabayisikhombisa uFakazi KaJehova ohlala e-United States. Abanye batshelwa ukuthi oFakazi abakholelwa kuJesu. Sekuphele iminyaka abantu bakaJehova bebizwa ngokuthi “amaKhomanisi,” “izinhloli zaseMelika,” kanye nokuthi “abantu abeqisayo.” Ngenxa yokuthi abantu abalalela lezi zinto, abawazi noma abawamukeli amaqiniso, bayakhubeka.

8. Ngokwencwadi yezEnzo 17:11, yini abantu okufanele bayenze uma befuna ukwazi izikhonzi zikaNkulunkulu namuhla?

8 Ungakugwema kanjani ukukhubeka? Abantu kudingeka bahlole amaqiniso. Yilokho umbhali weVangeli uLuka ayezimisele ukukwenza. Waqikelela ukuthi uzilandela “ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni.” Wayefuna abafundi bakhe ‘babazi ngokugcwele ubuqiniso bezinto’ ababezizwile ngoJesu. (Luka 1:1-4) AmaJuda aseBhereya lasendulo ayefana noLuka. Lapho beqala ukuzwa izindaba ezinhle ngoJesu, bahlola imiBhalo yesiHebheru ukuze baqinisekise lokho ababekuzwile. (Funda izEnzo 17:11.) Ngendlela efanayo, abantu namuhla kudingeka bahlole amaqiniso. Kumelwe baqhathanise lokho abakufundiswa abantu bakaNkulunkulu nalokho okushiwo imiBhalo. Kudingeka bafunde nangalokho abantu bakaJehova abakwenzile ezikhathini zanamuhla. Uma bewahlolisisa kahle amaqiniso, angeke bavumele ubandlululo noma inzwabethi kubavale amehlo.

(2) UJESU WENQABA UKWENZA IZIBONAKALISO ZOKUBUKISA

Abaningi bakhubeka ngenxa yokwenqaba kukaJesu ukwenza izibonakaliso zokubukisa. Abanye bangakhutshwa kanjani into efanayo namuhla? (Bheka izigaba 9-10) *

9. Kwenzekani lapho uJesu enqaba ukuveza isibonakaliso esivela ezulwini?

9 Abanye osukwini lukaJesu babenganelisekile ngezimfundiso zakhe ezimangalisayo. Babefuna okwengeziwe. Bamphoqa ukuba akufakazele ukuthi unguMesiya ngokubavezela “isibonakaliso esivela ezulwini.” (Math. 16:1) Mhlawumbe lokhu babekwenziswa ukungawuqondi kahle uDaniyeli 7:13, 14. Kodwa kwakungakabi isikhathi sikaJehova sokuba leso siprofetho sigcwaliseke. Lokho uJesu akufundisa kwakwanele ukubaqinisekisa ukuthi unguMesiya. Kodwa lapho enqaba ukubanika isibonakaliso ababesifuna, bakhubeka.—Math. 16:4.

10. UJesu wakugcwalisa kanjani lokho okwabhalwa u-Isaya ngoMesiya?

10 Ithini imiBhalo? Umprofethi u-Isaya wabhala lokhu ngoMesiya: “Ngeke amemeze noma aphakamise izwi lakhe, nasemgwaqweni ngeke alizwakalise izwi lakhe.” (Isaya 42:1, 2) UJesu wayenza ngendlela enokuthula nesizotha inkonzo yakhe. Akazange akhe amathempeli awubukhazikhazi, agqoke izivatho ezikhethekile zenkolo noma afune ukubizwa ngeziqu zabaholi benkolo. Ngesikhathi equliswa icala, uJesu wenqaba ukuhlaba iNkosi uHerode umxhwele ngokuyenzela isibonakaliso. (Luka 23:8-11) Zikhona izimangaliso uJesu azenza, kodwa ngokuyinhloko wayegxile ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle. Wathi kubafundi bakhe, “Ngizele lokho.”—Marku 1:38.

11. Yiziphi izinto eziyiphutha ezicatshangwa abanye namuhla?

11 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Namuhla abantu abaningi bahlatshwa umxhwele amasonto amakhulu anemihlobiso ewubukhazikhazi, abefundisi abaneziqu ezihlonishwayo kanye nemikhosi abaningi abangasawazi umsuka nencazelo yayo. Kodwa abantu abaya emasontweni abafundi okutheni ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe. Labo abeza emihlanganweni yethu yobuKristu bafunda lokho uJehova akufunayo kithi nendlela yokwenza intando yakhe. AmaHholo ethu OMbuso ahlanzekile futhi afeza umsebenzi obalulekile, kodwa awabona ubukhazikhazi. Abaholayo abagqoki izimpahla ezibahlukanisayo futhi abazamukeli iziqu ezibaphakamisayo. Izimfundiso nezinkolelo zethu zisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Noma kunjalo, abaningi namuhla bayakhubeka ngoba bacabanga ukuthi indlela esikhonza ngayo iyabhora nokuthi lokho esikufundisayo akukhona lokho abafuna ukukuzwa.

12. Njengoba kuchazwe kumaHebheru 11:1, 6, ukholo lwethu kufanele lusekelwe kuphi?

12 Singakugwema kanjani ukukhubeka? Umphostoli uPawulu watshela amaKristu ahlala eRoma: “Ngakho ukholo lulandela into ezwiweyo. Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu.” (Roma 10:17) Ngakho ukholo lwethu silwakha ngokutadisha imiBhalo, hhayi ngokuba nengxenye emikhosini yenkolo engasekelwe emiBhalweni, kungakhathaliseki ukuthi leyo mikhosi ibonakala ijabulisa kangakanani. Kumelwe sibe nokholo oluqinile olusekelwe olwazini olunembile ngoba “ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa uNkulunkulu.” (Funda amaHebheru 11:1, 6.) Ngakho, asidingi isibonakaliso esiyisimanga esivela ezulwini ukuze sazi ukuthi sithole iqiniso. Ukuhlolisisa izimfundiso zeBhayibheli eziqinisa ukholo kwanele ukuba kusiqinisekise futhi kuqede noma ikuphi ukungabaza.

(3) UJESU AKAWAGCINANGA AMASIKO AMANINGI AMAJUDA

Abaningi bakhubeka ngenxa yokuthi uJesu walahla amanye amasiko abo. Abanye bangakhutshwa kanjani into efanayo namuhla? (Bheka isigaba 13) *

13. Yini eyenza abaningi bamlahla uJesu?

13 Ngosuku lukaJesu, abafundi bakaJohane uMbhapathizi bamangazwa ukuthi abafundi bakaJesu abakuzilanga ukudla. UJesu wabachazela ukuthi sasingekho isidingo sokuba bazile ukudla esaphila. (Math. 9:14-17) Noma kunjalo, abaFarisi nabanye abaphikisi bakaJesu bamlahla ngenxa yokuthi wayengawagcini amasiko abo. Bathukuthela ngesikhathi elapha abagulayo ngeSabatha. (Marku 3:1-6; Joh. 9:16) Nakuba babethi bayalihlonipha iSabatha, izenzo zabo zazisho okuhlukile ngoba babeqhuba ibhizinisi ethempelini. Bathukuthela lapho uJesu ebaxosha. (Math. 21:12, 13, 15) Nalabo uJesu ayeshumayela kubo esinagogeni eNazaretha, bathukuthela bagan’ unwabu ngesikhathi esebenzisa izibonelo zomlando ka-Israyeli ukuze ababonise ukuthi bangamagovu futhi bantula ukholo. (Luka 4:16, 25-30) Indlela ehlukile kaJesu yokwenza izinto yabakhuba abaningi.—Math. 11:16-19.

14. Kungani uJesu alahla amasiko abantu angavumelani nemiBhalo?

14 Ithini imiBhalo? UJehova washo lokhu esebenzisa umprofethi u-Isaya: “Lesi sizwe sithi siza kimi singidumisa ngezindebe zaso, kodwa inhliziyo yaso ikude nami; singesaba ngenxa yemiyalo esiyifundiswe ngabantu.” (Isaya 29:13) UJesu wenza into efanele ngokulahla amasiko abantu angavumelani nemiBhalo. Labo ababecabanga ukuthi imithetho namasiko abantu kubaluleke ukwedlula imiBhalo bamenqaba uJehova nalowo amthuma njengoMesiya.

15. Yini eyenza abaningi namuhla bangabathandi oFakazi BakaJehova?

15 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Abaningi baphatheka kabi lapho oFakazi BakaJehova bengabajoyini uma begubha amasiko angasekelwe emiBhalweni, njengezinsuku zokuzalwa noKhisimusi. Abanye bayathukuthela lapho oFakazi BakaJehova bengabajoyini uma begubha imikhosi yezwe noma uma bengawalandeli amasiko okungcwaba angavumelani neZwi likaNkulunkulu. Labo abakhutshwa yilezi zinto bangase bakholelwe ngobuqotho ukuthi uNkulunkulu uyayamukela indlela abamkhonza ngayo. Kodwa ngeke bakwazi ukumjabulisa uma bekhetha amasiko aleli zwe esikhundleni sezimfundiso ezicacile eziseBhayibhelini.—Marku 7:7-9.

16. NgokweHubo 119:97, 113, 163-165, yini okumelwe siyenze futhi yini okumelwe siyigweme?

16 Singakugwema kanjani ukukhubeka? Kudingeka siyithande ngokujulile imithetho nezimiso zikaJehova. (Funda amaHubo 119:97, 113, 163-165.) Uma simthanda uJehova, sizowenqaba wonke amasiko angamjabulisi. Ngeke sivumele lutho luphazamise indlela esimthanda ngayo uJehova.

(4) UJESU AKAZANGE ASHINTSHE EZEPOLITIKI

Abaningi bakhubeka ngenxa yokuthi uJesu wayengenandaba nezepolitiki. Abanye bangakhutshwa kanjani into efanayo namuhla? (Bheka isigaba 17) *

17. Yini eyakhuba abantu abaningi ngosuku lukaJesu?

17 Abanye ngosuku lukaJesu babelufuna ngokushesha ushintsho kwezepolitiki. Babelindele ukuba uMesiya abakhulule ekucindezelweni ukubusa kwamaRoma. Kodwa lapho bezama ukwenza uJesu inkosi yabo, wenqaba. (Joh. 6:14, 15) Abanye—kuhlanganise nabapristi—babekhathazeke ngokuthi uJesu wayeyoletha ushintsho kwezepolitiki olwaluyothukuthelisa amaRoma, ayenike labo baholi benkolo isilinganiso esithile samandla negunya. Lokho kukhathazeka ngezepolitiki kwabangela ukuba amaJuba amaningi akhubeke.

18. Yiziphi iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana noMesiya abaningi abangazange bazinake?

18 Ithini imiBhalo? Nakuba iziprofetho eziningi zabikezela ukuthi uMesiya wayeyogcina eyiQhawe elinqobayo, ezinye iziprofetho zabonisa ukuthi kwakuyodingeka aqale afele izono zethu. (Isaya 53:9, 12) Pho kungani babenamathemba angafanele? Abaningi ngosuku lukaJesu babengahambisani nanoma isiphi isiprofetho esinganikezi isixazululo esisheshayo ezinkingeni zabo.—Joh. 6:26, 27.

19. Yini ekhuba abaningi namuhla?

19 Isekhona yini inkinga enjalo namuhla? Yebo. Abaningi namuhla bakhutshwa ukungathathi hlangothi kwethu kwezepolitiki. Bacabanga ukuthi kufanele sivote uma kunokhetho. Kodwa thina, siyazi ukuthi ngokukaJehova, uma sikhetha umholi ongumuntu ukuba asibuse, sisuke simlahla Yena. (1 Sam. 8:4-7) Abantu bangase balindele ukuba sakhe izikole nezibhedlela, siphinde senze neminye imisebenzi yokusiza abaswele. Bakhutshwa ukuthi sigxila emsebenzini wokushumayela, hhayi ekuxazululeni izinkinga ezikhona ezweni njengamanje.

20. Njengoba kuboniswe kuMathewu 7:21-23, yini okufanele sigxile kuyo ngokuyinhloko?

20 Singakugwema kanjani ukukhubeka? (Funda uMathewu 7:21-23.) Ngokuyinhloko kufanele sigxile ekwenzeni umsebenzi uJesu asiyala ukuba siwenze. (Math. 28:19, 20) Masingalokothi siphazanyiswe ezepolitiki kanye nezinkinga zaleli zwe. Siyabathanda abantu futhi ziyasikhathaza izinkinga zabo, kodwa siyazi ukuthi indlela engcono yokusiza omakhelwane bethu ukubafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu nokubasiza babe abangane bakaJehova.

21. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

21 Kulesi sihloko, sixoxe ngezikhubekiso ezine ezenza abaningi bamlahla uJesu ngekhulu lokuqala nezingenza abanye namuhla bangabathandi abalandeli bakaJesu. Kodwa ingabe lezi ukuphela kwezinto okumelwe sizigweme? Cha. Esihlokweni esilandelayo, sizohlola ezinye izikhubekiso ezine. Kwangathi singenza okusemandleni ukuze sigweme ukukhubeka futhi sihlale sinokholo oluqinile!

INGOMA 56 Yenza Iqiniso Libe Ngelakho

^ par. 5 Nakuba uJesu ayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke owake waphila emhlabeni, abantu abaningi bangesikhathi sakhe bakhubeka ngenxa yakhe. Kungani? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezizathu ezine. Sizobona nokuthi kungani abantu abaningi namuhla bekhutshwa yilokho abalandeli bakaJesu abakushoyo nabakwenzayo. Okubaluleke nakakhulu, sizofunda ngokuthi kungani kufanele sibe nokholo oluqinile kuJesu ukuze singakhubeki.

^ par. 60 INCAZELO YESITHOMBE: UFiliphu ukhuthaza uNathanayeli ukuba aye kuJesu.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu ushumayela izindaba ezinhle.

^ par. 64 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu welapha indoda enesandla esishwabene kubuka abaphikisi bakhe.

^ par. 66 INCAZELO YESITHOMBE: UJesu wenyukela entabeni uhamba yedwa.