Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyayivumelanisa Imicabango Yakho NekaJehova?

Ingabe Uyayivumelanisa Imicabango Yakho NekaJehova?

“Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.”—ROMA 12:2.

IZINGOMA: 56, 123

1, 2. Njengoba sisondela nakakhulu kuJehova, yini esifunda ukuyenza? Fanekisa.

INGANE ithola isipho. Abazali bayo bathi kuyo, “Yithi ngiyabonga.” Ingane iyabonga kodwa hhayi ngokusuka enhliziyweni. Njengoba ikhula, iqala ukuyihlonipha indlela yokucabanga yabazali bayo futhi iyakwazisa lokho ekwenzelwa abanye. Manje sekulula ngayo ukubonga ngokusuka enhliziyweni. Kungani? Ngoba ukwazisa sekuyingxenye yokucabanga kwayo.

2 Ngendlela efanayo, lapho siqala ukufunda iqiniso, safunda ukubaluleka kokulalela izimfuneko zikaJehova. Kodwa njengoba siqhubeka sisondela kuJehova, sifunda okwengeziwe ngokucabanga kwakhe, okungukuthi izinto azithandayo nendlela abheka ngayo izinto. Ngokufunda ukucabanga ngendlela efanayo nangokuvumela ukucabanga okunjalo kuthonye izenzo zethu nezinqumo esizenzayo, sibonisa ukuthi senza imicabango kaJehova ibe ngeyethu.

3. Kungani kuyinselele ukwenza imicabango kaJehova ibe eyethu?

3 Nakuba kujabulisa ukufunda ukucabanga njengoJehova, kungaphinde kube yinselele. Ngezinye izikhathi singase siphazanyiswe ukucabanga kwethu okunesono. Ngokwesibonelo, kungase kube nzima ukuqonda umbono kaJehova mayelana nokuziphatha okuhlanzekile, ukuthanda izinto zaleli zwe, umsebenzi wokushumayela, ukusebenzisa kabi igazi noma okunye. Yini esingayenza? Singaqhubeka kanjani sithuthuka ekwenzeni ukucabanga kukaNkulunkulu kube okwethu? Ukwenza kanjalo kuyithinta kanjani indlela esenza ngayo izinto manje nasesikhathini esizayo?

UKWENZA IMICABANGO KANKULUNKULU IBE EYETHU

4. Yini ehilelekile ekulaleleni isikhuthazo sikaPawulu esithi ‘sishintshe ingqondo yethu’?

4 Funda eyabaseRoma 12:2. Umphostoli uPawulu lapha uchaza lokho okuhilelekile ekucabangeni njengoJehova. Isihloko esidlule sisisize saqonda ukuthi ukuze ‘siyeke ukulolongwa yilesi simiso sezinto,’ kumelwe siyenqabe imibono yaleli zwe nendlela yalo yokucabanga. Kodwa uPawulu waphinde waveza isidingo sokuba ‘sishintshe ingqondo yethu.’ Lokhu kuhilela ukutadisha iZwi likaNkulunkulu sinomgomo wokuqonda indlela yakhe yokucabanga, sizindle ngayo bese sivumelanisa ukucabanga kwethu nokukaNkulunkulu.

5. Chaza umehluko okhona phakathi kokufunda sikhe phezulu nokutadisha.

5 Ukutadisha akukhona nje ukufunda sikhe phezulu, kuhilela okungaphezu kokudwebela izimpendulo zemibuzo. Lapho sitadisha, sihlola lokho indaba esitshela khona ngoJehova, izindlela zakhe nangendlela yakhe yokucabanga. Sizama ukuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu esiyala ukuba senze okuthile bese esenqabela kokunye. Siphinde sicabange nangoshintsho okudingeka silwenze ekuphileni kwethu nasendleleni esicabanga ngayo. Nakuba singeke sizihlole zonke lezi zici ngaso sonke isikhathi lapho sifunda, siyazuza lapho okungenani sichitha ingxenye yesikhathi sokutadisha sizindla ngalokho esikufundayo.—IHu. 119:97; 1 Thim. 4:15.

6. Kwenzekani lapho sizindla ngemicabango kaJehova?

6 Lapho sizindla njalo ngeZwi likaNkulunkulu kwenzeka into emangalisayo. ‘Sizitholela ngokwethu’ ukuthi ukucabanga kukaJehova kuleyo ndaba kunembile. Siqala ukubona izinto ngendlela kaJehova futhi siqale nokuvumelana naleyo ndlela. Izingqondo zethu ‘ziyaguqulwa’ lapho sifunda indlela entsha yokucabanga. Ngemva kwesikhathi, sigcina sesicabanga njengoJehova.

IMICABANGO YETHU ITHINTA IZENZO ZETHU

7, 8. (a) Uyini umbono kaJehova ngokuceba? (Bheka izithombe ezisekuqaleni.) (b) Uma nathi sinombono ofanayo nokaJehova, yini esizoyibeka kuqala ekuphileni?

7 Ukucabanga akuhileli nje ingqondo, kodwa kuhilela nezenzo zethu. (Marku 7:21-23; Jak. 2:17) Ukuze sikubone kahle lokhu ake sihlole izibonelo ezimbalwa. Ngokwesibonelo, amaVangeli, asibonisa ngokucacile ukuthi uJehova ucabangani ngokuceba. UNkulunkulu wazikhethela abazali ababezokhulisa iNdodana yakhe, okwakungabantu ababengacebile. (Lev. 12:8; Luka 2:24) Ngesikhathi uJesu ezalwa, uMariya ‘wambeka emkhombeni, ngoba abayitholanga indawo egumbini lezihambi.’ (Luka 2:7) Ukube uJehova wayethanda, wayengabangela ukuba iNdodana yakhe izalelwe endaweni engcono. Kodwa, okwakubalulekile kuYe ukuba uJesu akhulele emndenini obheka ukumkhulekela njengento ebaluleke kakhulu.

8 Le ndaba isisiza sibone umbono kaNkulunkulu mayelana nokuceba. Abanye abazali bafuna ukuba izingane zabo zibe nezinto ezingcono neziphambili, ngisho noma lokho kungabulimaza ubuhlobo bezingane noJehova. Nokho, kuyacaca ukuthi kuJehova into ebalulekile ukuba nobuhlobo obuhle naye. Ingabe nawe unombono kaJehova kule ndaba? Izenzo zakho zona zembulani?—Funda eyamaHebheru 13:5.

9, 10. Singabonisa kanjani ukuthi sinombono ofanayo nokaJehova endabeni yokukhuba abanye?

9 Esinye isibonelo siveza umbono kaJehova mayelana nokukhuba abanye. UJesu wathi: “Noma ubani okhubekisa oyedwa kulaba abancane abakholwayo, bekuyoba kuhle kakhulu ngaye uma itshe lokugaya elinjengalelo eliphendulwa yimbongolo belingagaxwa entanyeni yakhe, aphonswe ngokoqobo olwandle.” (Marku 9:42) Kuyacaca ukuthi uJesu ukubheka njengento embi kakhulu ukukhuba abanye. Njengoba uJesu enobuntu obufana nobukaYise, singaqiniseka ukuthi uJehova naye uzizwa ngendlela efanayo lapho othile ekhuba omunye wabalandeli bakaJesu.—Joh. 14:9.

10 Ingabe nathi sinombono ofanayo nokaJehova noJesu? Ingabe izenzo zethu ziyakufakazela lokho? Ngokwesibonelo, ake sithi sithanda isitayela esithile sokugqoka noma esokuzilungisa esingase siphathe kabi abathile ebandleni noma esingenza abanye babe nemicabango engcolile. Ingabe ukuthanda abafowethu kuyosenza siziyeke izitayela esizithandayo?—1 Thim. 2:9, 10.

11, 12. Ukuba nombono kaNkulunkulu ngobubi nokufunda ukuzithiba kuyosivikela kanjani ekwenzeni okubi?

11 Nasi isibonelo sesithathu: UJehova uyakuzonda ukungalungi. (Isaya 61:8) Nakuba azi ukuthi kunzima ngathi ukwenza izinto ezilungile ngenxa yokuba nesono, ufuna sikuzonde njengaye ukungalungi. (Funda iHubo 97:10.) Ukuzindla ngokuthi kungani uJehova ebuzonda ububi kuzosisiza sibe nombono ofana nokaJehova, ukuze sibe namandla engeziwe okugwema okubi.

12 Ukuba nombono kaJehova ngokungalungi kuzosenza sibone ukuthi imikhuba ethile mibi, nakuba ingashiwo ngokuqondile eZwini likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kunomdanso lapho owesifazane ezihlikihla emathangeni owesilisa (lap dancing) osuthandwa emhlabeni namuhla. Abanye bangase bawuthethelele lo mdanso, bathi awufani nokwenza ucansi. * Kodwa ingabe izenzo ezinjalo zivumelana nokucabanga kukaNkulunkulu, oluzondayo lonke uhlobo lobubi? Masidede ekwenzeni okubi ngokufunda ukuzithiba nangokuzonda izinto uJehova azizondayo.—Roma 12:9.

NQUMA MANJE UKUTHI UZOSABELA KANJANI

13. Kungani kufanele sicabange kusengaphambili ukuthi uyini umbono kaNkulunkulu ngezinqumo okungase kudingeke sizenze esikhathini esizayo?

13 Lapho sitadisha, senza kahle ngokucabanga ngombono kaJehova ezimweni esingase sibhekane nazo esikhathini esizayo. Ngaleyo ndlela, uma sibhekana nesimo esidinga sithathe isinqumo ngaleso sikhathi, siyobe sikulungele futhi sazi ukuthi kufanele senzeni. (IzAga 22:3) Cabanga ngezibonelo ezimbalwa eziseBhayibhelini.

14. Yini esiyifunda kuJosefa ngokwenqaba ukulala nomkaPotifari?

14 Ngokwenqaba ukulala nomkaPotifari, uJosefa wabonisa ukuthi unombono kaJehova endabeni yokwethembeka emshadweni. (Funda uGenesise 39:8, 9.) Ngaphezu kwalokho, indlela aphendula ngayo umkaPotifari ethi: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” ibonisa ukuthi wayenombono kaNkulunkulu. Kuthiwani ngathi? Ake sithi umuntu osebenza naye useqala ukuzidlisa satshanyana. Kuthiwani uma uthunyelelwa imiyalezo evusa inkanuko noma isithombe somuntu onqunu kumakhalekhukhwini wakho? * Kulula kakhulu ukwenza isinqumo esihle uma sesinombono kaJehova ezintweni ezinjengalezi futhi sesinqumile ukuthi sizokwenzenjani.

15. NjengamaHebheru amathathu, singahlala kanjani siqotho kuJehova?

15 Manje ake sicabange ngesibonelo samaHebheru amathathu, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego. Ukwenqaba kwabo ngokuqinile ukukhulekela isithombe segolide esasimiswe iNkosi uNebukhadinezari kanye nendlela abayiphendula ngayo, kubonisa ukuthi babekucabange kusengaphambili ukuthi yini eyayihilelekile ekuhlaleni bethembekile kuJehova. (Eks. 20:4, 5; Dan. 3:4-6, 12, 16-18) Ake sithi umqashi wakho ukucela ukuba unikelele umcimbi ozokwenziwa, ohlobene nenkolo yamanga. Yini ozoyenza? Kunokuba ulinde zize zenzeke lezo zinto, kungani ungacabangi manje ngendlela uJehova azibheka ngayo? Ngakho, lapho zenzeka lezi zinto kuyoba lula ukuba wazi ukuthi yini okufanele uyenze noma uyisho, njengoba kwenza amaHebheru amathathu.

Ingabe ulwenzile ucwaningo, wagcwalisa ikhadi lakho legazi wabe usukhuluma nodokotela wakho? (Bheka isigaba 16)

16. Ukukuqonda kahle ukucabanga kukaJehova kungasisiza kanjani lapho silungiselela izimo zempilo eziphuthumayo?

16 Ukucabanga kusengaphambili ngesidingo sokuhlala siqotho kungaba usizo nalapho kuvela isimo esiphuthumayo sezempilo. Nakuba sizimisele ukugwema ukumpontshelwa igazi noma izingxenye zalo ezine eziyinhloko, okunye ukwelashwa okuhilela igazi kudinga ukuba senze izinqumo ezisekelwe ezimisweni zeBhayibheli ezibonisa ukuthi sicabanga njengoJehova. (IzE. 15:28, 29) Ngokuqinisekile asifuni ukucabanga ngalokho lapho sesisesibhedlela noma sisezinhlungwini futhi sesicindezelwa ukuba senze isinqumo ngokushesha. Manje yisikhathi esikahle sokucwaninga, sigcwalise ikhadi legazi elichaza lokho esikunqumile bese sikhuluma nodokotela wethu. *

17-19. Kungani kubalulekile ukuba sifunde manje indlela uJehova acabanga ngayo ezimweni ezihlukahlukene? Nikeza isibonelo.

17 Ekugcineni, cabanga ngendlela uJesu amphendula ngayo ngokushesha uPetru lapho emnika iseluleko esingahlakaniphile esithi: “Yiba nomusa kuwe Nkosi.” Kubonakala sengathi uJesu wayezinike isikhathi sokucabanga kusengaphambili ngentando kaNkulunkulu ngaye nangemiBhalo eyayikhuluma ngokuphila nokufa kwakhe emhlabeni. Lolu lwazi lwamnika amandla okunamathela esinqumweni sakhe sokuhlala ethembekile nesokunikela ngokuphila kwakhe.—Funda uMathewu 16:21-23.

18 Namuhla, intando kaNkulunkulu ngabantu bakhe iwukuba babe nobuhlobo obuseduze naye futhi bahlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokushumayela. (Math. 6:33; 28:19, 20; Jak. 4:8) Njengoba kwenzeka kuJesu, abantu abasifisela okuhle bangase bazame ukusichezukisa kulokhu. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma umqashi wakho ekunika isikhundla emsebenzini noma ekukhuphulela iholo kodwa leso sikhundla sikuphazamisa ekukhonzeni uJehova? Uma usafunda isikole, ake sithi unikwa umfundaze ozokwenza uhambe ekhaya. Ingabe ngaleso sikhathi kuyodingeka ukuba uthandaze bese uyacwaninga, ukhulume nomndeni wakho noma abadala bebandla bese wenza isinqumo? Kungani ungafundi manje indlela uJehova acabanga ngayo ngalezi zinto bese ulwela ukucabanga njengaye? Lokhu kuyokusiza ukuba uma kwenzeka ubhekana naleso simo, ukwazi ukwenza isinqumo esihlakaniphile. Lapho usunqumile ukuthi yini ozoyenza futhi uzimisele ukuyenza, kuyoba lula ukwenza ngokuvumelana nalokho okunqumile.

19 Cishe ungacabanga ngezinye izimo ezingase ziqhamuke ungalindele. Kuyiqiniso ukuthi asikwazi ukuzilungiselela zonke izimo ezingavela. Kodwa uma sizindla ngokucabanga kukaJehova lapho sitadisha, cishe siyokukhumbula esiye sakutadisha futhi sikwazi ukukusebenzisa esimweni ngasinye esibhekana naso. Ngakho, masikukhumbule ukubaluleka kokwazi ukucabanga kukaJehova ezindabeni ezihlukahlukene, sicabange njengaye futhi sihlole indlela ukuba nombono kaJehova okuthinta ngayo esikwenza manje nesiyokwenza esikhathini esizayo.

IMICABANGO KAJEHOVA NEKUSASA LAKHO

20, 21. (a) Kungani siyoyijabulela inkululeko yethu ezweni elisha? (b) Singayithola kanjani injabulo manje?

20 Siyalilangazelela izwe elisha. Abaningi kithi balangazelela ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Lapho sekubusa uMbuso, isintu siyokhululwa ezinsizini ezibangelwa yileli zwe likaSathane. Ngisho nasezweni elisha, abantu bayoqhubeka besebenzisa inkululeko yabo yokuzikhethela. Umuntu ngamunye uyokwenza izinqumo ezisekelwe kulokho akuthandayo nakufisayo.

21 Kodwa lokho akusho ukuthi siyobe sinenkululeko engenamingcele. Ngokuphathelene nokuthi yini elungile nengalungile, abamnene bayoqondiswa yimithetho kaJehova nendlela acabanga ngayo. Lokho kuyosijabulisa futhi siyoba nokuthula okungapheli. (IHu. 37:11) Okwamanje, ngokwezinga elithile singajabula uma senza ukucabanga kukaJehova kube okwethu.

^ isig. 12 I-lap dancing ichazwa ngokuthi “isenzo lapho umdansi ogqoke kuphela into yangaphansi ehlala futhi ezihlikihla ethangeni lekhasimende.” Kuye ngokuthi lokhu kwenzeke kanjani, lesi senzo singabhekwa njengokuziphatha kabi ngokocansi okungase kudinge ukuba kumiswe ikomiti yokwahlulela. UmKristu oye wahileleka kulokhu kufanele acele usizo kubadala.—Jak. 5:14, 15.

^ isig. 14 Ukuthumela imiyalezo evusa inkanuko, izithombe noma amavidiyo kumakhalekhukhwini kubizwa ngokuthi i-sexting. Kuye ngokuthi kwenzekeni, kungase kumiswe ikomiti yokwahlulela. Kwezinye izimo, intsha eye yahileleka kulokhu iye yabekwa icala lokuhlukumeza ngokocansi. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, ngena ku-jw.org ukuze ufunde isihloko esithi “Intsha Iyabuza—Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?” (Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.) Noma bheka isihloko esithi “Indlela Yokukhuluma Nengane Yakho Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi” kuyi-Phaphama! kaNovemba 2013, kk. 4-5.

^ isig. 16 Kuye kwaxoxwa ngezimiso zeBhayibheli eziqondene nalokhu ezincwadini zethu. Ngokwesibonelo bheka incwadi ethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu, kk. 215-217.