Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yisiphi Isipho Esingasinika UJehova?

Yisiphi Isipho Esingasinika UJehova?

UJESU wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Lelo qiniso lisebenza ebuhlotsheni bethu noJehova. Kungani? UJehova uye wasinika izipho eziningi ezisenza sijabule, kodwa singathola injabulo eyengeziwe ngokupha uJehova isipho. Yisiphi isipho esingasipha uJehova? IzAga 3:9 zithi: “Dumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.” ‘Izinto zethu zenani elikhulu’ zihlanganisa isikhathi sethu, amakhono ethu, amandla kanye nezinto esinazo. Lapho sisebenzisa lezo zinto ukuze sithuthukise ukukhulekela kweqiniso, sinikeza uJehova isipho futhi ukwenza lokho kusenza sijabule kakhulu.

Uma kuziwa ezintweni esinazo, yini eyosisiza singalahlekelwa yithuba lokupha uJehova isipho? Umphostoli uPawulu watshela abaseKorinte ukuba ‘babeke eceleni okuthile’ njengomnikelo. (1 Kor. 16:2) Yini ongayenza uma ufuna ukuthola imininingwane eyengeziwe ngezindlela zokunikela ezikhona endaweni yangakini? Sicela ubheke ibhokisi ngezansi.

Akuwona wonke amazwe akwazi ukunikela nge-inthanethi. Nokho, imininingwane echaza ezinye izindlela zokunikela itholakala ekhasini lewebhusayithi elikhuluma ngeminikelo. Kwamanye amazwe, kuba nekhasi elinezimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa ngeminikelo.