Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ONGATADISHA NGAKHO

Ukukhuthazelela Ukuphathwa Ngendlela Engenabulungisa

Ukukhuthazelela Ukuphathwa Ngendlela Engenabulungisa

Funda uGenesise 37:​23-28; 39:​17-23 ukuze ufunde ngendaba kaJosefa yokukhuthazelela ukuphathwa ngendlela engenabulungisa.

Hlaziya umongo. Yini eyaholela ekuphathweni kukaJosefa ngendlela engenabulungisa? (Gen. 37:​3-11; 39:​1, 6-10) UJosefa kwadingeka akukhuthazelele isikhathi esingakanani ukuphathwa ngendlela engenabulungisa? (Gen. 37:2; 41:46) Phakathi naleso sikhathi, yini uJehova ayenzela uJosefa, kodwa yini angazange amenzele yona?—Gen. 39:​2, 21; w23.01 17 ¶13.

Funda okwengeziwe. IBhayibheli alisho ukuthi uJosefa wazivikela lapho umkaPotifari emmangalela ngamanga. ImiBhalo elandelayo ingasisiza kanjani sicabange ngokuthi kungani uJosefa akhetha ukuthula, noma ukuthi kungani kungadingeki silindele ukuba kuvezwe yonke imininingwane? (IzAga 20:2; Joh. 21:25; IzE. 21:37) Yiziphi izimfanelo okungenzeka zasiza uJosefa wakhuthazelela ukuphathwa ngendlela engenabulungisa?—Mika 7:7; Luka 14:11; Jak. 1:​2, 3.

Thola izifundo. Zibuze: