Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Obumba Ukucabanga Kwakho?

Ubani Obumba Ukucabanga Kwakho?

“Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto.”—ROMA 12:2.

IZINGOMA: 88, 45

1, 2. (a) UJesu wamphendula kanjani uPetru lapho ethi makabe nomusa kuye? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani uJesu amphendula ngaleyo ndlela?

ABAFUNDI bakaJesu babeshaqekile. UJesu, okwakulindeleke ukuba abuyisele umbuso wakwa-Israyeli, wayebatshele ukuthi maduze uzohlupheka futhi afe. UPetru owakhuluma kuqala. Wathi kuye: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze ube nalesi siphetho.” Ephendula, uJesu wathi: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.”—Math. 16:21-23; IzE. 1:6.

2 Ngalawo mazwi, uJesu waveza umehluko okhona phakathi kwemicabango evela kuNkulunkulu nemicabango evela kuleli zwe elibuswa uSathane. (1 Joh. 5:19) UPetru wayekhuthaza umoya wobugovu waleli zwe. Kodwa uJesu wayazi ukuthi uYise wayengacabangi njengaleli zwe. Wayazi ukuthi uNkulunkulu ufuna azilungiselele ukuhlupheka nokufa okwakumlindile. Lapho ephendula uPetru, uJesu wakwenqaba ngokuphelele ukucabanga kwaleli zwe wakhetha okukaNkulunkulu.

3. Kungani kunzima ukucabanga njengoJehova hhayi njengaleli zwe?

3 Kuthiwani ngathi? Ingabe sicabanga imicabango kaNkulunkulu noma eyaleli zwe? Cishe siye savumelanisa ukuphila kwethu nalokho okufunwa uNkulunkulu. Kodwa kuthiwani ngendlela esicabanga ngayo? Ingabe sivumelanisa ukucabanga kwethu nemibono yethu nendlela uJehova acabanga ngayo? Ukwenza kanjalo kudinga ukuzikhandla. Ngakolunye uhlangothi, kulula ukwamukela indlela izwe elicabanga ngayo. Lokhu kubangelwa ukuthi sizungezwe umoya waleli zwe. (Efe. 2:2) Ngaphezu kwalokho, abantu ezweni ngokuvamile basikhuthaza ukuba sibe nobugovu, ngakho singase silingeke ukuba sibalalele. Kunzima ukucabanga njengoJehova kodwa kulula kakhulu ukucabanga njengaleli zwe.

4. (a) Yini ezokwenzeka uma sivumela izwe libumbe ukucabanga kwethu? (b) Lesi sihloko sizosisiza kanjani?

4 Uma sivumela leli zwe libumbe ukucabanga kwethu, siyoba nobugovu futhi sifune ukuzibusa. (Marku 7:21, 22) Ngakho, kubalulekile ukuba sicabange “imicabango kaNkulunkulu” hhayi “eyabantu.” Lesi sihloko sizosisiza. Sichaza izizathu ezibonisa ukuthi ukuvumelanisa imicabango yethu nekaJehova akusincishi lutho kodwa kuyasizuzisa. Siphinde sisibonise ukuthi singakwenqaba kanjani ukubunjwa ukucabanga kwaleli zwe. Isihloko esilandelayo sizochaza indlela esingacabanga ngayo njengoJehova ezindabeni ezihlukahlukene.

UKUCABANGA KUKAJEHOVA KUYASIZUZISA

5. Kungani abanye bengafuni ukulolongwa?

5 Abanye abantu abafuni ukuba imibono yabo ilolongwe noma ithonywe othile. Bathi, “Angidinge kutshelwa muntu.” Abazama ukukusho ukuthi bazenzela ezabo izinqumo futhi bakubona kufaneleka ukwenza kanjalo. Abafuni ukulawulwa futhi bafuna ukuphila ngendlela yabo. *

6. (a) Iyiphi inkululeko uJehova asinikeza yona? (b) Ingabe le nkululeko ayinamingcele?

6 Singaqiniseka ngokuthi ukuvumelanisa ukucabanga kwethu nokukaJehova akusho ukuthi sekufanele siyeke ukuba nemibono yethu ngezinto. Njengoba eyesi-2 Korinte 3:17 isho, “lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” Ngamunye wethu unobuntu obungafani nobabanye. Singazikhethela ukuthi yini esiyithandayo nesifuna ukuyenza. UJehova wasidala ngaleyo ndlela. Kodwa inkululeko yethu inemingcele. (Funda eyoku-1 Petru 2:16.) Ekunqumeni ukuthi yini elungile nengalungile, uJehova ufuna siqondiswe ukucabanga kwakhe okuseZwini lakhe. Ingabe lokhu kusincisha inkululeko noma kuyasizuzisa?

7, 8. Kungani ukubheka izinto ngombono kaJehova kungasibophi? Fanekisa.

7 Cabanga ngalokhu. Abazali balwela ukufundisa izingane zabo imikhuba emihle. Bangazifundisa ukwethembeka, ukukhuthala nokucabangela abanye. Lokhu akuzincishi inkululeko izingane. Kunalokho, abazali bayaziqeqesha ukuze zikwazi ukuzimela lapho sezikhulile. Lapho izingane sezikhulile futhi sezihambile ekhaya, ziyoba nenkululeko yokuzenzela ezazo izinqumo. Uma zikhetha ukusebenzisa lokho ezakufundiswa abazali bazo, ziyokwenza izinqumo ezingeke zizisole ngazo. Ngenxa yalokho, ngeke zibe nezinkinga nezinkathazo ebezingazigwema.

8 Njengomzali onothando, uJehova ufuna izingane zakhe ziphile ukuphila okwanelisayo. (Isaya 48:17, 18) Usinika imithetho yokuziphatha nendlela esingasebenzelana ngayo nabanye. Ezintweni ezinjalo usikhuthaza ukuba sicabange njengaye futhi siphile ngokuvumelana nalokho asifundisa kona. Lokhu akusibophi, kunalokho kusinika ikhono elihle lokucabanga. (IHu. 92:5; IzAga 2:1-5; Isaya 55:9) Kusisiza senze izinqumo ezisenza sijabule, ngesikhathi esifanayo kusenza sivuthwe. (IHu. 1:2, 3) Ngempela, ukucabanga njengoJehova kuyasizuzisa!

UKUCABANGA KUKAJEHOVA KUPHAKEME KAKHULU

9, 10. Ukucabanga kukaJehova kuye kwabonakala kanjani kuphakeme kunokwaleli zwe?

9 Esinye isizathu esenza izikhonzi zikaJehova zifise ukucabanga njengaye siwukuthi ukucabanga kwakhe kuphakeme kakhulu kunokwaleli zwe. Leli zwe liye lanikeza iseluleko endabeni yokuziphatha, ukuphila komndeni, ukwaneliseka emsebenzini nakwezinye izici zokuphila. Okuningi kulokho elikushoyo akuvumelani nendlela kaJehova yokucabanga. Ngokwesibonelo, ukuvelela kuyinto ekhuthazwayo. Kunjalo nangokuziphatha okubi ngokocansi. Isehlukaniso nokudivosa ngenxa yezizathu ezingathi shu kubhekwa njengendlela yokuthola injabulo. Iseluleko esinjalo siyangqubuzana nemiBhalo. Kodwa ingabe sikhona iseluleko esivela kuleli zwe esingazuza kuso?

10 UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Math. 11:19) Leli zwe liye lathuthuka kakhulu kwezobuchwepheshe; nokho, liyehluleka ukulungisa izinkinga ezinkulu ezenza abantu bangajabuli, njengezimpi, ubandlululo nobugebengu. Kuthiwani ngendlela elikwamukela ngayo ukuziphatha okubi? Abantu abaningi bayavuma ukuthi ukuziphatha okubi akuzixazululi izinkinga, kodwa kudala uqhekeko emindenini, kubangele izifo nezinye izinkinga. Ngakolunye uhlangothi, amaKristu abheka izinto ngombono kaNkulunkulu anemindeni ejabulayo, aziphatha ngendlela ehlanzekile futhi anokuthula nabazalwane emhlabeni wonke. (Isaya 2:4; IzE. 10:34, 35; 1 Kor. 6:9-11) Ingabe lokhu akubonisi ukuthi indlela kaJehova yokucabanga iphakeme kuneyaleli zwe?

11. UMose waqondiswa ukucabanga kukabani, futhi waba yini umphumela?

11 Abakhulekeli beqiniso okukhulunywa ngabo eBhayibhelini baqaphela ukuthi ukucabanga kukaJehova kuphakeme. Ngokwesibonelo, nakuba uMose ayefundiswe “kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe,” wathembela kuNkulunkulu ukuba amnike “inhliziyo enokuhlakanipha.” (IzE. 7:22; IHu. 90:12) Waphinde wanxusa uJehova: “Ngenze ngazi izindlela zakho.” (Eks. 33:13) Eqondiswa yimicabango kaJehova, wadlala indima ephawulekayo ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu futhi wachazwa eBhayibhelini njengendoda yokholo.—Heb. 11:24-27.

12. Umphostoli uPawulu wayeyisekelaphi imibono yakhe?

12 Umphostoli uPawulu wayeyindoda ehlakaniphile nefundile, azi izilimi okungenani ezimbili. (IzE. 5:34; 21:37, 39; 22:2, 3) Yize kunjalo, lapho kufanele ahlulele phakathi kokulungile nokungalungile, wakulahla ukuhlakanipha kwezwe. Kunalokho, wayesekela imibono yakhe emiBhalweni. (Funda izEnzo 17:2; 1 Korinte 2:6, 7, 13.) Ngenxa yalokho, uPawulu waphumelela enkonzweni futhi wayelindele umvuzo wokuphila phakade.—2 Thim. 4:8.

13. Ubani onomthwalo wokuvumelanisa ukucabanga kwethu nokukaJehova?

13 Ngokuqinisekile, ukucabanga kukaNkulunkulu kuphakeme kunokwaleli zwe. Ukuphila ngokuvumelana nemicabango yakhe kuyosenza sijabule futhi siphumelele. Kodwa uJehova ngeke asiphoqe ukuba sicabange njengaye. “Inceku ethembekileyo neqondayo” nabadala abayilawuli imicabango yabantu. (Math. 24:45; 2 Kor. 1:24) Kunalokho, umKristu ngamunye unomthwalo wokuvumelanisa ukucabanga kwakhe nokukaNkulunkulu. Singakwenza kanjani lokho?

GWEMA UKUBUNJWA YILELI ZWE

14, 15. (a) Ukuze sicabange njengoJehova, yini okufanele sizindle ngayo? (b) NgokweyabaseRoma 12:2, kungani kumelwe sigweme ukuzondla ngemicabango yaleli zwe? Fanekisa.

14 KweyabaseRoma 12:2 sinikezwa lesi seluleko: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” La mazwi aphefumulelwe abonisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ukucabanga kwethu kwakubunjwe kanjani ngaphambi kokuba sithole iqiniso, singakwazi ukuvumelanisa ukucabanga kwethu nokukaNkulunkulu. Ngokwezinga elithile, ukucabanga kwethu kuthonywe ufuzo nezenzakalo zangesikhathi esidlule. Kodwa ingqondo iyakwazi ukushintsha. Ngokwezinga elikhulu, ushintsho olunjalo luyonqunywa yizinto esizifaka engqondweni yethu nalokho esikhetha ukugxila kukho. Ukuzindla ngendlela kaNkulunkulu yokucabanga kungasisiza siqiniseke ngokuthi imibono yakhe ilungile.

15 Nokho, phawula ukuthi ukuze sivumelanise ukucabanga kwethu nokukaJehova, kudingeka ‘siyeke ukulolongwa sifane nalesi simiso sezinto.’ Kumelwe siyeke ukufunza izingqondo zethu ngemibono engqubuzana nekaNkulunkulu. Ukubaluleka kokwenza lokhu kungafaniswa nokudla. Ukuze umuntu abe nempilo enhle angase akhethe ukudla ukudla okunomsoco. Kodwa kuyomsiza kanjani uma ngesikhathi esifanayo edla ukudla okubolile? Ngendlela efanayo, ngeke kuzuzise ukondla izingqondo zethu ngemicabango kaJehova sibe sizonakalisa ngemicabango yaleli zwe.

16. Yini okudingeka sizivikele kuyo?

16 Singakugwema yini ngokuphelele ukuzichaya ekucabangeni kwaleli zwe? Cha, asikwazi ukuphuma ngokoqobo kuleli zwe. Ngeke sikugweme ngokuphelele ukuthonywa yileli zwe. (1 Kor. 5:9, 10) Ukushumayela nje kukodwa kusenza sichayeke ezinkolelweni ezingamanga. Nokho, lapho singenakuyigwema imibono engqubuzana nekaNkulunkulu, akumelwe siyilalele noma siyamukele. NjengoJesu, kufanele sisheshe ukuyenqaba imicabango esekela injongo kaSathane. Ngaphezu kwalokho, singazivikela ekuchayekeni ngokungenasidingo ekucabangeni kwaleli zwe.—Funda izAga 4:23.

17. Yiziphi ezinye zezindlela esingagwema ngazo ukuzichaya ngokungenasidingo ekucabangeni kwezwe?

17 Ngokwesibonelo, kufanele siqaphe lapho sikhetha abangane. IBhayibheli lisixwayisa ngokuthi lapho sizisondeza kubantu abangamkhonzi uJehova, sizogcina sesicabanga njengabo. (IzAga 13:20; 1 Kor. 15:12, 32, 33) Kufanele sizikhethe kahle nezinto esizijabulisa ngazo. Ngokwenqaba ezokuzijabulisa ezigqugquzela imfundiso yokuziphendukela kwemvelo, udlame noma ukuziphatha okubi, sigwema ukungcolisa ukucabanga kwethu ngemibono ‘emelene nolwazi ngoNkulunkulu.’—2 Kor. 10:5.

Siyazisiza yini izingane zethu zigweme ezokuzijabulisa ezilimazayo? (Bheka izigaba 18, 19)

18, 19. (a) Kungani kumelwe sigweme imicabango yezwe ekhuthazwa ngezindlela ezicashile? (b) Yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona, futhi kungani?

18 Senza kahle ngokuqapha nangokugwema ukucabanga kwezwe okuqhamuka ngezindlela ezicashile. Ngokwesibonelo, umbiko wezindaba ungase uvezwe ngendlela evuna imibono ethile yezepolitiki. Indaba ephathelene nomuntu ingase igqugquzele umbono wezwe wokuzibekela imigomo nokuphumelela kuleli zwe. Ama-movie nezincwadi ezithile zikhuthaza ukuzicabangela wena kuphela nomndeni wakho, okwenza lokho ezikushoyo kubonakale kunengqondo futhi kulungile. Imibono enjalo iphikisana nombono wemiBhalo othi thina nemindeni yethu siyojabula kuphela uma sithanda uJehova ngaphezu kwanoma yini enye. (Math. 22:36-39) Ezinye izincwadi zezingane, nakuba zingezimbi ngempela, zingase zikhuthaze izingane ngezindlela ezicashile ukuba zamukele ukuziphatha okungafanele.

19 Lokhu akusho ukuthi kubi ukuzijabulisa okufanele. Noma kunjalo, senza kahle ngokuzibuza le mibuzo: ‘Ingabe siyakwazi ukuzibona izimfundiso zaleli zwe ngisho nalapho zikhuthazwa ngezindlela ezicashile? Ingabe thina nezingane zethu sibukela noma yiziphi izinhlelo ze-TV noma sifunda noma yiziphi izincwadi? Lapho izingane zethu zizwa futhi zibona indlela leli zwe elicabanga ngayo, ingabe siyazisiza zibe nombono kaJehova?’ Uma siwazi umehluko phakathi kokucabanga kukaNkulunkulu nokwezwe, singakwazi ukuyeka “ukulolongwa sifane nalesi simiso sezinto.”

UBANI OKUBUMBAYO MANJE?

20. Yini ezonquma ukuthi sikhetha ukubunjwa ubani?

20 Khumbula, mibili imithombo esingathola kuyo ulwazi—uJehova naleli zwe elibuswa uSathane. Yimuphi-ke umthombo osibumbayo thina? Impendulo incike ekutheni yimuphi umthombo thina esithola kuwo ulwazi. Uma samukela imibono yaleli zwe, iyobumba ukucabanga kwethu, bese siqala ukucabanga nokwenza izinto njengabantu baleli zwe. Yingakho kusemqoka ukuba sikuqaphe lokho esikucabangayo.

21. Yini ebalulekile esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

21 Njengoba kuveziwe ekuqaleni, ukuze sicabange njengoJehova, kumelwe senze okungaphezu kokuvikela izingqondo zethu ekuthonyweni izinto ezonakalisayo. Kumelwe sizondle nangemicabango kaNkulunkulu ukuze sicabange njengaye. Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi singakwenza kanjani lokho.

^ isig. 5 Iqiniso liwukuthi, ngisho nabantu abacabanga ngendlela ehlukile abakwazi ukukugwema ukuthonywa othile. Kungakhathaliseki ukuthi ucabanga ngento enkulu enjengesiqalo sokuphila noma unquma ukuthi uzogqokani, ngokwezinga elithile abantu bayathonyana. Nokho, singakwazi ukukhetha ukuthi ubani ozosithonya.