Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 24

Ungakwazi Ukufinyelela Imigomo Ezokusondeza KuJehova

Ungakwazi Ukufinyelela Imigomo Ezokusondeza KuJehova

“Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali.”​—GAL. 6:9.

INGOMA 84 Siyazinikela

AMAZWIBELA a

1. Yini abaningi abakuthole kunzima ukuyenza?

 KWAKE kwenzeka yini wazibekela umgomo ozokusondeza kuJehova kodwa wakuthola kunzima ukuwufinyelela? b Uma kunjalo, awuwedwa. Ngokwesibonelo, uPhilip wayefuna ukuthuthukisa izinga lemithandazo yakhe nokuthi uthandaza kaningi kangakanani, kodwa wayekuthola kunzima ukuthola isikhathi sokuthandaza. U-Erika wayenomgomo wokufika ngesikhathi emhlanganweni wenkonzo yasensimini; noma kunjalo, wayeqhubeka efika sekwephuzile cishe kuyo yonke imihlangano yenkonzo. UTomáš wazama kaningi ukulifunda aliqede iBhayibheli. Uthi: “Angizange neze ngikujabulele ukufunda iBhayibheli. Ngazama kathathu, kodwa isikhathi ngasinye ngangikhathala kuLevitikusi.”

2. Kungani kungafanele siphele amandla uma kunomgomo esingakawufinyeleli?

2 Uma kunomgomo ongakawufinyeleli, akusho ukuthi uyisehluleki. Ngisho nokufinyelela umgomo olula kuvame ukudinga isikhathi nomzamo omkhulu. Ukuthi nje usafuna ukufinyelela umgomo wakho kubonisa ukuthi ubheka ubuhlobo bakho noJehova njengobuyigugu futhi ufuna ukumenzela okuhle kakhulu. UJehova uyayazisa imizamo yakho. Yiqiniso, akalindele ukuba wenze okungaphezu kwamandla akho. (IHu. 103:14; Mika 6:8) Uma uzibekela umgomo, qiniseka ukuthi uzokwazi ukuwufinyelela. Yini ongayenza ukuze uwufinyelele? Ake sixoxe ngamanye amacebiso.

KUBALULEKILE UKUBA NOMDLANDLA

Thandaza ucele umdlandla owengeziwe (Bheka izigaba 3-4)

3. Kungani kubalulekile ukuba nomdlandla?

3 Ukuba nomdlandla kubaluleke kakhulu ukuze ufinyelele imigomo ezokusondeza kuJehova. Umuntu onomdlandla unesifiso esinamandla sokusebenza kanzima ukuze afinyelele umgomo wakhe. Umdlandla singawufanisa nomoya ophusha isikebhe sifike lapho siya khona. Uma umoya uqhubeka uvunguza, cishe umuntu ohamba ngaleso sikebhe uzofika lapho eya khona. Uma umoya unamandla, angase asheshe nokufika. Ngokufanayo, uma sinomdlandla, makhulu amathuba okuyifinyelela imigomo yethu. UDavid, umzalwane wase-El Salvador, uthi: “Uma unomdlandla, uzama ngisho nakakhulu ukwenza okuthile. Awuvumeli lutho lukuvimbele ukuba ufinyelele umgomo wakho.” Yini-ke ongayenza ukuze ube nomdlandla?

4. Yini esingayicela kuJehova lapho sithandaza? (Filipi 2:13) (Bheka nesithombe.)

4 Thandaza ucele ukuba ube nomdlandla owengeziwe. UJehova angakusiza ngomoya wakhe ukuba ube nomdlandla wokufinyelela umgomo wakho. (Funda eyabaseFilipi 2:13.) Ngezinye izikhathi sizibekela umgomo ngoba nje siyazi ukuthi kufanele sibe nawo, futhi kuhle lokho. Kodwa singase singabi naso isifiso sokuwufinyelela. Yilokho okwenzeka kudade wase-Uganda okuthiwa uNorina. Wayezibekele umgomo wokuqhuba isifundo seBhayibheli nakuba ayezizwa engenawo umdlandla ngoba wayecabanga ukuthi akanalo ikhono lokufundisa. Wasizwa yini? Uyalandisa: “Ngaqala ukucela uJehova zonke izinsuku ukuba angisize ngibe nesifiso sokuqhuba isifundo seBhayibheli. Ngokuvumelana nemithandazo yami, ngathuthukisa ikhono lami lokufundisa. Ngemva kwezinyangana, ngaphawula ukuthi sase sikhulile isifiso sami sokuqhuba isifundo seBhayibheli. Ngalowo nyaka, ngaqala izifundo zeBhayibheli ezimbili.”

5. Yini esingazindla ngayo ukuze sibe nomdlandla wokufinyelela umgomo wethu?

5 Zindla ngalokho uJehova akwenzele kona. (IHu. 143:5) Umphostoli uPawulu wazindla ngomusa omkhulu uJehova ambonisa wona, futhi lokho kwamnika umdlandla wokuba asebenzele uJehova kakhudlwana. (1 Kor. 15:9, 10; 1 Thim. 1:12-14) Ngokufanayo, uma uhlale uzindla ngalokho uJehova akwenzele kona, uyozizwa unomdlandla nakakhulu wokufinyelela umgomo wakho. (IHu. 116:12) Cabanga ngalokho okwasiza udade waseHonduras ukuba afinyelele umgomo wakhe wokuba iphayona elivamile. Uthi: “Ngazindla ngendlela uJehova angithanda ngayo. Wangisiza ngathola iqiniso. Uyanginakekela futhi uyangivikela. Ukuzindla ngalokho kwangenza ngamthanda nakakhulu, kwanginika nomdlandla wokuba ngiqale ukuphayona.”

6. Yini enye engasisiza sibe nomdlandla?

6 Gxila ezibusisweni oyozithola lapho ufinyelela umgomo wakho. Phawula ukuthi yini eyasiza u-Erika, okukhulunywe ngaye ngenhla, ukuba afinyelele umgomo wakhe wokufika ngesikhathi emhlanganweni wenkonzo. Uthi: “Ngabona ukuthi ngilahlekelwa okuningi kakhulu uma ngifika sekwephuzile emhlanganweni wenkonzo. Kodwa uma ngisheshe ngifika, ngiyakwazi ukubingelela abafowethu nodadewethu, ngichithe isikhathi nabo. Ngikwazi nokuthola amacebiso azongisiza ngithuthukise inkonzo yami futhi ngiyijabulele.” U-Erika wagxila ezinzuzweni zokufika ngesikhathi futhi wawufinyelela umgomo wakhe. Yiziphi izibusiso wena ongagxila kuzo? Uma umgomo wakho uwukufunda iBhayibheli noma ukuthuthukisa imithandazo yakho, cabanga ngendlela lezi zinto ezizobuqinisa ngayo ubungani bakho noJehova. (IHu. 145:18, 19) Uma umgomo wakho uwukuhlakulela imfanelo ethile yobuKristu, gxila ekutheni izobuthuthukisa kanjani ubuhlobo bakho nabanye. (Kol. 3:14) Kungani ungabhali uhlu lwezizathu zokuthi kungani ufuna ukufinyelela umgomo wakho? Luhlole njalo lolo hlu. UTomáš, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Uma nginezizathu eziningi zokufinyelela umgomo wami, ngizozikhandla nakakhulu ukuba ngiwufinyelele.”

7. Yini eyasiza uJulio nomkakhe ukuba bafinyelele umgomo wabo?

7 Chitha isikhathi nabantu abazokwenza ube nomdlandla wokufinyelela umgomo wakho. (IzAga 13:20) Phawula lokho okwasiza uJulio nomkakhe bafinyelela umgomo wokwandisa inkonzo yabo. Uthi: “Sakhetha abangani esabaxoxela ngalowo mgomo futhi basikhuthaza ukuba siwufinyelele. Abaningi babo base beyifinyelele imigomo ethi ayifane, ngakho babekwazi ukusinikeza amacebiso awusizo. Babesibuza ukuthi izinto zihamba kanjani, basikhuthaze uma kudingeka.”

LAPHO SINGENAWO UMDLANDLA WOKUFINYELELA UMGOMO WETHU

Zama ukufinyelela umgomo wakho (Bheka isigaba 8)

8. Yini ebingenzeka ukube besingazama ukufinyelela umgomo wethu lapho sizizwa sinomdlandla kuphela? (Bheka nesithombe.)

8 Uma sikhuluma iqiniso, kuyenzeka ngezinye izinsuku singabi nomdlandla wokwenza noma yini. Ingabe lokho kusho ukuthi kufanele siyeke ukuzama ukufinyelela umgomo wethu? Cha. Ngokwesibonelo: Umoya ungase usiphushe isikebhe size sifike lapho siya khona. Nokho, ngezinye izinsuku umoya uba namandla amakhulu, ngezinye izinsuku kungabi njalo, noma ngezinye izinsuku ungabi khona nhlobo. Ingabe lokho kusho ukuthi umuntu ohamba ngesikebhe ngeke aqhubeke nohambo? Akunjalo ngempela. Ngokwesibonelo, ezinye izikebhe zinenjini, ezinye zinezigwedlo. Umuntu ohamba ngesikebhe angasebenzisa lezi zinto ukuze aqhubeke nohambo. Umdlandla esinawo ungafaniswa nalo moya; singase singabi nomdlandla ofanayo ngazo zonke izinsuku. Kanti ngezinye izinsuku singase singabi nawo nhlobo umdlandla wokufinyelela umgomo wethu. Ngakho-ke, ukube besingazama ukufinyelela umgomo wethu lapho sizizwa sinomdlandla kuphela, besingase singawufinyeleli. Kodwa njengoba nje nomuntu ohamba ngesikebhe ethola ezinye izindlela zokufika lapho eya khona, nathi sisengazama ukufinyelela umgomo wethu ngisho noma singenawo umdlandla. Nakuba lokhu kungadinga ukuba uzikhuze, umphumela uyokujabulisa. Ngaphambi kokuba sixoxe ngalokho esingakwenza, ake sixoxe ngombuzo ongase uphakame.

9. Kufanele yini siqhubeke sizama ukufinyelela umgomo ozosisondeza kuJehova ngisho noma kungavumi? Chaza.

9 UJehova ulindele ukuba simkhonze ngenjabulo nangokuzithandela. (IHu. 100:2; 2 Kor. 9:7) Kufanele yini siqhubeke sizama ukufinyelela umgomo ozosisondeza kuJehova ngisho noma kungavumi? Cabanga ngesibonelo sikamphostoli uPawulu. Wathi: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila.” (1 Kor. 9:25-27) UPawulu waziphoqa ukuba enze okulungile ngisho noma kwakuthi akenze ngendlela ehlukile. Ingabe uJehova wayamukela inkonzo kaPawulu? Impela wayamukela! Futhi uJehova wamvuza.​—2 Thim. 4:7,8.

10. Ziyini izinzuzo zokuzama ukufinyelela umgomo ngisho noma singenawo umdlandla wokwenza kanjalo?

10 Ngokufanayo, uJehova uyajabula lapho esibona sizama ukufinyelela umgomo wethu ngisho noma singenawo umdlandla wokwenza kanjalo. Uyajabula ngoba ngisho noma singase singayenzi leyo nto ngoba siyithanda, uyazi ukuthi siyenza ngenxa yokuthi sithanda yena. Njengoba nje uJehova ambusisa uPawulu, uzosibusisa nathi. (IHu. 126:5) Lapho sizibona izibusiso zikaJehova, singase siqale ngisho nokuzizwa sinomdlandla. Udade wasePoland okuthiwa uLucyna uthi: “Ngezinye izikhathi angifuni ukuya enkonzweni yasensimini, ikakhulukazi uma ngikhathele. Noma kunjalo, ngijabula kakhulu uma sengibuyile.” Ake sibone ukuthi yini esingayenza uma singenawo umdlandla.

11. UJehova angasisiza kanjani sikwazi ukuzithiba ngokwengeziwe?

11 Thandazela ukuzithiba. Ukuzithiba kuyikhono lokukwazi ukulawula imizwa nezenzo zakho. Leli gama livame ukudlulisela umqondo wokuzibamba singakwenzi okubi. Kodwa ukuzithiba kuyadingeka ukuze senze okuhle, ikakhulukazi uma okufanele sikwenze kunzima noma singenawo umdlandla. Khumbula, ukuzithiba kuyingxenye yezithelo zomoya, ngakho cela uJehova akuphe umoya ongcwele ukuze ukusize uyihlakulele leyo mfanelo ebalulekile. (Luka 11:13; Gal. 5:22, 23) UDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wachaza indlela umthandazo owamsiza ngayo. Wayefuna ukusenza njalo isifundo somuntu siqu. Uthi: “Ngangicela uJehova angisize ngikwazi ukuzithiba. Ngosizo lwakhe, ngakwazi ukwenza isimiso esihle sokutadisha futhi nganamathela kuso.”

12. Isimiso esikumShumayeli 11:4 sihlobana kanjani nemigomo ezosisondeza kuJehova?

12 Ungalindi izimo zize zihambe kahle ngokuphelele. Kuleli zwe cishe asisoze saba nezimo ezisihambela kahle ngokuphelele. Uma silinda izimo zize zisihambele kahle, singase singawufinyeleli umgomo wethu. (Funda umShumayeli 11:4.) Umzalwane okuthiwa uDayniel uthi: “Ngeke sibe nezimo ezisihambela kahle ngokuphelele. Ngakho akufanele silinde, kufanele sivele siqale.” Umzalwane wase-Uganda okuthiwa uPaul usho esinye isizathu sokuthi kungani kungafanele sikuhlehlise ukufinyelela umgomo wethu: “Lapho siqala ngisho noma izimo zinzima, sinikeza uJehova okuthile angakubusisa.​—Mal. 3:10.

13. Kusiza ngani ukuqala ngemigomo emincane?

13 Qala ngemigomo emincane. Singase singabi nawo umdlandla ngenxa yokuthi umgomo wethu ungase ubonakale unzima ukuwufinyelela. Uma kunjalo kuwe, ungawuhlukanisa yini umgomo wakho ube imigomo emincane? Uma umgomo wakho uwukuhlakulela imfanelo ethile, kungani ungaqali ngokuyibonisa ngezindlela ezincane? Uma umgomo wakho uwukulifunda lonke iBhayibheli, ungaqala yini ngokuhlela ukuba ulifunde izikhathi ezimfushane? UTomáš, okukhulunywe ngaye esethulweni, wakuthola kunzima ukufinyelela umgomo wakhe wokufunda iBhayibheli aliqede ngonyaka. Uthi: “Ngaqaphela ukuthi ngangilifunda ngejubane elikhulu kakhulu. Ngakho, nganquma ukuphinde ngizame, kodwa kulokhu ngahlela ukuba ngifunde izigaba ezimbalwa ngosuku futhi ngizindle ngazo. Ngenxa yalokho, ngaqala ukukujabulela ukufunda.” Njengoba uTomáš’ eya ekujabulela ukufunda, waqala ukufunda isikhathi eside. Ekugcineni, walifunda lonke iBhayibheli. c

UNGAPHELI AMANDLA UMA KUBA NEZIPHAZAMISO

14. Yiziphi iziphazamiso ezingase zibe khona?

14 Ngeshwa, kungakhathaliseki ukuthi sinomdlandla kangakanani noma sikwazi kangakanani ukuzithiba, zisengaba khona iziphazamiso. Ngokwesibonelo, ‘izenzakalo ezingalindelekile’ zingase zisincishe isikhathi esisidingayo sokuzama ukufinyelela umgomo wethu. (UmSh. 9:11) Singase sibhekane nobunzima obusishiya singenamandla. (IzAga 24:10) Ngenxa yokuthi sinesono, singenza izinto ngendlela ezokwenza kube nzima ukufinyelela umgomo wethu. (Roma 7:23) Noma kungenzeka ukuthi sikhathele nje. (Math. 26:43) Yini engasisiza sinqobe iziphazamiso?

15. Uma siye saphazamiseka, ingabe lokho kusho ukuthi siyizehluleki? Chaza. (IHubo 145:14)

15 Khumbula ukuthi ukuphazamiseka akusho ukuthi uyisehluleki. IBhayibheli lithi kungenzeka sibhekane kaningi nezinkinga nobunzima. Nokho, likwenza kucace nokuthi singakwazi ukuzama ukufinyelela umgomo wethu, ikakhulukazi ngosizo lukaJehova. (Funda iHubo 145:14.) Umzalwane okuthiwa uPhilip, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, nakhu akushoyo ngale ndaba: “Angigxili ezikhathini engihluleke ngazo ukufinyelela umgomo wami. Kunalokho, ngigxila ezikhathini engiphinde ngizame ngazo ukufinyelela lowo mgomo.” UDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngizama ukubheka iziphazamiso njengamathuba okubonisa uJehova ukuthi ngimthanda kangakanani, hhayi njengezinto ezizongivimba ngingawufinyeleli umgomo wami.” Uma uqhubeka uzama ukufinyelela umgomo wakho naphezu kweziphazamiso, ubonisa uJehova ukuthi ufuna ukumjabulisa. Kumele ukuba ujabula kakhulu lapho ekubona uzama ukufinyelela umgomo wakho!

16. Yini esingayifunda eziphazamisweni eziba khona?

16 Funda eziphazamisweni eziba khona. Cabanga ngokuthi yini ezibangele, bese uyazibuza, ‘Kukhona yini engingakushintsha ukuze ngingaphazanyiswa yinto efanayo ngokuzayo?’ (IzAga 27:12) Nokho, ngezinye izikhathi lezo ziphazamiso zingembula ukuthi umgomo wakho ubungaphezu kwamandla akho. Uma unomuzwa wokuthi kunjalo nakuwe, phinde ucabangisise ngomgomo wakho ukuze ubone ukuthi uwumgomo ongakwazi ngempela yini wena ukuwufinyelela. d UJehova ngeke akubheke njengesehluleki ngoba wehlulekile ukufinyelela umgomo ongaphezu kwamandla akho.​—2 Kor. 8:12.

17. Kungani kufanele singayikhohlwa imigomo esesiyifinyelele kakade?

17 Ungayikhohlwa imigomo osuyifinyelele kakade. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu.” (Heb. 6:10) Nawe akufanele ukukhohlwe osukufezile. Cabanga ngemigomo osuyifinyelele​—kungaba ukuba umngani noJehova, ukukhuluma ngaye kwabanye noma ukubhapathizwa. Njengoba nje uye wathuthuka waze wayifinyelela imigomo ekusondeza kuJehova, usengathuthuka uze uwufinyelele umgomo wakho wamanje.​—Fil. 3:16.

Bheka izindlela uJehova akusiza ngazo (Bheka isigaba 18)

18. Yini okufanele siyikhumbule njengoba sisebenzela ukufinyelela umgomo wethu? (Bheka nesithombe.)

18 Ngosizo lukaJehova, ungakwazi ukufinyelela umgomo wakho, njengomuntu ohamba ngesikebhe aze afike lapho eya khona ejabule. Kodwa khumbula ukuthi abantu abaningi abahamba ngezikebhe bayalujabulela nohambo. Ngokufanayo, njengoba uqhubeka usebenzela ukufinyelela umgomo wakho, ungakhohlwa ukubona indlela uJehova akusiza nakubusisa ngayo. (2 Kor. 4:7) Uma ungapheli amandla, uyothola izibusiso ezinkulu nakakhulu.​—Gal. 6:9.

INGOMA 126 Lindani, Niqine, Nibe Namandla

a Sikhuthazwa njalo ukuba sizibekele imigomo ezosisondeza kuJehova. Nokho, kuthiwani uma ukhona umgomo esizibekele wona kodwa sikuthola kunzima ukuwufinyelela? Lesi sihloko sizosinikeza amacebiso ahlukahlukene azosisiza sifinyelele imigomo yethu.

b INCAZELO YAMAGAMA: Umgomo ozokusondeza kuJehova ungasho noma yini osebenza kanzima ukuze uyithuthukise noma uyifinyelele ukuze ukwazi ukukhonza uJehova ngokugcwele futhi umjabulise. Ngokwesibonelo, ungase uzibekele umgomo wokuhlakulela imfanelo ethile yobuKristu noma wokuthuthukisa isici esithile sokukhonza uJehova, njengokufunda iBhayibheli, isifundo somuntu siqu noma inkonzo yasensimini.

c Bheka incwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, kk. 10-11, isig. 4.

d Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Zibekele Imigomo Efinyelelekayo, Ujabule,” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 15, 2008.