Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 23

Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova

Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova

“Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.”​—MATH. 22:37.

INGOMA 134 Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1-2. Chaza ukuthi izimiso zeBhayibheli zingabaluleka kanjani nakakhulu kithi lapho izimo zethu zishintsha.

 NGOSUKU lwabo lomshado, umkhwenyana obukeka kahle nomakoti wakhe oyisiphalaphala balalelisisile njengoba kunikezwa inkulumo yomshado esekelwe eBhayibhelini. Abaqali ukuzizwa izimiso okukhulunywa ngazo kuleyo nkulumo. Kodwa kusukela ngalolu suku kuqhubeke, lezi zimiso zizobaluleka nakakhulu kubo. Kungani? Kungoba sebezozisebenzisa njengabantu abashadile.

2 Kwenzeka okufanayo lapho amaKristu ashadile eba abazali. Eminyakeni eyedlule kungenzeka baye bezwa izinkulumo eziningana ezikhuluma ngokukhulisa abantwana. Kodwa manje lezo zimiso sezizobaluleka nakakhulu kubo. Sebezoba nowabo umntwana abazomkhulisa. Umsebenzi omkhulu ngempela lowo! Ngokuqinisekile, izimo ezintsha zingayishintsha indlela esibheka ngayo izimiso zeBhayibheli ezijwayelekile. Lesi esinye sezizathu esenza izikhonzi zikaJehova zifunde imiBhalo, zizindle ngayo “zonke izinsuku” zokuphila kwazo, njengoba amakhosi akwa-Israyeli ayetshelwe ukuba enze kanjalo.​—Dut. 17:19.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Bazali, ninelinye lamalungelo amakhulu kakhulu umKristu angaba nalo, eliwukufundisa izingane zenu ngoJehova. Kodwa nifuna ukwenza okungaphezu kokumane nje nizifundise amaqiniso ngoNkulunkulu wethu. Nifuna ukusiza izingane zenu zimthande ngokujulile. Yini eningayenza ukuze nigxilise uthando ngoJehova ezinganeni zenu? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimiso zeBhayibheli ezine ezinganisiza njengabazali. (2 Thim. 3:16) Sizobona nendlela abanye abazali abangamaKristu abazuze ngayo ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli.

IZIMISO EZINE EZINGASIZA ABAZALI

Ukuhlale ufuna isiqondiso sikaJehova nokubeka isibonelo esihle kungaba namuphi umthelela omuhle ezinganeni zakho? (Bheka izigaba 4, 8)

4. Yisiphi isimiso esingasiza abazali bagxilise uthando ngoJehova ezinhliziyweni zezingane zabo? (Jakobe 1:5)

4 Isimiso 1: Funa isiqondiso sikaJehova. Cela uJehova akunike ukuhlakanipha okudingayo ukuze usize izingane zakho zimthande. (Funda uJakobe 1:5.) UnguMuntu okufanelekela ukubedlula bonke ukunikeza iseluleko. Kunezizathu ezimbalwa ezenza kube njalo. Cabanga ngezimbili. Esokuqala, uJehova unesipiliyoni esiningi ekubeni umzali. (IHu. 36:9) Esesibili, izeluleko ezihlakaniphile azinikezayo zihlale zizuzisa.​—Isaya 48:17.

5. (a) Yini inhlangano kaJehova eyilungiselele ukuze isize abazali? (b) Njengoba kubonisiwe evidiyweni, ufundeni ngendlela uMzalwane noDade Amorim abakhulise ngayo izingane zabo?

5 Esebenzisa iZwi lakhe nenhlangano yakhe, uJehova ulungiselele inqwaba yokudla okungokomoya okusekelwe eBhayibhelini okunganisiza nikhulise izingane zenu zikwazi ukumthanda. (Math. 24:45) Ngokwesibonelo, ningathola izeluleko eziwusizo ochungechungeni oluthi “Usizo Lomndeni,” olwalunyatheliswa eminyakeni edlule kumagazini i-Phaphama! manje oselutholakala kuwebusayithi yethu. Kukhona namavidiyo amaningi ku-jw.org angasiza abazali basebenzise iseluleko sikaJehova njengoba befundisa izingane zabo. *​—IzAga 2:4-6.

6. Omunye ubaba uzizwa kanjani ngesiqondiso yena nomkakhe abasithola enhlanganweni kaJehova?

6 Abazali abaningi baye babonisa ukwazisa ngosizo uJehova abanikeze lona esebenzisa inhlangano yakhe. UJoe, ongubaba, uyavuma: “Ukukhulisa izingane ezintathu eqinisweni akuwona umsebenzi olula. Mina nomkami sihlale sithandazela usizo lukaJehova. Ngezinye izikhathi, siye sizizwe sengathi ividiyo ethile noma isihloko esithile siphume ngesikhathi ukuze sisisize esimweni esisuke sibhekene naso. Sihlale sithembele esiqondisweni sikaJehova.” UJoe nomkakhe bathole ukuthi amalungiselelo anjalo asiza izingane zabo zisondele kuJehova.

7. Kungani kubalulekile ukuba abazali bakhathazeke ngesibonelo abasibekayo? (Roma 2:21)

7 Isimiso 2: Yiba isibonelo esihle. Izingane ziyababukisisa abazali bazo futhi zivame ukubalingisa. Kuyavunywa, akekho umzali ongenasono. (Roma 3:23) Noma kunjalo, abazali abahlakaniphile benza okusemandleni ukuze babe isibonelo esihle ezinganeni zabo. (Funda eyabaseRoma 2:21.) Ekhuluma ngezingane, omunye ubaba wathi: “Zinjengezipontshi ezimunca yonke into.” Uyanezela: “Zizositshela lapho isibonelo sethu singahambisani nalokho esizama ukuzifundisa kona.” Ngakho, uma sifuna izingane zethu zithande uJehova, kudingeka thina simthande ngokujulile futhi sikubonise lokho.

8-9. Ufundeni kulokho okushiwo u-Andrew no-Emma?

8 Ziningi izindlela abazali abangafundisa ngazo izingane zabo ukuba zithande uJehova. Phawula okushiwo u-Andrew oneminyaka engu-17: “Abazali bami bahlale begcizelela ukubaluleka komthandazo. Njalo ebusuku ubaba wayethandaza nami, ngisho noma ngase ngithandazile. Abazali bethu babehlale besikhumbuza: ‘Ungakhuluma noJehova noma kangaki.’ Ukugcizelela kwabo umthandazo kungithinte ngokujulile, futhi manje sengikhululekile ukuthandaza kuJehova futhi ngimbheka njengoBaba onothando.” Bazali, ningalinge nikhohlwe ukuthi uthando lwenu ngoJehova lungaba nethonya elinamandla ezinganeni zenu.

9 Cabanga nangesibonelo sika-Emma. Ngesikhathi uyise ebalahla, washiya unina ebishe ezikweletini. U-Emma uthi: “Ziningi izikhathi lapho umama ayedonsa khona kanzima ngokwezimali, kodwa wayehlale ekhuluma ngendlela uJehova anakekela ngayo izinceku zakhe. Indlela ayephila ngayo yangenza ngabona ukuthi wayekukholelwa lokho. Umama wayephila ngalokho ayekufundisa.” Sifundani? Abazali bangakwazi ukuba yisibonelo esihle ngisho noma izimo zinzima.​—Gal. 6:9.

10. Abazali abaningi abangama-Israyeli babenamaphi amathuba okuxoxa nezingane zabo? (Duteronomi 6:6, 7)

10 Isimiso 3: Khuluma njalo nezingane zakho. UJehova wayala ama-Israyeli asendulo ukuba azifundise njalo izingane zawo ngaye. (Funda uDuteronomi 6:6, 7.) Labo bazali babenamathuba amaningi phakathi nosuku okukhuluma nezingane zabo, bagxilise uthando ngoJehova ezinhliziyweni zazo. Ngokwesibonelo, umfana ongumIsrayeli wayengachitha amahora amaningi esiza uyise etshala noma evuna. Udadewabo wayengase achithe isikhathi esiningi sosuku esiza unina lapho ethunga, eluka noma enza eminye imisebenzi yasekhaya. Njengoba abazali besebenza nezingane, babengakhuluma ngezinto eziningi ezibalulekile. Ngokwesibonelo, babengaxoxa ngemfanelo kaJehova yobuhle nangokuthi wayewusiza kanjani umndeni.

11. Yiliphi ithuba abazali abangamaKristu abanalo lokuxoxa nezingane zabo?

11 Izikhathi sezishintshile. Emazweni amaningi abazali nezingane abakwazi ukuchitha usuku lonke bendawonye. Abazali bangase babe semsebenzini, izingane zona zibe sesikoleni. Ngenxa yalokho, abazali kumelwe bafune isikhathi lapho bengaxoxa khona nezingane zabo. (Efe. 5:15, 16; Fil. 1:10) Ukukhulekela komkhaya kungabanika ithuba lokwenza kanjalo. U-Alexander, umzalwane osemusha, uthi: “Ubaba uhlale enza amalungiselelo okukhulekela komkhaya, futhi akavumeli lutho luthathe indawo yaleso sikhathi esisichitha ndawonye. Lapho sesiqedile, siyazixoxela nje.”

12. Yini inhloko yomndeni okufanele iyikhumbule lapho kwenziwa ukukhulekela komkhaya?

12 Uma uyinhloko yomndeni, yini ongayenza ukuze izingane zakho zikujabulele ukukhulekela komkhaya? Kungani ningatadishi nezingane zenu incwadi yethu entsha ethi Phila Kuze Kube Phakade!? Leso sifundo singaba yithuba elihle lokuxoxa ngokukhululekile. Ufuna izingane zakho zikhulume ngokukhululekile nangezinto ezizikhathazayo, ngakho ungasebenzisi isikhathi sokukhulekela komkhaya ukuze uzithethise noma uzigxeke. Zama ukungabi namawala lapho izingane zakho ziveza imibono engavumelani nezimiso zeBhayibheli. Kunalokho kwazise ukuthi ziveza indlela ezizizwa ngayo ngempela, futhi uzikhuthaze ukuba zihlale zikhuluma ngokukhululekile. Uma uyazi indlela izingane zakho ezizizwa ngayo ngempela, usethubeni elingcono kakhulu lokuzisiza.

Abazali bangayisebenzisa kanjani indalo ukuze bafundise izingane zabo ngezimfanelo zikaJehova? (Bheka isigaba 13)

13. Yimaphi amanye amathuba abazali abanawo okusiza izingane zabo zisondele kuJehova?

13 Bazali, funani amathuba phakathi nosuku okusiza izingane zenu zisondele kuJehova. Akudingeki ulinde kuze kube nesifundo seBhayibheli esihleliwe ukuze uzifundise ngoNkulunkulu wethu onothando. Phawula lokho okwashiwo uLisa, ongumama: “Sakwazi ukusiza izingane zethu zibone ukuhlobana okukhona phakathi kukaJehova nendalo. Lapho inja yethu yenza izinto ezihlekisa izingane, siyazitshela ukuthi uMdali wethu naye unguNkulunkulu owajabulelayo amancoko futhi uyakuthanda ukuphila njengoba nje nathi sikuthanda.”

Bazali, ingabe niyabazi abangane bezingane zenu? (Bheka isigaba 14) *

14. Kungani kubalulekile ukuba abazali basize izingane zabo zikhethe abangane ngokuhlakanipha? (IzAga 13:20)

14 Isimiso 4: Siza izingane zakho zikhethe abangane abakahle. IZwi likaNkulunkulu libonisa ngokucacile ukuthi abangane esinabo bangasithonya​—kahle noma kabi. (Funda izAga 13:20.) Bazali, ingabe niyabazi abangane bezingane zenu? Nake nababona nachitha isikhathi nabo? Yini ongayenza ukuze usize izingane zakho zibe nabangane abathanda uJehova? (1 Kor. 15:33) Ungazisiza zenze izinqumo ezihlakaniphile ngokumema labo abaqhuba kahle ngokomoya ukuba banijoyine lapho nenza izinto ndawonye njengomndeni.​—IHu. 119:63.

15. Yini abazali abangayenza ukuze basize izingane zabo zikhethe abangane abakahle?

15 Cabanga ngalokho okwenziwa uTony ongubaba. Uyachaza ukuthi yini yena nomkakhe abayenzile ukuze basize izingane zabo zithole abangane abakahle. “Njengoba iminyaka iqhubeka, mina nomkami siye samema abazalwane nodade abaneminyaka nezizinda ezingafani. Sidla nabo futhi baba khona lapho senza ukukhulekela komkhaya. Lena indlela enhle kakhulu yokwazi labo abathanda uJehova nabamkhonza ngenjabulo. Siye sajabulela ukwamukela ababonisi besigodi, izithunywa zevangeli kanye nabanye ekhaya. Izinto ababhekane nazo, intshiseko yabo kanye nomoya wabo wokuzidela kuye kwaba nomthelela omkhulu ezinganeni zethu, kwazisiza zakwazi ukusondela kuJehova.” Bazali, zimiseleni ukusiza izingane zenu zithole abangane abakahle.

UNGALILAHLI ITHEMBA!

16. Yini ongayenza uma ingane ithi ayifuni ukukhonza uJehova?

16 Kuthiwani uma naphezu kwemizamo yakho, enye yezingane zakho ithi ayifuni ukukhonza uJehova? Ungaphethi ngokuthi uyisehluleki. UJehova usinike sonke​—okuhlanganisa nengane yakho—​isipho esiyinkululeko yokuzikhethela, okuyikhono lokukhetha ukuthi sizomkhonza yini uNkulunkulu noma cha. Uma ingane yakho ikhethe ukushiya uJehova, ungalilahli ithemba lokuthi ngelinye ilanga iyobuya. Khumbula umfanekiso wendodana yolahleko. (Luka 15:11-19, 22-24) Leyo nsizwa yachezuka kakhulu endleleni elungile, kodwa ekugcineni yabuya. Abanye bangase bathi: “Kwakumane kuwumfanekiso nje lowo. Kungenzeka ngempela yini lokho?” Nakanjani kungenzeka! Empeleni, yilokho okwenzeka ekuphileni kwensizwa okuthiwa u-Elie.

17. Kukukhuthaza kanjani lokho okwenzeka ku-Elie?

17 Ekhuluma ngabazali bakhe, u-Elie uthi: “Benza konke ukuze bagxilise kimi uthando ngoJehova nangeZwi lakhe, iBhayibheli. Kodwa lapho sengineminyaka ecishe ibe ngu-15 ngaqala ukuba ihlongandlebe.” U-Elie waqala ukuphila ukuphila okumbaxambili, futhi wenqaba yonke imizamo yabazali bakhe yokumsiza akhe ubuhlobo obuhle noJehova. Ngemva kokuhamba ekhaya, waziphatha kabi. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi wayexoxa nomunye wabangane bakhe ngeBhayibheli. U-Elie uthi: “Njengoba ngangiqhubeka ngikhuluma nomngane wami ngoJehova, ngazithola ngicabanga ngaYe nakakhulu. Kancane kancane, imbewu engamaqiniso eBhayibheli eyayisifile enhliziyweni yami​—imbewu abazali bami ababezame kanzima ukuyitshala—​yaqala ukukhula.” Ngokuhamba kwesikhathi, u-Elie wabuyela eqinisweni. * Cabanga nje ukuthi abazali bakhe bajabula kanjani ngokuthi bazama ukumfundisa ukuthanda uJehova esemncane!​—2 Thim. 3:14, 15.

18. Uzizwa kanjani ngabazali abasebenza kanzima ukuze bafundise izingane zabo ukuthanda uJehova?

18 Bazali, ninikwe ilungelo elihle kakhulu eliwukukhulisa isizukulwane esisha sezikhonzi zikaJehova. (IHu. 78:4-6) Akuwona umsebenzi olula lowo futhi sinincoma kakhulu ngokuzikhandla kwenu ukuze nisize izingane zenu! Uma niqhubeka nenza konke okusemandleni ukuze nisize izingane zenu zithande uJehova futhi nizikhulisa ngokuziqeqesha nangesiyalo, ningaqiniseka ukuthi uBaba wethu osezulwini onothando uzojabula.​—Efe. 6:4.

INGOMA 135 UJehova Uyanxusa: “Hlakanipha, Ndodana”

^ par. 5 Abazali abangamaKristu bazithanda kakhulu izingane zabo. Basebenza kanzima ukuze bazinike izinto ezizidingayo futhi bazisekele ngokomzwelo. Okubaluleke nakakhulu, labo bazali benza konke okusemandleni ukuze basize izingane zabo zimthande ngokujulile uJehova. Lesi sihloko sizoxoxa ngezimiso ezine ezisekelwe eBhayibhelini ezingasiza abazali bawufeze lowo mgomo.

^ par. 5 Ku-jw.org/zu bheka ividiyo ethi Safundiswa UJehova Ukukhulisa Umndeni Wethu.”

^ par. 17 Bheka isihloko esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 1, 2012.

^ par. 57 INCAZELO YESITHOMBE: Ubaba udlala i-basketball nendodana yakhe nomngane wayo. Wenza umzamo wokwazi kangcono abangane bendodana yakhe.