Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Thenga Iqiniso Ungalithengisi”

“Thenga Iqiniso Ungalithengisi”

“Thenga iqiniso ungalithengisi—ukuhlakanipha nesiyalo nokuqonda.”—IZAGA 23:23.

IZINGOMA: 94, 96

1, 2. (a) Yini eyigugu kakhulu esinayo? (b) Yimaphi amaqiniso ayigugu kithi futhi kungani? (Bheka izithombe ezisekuqaleni.)

YINI eyigugu kakhulu onayo? Ungavuma yini ukuyidela bese esikhundleni sayo unikwe okunye okungabalulekile? Kulula ngezikhonzi zikaJehova ezizinikezele ukuphendula le mibuzo. Into eyigugu kithi ubuhlobo bethu noJehova futhi ngeke sibudele ukuze sithole noma yini enye esikhundleni sabo. Siyalazisa neqiniso leBhayibheli eliye lasisiza saba nobuhlobo obuhle noBaba wethu osezulwini.—Kol. 1:9, 10.

2 Cabanga ngakho konke uMfundisi wethu Omkhulu asifundisa kona ngeZwi lakhe, iBhayibheli! Usifundisa iqiniso ngegama lakhe nangezimfanelo zakhe ezinhle. Usitshela nangelungiselelo elihle lesihlengo asenzele lona ngeNdodana yakhe, uJesu. UJehova usifundisa nangoMbuso kaMesiya futhi unikeza abagcotshiwe ithemba lokuphila ezulwini bese enika “ezinye izimvu” ithemba lokuphila ePharadesi emhlabeni. (Joh. 10:16) Usifundisa nendlela okufanele siziphathe ngayo. Siyawathanda la maqiniso ngoba asisiza sisondele kuMdali wethu. Enza ukuphila kwethu kube nenjongo.

3. Ingabe uJehova uthi sithenge iqiniso ngemali?

3 UJehova unguNkulunkulu ophanayo. Akabagodleli okuhle labo abafuna iqiniso. UJehova waze wasinika iNdodana yakhe njengesipho. UNkulunkulu akalindele ukuba iqiniso silithenge ngemali. Empeleni, ngesikhathi uSimoni efuna ukunikeza umphostoli uPetru imali ukuze athole igunya lokunikeza umoya ongcwele, uPetru wamkhuza, wathi: “Kwangathi isiliva lakho lingashabalala kanye nawe, ngoba ucabange ukusithola ngemali isipho sesihle sikaNkulunkulu.” (IzE. 8:18-20) Pho-ke, asho ukuthini amazwi aphefumulelwe athi: “Thenga iqiniso”?

KUSHO UKUTHINI “UKUTHENGA” IQINISO?

4. Kulesi sihloko, yini esizoyifunda ngeqiniso?

4 Funda izAga 23:23. Kudingeka sizikhandle ukuze sithole iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Kumelwe sizimisele ukudela noma yini ukuze silithole. Kunjengoba umbhali wezAga ohlakaniphile asho, lapho ‘sesilithengile,’ noma sesilitholile “iqiniso,” kumelwe siqaphe ‘singalithengisi’ noma sililahle. Ake sixoxe ngokuthi kusho ukuthini “ukuthenga” iqiniso, sixoxe nangokuthi yini okungase kudingeke siyidele ukuze silithole. Ngaleyo ndlela sizolithanda nakakhulu iqiniso futhi sizimisele ukungalokothi ‘silithengise.’ Sizoqonda ukuthi kungani iqiniso elivela kuJehova libaluleke kunanoma yini enye into.

5, 6. (a) Singalithenga kanjani iqiniso ngaphandle kwemali? Fanekisa. (b) Iqiniso lisizuzisa kanjani?

5 Ngisho noma into ingase itholakale mahhala, kukhona okumelwe silahlekelwe yikho ukuze siyithole. Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “thenga” encwadini yezAga 23:23 lingasho nokuthi “thola.” Womabili la magama anikeza umqondo wokwenza umzamo noma ukudela okuthile ukuze uthole into eyigugu. Ukuthenga iqiniso singakufanekisa ngale ndlela. Ake sithi esitolo kunesikhangiso esithi “Thatha Ubhanana Mahhala.” Ingabe ubhanana uzomila izinyawo uze etafuleni lakho? Cha. Kumelwe sihambe siye esitolo siyowulanda. Ingabe ubhanana utholakala mahhala? Yebo, kodwa kumelwe senze okuthile futhi sizinike isikhathi sokuya esitolo. Ngokufanayo, asiyidingi imali ukuze sithenge iqiniso. Kodwa kumelwe sizikhandle ukuze silithole.

6 Funda u-Isaya 55:1-3. Amazwi kaJehova abhalwe ku-Isaya akucacisa ngokwengeziwe ukuthi kusho ukuthini ukuthenga iqiniso. Kuleli vesi, uJehova uqhathanisa izwi lakhe namanzi, ubisi newayini. Njengamanzi abandayo namtoti, amazwi kaNkulunkulu ayaqabula. Njengoba ubisi lusiqinisa futhi lusiza izingane zikhule, amazwi kaJehova ayasiqinisa futhi asisize sikhule ngokomoya. Ngaphezu kwalokho, amazwi kaJehova afana newayini. Kanjani? EBhayibhelini iwayini lihlotshaniswa nokujabula. (IHu. 104:15) Ngakho ngokutshela abantu bakhe ukuba ‘bathenge iwayini,’ uJehova usiqinisekisa ngokuthi ukuphila ngokuvumelana namazwi akhe kuzosijabulisa. (IHu. 19:8) Lena indlela enhle kakhulu yokuchaza izinzuzo zokufunda nokusebenzisa amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso. Umzamo esiwenzayo singawufanisa nenani esilikhokhayo. Ngakho, ake sixoxe ngezinto ezinhlanu okungadingeka sizidele ukuze sithenge iqiniso.

YINI OYE WAYIDELA UKUZE UTHENGE IQINISO?

7, 8. (a) Kungani kumelwe sidele isikhathi ukuze sithenge iqiniso? (b) Umfundi othile osemusha wayezimisele ukudela isikhathi sani, futhi yaba yini imiphumela?

7 Isikhathi. Leli yinani okumelwe wonke umuntu othenga iqiniso alikhokhe. Kudinga isikhathi ukulalela umyalezo woMbuso, ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo, ukuba nesifundo somuntu siqu, ukulungiselela imihlangano yebandla nokuya kuyo. Kumelwe ‘sithenge’ noma sithathe leso sikhathi ezintweni ezingabalulekile kakhulu. (Funda eyabase-Efesu 5:15, 16.) Sidinga isikhathi esingakanani ukuze sibe nolwazi olunembile lwezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli? Kuya ngezimo zethu. Ngeke ziphele izinto esingazifunda ngokuhlakanipha kukaJehova, izindlela zakhe nemisebenzi yakhe. (Roma 11:33) INqabayokulinda yokuqala yafanisa iqiniso “nembali encane enhle,” yabe isithi: “Unganeliswa ukuba nembali eyodwa yeqiniso, ngoba ukube bekwanele ukuba nembali eyodwa ngabe isibunile. Ngakho funa izimbali eziningi.” Singase sizibuze, ‘Zingakanani izimbali zeqiniso enginazo?’ Ngisho noma sesiphila phakade kuyohlale kukhona esingakufunda ngoJehova. Namuhla, into ebalulekile ukuba sisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakanipha ukuze sithenge amaqiniso amaningi kuye ngezimo zethu. Nasi isibonelo somuntu owayefuna iqiniso.

8 UMariko, * owesifazane osemusha waseJapane, waya eNew York City, e-U.S.A. eyofunda. Ngaleso sikhathi, wayeyingxenye yenkolo eyasungulwa eJapane ngasekupheleni kwawo-1950. Udade oyiphayona wahlangana noMariko enkonzweni yendlu ngendlu. Lapho eqala ukufunda iqiniso leBhayibheli, wajabula kakhulu kangangokuba wacela ukufundelwa kabili ngeviki. Yize ayematasa esikoleni futhi esebenza izinsuku ezithile, ngokushesha uMariko waqala ukuya emihlanganweni yebandla. Wanciphisa isikhathi ayesichitha kwezokuzijabulisa ukuze athenge isikhathi sokufunda iqiniso. Ukuzidela ngale ndlela kwamsondeza nakakhulu kuJehova. Ungakapheli unyaka, wabhapathizwa. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ngo-2006, waqala ukuphayona futhi namanje usakhonza njengephayona.

9, 10. (a) Ukuthenga iqiniso kuyithinta kanjani indlela esibheka ngayo ingcebo? (b) Yimaphi amathuba adelwa owesifazane othile osemusha, futhi uzizwa kanjani ngalokho?

9 Ukuthanda izinto zaleli zwe. Ukuze sithenge iqiniso, kungase kudingeke sidele imisebenzi ekhokhela kahle. Ngesikhathi uJesu ebiza uPetru no-Andreya ababengabadobi ukuba babe “abadobi babantu,” ‘bashiya amanetha’ abo. (Math. 4:18-20) Iningi lalabo abafunda iqiniso namuhla alikwazi ukuvele lishiye imisebenzi. Linesibopho esingokomBhalo sokunakekela imindeni. (1 Thim. 5:8) Yize kunjalo, ngokuvamile abantu abafunda iqiniso kumelwe bashintshe indlela ababheka ngayo izinto ezibonakalayo, babeke izinto ezibalulekile kuqala ekuphileni kwabo. UJesu wakusho kwacaca lokhu lapho ethi: “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni . . . Kunalokho, zibekeleleni ingcebo ezulwini.” (Math. 6:19, 20) Nasi isibonelo sowesifazane othile osemusha.

10 UMaria wayekuthanda ukudlala igalofu kusukela esemncane engakaqali ngisho nokufunda isikole. Lapho esesikoleni samabanga aphezulu, wayelidlala kahle igalofu waze wathola nomfundaze waseyunivesithi. Wayelithanda igalofu futhi ezimisele ukuba umdlali odumile. UMaria waqala ukufunda iBhayibheli futhi wawathanda amaqiniso ayewafunda. Wazijabulela izinguquko iqiniso elamsiza wazenza ekuphileni. Wathi: “Njengoba ngangiqhubeka ngivumelanisa indlela engicabanga ngayo kanye nokuphila kwami nezimiso zeBhayibheli, ngangijabula nakakhulu.” Wabona ukuthi kwakuzoba nzima ngaye ukukhonza uJehova ebe ephilela ingcebo. (Math. 6:24) Wadela umgomo ayezibekele wona wokuba umdlali odumile wegalofu namathuba okuceba. Ngenxa yokuthi wathenga iqiniso, manje ukhonza njengephayona futhi ukuphila kwakhe ukuchaza “njengokujabulisayo nokunenjongo.”

11. Lapho sithenga iqiniso, abangane nezihlobo zethu bangasiphatha kanjani?

11 Izihlobo nabangane. Uma sikhetha ukuphila ngokuvumelana neqiniso leBhayibheli, singaqhelelana nabangane nezihlobo zethu. Kungani? UJesu wathandazela abalandeli bakhe wathi: “Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.” (Joh. 17:17) Amazwi athi “bangcwelise” angasho nokuthi “bahlukanise.” Lapho samukela iqiniso, siyahlukaniswa nezwe ngoba asisaphili njengalo. Abantu basibheka ngendlela ehlukile ngoba indlela esiphila ngayo isishintshile. Siphila ngokuvumelana namaqiniso eBhayibheli. Nakuba singafuni ukubangela ukwahlukana, abanye abangane bethu nezihlobo eziseduze zingaziqhelelanisa nathi noma zize ngisho zisiphikise. Akusimangazi lokhu. UJesu wathi: “Ngempela, izitha zomuntu kuyoba abantu bendlu yakubo.” (Math. 10:36) Wasiqinisekisa nangokuthi umvuzo wokuthenga iqiniso udlula noma yini esingase siyidele.—Funda uMarku 10:28-30.

12. Yikuphi ukuzidela enye indoda engumJuda eyakwenza ukuze ithole iqiniso?

12 Kusukela esemncane, usomabhizinisi ongumJuda obizwa ngokuthi u-Aaron wafundiswa ukuthi igama likaNkulunkulu alibizwa. Nokho, u-Aaron wayekulangazelela ukwazi iqiniso. Wamangala kakhulu lapho uFakazi othile embonisa ukuthi ngokuhlanganisa onkamisa nongwaqa abane besiHebheru begama likaNkulunkulu, wayengalibiza athi “Jehova.” Ejabule, waya esinagogeni eyotshela orabi lokho ayekufundile. Indlela abasabela ngayo yayihlukile kulokho u-Aaron ayekulindele. Kunokuba bajabule kanye naye ngokuthi uthole iqiniso ngegama likaNkulunkulu, bamkhafulela futhi bamxosha. Izihlobo zakhe zaziqhelelanisa naye. Ngesibindi, waqhubeka ethenga iqiniso futhi waba uFakazi KaJehova ukuphila kwakhe konke. Njengo-Aaron, ukuze sithole iqiniso, sizimisele ukulikhokhela ngokwamukela noma yiluphi ushintsho olungaba khona endleleni esibhekwa ngayo emphakathini noma emindenini yethu.

13, 14. Ukuze sithenge iqiniso, yiziphi izinguquko okudingeka sizenze endleleni esicabanga ngayo nesiziphatha ngayo? Nikeza isibonelo.

13 Ukucabanga nokuziphatha uNkulunkulu angakufuni. Ukuze samukele iqiniso futhi siphile ngokuvumelana nalokho okushiwo iBhayibheli, kumelwe sizimisele ukushintsha indlela esicabanga ngayo nesiziphatha ngayo. Phawula lokho okwabhalwa uPetru mayelana nalolu shintsho: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, kodwa . . . yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu.” (1 Pet. 1:14, 15) Kubantu ababehlala eKorinte elalikhohlakele, ukuthenga iqiniso kwakusho ukuthi kwakufanele benze izinguquko ezinkulu endleleni ababephila ngayo. (1 Kor. 6:9-11) Ngokufanayo, ukuze abantu abaningi namuhla bathenge iqiniso, baye bayeka ukuziphatha ngendlela uNkulunkulu angayifuni. UPetru waphinde wakhumbuza amaKristu angosuku lwakhe: “Kwanele ukuthi esikhathini esidlulile nenza intando yezizwe lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha okubi, ukukhanuka, ukweqisa ewayinini, imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, nokukhonza izithombe okuphambene nomthetho.”—1 Pet. 4:3.

14 UDevynn noJasmine babeyizidakwa iminyaka eminingi. Nakuba uDevynn ayengumgcini-mabhuku onekhono, wayehluleka ukuthola umsebenzi ngenxa yokuphuza kakhulu. UJasmine wayedume ngokuba isidla-mlilo futhi enolaka. Ngelinye ilanga ehamba ediyazela emgwaqweni, wahlangana nezithunywa zevangeli ezimbili ezingoFakazi. Izithunywa zevangeli zahlela ukumfundela, kodwa lapho zifika emzini wabo ngeviki elilandelayo, zabafica bobabili uJasmine noDevynn bedakiwe. Babengakulindele ukuthi lezo zithunywa zevangeli zizozikhathaza ngokufika emzini wabo. Lapho zibuya ngokulandelayo isimo sasihluke ngokuphelele. Kusukela lapho, uJasmine noDevynn bakukhuthalela ukufunda iBhayibheli futhi baqala ukukusebenzisa lokho ababekufunda. Zingakapheli izinyanga ezintathu, banquma ukuyeka ukuphuza futhi kamuva bashada ngokomthetho. Izinguquko abazenza zaziwa umphakathi wonke, futhi abaningi kuleyo ndawo bafuna ukufunda iBhayibheli.

15. Yini okungaba nzima kakhulu ukuyiyeka ukuze sithenge iqiniso, futhi kungani?

15 Amasiko nemikhuba engamjabulisi uNkulunkulu. Ukuyeka amasiko nemikhuba engamjabulisi uNkulunkulu ukuze sithenge iqiniso kungaba yinto enzima kakhulu. Nakuba kungase kube lula ngabanye ukuyeka le mikhuba, abanye bangase bangabaze ukuyiyeka ngenxa yokucindezelwa amalungu emindeni, abasebenza nabo nabangane abaseduze. Lokhu kungase kudale izingxabano, ikakhulukazi uma kuyisiko elihilela nomuntu ofile. (Dut. 14:1) Isibonelo sabanye sokuba nesibindi singasisiza senze izinguquko ezidingekayo. Cabanga ngesibindi esaboniswa abathile e-Efesu ngekhulu lokuqala.

16. Yini eyenziwa abathile e-Efesu ukuze bathenge iqiniso?

16 I-Efesu lalaziwa ngokwenza imilingo. Yini eyenziwa yilabo ababesanda kuba amaKristu ababenza imilingo ukuze bayeke imikhuba engqubuzana nemiBhalo futhi bathenge iqiniso? IBhayibheli liyachaza: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu. Babala ndawonye intengo yazo bayithola ilingana nezinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. Ngakho izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba ngendlela enamandla.” (IzE. 19:19, 20) AmaKristu athembekile azidela alahlekelwa yikho konke lokhu ukuze athole izibusiso ezingenakuqhathaniswa.

17. (a) Yiziphi izinto okungase kudingeke sizidele ukuze sithenge iqiniso? (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

17 Yini wena oye wayidela ukuze uthenge iqiniso? Sonke siye sadela isikhathi sethu ukuze sithole iqiniso. Abanye baye bayeka ukujaha ingcebo futhi babekezelela ukuphikiswa abangane nezihlobo. Abaningi kuye kwadingeka bashintshe indlela abacabanga ngayo nabenza ngayo izinto futhi bayeka imikhuba namasiko angqubuzana neBhayibheli. Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyidelile, siyaqiniseka ukuthi iqiniso leBhayibheli libaluleke ukwedlula noma yini esingase siyidele. Lisinika into eyigugu kakhulu, ubuhlobo obuseduze noJehova. Lapho sicabanga ngezibusiso ezilethwa ukwazi iqiniso, siyaqaphela ukuthi ayikho into engcono engasenza silithengise. Yini engabangela ukuba silithengise futhi singakugwema kanjani ukwenza iphutha elinjalo? Sizoxoxa ngale mibuzo esihlokweni esilandelayo.

^ isig. 8 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.