Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 21

IsAmbulo​—Esikushoyo Ngekusasa Lakho

IsAmbulo​—Esikushoyo Ngekusasa Lakho

“Amen! Woza, Nkosi Jesu.”​—ISAM. 22:20

INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu

AMAZWIBELA *

1. Yisiphi isinqumo esibalulekile bonke abantu okudingeka basenze?

 KUNESINQUMO esibalulekile abantu okufanele basenze namuhla. Ingabe bazosekela uJehova uNkulunkulu njengoMbusi ofanelekayo wendawo yonke, noma ingabe bazosekela isitha sakhe esinonya, uSathane uDeveli? Abakwazi ukuba phakathi nendawo. Noma isiphi isinqumo abasenzayo sizonquma ukuthi bazokuthola yini ukuphila okuphakade noma cha. (Math. 25:31-33, 46) Phakathi ‘nosizi olukhulu’ bayophawulwa njengabazosinda noma njengabazobhujiswa.​—IsAm. 7:14; 14:9-11; Hez. 9:4, 6.

2. (a) EyamaHebheru 10:35-39 isikhuthaza ukuba senzeni? (b) Incwadi yesAmbulo ingasisiza kanjani?

2 Funda eyamaHebheru 10:35-39. Uma wena ukhethe ukusekela ukubusa kukaJehova, wenze isinqumo esihlakaniphile. Manje umagange ukusiza abanye benze isinqumo esihle. Ukuze ukwazi ukwenza kanjalo, ungasebenzisa ukwaziswa okusencwadini yesAmbulo. Leyo ncwadi emangalisayo iveza lokho okuyokwenzeka kulabo abamelene noJehova, kodwa iphinde iveze izibusiso eziyotholwa yilabo abakusekela ngobuqotho ukubusa kwakhe. Kuhle siwatadishe la maqiniso abalulekile. Ukwenza kanjalo kuzosisiza sizimisele nakakhulu ukuqhubeka sikhonza uJehova. Ngaphezu kwalokho, singasebenzisa esikufundile ukuze sisize abanye benze isinqumo esihle futhi banamathele kuso.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngale mibuzo: Yini ezokwenzeka kulabo abasekela ukubusa kukaNkulunkulu? Ngakolunye uhlangothi, yini ezokwenzeka kulabo abakhetha ukusekela isilo sasendle esinombala obomvu okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo?

OKUZOKWENZEKA KULABO ABATHEMBEKILE

4. Yiliphi iqembu umphostoli uJohane alibona limi noJesu ezulwini?

4 Embonweni, umphostoli uJohane ubona amaqembu amabili asekela ukubusa kukaJehova futhi athola izibusiso zokuphila phakade. Iqembu lokuqala linabangu-144 000. (IsAm. 7:4) Bathathwe emhlabeni ukuze bakhe uhulumeni, noma uMbuso, kanye noJesu ezulwini. Bekanye naye babusa umhlaba. (IsAm. 5:9, 10; 14:3, 4) Kulo mbono, uJohane ubabona bemi noJesu eNtabeni iZiyoni ezulwini.​—IsAm. 14:1.

5. Yini ezokwenzeka maduze kulabo abasele abayingxenye yabangu-144 000?

5 Kusukela emakhulwini eminyaka edlule, izinkulungwane ziye zakhethwa ukuba zibe yingxenye yabangu 144 000. (Luka 12:32; Roma 8:17) Nokho, uJohane utshelwa ukuthi bambalwa kuphela, noma bancane, abayobe besele emhlabeni phakathi nezinsuku zokugcina. Laba “abasele” bayothola ‘uphawu’ lokugcina lokwamukelwa uJehova ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu. (IsAm. 7:2, 3; 12:17) Kuyothi phakathi nosizi olukhulu, laba abasele bayiswe ezulwini ukuze bayohlangana nabanye abayingxenye yabangu-144 000 abafa bethembekile. Lapho, bayobusa noJesu eMbusweni kaNkulunkulu.​—Math. 24:31; IsAm. 5:9, 10.

6-7. (a) Yiliphi elinye iqembu uJohane abe eselibona, futhi sifundani ngalo? (b) Kungani isAmbulo isahluko 7 kufanele sibathakazelise abagcotshiwe abasele kanye ‘nesixuku esikhulu’?

6 Ngemva kokubona iqembu lasezulwini, uJohane ube esebona “isixuku esikhulu.” Ngokungafani nabangu-144 000, leli qembu alinakubalwa. (IsAm. 7:9, 10) Sifundani ngaleli qembu? UJohane uyatshelwa: “Laba yilabo abaphuma osizini olukhulu, abaye bawasha izingubo zabo zaba mhlophe egazini leWundlu.” (IsAm. 7:14) Ngemva kokusinda osizini olukhulu, lesi “sixuku esikhulu” siyophila lapha emhlabeni sijabulele izibusiso ezimangalisayo.​—IHu. 37:9-11, 27-29; IzAga 2:21, 22; IsAm. 7:16, 17.

7 Kungakhathaliseki ukuthi sikhethwe ukuba siphile ezulwini noma sizohlala lapha emhlabeni, siyazibona yini kulokhu okuchazwe encwadini yesAmbulo isahluko 7? Kufanele sizibone. Kuyoba isikhathi esimnandi kakhulu leso kuwo womabili la maqembu ezinceku zikaNkulunkulu! Siyojabula kakhulu ngokuthi sakhetha ukusekela ukubusa kukaJehova. Yini enye esiyitshelwa incwadi yesAmbulo ngosizi olukhulu?​—Math. 24:21.

OKUZOKWENZEKA KULABO ABAMELANA NONKULUNKULU

8.Luyoqala kanjani usizi olukhulu futhi abantu abaningi bayosabela kanjani?

8 Njengoba kubonisiwe esihlokweni esidlule, maduze ezepolitiki zaleli zwe zizojikela iBhabhiloni Elikhulu, okuwumbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAm. 17:16, 17) Lokho kuyoba ukuqala kosizi olukhulu. Ingabe lokhu kuyoholela ekutheni uquqaba lwabantu luphendukele ekukhonzeni uJehova? Lutho neze. Kunalokho, isAmbulo isahluko 6 sibonisa ukuthi phakathi naleso sikhathi esibucayi, abantu abangamkhonzi uJehova bayofuna isivikelo kwabezepolitiki nabezentengiselwano baleli zwe, abafaniswa nezintaba. Njengoba labo bantu bengeke bawusekele uMbuso kaNkulunkulu, uJehova uzobabheka njengabamelene naye.​—Luka 11:23; IsAm. 6:15-17.

9. Abantu bakaJehova bayobonakala kanjani behlukile phakathi nosizi olukhulu futhi kuyoba namuphi umphumela?

9 Ngokuqinisekile, izinceku zikaJehova ezithembekile ziyobonakala zihlukile phakathi naleso sikhathi sosizi esinzima kakhulu. Kuyobe kuseyizona kuphela ezikhonza uJehova uNkulunkulu emhlabeni nezenqabayo ukusekela “isilo sasendle.” (IsAm. 13:14-17) Ukuma kwazo ziqinile kuyothukuthelisa labo abamelene noJehova. Umphumela kuyoba ukuthi izizwe ziyohlangana zihlasele abantu bakaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba. Isiprofetho sichaza lesi senzo sodlame ngokuthi ukuhlasela kukaGogi wakwaMagogi.​—Hez. 38:14-16.

10. Njengoba kuchazwe encwadini yesAmbulo 19:19-21, yini uJehova ayoyenza lapho kuhlaselwa abantu bakhe?

10 Yini uJehova ayoyenza ngalokho kuhlasela okunonya? Uyasitshela: “Ulaka lwami olukhulu luyovuka.” (Hez. 38:18, 21-23) IsAmbulo isahluko 19 sichaza okube sekwenzeka. UJehova uthumela iNdodana yaKhe ukuba iyolwela abantu baKhe futhi inqobe izitha zabo. Kulokho kuhlasela, uJesu uyobe ‘enamabutho asezulwini’​—izingelosi ezithembekile kanye nabangu 144 000. (IsAm. 17:14; 19:11-15) Iyophetha kanjani le mpi? Iyophetha ngokuqothulwa ngokuphelele kwabo bonke abantu nezinhlangano eziphikisa uJehova!​—Funda isAmbulo 19:19-21.

NGEMVA KWEMPI KUBA KHONA UMSHADO

11.Yisiphi isenzakalo esibalulekile esizokwenzeka njengomvuthwandaba wencwadi yesAmbulo?

11 Ake ucabange nje ukuthi abathembekile abasemhlabeni bayozizwa kanjani ngokusinda ngemva kokunqotshwa ngokuphelele kwezitha zikaNkulunkulu! Kuyoba isikhathi esijabulisa ngempela leso! Nakuba kuyoba nenjabulo enkulu ezulwini lapho iBhabhiloni Elikhulu libhujiswa, kunokunye okuyoletha injabulo enkulu nakakhulu. (IsAm. 19:1-3) Empeleni, loko kuwumvuthwandaba wencwadi yesAmbulo​—“umshado weWundlu.”​—IsAm. 19:6-9.

12. Njengoba kubonisiwe encwadini yesAmbulo 21:1, 2, uyoba khona nini umshado weWundlu?

12 Uyoba khona nini lo mshado? Bonke abangu-144 000 bayobe sebesezulwini ngaphambi kokuba i-Armagedoni igqashuke. Nokho, kuyobe kungakabi isikhathi somshado weWundlu leso. (Funda isAmbulo 21:1, 2.) Umshado weWundlu uba khona ngemva kwempi ye-Armagedoni futhi zonke izitha zikaNkulunkulu sezibhujisiwe.​—IHu. 45:3, 4, 13-17.

13. Usho ukuthini ngempela umshado weWundlu kulabo abahilelekile?

13 Usho ukuthini ngempela umshado weWundlu kulabo abahilelekile? Njengoba nje umshado uhlanganisa indoda nowesifazane, nalo mshado ongokomfanekiso uhlanganisa iNkosi, uJesu Kristu, ‘nomakoti’ wayo, okungabangu-144 000. Leso senzakalo esibalulekile siyosho ukumiswa kukahulumeni omusha ozobusa umhlaba iminyaka engu-1 000.​—IsAm. 20:6.

IDOLOBHA ELIKHAZIMULAYO NEKUSASA LAKHO

IsAmbulo isahluko 21 sithi idolobha elingokomfanekiso, iJerusalema Elisha ‘liyehla livela ezulwini kuNkulunkulu.’ Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, liyolethela abantu abalalelayo izibusiso eziningi (Bheka izigaba 14-16)

14-15. IsAmbulo isahluko 21 sibafanisa nani abangu-144 000? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

14 IsAmbulo isahluko 21 sibe sesifanisa abangu-144 000 nedolobha elihle kakhulu elibizwa ngokuthi “iJerusalema Elisha.” (IsAm. 21:2, 9) Leli dolobha linamatshe esisekelo angu-12 okubhalwe kuwo “amagama angu-12 abaphostoli abangu 12 beWundlu.” Kungani lokhu kwakumthakazelisa uJohane? Kungoba wabona igama lakhe libhalwe kwelinye lalawo matshe. Kwakuyilungelo ngempela lelo!​—IsAm. 21:10-14; Efe. 2:20.

15 Alikho elifana naleli dolobha elingokomfanekiso. Leli dolobha linomgwaqo omkhulu wegolide elihlanzekile, amasango angu-12 angamapharele, izindonga nezisekelo ezihlotshiswe ngamatshe ayigugu, futhi likalwe ngendlela enembe ngokuphelele. (IsAm. 21:15-21) Noma kunjalo, kukhona okubonakala kushoda! Phawula okulandelayo uJohane abe esesitshela kona: “Angilibonanga ithempeli kulo, ngoba uJehova uNkulunkulu uMninimandla Onke uyithempeli lalo, neWundlu nalo liyithempeli. Leli dolobha alilidingi ilanga noma inyanga ukuba kulikhanyise, ngoba inkazimulo kaNkulunkulu yayilikhanyisile, futhi isibani salo siyiWundlu.” (IsAm. 21:22, 23) Labo abayingxenye yeJerusalema Elisha bayoba naye ngokuqondile uJehova. (Heb. 7:27; IsAm. 22:3, 4) Ngakho, uJehova noJesu bayithempeli kulelo dolobha.

Obani abayozuza ezintweni ezimelelwa “umfula” ‘nezihlahla’? (Bheka izigaba 16-17)

16.Yini eyokwenzeka kubantu phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane koMbuso kaNkulunkulu?

16 Kuvusa amadlingozi kwabagcotshiwe ukucabanga ngaleli dolobha. Kodwa nalabo abanethemba lasemhlabeni banesizathu sokuba nesithakazelo kulo. Phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane koMbuso kaNkulunkulu, iJerusalema Elisha liyoletha izibusiso eziningi. UJohane ubona lezi zibusiso zigeleza ‘njengomfula wamanzi okuphila.’ Ezinhlangothini zombili zomfula kukhona “izihlahla zokuphila” ezikhiqiza amaqabunga “okwelapha izizwe.” (IsAm. 22:1, 2) Bonke abantu abayobe bephila ngaleso sikhathi bayoba nethuba lokuzuza kulezo zinto ezinhle. Kancane kancane isono siyoqedwa kubo bonke abantu abalalela uJehova. Ngeke kusaba khona ukugula, ubuhlungu noma izinyembezi zosizi.​—IsAm. 21:3-5.

17.Ngokusho kwesAmbulo 20:11-13, ubani oyozuza ekuBuseni Kweminyaka Eyinkulungwane?

17 Ubani oyozuza kulezi zinto ezinhle kangaka? Okokuqala, isixuku esikhulu esisinde empini i-Armagedoni kanye nanoma iziphi izingane okungenzeka zizalwe ezweni elisha. Kodwa isAmbulo isahluko 20 sithembisa nokuthi abafile bayovuswa. (Funda isAmbulo 20:11-13.) Abathembekile “abalungile” abafa ngesikhathi esidlule kanye “nabangalungile”​—abangazange bathole ithuba elanele lokufunda ngoJehova—​bonke bayovuswa baphile lapha emhlabeni. (IzE. 24:15; Joh. 5:28, 29) Ingabe lokhu kusho ukuthi wonke umuntu uzovuswa aphile emhlabeni phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane? Cha. Labo abalenqaba ngamabomu ithuba lokukhonza uJehova ngaphambi kokuba bafe ngeke bavuswe. Balithola ithuba kodwa bazibonakalisa bengakufanelekele ukuphila ePharadesi emhlabeni.​—Math. 25:46; 2 Thes. 1:9; IsAm. 17:8; 20:15.

UVIVINYO LOKUGCINA

18. Siyobe sinjani isimo emhlabeni ekupheleni kweminyaka engu-1 000?

18 Ekupheleni kweminyaka engu-1 000, bonke abayobe bephila emhlabeni bayobe bengasenaso isono. Akekho umuntu ophilayo oyophinde abhekane nemiphumela yesono esasizuza ku-Adamu njengefa. (Roma 5:12) Isiqalekiso sesono sika-Adamu siyobe sisuswe ngokuphelele. Lokho kusho ukuthi ekupheleni kweminyaka engu-1 000, labo abayobe besemhlabeni ‘bayophila’ njengabantu abangenasono.​—IsAm. 20:5

19. Kungani ludingeka uvivinyo lokugcina?

19 Siyazi ukuthi uJesu wamelana nemizamo kaSathane yokumenza ephule ubuqotho bakhe. Wahlala ethembekile lapho evivinywa. Kodwa ingabe bonke abantu abangenasono bayobe bezimisele ukwenza okufanayo lapho uSathane enikwa ithuba lokubavivinya? Ngamunye wabo uyokwazi ukuphendula lo mbuzo lapho uSathane esededelwe kwalasha ekupheleni kweminyaka engu-1 000. (IsAm. 20:7) Labo abayozibonakalisa bethembekile phakathi novivinyo lokugcina, bayothola ukuphila okuphakade futhi ekugcineni bathole inkululeko yangempela. (Roma 8:21) Labo abayovukela bayobhujiswa phakade kanye noDeveli namademoni akhe.​—IsAm. 20:8-10.

20. Uzizwa kanjani ngeziprofetho ezivusa amadlingozi ezisencwadini yesAmbulo?

20 Uzizwa kanjani ngemva kokubuyekeza kafushane le ncwadi yesAmbulo? Akukujabulisi yini ukuzibona uyingxenye yalezi ziprofetho ezimangalisayo? Akukwenzi yini ufune ukumema abanye ukuba bahlanganyele nathi ekukhonzeni uNkulunkulu ngendlela emsulwa? (IsAm. 22:17) Njengoba lezi zenzakalo ezivusa amadlingozi eziyokwenzeka esikhathini esizayo zishukumisa izingqondo nezinhliziyo zethu, ngokuqinisekile sikhuthazeka ukuba senanele amazwi omphostoli uJohane owathi:“Amen! Woza, Nkosi Jesu.”​—IsAm. 22:20.

INGOMA 27 Ukwambulwa Kwabantwana BakaNkulunkulu

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Lesi isihloko sokugcina ochungechungeni olukhuluma ngencwadi yesAmbulo. Njengoba sizobona kulesi sihloko, labo abahlala bethembekile kuJehova bazoba nekusasa elijabulisayo, kodwa labo abamelene nokubusa kukaNkulunkulu bayoba nesiphetho esidabukisayo.