Cula Ngenjabulo!
“Kuhle ukuhubela uNkulunkulu wethu.”—IHU. 147:1.
1. Ukucula kusisiza senzeni?
UMBHALI wezingoma odumile wake wathi: “Amagama akwenza ucabange. Kodwa ingoma ikushaya ngaphakathi.” Ngempela, yini engasishaya ngaphakathi ukudlula izingoma zokudumisa ezibonisa ukuthi siyamthanda uBaba wethu osezulwini, uJehova? Akumangazi-ke ukuthi ukucula kuyingxenye evelele yokukhulekela okuhlanzekile, kungakhathaliseki ukuthi sicula sodwa noma sicula ebandleni.
2, 3. (a) Abanye bangase bazizwe kanjani ngokuhlabelela ngokuzwakalayo ebandleni? (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?
2 Uzizwa kanjani ngokucula ngokuzwakalayo ebandleni? Ingabe uzizwa unamahloni? Kwezinye izindawo, amadoda akuthola kunzima ukuhlabelela phambi kwabantu. Lokhu kungalithinta lonke ibandla, ikakhulukazi uma labo abaholayo behlale befuna izindlela zokugwema ukucula noma uma beba matasa ngokunye lapho ibandla licula.—IHu. 30:12.
3 Uma sibheka ukuhlabelela njengengxenye yokukhulekela kwethu, ngeke nanini siphume lapho kuculwa noma singabibikho ngesikhathi okuculwa ngaso. Ngakho ngamunye kithi kumelwe azibuze: ‘Ngikubheka kanjani ukucula emihlanganweni yethu? Ngingazinqoba kanjani izinto ezenza kube nzima ukuhlabelela ngenjabulo? Yini engingayenza ukuze ngihlabelele izingoma zethu ngomuzwa ofanele?’
UKUCULA KUYINGXENYE EBALULEKILE EKUKHULEKELENI KWEQINISO
4, 5. Umculo wokudumisa wawuhlelwe kanjani kwa-Israyeli wasendulo?
4 Kusukela endulo abakhulekeli abathembekile bakaJehova bebelokhu besebenzisa umculo njengendlela yokudumisa uJehova. Kuyaphawuleka ukuthi ngesikhathi ama-Israyeli asendulo ekhonza uJehova ngokwethembeka, ukucula kwakuvelele ekukhulekeleni kwawo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi iNkosi uDavide ilungiselela inkonzo ethempelini, yahlela amaLevi angu-4 000 ukuba acule izingoma zokudumisa. Kuwo, angu-288 ‘ayeqeqeshelwe ukuculela uJehova, onke engochwepheshe.’—1 IziKr. 23:5; 25:7.
5 Lapho kuvulwa ithempeli, umculo wawuyinto evelele. Ukulandisa kuthi: “Kwathi ngokushesha nje lapho abashaya amacilongo nabahlabeleli benjengomuntu oyedwa ekuzwakaliseni umsindo owodwa ekudumiseni nasekubongeni uJehova, ngokushesha nje lapho bephakamisa umsindo ngamacilongo nangamasimbali nangezinsimbi zokucula nangokudumisa uJehova, . . . indlu ngokwayo yagcwala ifu, yona kanye indlu kaJehova.” Leso senzakalo kumelwe ukuba sasiqinisa ukholo ngempela!—2 IziKr. 5:13, 14; 7:6.
6. Chaza indlela okwakuculwa ngayo ngesikhathi uNehemiya engundunankulu eJerusalema.
6 Lapho uNehemiya ehola ama-Israyeli athembekile emsebenzini wokwakha kabusha izindonga zaseJerusalema, wahlela nabahlabeleli abangamaLevi ababephethe izinsimbi zomculo. Lapho izindonga ezakhiwe kabusha zinikezelwa, umculo wenezela ebumnandini baleso senzakalo. Kulokhu, kwakukhona “amaqembu amabili amakhulu abahlabeleli bezingoma zokubonga.” La maqembu ayehamba eya ezinhlangothini ezingafani, abe esehlangana odongeni oluseduze nethempeli. Umsindo wokuhlabelela wawuzwakala ezindaweni ezikude. (Neh. 12:27, 28, 31, 38, 40, 43) Akungabazeki ukuthi kwamjabulisa uJehova ukuzwa abakhulekeli bakhe behlabelela ngomfutho izingoma zokumdumisa.
7. UJesu wasigcizelela kanjani isidingo sokucula lapho sikhonza uNkulunkulu njengamaKristu?
7 Lapho kumiswa ibandla lobuKristu, umculo waqhubeka uyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. Ngobusuku obubaluleke kakhulu emlandweni wesintu, ngemva kokumiswa Kwesidlo Senkosi Sakusihlwa, uJesu waphetha ngokucula izingoma.—Funda uMathewu 26:30.
8. AmaKristu angekhulu lokuqala asibekela kanjani isibonelo sokucula izingoma zokudumisa?
8 AmaKristu angekhulu lokuqala asibekela isibonelo sokudumisa uNkulunkulu ndawonye ngokucula. Ngisho noma ayehlangana emizini—okwakungafani nokuhlangana emathempelini—awazange ayeke ukuhlabelela ngentshiseko. Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wanika abafowabo abangamaKristu lesi siqondiso: “Qhubekani nifundisana futhi niyalana ngamahubo, ngezindumiso zikaNkulunkulu, ngezingoma ezingokomoya ngomusa, nihlabelelela uJehova ezinhliziyweni zenu.” (Kol. 3:16) Izingoma eziseculweni lethu, ngempela ziyizingoma ezingokomoya okumelwe ziculwe ngokwazisa. Ziyingxenye yokudla okungokomoya esikunikwa “yinceku ethembekileyo neqondayo.”—Math. 24:45.
UKUNQOBA IZINGQINAMBA EZENZA KUBE NZIMA UKUCULA
9. (a) Yini engase ivimbele abanye ukuba bacule ngenjabulo emihlanganweni yethu emincane nemikhulu? (b) Kumelwe sizicule kanjani izingoma zokudumisa uJehova, obani okufanele bahole lapho sizicula? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
9 Kuthiwani uma ukucula kuyinto engajwayelekile emndenini wakini noma endaweni ohlala kuyo? Njengoba namuhla Ezra 3:11; funda iHubo 147:1.) Namuhla, emaHholo OMbuso amaningi, amagama ezingoma avezwa kuma-screen, okusisiza sidedele iphimbo lapho sicula. Kuyathakazelisa nokuthi ukucula izingoma zoMbuso sekuyingxenye yeSikole Senkonzo SoMbuso esenzelwe abadala. Lokhu kugcizelela isidingo sokuba abadala bahole ekuculeni ebandleni.
ezobuchwepheshe sezithuthukile, kungenzeka uyakujabulela ukulalela izingoma eziqoshiwe. Noma kunjalo, kungenzeka uba namahloni noma uyadumazeka lapho uqhathanisa izwi lakho nezwi labaculi abangosaziwayo emhlabeni. Nokho, njengoba ukuhlabelela izingoma zokudumisa uJehova kuyinto okufanele siyenze, akumelwe sivumele imizwa enjalo isiphazamise. Kunalokho, libambele phezulu iculo lakho, ungagebisi ikhanda bese ucula ngokusuka enhliziyweni! (10. Yini okufanele siyikhumbule lapho ukwesaba kusivimbela ukuba sicule ngokuzwakalayo?
10 Into ebangela ukuba abantu abaningi bangaculi ngezwi elizwakalayo, ukwesaba. Kungase kube ukwesaba ukuthi izwi lakho lizozwakala lodwa noma wesabe ukubhimba. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi lapho sikhuluma, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jak. 3:2) Kodwa lokho akusenzi siyeke ukukhuluma. Pho, kungani kufanele sivumele ukubhimba kwethu kusivimbele ukuba sidumise uJehova ngengoma?
11, 12. Yimaphi amacebiso angasisiza sithuthukise indlela esicula ngayo?
11 Mhlawumbe siyakwenqena ukucula ngoba asiqiniseki ukuthi kumelwe sicule kanjani. Noma kunjalo singathuthukisa ukucula kwethu ngokusebenzisa amacebiso asebenzayo. *
12 Ungafunda ukucula ngomdlandla nangokuzwakalayo ngokuphefumula kahle. Njengoba amandla kagesi ekhanyisa Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini amakhasi 181 kuya ku-184 ngaphansi kwesihlokwana esithi “Phefumula Ngendlela Efanele.”) Empeleni, lapho ikhuluma ngokucula izingoma zokudumisa, ngezinye izikhathi imiBhalo iyala abakhulekeli bakaJehova ukuba ‘bamemeze ngenjabulo.’—IHu. 33:1-3.
ilambu, ukuphefumula kunika izwi lakho amandla lapho ukhuluma noma ucula. Kumelwe umsindo owukhipha lapho ukhuluma ulingane nowukhipha lapho ucula noma ube ngaphezu kwalokho. (Bheka amacebiso atholakala kwethi13. Chaza indlela esingakhulisa ngayo ukuzethemba lapho sicula.
13 Lapho nenza ukukhulekela komkhaya noma lapho uwedwa, zama lokhu: Khetha ingoma oyithandayo eculweni lethu. Funda amagama ngezwi elizwakalayo nangomfutho. Ngemva kwalokho, donsa umoya bese ngezwi elifanayo ufunde umusho ophelele wengoma ngaphambi kokuba uphinde udonse umoya. Yibe usuwuhlabelela lowo musho ngezwi elifanayo elinomfutho. (Isaya 24:14) Izwi lakho lapho ucula lizogcwala lizwakale, lokho kuyinto enhle. Ungakuvumeli lokhu kukwethuse noma kukwenze ube namahloni!
14. (a) Ukuvula umlomo kungayithuthukisa kanjani indlela esicula ngayo? (Bheka ibhokisi elithi “ Ukuthuthukisa Indlela Ocula Ngayo.”) (b) Yimaphi amacebiso okunqoba izinkinga zephimbo aye akusiza?
14 Ngeke iphimbo lakho liphume kahle uma ungawuvuli umlomo. Ngakho elinye icebiso elingakusiza, ukuthi uwuvule kakhulu umlomo wakho lapho ucula kunalapho ukhuluma. Yini okufanele uyenze uma ucabanga ukuthi iphimbo lakho lincane noma liyahlaba? Ungathola amacebiso awusizo ngokuphathelene nalezi zinkinga kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ekhasini 184 ebhokisini elithi “Ukunqoba Izinkinga Ezikhethekile.”
CULA NGOKUSUKA ENHLIZIYWENI
15. (a) Yisiphi isaziso esenziwa ngo-2016 emhlanganweni waminyaka yonke? (b) Yiziphi ezinye zezizathu ezibangele ukuba kubukezwe iculo?
15 Kwakunesasasa ngo-2016 emhlanganweni ‘Culela UJehova Ngenjabulo,’ lizotholakala maduze ukuze lisetshenziswe emabandleni. UMfoweth’ uLett wachaza ukuthi injongo yokubukeza iculo, ukuvumelanisa izingoma ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe. Lokhu kwabangela ukuba kususwe noma kubukezwe amagama ashintshiwe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi ka-2013 ebukeziwe. Ngaphezu kwalokho, kuye kwenezelwa izingoma ezikhuluma ngomsebenzi wethu wokushumayela nezingoma ezibonisa ukwazisa kwethu ngesihlengo. Ukwenezela kulokho, ngenxa yokuthi ukucula kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu, iNdikimba Ebusayo ibifuna ukunyathelisa iculo elinoqwembe olusezingeni eliphezulu elizofuza INguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe.
waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania lapho uMfoweth’ uStephen Lett oyilungu leNdikimba Ebusayo ememezela ukuthi iculo elisha elinesihloko esithi16, 17. Yiluphi ushintsho oluye lwenziwa eculweni elisha?
16 Ukuze kube lula ukusebenzisa iculo elithi ‘Culela UJehova Ngenjabulo,’ izingoma zihlelwe ngezihloko. Ngokwesibonelo, izingoma zokuqala ezingu-12 zikhuluma ngoJehova, ezingu-8 ezilandelayo zikhuluma ngoJesu nangesihlengo, njalo njalo. Kunohlu lwezihloko oluzoba usizo, ngokwesibonelo lapho ukhetha ingoma ezohambisana nenkulumo yeningi.
17 Ukuze kusizwe wonke umuntu acule ngokusuka enhliziyweni, amanye amagama aye abukezwa ukuze aqondakale kalula futhi kwasuswa amagama angasasetshenziswa namuhla. Kungani? Kungenxa yokuthi ngaphambi koshintsho, lapho abantu becula, amagama abawaculayo abengaqondiswanga kubo kodwa bekuba sengathi batshela abanye abantu ukuba benzeni. Lokhu bekubadida abaningi abasanda kuzihlanganisa nathi, abathakazelayo, abasebasha nodade. Yingakho isihloko kanye namagama kuye kwashintshwa.
18. Kungani kufanele sijwayelane nezingoma eziseculweni elisha? (Bheka umbhalo waphansi.)
18 Izingoma eziningi eziseculweni elithi ‘Culela UJehova Ngenjabulo’ zihlelwe zaba njengomthandazo. Ngalezi zingoma ungakwazi ukuveza imizwa yakho kuJehova. Ezinye izingoma zizosisiza “sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” (Heb. 10:24) Sifuna ukuzijwayela izingoma zethu, sizazi kahle. Lokhu ungakwenza ngokulalela umculo onamazwi ku-jw.org/zu. Ngokuprakthiza izingoma ekhaya, ungafunda ukuzicula ngokuzethemba nangokusuka enhliziyweni. *
19. Yini engenziwa yibo bonke ebandleni ukuze badumise uJehova?
19 Khumbula ukuthi ukucula kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. Kuyindlela enamandla yokubonisa indlela esimthanda ngayo uJehova nesibonga ngayo ngalokho asenzele kona. (Funda u-Isaya 12:5.) Lapho uhlabelela ngenjabulo nangezwi elizwakalayo uzokhuthaza abanye ukuba nabo bacule ngokuzethemba. Ngempela, bonke ebandleni—abancane, abadala nabasanda kuhlanganyela nathi—bangahlanganyela ekudumiseni uJehova ngokucula. Ngakho, ungazigodli lapho uhlabelela. Kunalokho, lalela isiqondiso esicacile esivela kumhubi owayephefumulelwe: “Hlabelelani uJehova!” Yebo, cula ngenjabulo!—IHu. 96:1.
^ isig. 11 Ukuze uthole iziqondiso ezengeziwe zendlela yokuthuthukisa indlela ocula angayo, bheka uhlelo lukaDisemba 2014 lwe-JW Broadcasting (I-video Ethandwayo EZIVELA ESTUDIO SETHU)
^ isig. 18 Ukuze sikulungele ukucula, umhlangano ngamunye wesigodi nowesifunda uqala ngomculo odlala imizuzu eyishumi. Lo mculo uqoshwe ngenjongo yokuba usize izinhliziyo nezingqondo zethu zilangazelele isimiso somhlangano. Ngakho sinikhuthaza ukuba nihlale phansi kusukela ekuqaleni kwalo mculo, niwulalelisise uze uphele.