Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umuntu Ophayo Uyobusiswa

Umuntu Ophayo Uyobusiswa

IMIHLATSHELO ibilokhu iyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. Ama-Israyeli ayenza imihlatshelo yezilwane kanti amaKristu aziwa ngokwenza ‘imihlatshelo yokudumisa.’ Nokho, kuneminye imihlatshelo ejabulisa uNkulunkulu. (Heb. 13:15, 16) Le mihlatshelo iletha injabulo nezibusiso njengoba izibonelo ezilandelayo zibonisa.

UHana, incekukazi ethembekile yasendulo, wayefuna ngayo yonke inhliziyo yakhe ukuba nendodana kodwa wayengakwazi ukuthola abantwana. Lapho ethandaza, wafunga kuJehova wathi uma engathola indodana, ‘uyoyinika uJehova zonke izinsuku zokuphila kwayo.’ (1 Sam. 1:10, 11) Ngokuhamba kwesikhathi, uHana wakhulelwa, wabeletha indodana wayibiza ngokuthi uSamuweli. Ngemva kokuba uSamuweli elunyuliwe, uHana wamyisa etabernakele, njengoba nje ayefungile. UJehova wambusisa uHana ngokuzidela kwakhe. UHana waba nezinye izingane ezingu-5, uSamuweli waba umprofethi nomlobi weBhayibheli.​—1 Sam. 2:21.

NjengoHana noSamuweli, amaKristu namuhla anethuba lokusebenzisa ukuphila kwawo enkonzweni yesikhathi esigcwele. UJesu wathembisa ukuthi uJehova uyobusisa noma yimiphi imizamo yokuzidela esiyenzayo ukuze simkhonze.​—Marku 10:28-30.

Ekhulwini lokuqala, owesifazane ongumKristu uDorka wayaziwa ngokwenza ‘izenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe’—imihlatshelo ayeyenza ukuze asize abanye. Ngokudabukisayo, uDorka wagula futhi wafa, lokhu kwalizwisa ubuhlungu ibandla. Lapho abafundi bezwa ukuthi uPetru wayekuleyo ndawo, bamnxusa ukuba afike ngokushesha. Akungabazeki ukuba bajabula lapho uPetru efika futhi evusa uDorka, owaba umuntu wokuqala obhaliwe eBhayibhelini owavuswa umphostoli! (IzE. 9:36-41) UNkulunkulu wayengayikhohliwe imihlatshelo kaDorka. (Heb. 6:10) Imisebenzi yakhe yokupha igcinwe eZwini likaNkulunkulu ukuze silingise isibonelo sakhe esihle.

Umphostoli uPawulu naye wabeka isibonelo esihle ngokusebenzisa isikhathi sakhe enaka abantu. Lapho ebhalela abafowabo abangamaKristu eKorinte uPawulu wathi: “Mina ngizokuthokozela kakhulu ukusebenzisa konke enginakho nokuba ngisetshenziswe ngokuphelele ngenxa yemiphefumulo yenu.” (2 Kor. 12:15) UPawulu wabona ngokwenzeka kuye ukuthi ukuzidela ngenxa yabanye akujabulisi wena kuphela kodwa okubaluleke nakakhulu kukwenza uthole izibusiso futhi wamukelwe uJehova.—IzE. 20:24, 35.

Kusobala ukuthi uJehova uyajabula lapho sisebenzisa isikhathi namandla ethu ukuze sishumayele futhi sisize esikholwa nabo. Kodwa zikhona yini ezinye izindlela esingasekela ngazo umsebenzi wokushumayela ngoMbuso? Yebo zikhona. Okunye esingakwenza, ukudumisa uNkulunkulu ngokunikela ngezinto ezibonakalayo noma ngemali. Iminikelo yethu ithuthukisa umsebenzi wokushumayela, isekele izithunywa zevangeli nabanye abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngaphezu kwalokho, iminikelo yethu yokuzithandela isekela umsebenzi wokuhumusha, ukwenziwa kwama-video, isize ezinhlekeleleni zemvelo nasekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Singaqiniseka ngokuthi umuntu ophayo uyobusiswa. Ngaphezu kwalokho sisuke sidumisa uJehova lapho sinikela ngezinto zethu zenani elikhulu.—IzAga 3:9; 22:9.