Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 22

Ukuhlakanipha Okungasiqondisa Ekuphileni Kwethu

Ukuhlakanipha Okungasiqondisa Ekuphileni Kwethu

“UJehova unikeza ukuhlakanipha.”​—IZAGA 2:6.

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

AMAZWIBELA *

1. Kungani sonke sidinga ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu? (IzAga 4:7)

 UMA kwake kwenzeka kwadingeka wenze isinqumo esibalulekile, cishe wathandazela ukuhlakanipha​—kube kufanele. (Jak. 1:5) INkosi uSolomoni yabhala: “Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kunazo zonke.” (Funda izAga 4:7.) Yiqiniso, uSolomoni wayengakhulumi nje nganoma yikuphi ukuhlakanipha. Wayekhuluma ngokuhlakanipha okuvela kuJehova uNkulunkulu. (IzAga 2:6) Kodwa ingabe ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungasisiza sibhekane nezinkinga esinazo namuhla? Yebo kungasisiza, njengoba sizobona kulesi sihloko.

2. Iyiphi enye indlela esingazuza ngayo ukuhlakanipha kwangempela?

2 Enye yezindlela esingazuza ngayo ukuhlakanipha iwukutadisha nokusebenzisa izimfundiso zabantu ababili abahlonishwa kakhulu ngenxa yokuhlakanipha kwabo. Okokuqala, sizofunda ngoSolomoni. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu wanika uSolomoni ukuhlakanipha okukhulu kakhulu nokuqonda okungacabangeki.” (1 AmaKh. 4:29) Okwesibili, sizofunda ngoJesu owayenokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa. (Math. 12:42) Kwaprofethwa ngoJesu kwathiwa: “Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda.”​—Isaya 11:2.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Besebenzisa ukuhlakanipha abakuthole kuNkulunkulu, bobabili uSolomoni noJesu banikeza izeluleko eziwusizo ezintweni ezibalulekile kithi sonke. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezintathu zazo: Isidingo sokuba nombono olinganiselayo ngemali, ngomsebenzi wokuziphilisa nangathi ngokwethu.

UMBONO OLINGANISELAYO NGEMALI

4. Isimo somnotho sikaSolomoni sasihluke kanjani kwesikaJesu?

4 USolomoni wayekhomba ngophakathi, enomuzi kanokusho. (1 AmaKh. 10:7, 14, 15) UJesu yena wayenezinto ezimbalwa, engenayo nendawo yokuhlala. (Math. 8:20) Nokho, bobabili babenombono olinganiselayo ngezinto ababenazo ngenxa yokuthi ukuhlakanipha kwabo kwakuvela eMthonjeni owodwa​—uJehova uNkulunkulu.

5. Yimuphi umbono olinganiselayo ngemali uSolomoni ayenawo?

5 USolomoni wavuma ukuthi imali “iyisivikelo.” (UmSh. 7:12) Ngemali siyakwazi ukuthola izinto esizidingayo ukuze siphile, mhlawumbe nezimbalwa esingazidingi kangako. Nokho, nakuba ayecebile, uSolomoni wayeqonda ukuthi kunezinto ezibaluleke ngaphezu kwemali. Ngokwesibonelo, wabhala: “Yigama elihle [noma “yidumela elihle,” mbhw.] okumelwe likhethwe kunengcebo eningi.” (IzAga 22:1) USolomoni waqaphela nokuthi abantu abathanda imali ngokuvamile azibajabulisi kangako izinto abanazo. (UmSh. 5:10, 12) Waxwayisa nangokuthi singathembeli ngokuphelele emalini ngoba imali esinayo ingasheshe iphele.​—IzAga 23:4, 5.

Ingabe umbono wethu ngezinto ezibonakalayo wenza kube nzima ukubeka kuqala izinto eziphathelene noMbuso ekuphileni? (Bheka izigaba 6-7) *

6. Yimuphi umbono olinganiselayo uJesu ayenawo ngezinto ezibonakalayo? (Mathewu 6:31-33)

6 UJesu wayenombono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo. Wayekujabulela ukudla nokuphuza. (Luka 19:2, 6, 7) Kwesinye isenzakalo, wenza iwayini elisezingeni eliphezulu​—isimangaliso sakhe sokuqala. (Joh. 2:10, 11) Kanti ngosuku afa ngalo, wayegqoke ingubo ebizayo. (Joh. 19:23, 24) Kodwa uJesu akazange avumele izinto ezibonakalayo zize kuqala ekuphileni kwakhe. Kubalandeli bakhe wathi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili . . . Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Math. 6:24) UJesu wafundisa ukuthi uma sibeka uMbuso kuqala, uJehova uyoqiniseka ukuthi siyazithola izinto esizidingayo.​—Funda uMathewu 6:31-33.

7. Kwamzuzisa kanjani omunye umzalwane ukuba nombono olinganiselayo ngemali?

7 Abafowethu nodadewethu baye bazuza ngokusebenzisa ukuhlakanipha kwaphezulu endabeni yemali. Cabanga ngesibonelo somzalwane ongashadile okuthiwa uDaniel. Uthi: “Ngesikhathi ngisemusha, nganquma ukuthi ngizokwenza izinto ezingokomoya zize kuqala ekuphileni kwami.” Ngenxa yokuthi uye wagcina ukuphila kwakhe kulula, uDaniel uye wakwazi ukusebenzisa isikhathi namakhono akhe emisebenzini yoMbuso eminingi. Uyanezela: “Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi angizisoli neze ngesinqumo engasenza. Yiqiniso, ngangingazenzela imali eningi ukube yilokho engakhetha ukugxila kukho. Kodwa imali ayilutho uma iqhathaniswa nabangane engiye ngabathola. Ngeke iyithathe indawo yokwaneliseka enginakho ngenxa yokwazi ukuthi ngibeka uMbuso kuqala. Ayikho imali engaqhathaniswa nezibusiso uJehova angiphe zona.” Kusobala ukuthi kuyasizuzisa ukugxila ezintweni ezingokomoya hhayi emalini.

UMBONO OLINGANISELAYO NGOMSEBENZI WOKUZIPHILISA

8. Sazi kanjani ukuthi uSolomoni wayenombono olinganiselayo ngomsebenzi? (UmShumayeli 5:18, 19)

8 USolomoni wabiza injabulo esingayithola ngokwenza umsebenzi onzima ngokuthi “isipho sikaNkulunkulu.” (Funda umShumayeli 5:18, 19.) Wabhala: “Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima.” (IzAga 14:23) USolomoni wayekwazi kahle ayekhuluma ngakho. Wayesebenza kanzima! Wakha izindlu, watshala amasimu amagilebhisi, wenza izingadi namachibi. Wakha namadolobha. (1 AmaKh. 9:19; UmSh. 2:4-6) Kwakuwumsebenzi onzima lowo futhi akungabazeki ukuthi ngokwezinga elithile wawumenelisa. Kodwa injabulo kaSolomoni yayingaxhomekile kulezo zinto kuphela. Wenza nezinto ezingokomoya. Ngokwesibonelo, waqondisa umsebenzi wokwakha ithempeli eliwubukhazikhazi okwakuzokhulekelwa kulo uJehova​—umsebenzi owathatha iminyaka eyisikhombisa! (1 AmaKh. 6:38; 9:1) Ngemva kokwenza zonke izinhlobo zemisebenzi, engokomoya nevamile, uSolomoni waqaphela ukuthi imisebenzi engokomoya ibaluleke kakhulu kunemisebenzi evamile. Wabhala: “Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Yesaba uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe.”​—UmSh. 12:13.

9. UJesu wawugcina kanjani umsebenzi wokuziphilisa usendaweni yawo?

9 UJesu wayesebenza kanzima. Lapho esemusha, wayengumbazi. (Marku 6:3) Akungabazeki ukuthi abazali bakhe babelwazisa usizo lwakhe njengoba babezama kanzima ukunakekela izidingo zomndeni wabo omkhulu. Njengoba ayengumbazi, kumelwe ukuba uJesu ongenasono wayefunwa ngapha nangapha! Kumelwe ukuba wayewujabulela umsebenzi wakhe. Noma kunjalo, ngisho noma ayekhuthele emsebenzini wakhe wokuziphilisa, wabekela eceleni isikhathi sokwenza izinto ezingokomoya. (Joh. 7:15) Kamuva, lapho eseyisikhonzi sesikhathi esigcwele waluleka izilaleli zakhe: “Ningasebenzeli ukudla okonakalayo, kodwa sebenzelani ukudla okungonakali okunikeza ukuphila okuphakade.” (Joh. 6:27) Kanti eNtshumayelweni Yasentabeni wathi: “Zibekeleleni ingcebo ezulwini.”​—Math. 6:20.

Singalinganisela kanjani phakathi komsebenzi wokuziphilisa nemisebenzi yoMbuso? (Bheka izigaba 10-11) *

10. Iyiphi inselele abanye abangase babhekane nayo emsebenzini wabo wokuziphilisa?

10 Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kusisiza sikwazi ukuba nombono olinganiselayo ngomsebenzi wethu wokuziphilisa. NjengamaKristu, sifundiswa ukuba ‘sisebenze kanzima, senze umsebenzi omuhle.’ (Efe. 4:28) Ngokuvamile abaqashi bayaqaphela ukuthi sithembekile nokuthi sikhuthele futhi bangase basitshele ukuthi bayazisa kangakanani indlela esisebenza ngayo. Sinezisusa ezinhle, singase siqale ukusebenza amahora engeziwe, sinethemba lokuthi umqashi wethu uzobathanda nakakhulu oFakazi BakaJehova. Nokho, ngokushesha nje singase siqaphele ukuthi sesiqala ukungawunaki umndeni wethu nezinto okufanele sizenzele uJehova. Kudingeka senze ushintsho ukuze sibe nombono olinganiselayo ngezinto.

11. Yini omunye umzalwane ayifunda ngokuba nombono olinganiselayo ngomsebenzi?

11 UWilliam, umzalwane osemusha, uye wazibonela ngokwakhe ukubaluleka kokugcina umsebenzi wokuziphilisa usendaweni yawo. Ekhuluma ngomdala ayemsebenzela, uWilliam uthi: “[Lo mzalwane] uyisibonelo esihle kakhulu somuntu onombono olinganiselayo ngomsebenzi wokuziphilisa. Usebenza kanzima futhi unobudlelwane obuhle namakhasimende akhe ngenxa yomsebenzi wakhe osezingeni eliphezulu. Kodwa ekupheleni kosuku, lapho eseqedile ukusebenza, uyakwazi ukugxila emndenini wakhe nasekukhonzeni uJehova, akhohlwe umsebenzi. Kodwa uyaz’ ukuthini? Ungomunye wabantu abajabule kakhulu engibaziyo!” *

UMBONO OLINGANISELAYO NGATHI NGOKWETHU

12. USolomoni wabonisa kanjani ukuthi wayenombono olinganiselayo endleleni ayezibheka ngayo, kodwa lokho kwashintsha kanjani?

12 Ngesikhathi uSolomoni esakhonza uJehova ngokwethembeka, wayenombono olinganiselayo endleleni ayezibheka ngayo. Eseyinsizwa, ngokuthobeka wavuma ukuthi kukhona izinto ayengakwazi ukuzenza futhi wacela isiqondiso sikaJehova. (1 AmaKh. 3:7-9) Ekuqaleni kokubusa kwakhe, uSolomoni wayeyazi ingozi yokuqhosha. Wabhala: “Ukuzidla kwandulela ukuphahlazeka, nokuzikhukhumeza kwandulela ukuwa.” (IzAga 16:18) Ngokudabukisayo, kamuva uSolomoni wahluleka ukusebenzisa iseluleko sakhe. Ngemva kwesikhathi esithile ebusa, ukuqhosha kwamenza waqala ukungayinaki imithetho kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, omunye wemithetho wawuthi inkosi engumHebheru akufanele “izithathele abafazi abaningi, ukuze inhliziyo yayo ingaphambuki.” (Dut. 17:17) USolomoni akawulalelanga lowo mthetho futhi waba nabafazi abangu-700 nezancinza ezingu-300, abaningi babo ababengamaqaba! (1 AmaKh. 11:1-3) Mhlawumbe uSolomoni wayecabanga ukuthi konke kusahamba kahle. Kunoma yikuphi, ekuhambeni kwesikhathi wabhekana nemiphumela yokuqhela kuJehova.​—1 AmaKh. 11:9-13.

13. Kungasifundisani ukuzindla ngesimo sengqondo sikaJesu sokuthobeka?

13 UJesu wayenombono olinganiselayo endleleni ayezibheka ngayo futhi wayethobekile. Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, wazakhela umlando omuhle kakhulu enkonzweni kaJehova. NgoJesu, ‘kwadalwa zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.’ (Kol. 1:16) Lapho ebhapathizwa, kusobala ukuthi uJesu wazikhumbula izinto azifeza ngesikhathi esenoYise. (Math. 3:16; Joh. 17:5) Kodwa ukukhumbula lezo zinto akumenzanga waqhosha. Akazange aziphakamise, azibheke njengomkhulu kunabanye. Watshela abafundi bakhe ukuthi emhlabeni ‘wayengezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwakhe kube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Ngenxa yokuthi wayenesizotha, wavuma nokuthi akukho lutho ayekwazi ukulwenza ngokwakhe. (Joh. 5:19) Wayethobeke ngempela! UJesu wasibekela isibonelo esihle ngempela esingasilingisa.

14. Yini esingayifunda kuJesu mayelana nokuzibheka ngendlela efanele?

14 UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bazibheke ngendlela efanele. Ngelinye ilanga, wabaqinisekisa: ‘Izinwele ezisemakhanda enu zibaliwe zonke.’ (Math. 10:30) Lawo mazwi aduduza ngempela, ikakhulu uma sinomkhuba wokuzibheka ngendlela engafanele. Lokhu kusho ukuthi uBaba wethu osezulwini usikhathalela ngokujulile​—siyigugu emehlweni akhe. Asifuni nanini ukungabaza indlela uJehova asibheka ngayo, siphethe ngokuthi asikufanelekele ukuba yizikhonzi zakhe nokuphila ezweni elisha.

Ukuba nombono ongafanele ngathi ngokwethu kungasiphuca maphi amathuba nezibusiso? (Bheka isigaba 15) *

15. (a) Yimuphi umbono olinganiselayo ngathi ngokwethu INqabayokulinda eyasikisela ukuba siwuhlakulele? (b) Njengoba kubonisiwe ezithombeni ezisekhasini 24, uma sigxile kakhulu kithi ngokwethu, yiziphi izibusiso ezingasiphuthela?

15 Cishe eminyakeni engu-15 edlule, INqabayokulinda yathi kufanele sizibheke ngale ndlela elinganiselayo: “Yiqiniso, asifuni ukucabanga ukuthi sibakhulu kakhulu size siqhoshe; futhi asifuni ukucabanga ukuthi siphansi kakhulu size sicabange ukuthi asilutho. Kunalokho, umgomo wethu kufanele kube ukuhlakulela umbono onengqondo ngathi ngokwethu, sizazi lapho simandla khona sazi nokulinganiselwa kwethu. Owesifazane othile ongumKristu wakubeka kanje: ‘Angiyena umuntu omubi; ngingeyena futhi nomuntu oyisimangaliso. Kukhona lapho ngimuhle khona, kukhona futhi lapho ngimubi khona, futhi sonke sinjalo.’” * Uyabona yini ukuthi sizuza kanjani lapho sihlakulela umbono olinganiselayo ngathi ngokwethu?

16. Kungani uJehova esinikeza iziqondiso ezihlakaniphile?

16 Esebenzisa iZwi lakhe, uJehova usinikeza iziqondiso ezihlakaniphile. Uyasithanda futhi ufuna sijabule. (Isaya 48:17, 18) Inkambo ehlakaniphile​—okuyinkambo eletha injabulo—​iwukwenza izinto ezithandwa uJehova zize kuqala ekuphileni kwethu. Uma senza kanjalo, siyogwema izinkinga eziningi ezehlela labo abagxila kakhulu emalini, emsebenzini wokuziphilisa nakubo ngokwabo. Kwangathi ngamunye wethu angazimisela ukwenza ngokuhlakanipha ajabulise inhliziyo kaJehova!​—IzAga 23:15.

INGOMA 94 Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu

^ par. 5 USolomoni noJesu babehlakaniphe kakhulu. UMthombo walokho kuhlakanipha kwakunguJehova uNkulunkulu. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi singafundani eselulekweni esiphefumulelwe sikaSolomoni noJesu ngokuba nombono olinganiselayo ngemali, ngomsebenzi wokuziphilisa nangathi ngokwethu. Sizobona nokuthi abanye esikholwa nabo bazuze kanjani ngokusisebenzisa ngokuhlakanipha iseluleko esisekelwe eBhayibhelini kulezo zici.

^ par. 11 Bheka isihloko esithi “Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 1, 2015.

^ par. 15 Bheka isihloko esithi “IBhayibheli Lingakusiza Uthole Injabulo” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 1, 2005.

^ par. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: UJohn noTom bangabazalwane ababili abasebasha abasebandleni elilodwa. UJohn uchitha isikhathi esiningi enakekela imoto yakhe. UTom yena usebenzisa imoto yakhe ukuze asize abanye baye ensimini nasemihlanganweni yebandla.

^ par. 54 INCAZELO YEZITHOMBE: UJohn usebenza amahora engeziwe. Akafuni ukudumaza umqashi wakhe. Ngakho, noma nini lapho umqashi wakhe emcela ukuba asebenze kusihlwa, uJohn uyavuma. Ngalolo suku kusihlwa, uTom, oyinceku ekhonzayo, uhamba nomdala beyokwenza ukuhambela kokwalusa. Esikhathini esidlule, uTom wachazela umqashi wakhe ukuthi izikhathi ezithile zakusihlwa evikini uzibekela eceleni ukuze enze izinto ezihlobene nokukhonza uJehova.

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: UJohn ugxile kokwakhe ukuphila. UTom, owenza izinto ezingokomoya zize kuqala ekuphileni kwakhe kunezinto azithandayo, uthola abangane abengeziwe njengoba esiza lapho kulungiswa iHholo LoMhlangano.