Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uphephela KuJehova?

Ingabe Uphephela KuJehova?

“UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akekho noyedwa kulabo abaphephela kuye oyobhekwa njengonecala.”—IHU. 34:22.

IZINGOMA: 49, 65

1. Ngenxa yesono, izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zivame ukuzizwa kanjani?

“YEKA mina muntu wosizi!” (Roma 7:24) Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile ziye zawasho la mazwi omphostoli uPawulu. Sonke siyahlupheka ngenxa yesono esasizuza njengefa futhi lapho sehluleka ukujabulisa uJehova sizwa ubuhlungu obukhulu. Amanye amaKristu aye enza izono ezinkulu, ngezinye izikhathi aba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ngeke awathethelele.

2. (a) IHubo 34:22 libonisa kanjani ukuthi izinceku zikaNkulunkulu akudingeki zikhwantabaliswe umuzwa wecala? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko? (Bheka ibhokisi elithi “ Izifundo Noma Kufuzisela Okuthile?”)

2 Noma kunjalo, imiBhalo isiqinisekisa ngokuthi labo abaphephela kuJehova akudingeki bazizwe benecala. (Funda iHubo 34:22.) Kuhilelani ukuphephela kuJehova? Yini okumelwe siyenze ukuze uJehova asibonise umusa futhi asithethelele? Sithola izimpendulo zale mibuzo ngokuhlola ilungiselelo lemizi yesiphephelo yakwa-Israyeli wasendulo. Lelo lungiselelo lamiswa ngaphansi kwesivumelwano soMthetho, owayeka ukusebenza ngePhentekoste lika-33 C.E. Nokho, khumbula ukuthi uMthetho wawuvela kuJehova. Ngakho ngokuhlola ilungiselelo lemizi yesiphephelo, sithola indlela uJehova abheka ngayo isono, izoni nalabo abaphendukayo. Ake siqale ngokuthola ukuthi kungani kwakukhona imizi yesiphephelo kwa-Israyeli nokuthi yayisebenza kanjani.

“NIKELANI NGEMIZI YESIPHEPHELO”

3. Kwa-Israyeli yini eyayenziwa kumuntu obulale ngenhloso?

3 Kwakumkhathaza kakhulu uJehova ukubulawa kwabantu ngesikhathi sama-Israyeli asendulo. Umuntu owayebulale omunye umuntu ngamabomu, wayebulawa isihlobo esiseduze salo obulewe, leso sihlobo sasibizwa ngokuthi “umphindiseli wegazi.” (Num. 35:19) Ngaleyo ndlela kwakukhokhelwa ukuphila kwalo obulewe ongenacala. Ukubulawa ngokushesha kombulali, kwalivikela Izwe Lesithembiso, kwaligcina lihlanzekile ngoba uJehova wayethe: “Akumelwe nilingcolise izwe enikulo; ngoba yigazi [lomuntu] elingcolisa izwe.”​—Num. 35:33, 34.

4. Kwakwenzekani lapho umuntu ebulala omunye ngephutha?

4 Nokho, kwakwenzekani lapho umuntu ebulala omunye ngephutha? Nakuba embulale ngephutha, wayenecala lokubulala umuntu ongenacala. (Gen. 9:5) Nokho, wayevunyelwe ukuba abalekele umphindiseli wegazi aye komunye wemizi yesiphephelo eyisithupha. Lapho engaphakathi kuyo wayeyovikeleka. Kwakumelwe ahlale ngaphakathi kulowo muzi wesiphephelo kuze kufe umpristi ophakame.​—Num. 35:15, 28.

5. Ilungiselelo lemizi yesiphephelo lingasisiza kanjani siqonde uJehova kangcono?

5 NguJehova owakhetha imizi yesiphephelo, hhayi umuntu. Wayala uJoshuwa, wathi: “Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi, ‘Nikelani ngemizi yesiphephelo.’” Le mizi yanikwa “isikhundla esingcwele.” (Josh. 20:1, 2, 7, 8) Njengoba kunguJehova owakhetha le mizi ukuze isetshenziselwe injongo ekhethekile, singase sizibuze: Leli lungiselelo lisisiza kanjani sibe nombono ocacile womusa kaJehova? Lisifundisani ngokuphephela kuye namuhla?

KUMELWE “AKHULUME AMAZWI AKHE KUZWA AMADODA AMADALA”

6, 7. (a) Chaza indima yamadoda amadala ayahlulela umuntu obulale ngephutha. (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani kwakuwukuhlakanipha ngobulale engahlosile ukuya emadodeni amadala?

6 Ngemva kokubulala umuntu ngephutha, umbaleki kwakumelwe aqale “akhulume amazwi akhe kuzwa amadoda amadala” esangweni lomuzi abalekele kuwo. Amadoda kwakumelwe amamukele kulowo muzi. (Josh. 20:4) Ngemva kwesikhathi esithile, kwakumelwe abuyele emadodeni amadala omuzi okwakubulawelwe kuwo umuntu. Lawo madoda ayekhipha isahlulelo secala. (Funda uNumeri 35:24, 25.) Lo obulele wayephindela kuphela emzini wesiphephelo uma kutholakala ukuthi ubulele ngephutha ngempela.

7 Kungani umuntu obulale ngephutha kwakudingeka akhulume namadoda amadala? Ukuze kugcinwe ibandla lakwa-Israyeli lihlanzekile futhi kusizwe lo obulale ngephutha azuze emseni kaJehova. Esinye isazi seBhayibheli sabhala ukuthi uma lo obulale ngephutha engayi emadodeni amadala “wayengase abulawe.” Siyenezela: “Wayeyobe uzigwaze ngowakhe, ngoba akazange asebenzise isivikelo uNkulunkulu amnike sona.” Umuntu obulale ngephutha wayengaluthola usizo, kodwa kwakumelwe alufune futhi alwamukele. Uma ayengabalekeli emzini wesiphephelo owawuyilungiselelo likaJehova, isihlobo esiseduze salo ambulele sasinemvume yokumbulala.

8, 9. Kungani umKristu owenze isono esikhulu kumelwe acele usizo kubadala?

8 Namuhla, umKristu onecala lokwenza isono esibi kakhulu kudingeka acele usizo kubadala ebandleni ukuze alungise izinto. Kungani kubalulekile lokhu? Okokuqala, ilungiselelo lokuba abadala basingathe amacala okwenziwa kwezono ezinkulu livela kuJehova njengoba iZwi lakhe lisho. (Jak. 5:14-16) Okwesibili, leli lungiselelo liqinisa izoni eziphendukayo ukuze ziqhubeke zinakekelwa uJehova futhi zigweme ukuphinde ziwele esonweni. (Gal. 6:1; Heb. 12:11) Okwesithathu, abadala baye baqeqeshwa base bethunywa ukuba baqinise izoni eziphendukayo, bazisize ukuze kunciphe ubuhlungu ezibuzwayo nomuzwa wecala. UJehova ubiza la madoda ngokuthi ‘yindawo yokucashela isiphepho esinemvula.’ (Isaya 32:1, 2) Awuvumi yini ukuthi leli lungiselelo liwukubonakaliswa komusa kaNkulunkulu?

9 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ziye zathola impumuzo elethwa ukufuna nokuthola usizo kubadala. Ngokwesibonelo, umzalwane ogama lakhe uDaniel, wenza isono esikhulu kodwa kwaphela izinyanga eziningana engabatsheli abadala. Uyavuma, “Ngemva kwesikhathi eside, ngacabanga ukuthi ayikho into abadala abangangisiza ngayo manje. Noma kunjalo ngangesaba ukuthi udaba lwami luzoputshuka ngandlela thile, bathole abadala. Lapho ngithandaza kuJehova ngangiqala ngokuxolisa ngalokho engikwenzile.” Ekugcineni, uDaniel walucela usizo kubadala. Ecabanga ngalokho okwenzeka, nakhu akushoyo manje: “Kona kuyiqiniso ukuthi ngangesaba ukuya kubo. Kodwa ngemva kokukhuluma nabo, kwaba sengathi kususwe umthwalo osindayo emahlombe ami. Manje, sengiyakwazi ukukhuluma noJehova ngingaphazanyiswa yilutho.” Manje uDaniel unonembeza ohlanzekile futhi usanda kumiswa njengenceku ekhonzayo.

“KUMELWE ABALEKELE KWEMINYE YALE MIZI”

10. Ukuze aboniswe umusa, yisiphi isinyathelo umuntu obulale ngephutha okwakumelwe asithathe?

10 Umuntu obulale ngephutha kwakumelwe athathe isinyathelo ukuze aboniswe umusa. Kwakumelwe abalekele emzini wesiphephelo oseduze. (Funda uJoshuwa 20:4.) Lo muntu wayengeke enze okuphambene nalokhu ngoba ukuqhubeka kwakhe ephila kwakuxhomeke ekufikeni emzini wesiphephelo ngokushesha ngangokunokwenzeka futhi ahlale lapho! Lokhu kwakuwukuzidela. Kwakumelwe ashiye umsebenzi wakhe wokuziphilisa, ikhaya lakhe elintofontofo, adele nenkululeko yokuya noma kuphi lapho ethanda khona—kuze kufe umpristi ophakeme. * (Num. 35:25) Wayengeke azisole ngokwenza lokho. Uma ehamba emzini wesiphephelo, wayeyobonisa ukuthi akumkhathazi ukuthi ubulale umuntu futhi ukuphila kwakhe kwakuyoba sengozini.

11. Yiziphi izinto ezenziwa umKristu ophendukile ezibonisa ukuthi uyawazisa umusa kaNkulunkulu?

11 Ukuze zizuze emseni kaNkulunkulu, izoni eziphendukayo namuhla kumelwe zenze okufanayo. Kumelwe siyiyeke ngokuphelele inkambo embi, singabalekeli nje izono ezinkulu kodwa nezono ezincane ezigcina zisiholele kwezimbi kakhulu. Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wachaza izenzo zamaKristu aseKorinte aphendukile. Wabhala: “Yeka ukuthi yona kanye le nto, ukudabuka kwenu ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu, iveze inkuthalo enkulu kangakanani kini, yebo, ukuzihlangula kwenu, intukuthelo, ukwesaba, ukulangazela, intshiseko, ukulungisa okungalungile!” (2 Kor. 7:10, 11) Ukushiya ngobuqotho inkambo embi kubonisa uJehova ukuthi kuyasikhathaza esikwenzayo futhi siyazi ukuthi umusa wakhe asiwutholi ngokuzenzakalelayo.

12. Yini okungase kudingeke umKristu ayidele ukuze aqhubeke ethola umusa kaNkulunkulu?

12 Yini okungase kudingeke umKristu ayidele ukuze aqhubeke ethola umusa kaNkulunkulu? Kumelwe azimisele ukudela ngisho nezinto azithanda kakhulu uma zizombeka engozini yokuwela esonweni. (Math. 18:8, 9) Uma abangane abathile bekuthonya ukuba wenze izinto ezingamjabulisi uJehova, ingabe uzozihlukanisa nabo? Uma ungakwazi ukulinganisela lapho uphuza utshwala, ingabe uzimisele ukugwema izimo ezingakulinga ukuba uphuze ngokweqile? Uma unenkinga yezifiso ezimbi zocansi, ingabe uyawagwema ama-movie, amawebusayithi noma izinto ezingakwenza ube nemicabango engcolile? Khumbula, ngeke sizisole nganoma yikuphi ukuzidela esikwenzayo ukuze sihlale siqotho kuJehova. Ayikho into ebuhlungu njengokulahlwa uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, ayikho into eyanelisa njengokuthola “umusa wothando” kaNkulunkulu.—Isaya 54:7, 8.

‘IYOBA YISIPHEPHELO’

13. Chaza ukuthi yini eyayenza umuntu obulale ngephutha azizwe ephephile, evikelekile futhi ejabule.

13 Lapho esengaphakathi komuzi wesiphephelo, umbaleki wayephephile. Ngokuphathelene naleyo mizi, uJehova wathi: “Kumelwe kini ibe isiphephelo.” (Josh. 20:2, 3) UJehova wayengadingi ukuba umbulali aphinde ahlulelwe ngecala elifanayo, umphindiseli wegazi naye wayengavunyelwe ukungena emzini wesiphephelo ukuze abulale umbaleki. Ngenxa yalokho, umbulali kwakungadingeki esabe ukubulawa. Uma nje ekulowo muzi, wayevikelekile ngaphansi kwesivikelo sikaJehova. Wayengekho ejele. Ukuba semzini wesiphephelo kwakumnika ithuba lokusebenza, lokusiza abanye nelokukhonza uJehova ngokuthula. Wayekwazi ukuphila ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo.

Qiniseka ngokuthi uJehova uthethelela ngokuphelele (Bheka izigaba 14-16)

14. Yikuphi ukuqiniseka umKristu ophendukile angaba nako?

14 Abanye abantu bakaNkulunkulu abaye benza izono ezinkulu kodwa baphenduka, baye bazizwa “beboshwe” umuzwa wecala, baba nanomuzwa wokuthi uJehova uyohlale ebabheka njengezoni ezimbi. Uma uzizwa kanjalo, qiniseka ngokuthi lapho uJehova ekuthethelela, ungazizwa uvikelekile emseni wakhe! Yilokho kanye okwenzeka kuDaniel okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Ngemva kokuba abadala bemlungisile bamsiza waba nonembeza ohlanzekile, wathi: “Ngazizwa ngikhululekile. Ngemva kokuba udaba selusingathwe kahle, kwakungasadingeki ngizizwe nginecala. Lapho isono sesithethelelwe, asiphinde sibuye. Njengoba uJehova asho, ususa izinkathazo zakho azibeke kude le. Ngeke kudingeke uphinde uzibone.” Lapho esephakathi komuzi wesiphephelo, umbulali akudingeki esabe umphindiseli wegazi. Ngokufanayo, lapho uJehova esezithethelele izono zethu, akudingeki sesabe ukuthi uzofuna izizathu zokubuyisa isono sethu noma ukuphinde asahlulele ngaso.​—Funda iHubo 103:8-12.

15, 16. Indima kaJesu njengomHlengi noMpristi Ophakeme ikusiza kanjani uwethembe umusa kaNkulunkulu?

15 Empeleni, sinesizathu esikhulu kunesama-Israyeli sokuwethemba umusa kaJehova. Ngemva kokuchaza indumalo ayenayo ngenxa yokwehluleka ukulalela uJehova ngokugcwele, uPawulu wathi: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:25) Yebo, nakuba ayehlushwa isono namaphutha awenza esikhathini esidlule, uPawulu wayephendukile futhi eqiniseka ngokuthi uNkulunkulu umthethelele ngoJesu. Umhlengi wethu uJesu, uhlanza onembeza bethu futhi usinika ukuthula kwangaphakathi. (Heb. 9:13, 14) NjengoMpristi Ophakeme uyakwazi “ukusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuba abancengele.” (Heb. 7:24, 25) Uma indima yompristi ophakame yayiqinisekisa ama-Israyeli ngokuthi izono zawo zaziyothethelelwa, ngokuqinisekile umsebenzi owenziwa uMpristi wethu Ophakeme uJesu usiqinisekisa ngokuthi ‘sizozuza isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.’​—Heb. 4:15, 16.

16 Ukuze uphephele kuJehova, bonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu. Ungagcini nje ngokwamukela ukuthi isihlengo sisiza abantu abaningi. Kunalokho, yiba nokholo lokuthi isihlengo sisiza wena. (Gal. 2:20, 21) Yiba nokholo lokuthi izono zakho zithethelelwa ngenxa yesihlengo. Yiba nokholo lokuthi isihlengo sikunika ithemba lokuphila okuphakade. Umhlatshelo kaJesu uyisipho uJehova akupha sona.

17. Kungani sifuna ukuphephela kuJehova?

17 Imizi yesiphephelo yayibonisa umusa kaJehova. Ngaleli lungiselelo, uNkulunkulu wayengagcizeleli nje ukuba ngcwele kokuphila kodwa wayebonisa nendlela abadala abasisiza ngayo, ebonisa ukuthi ukuzisola kwangempela kuhilelani nokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova usithethelela ngokuphelele. Ingabe uphephela kuJehova? Ayikho enye indawo ephephile ngaphandle kwakhe! (IHu. 91:1, 2) Esihlokweni esilandelayo, sizobona indlela imizi yesiphephelo engasisiza ngayo silingise isibonelo sikaJehova esivelele sobulungisa nomusa.

^ isig. 10 Ngokwezincwadi zamaJuda, kubonakala sengathi nezihlobo zomuntu obulale omunye ngephutha zazihamba naye ziyohlala emzini wesiphephelo.