Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 45

Indlela Umoya Ongcwele Osisiza Ngayo

Indlela Umoya Ongcwele Osisiza Ngayo

“Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—FIL. 4:13.

INGOMA 104 Isipho SikaNkulunkulu Somoya Ongcwele

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Yini esisiza sikwazi ukukhuthazelela ubunzima esibhekana nabo usuku nosuku? Chaza. (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

“LAPHO ngicabanga ngobunzima esengidlule kubo, ngiyazi ukuthi bengingeke ngikwazi ukubhekana nabo ngamandla ami.” Ingabe nawe uke uwasho amazwi afana nalawa? Abaningi kithi bayawasho. Mhlawumbe wawasho ngemva kokucabanga ngendlela owakwazi ngayo ukukhuthazelela ukugula okubi noma ukushonelwa umuntu omthandayo. Uma ubheka emuva, uyabona ukuthi wakwazi ukukhuthazela usuku nosuku ngenxa yokuthi umoya ongcwele kaJehova wawukunika “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Kor. 4:7-9.

2 Siphinde sincike emoyeni ongcwele ukuze silwe nethonya elibi laleli zwe elibi. (1 Joh. 5:19) Ngaphezu kwalokho, kufanele silwe “nebandla lomoya ababi.” (Efe. 6:12) Ngakho manje sizoxoxa ngezindlela ezimbili umoya ongcwele osisiza ngazo ukuze sibhekane nazo zonke lezi zinkinga. Sizobe sesixoxa nangokuthi yini thina esingayenza ukuze umoya ongcwele usisize ngokugcwele.

UMOYA ONGCWELE USINIKA AMANDLA

3. Iyiphi enye indlela uJehova asisiza ngayo ukuze sikhuthazelele izinkinga?

3 Umoya ongcwele kaJehova uyasisiza ngokusinika amandla okwenza konke okudingeka sikwenze ngisho noma sibhekana nezilingo. Umphostoli uPawulu wakwazi ukuqhubeka ekhonza uJehova naphezu kwezilingo ngenxa yokuthi wayethembele ‘emandleni kaKristu.’ (2 Kor. 12:9) Phakathi nohambo lwakhe lwesibili njengesithunywa sevangeli, uPawulu akagcinanga nje ngokuzikhandla ekushumayeleni kodwa wayesebenza ukuze aziphilise. Wayehlala eKorinte emzini ka-Akhwila noPrisila. Babenza amatende. Ngenxa yokuthi uPawulu naye wayenza amatende, wayesebenza nabo ngezinsuku ezithile. (IzE. 18:1-4) Umoya ongcwele wanika uPawulu amandla okwenza umsebenzi wokuziphilisa nawokufeza inkonzo yakhe.

4. Ngokweyesi-2 Korinte 12:7b-9, iyiphi inkinga uPawulu abhekana nayo?

4 Funda eyesi-2 Korinte 12:7b-9. Kula mavesi, wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi ‘uneva enyameni’? Uma uhlatshwe iva uzwa ubuhlungu obukhulu. Ngakho uPawulu wayesho ukuthi wayebhekene nenkinga eyayimzwisa ubuhlungu. Le nkinga wayibiza ngokuthi “ingelosi kaSathane” eyayilokhu ‘imshaya.’ USathane noma amademoni akhe kungenzeka abazange bayibangele ngokuqondile le nkinga kaPawulu, njengokungathi yibona ababemhlaba ngeva. Kodwa lapho le mimoya emibi ibona ukuthi uPawulu uhlatshwe “iva,” kungenzeka yasizakala, yalicindezela kakhulu enyameni yakhe ukuze ezwe ubuhlungu obukhulu. Yini uPawulu ayenza?

5. UJehova wayiphendula kanjani imithandazo kaPawulu?

5 Ekuqaleni, wayefuna uJehova alisuse leli “va.” Wathi: “Ngayincenga kathathu iNkosi [uJehova] ukuba lisuke kimi.” Naphezu kwemithandazo kaPawulu, uJehova akazange alikhiphe iva enyameni yakhe. Ingabe lokhu kusho ukuthi uJehova akayiphendulanga imithandazo kaPawulu? Lutho neze. Wamphendula. UJehova akazange ayisuse inkinga, kodwa wanika uPawulu amandla okuyikhuthazelela. UJehova wathi: “Amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” (2 Kor. 12:8, 9) Ngosizo lukaNkulunkulu, uPawulu waqhubeka ejabule futhi enokuthula kwengqondo!—Fil. 4:4-7.

6. (a) UJehova angase ayiphendule kanjani imithandazo yethu? (b) ImiBhalo ekulesi sigaba ikuqinisekisa ngani?

6 NjengoPawulu, wake wamcela yini uJehova ukuba aqede inkinga obhekene nayo? Uma inkinga yaqhubeka noma yaba yimbi nakakhulu naphezu kokuthandaza kaningi, ingabe lokho kwenza wakhathazeka ngokuthi mhlawumbe uJehova akajabule ngawe? Uma kunjalo, khumbula isibonelo sikaPawulu. UJehova wayiphendula imithandazo yakhe, ngakho ngokuqinisekile uzoyiphendula neyakho! Angase angayiqedi inkinga obhekene nayo. Kodwa ngomoya ongcwele, uzokunika amandla owadingayo ukuze uyikhuthazelele. (IHu. 61:3, 4) Inkinga ingase ikuqumbe phansi, kodwa uJehova ngeke akushiye.—2 Kor. 4:8, 9; Fil. 4:13.

UMOYA ONGCWELE UYASISIZA SIQHUBEKE SIKHONZA UJEHOVA

7-8. (a) Umoya ongcwele ufana kanjani nomoya onamandla? (b) UPetru wayichaza kanjani indlela umoya ongcwele osebenza ngayo?

7 Iyiphi enye indlela umoya ongcwele osisiza ngayo? Umoya ongcwele singawufanisa nomoya onamandla. Umkhumbi ungaqhutshwa umoya oshaya ngamandla uze uyofika ngokuphephile lapho uya khona ngisho noma ulwandle luthukuthele. Ngendlela efanayo, umoya ongcwele ungasisiza sikwazi ukuqhubeka sikhonza uJehova naphezu kwezinkinga esibhekana nazo, size siyongena ezweni elisha uNkulunkulu asithembise lona.

8 Njengomdobi, umphostoli uPetru wayevamile ukuhamba ngomkhumbi. Mhlawumbe yilesi isizathu esenza ukuba asebenzise igama okungenzeka lihlobene nokuhamba ngomkhumbi ukuze achaze ukusebenza komoya ongcwele. Wabhala: “Isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Pet. 1:21.

9. Yini uPetru ayefuna siyicabange lapho ethi abantu “babeqhutshwa” umoya ongcwele?

9 Yini uPetru ayefuna siyicabange lapho ethi abantu “babeqhutshwa” umoya ongcwele? ULuka, umbhali wencwadi yezEnzo, wasebenzisa igama lesiGreki elinomqondo ofanayo lapho echaza umkhumbi ‘oqhutshwa’ umoya. (IzE. 27:15) Esinye isazi seBhayibheli sathi lapho uPetru ethi ababhali beBhayibheli “babeqhutshwa” umoya ongcwele, wasebenzisa “inkulumo eyayizokwenza abantu bacabange ngokuhamba ngomkhumbi.” Ngakho uPetru wayethi njengoba nje umkhumbi uqhutshwa umoya ukuze ufike lapho uya khona, abaprofethi nababhali beBhayibheli baqhutshwa umoya ongcwele ukuze bafeze isabelo sabo. Lesi sazi sathi: “Abaprofethi kwakunjengokungathi bakhuphula oseyili babo.” UJehova wabe esenza ingxenye yakhe. Wabaqhuba ngomoya onamandla, umoya ongcwele. Ababhali beBhayibheli nabo benza eyabo ingxenye. Bawuvumela umoya ongcwele ukuba ubaqhube.

ISINYATHELO 1: Yenze njalo imisebenzi uJehova alindele ukuba siyenze

ISINYATHELO 2: Zikhandle ngawo wonke amandla akho ekwenzeni le misebenzi (Bheka isigaba 11) *

10-11. Iziphi izinyathelo ezimbili okudingeka sizithathe ukuze siqiniseke ukuthi siqhutshwa umoya ongcwele? Fanekisa.

10 Namuhla, uJehova akawusebenzisi umoya ongcwele ukuze asize abantu babhale iBhayibheli. Noma kunjalo, umoya ongcwele usabaqondisa abantu bakaNkulunkulu. UJehova usayenza ingxenye yakhe. Singazuza kanjani emoyeni ongcwele kaNkulunkulu? Kudingeka siqiniseke ukuthi nathi siyaqhubeka senza eyethu ingxenye. Kanjani?

11 Cabanga ngalesi sibonelo. Ukuze lisizwe umoya, itilosi kumelwe lenze izinto ezimbili. Okokuqala, kumelwe libeke isikebhe salo lapho umoya ushaya ngakhona. Phela isikebhe ngeke sihambe uma sikude le nalapho umoya ushaya ngakhona. Okwesibili, kudingeka liphakamise futhi libavule ngokugcwele oseyili. Ngisho noma umoya ukhona, isikebhe siyohamba kuphela uma oseyili bephephethwa umoya. Ngendlela efanayo, sizokwazi ukukhuthazela ekukhonzeni uJehova ngosizo lomoya ongcwele kuphela. Ukuze siwuthole, kunezinto ezimbili okumelwe sizenze. Okokuqala, kumelwe sibe lapho umoya kaNkulunkulu usebenza khona ngokwenza imisebenzi eqondiswa yiwo. Okwesibili, kudingeka sibavule ngokugcwele oseyili ngokuthi sizikhandle ngamandla onke ekwenzeni le misebenzi. (IHu. 119:32) Uma senza lokhu, umoya ongcwele uyosiqhuba emagagasini awukuphikiswa nezilingo futhi uyosisiza sikhuthazele ngokwethembeka ekukhonzeni uNkulunkulu size singene ezweni elisha.

12. Yini manje esizoxoxa ngayo?

12 Sesixoxe ngezindlela ezimbili umoya ongcwele osisiza ngazo. Umoya ongcwele usinika amandla futhi uyasisiza sihlale sithembekile lapho sibhekene nezilingo. Umoya ongcwele usisiza nokuba sizikhandle ekwenzeni umsebenzi kaJehova futhi sihlale endleleni eya ekuphileni okuphakade. Manje sizoxoxa ngezinto ezine okumelwe sizenze ukuze sizuze ngokugcwele emoyeni ongcwele.

INDLELA YOKUZUZA NGOKUGCWELE EMOYENI ONGCWELE

13. Ngokweyesi-2 Thimothewu 3:16, 17, imiBhalo ingasisiza kanjani, kodwa yini thina okumelwe siyenze?

13 Okokuqala, tadisha iZwi likaNkulunkulu. (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.) UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ukuze ‘aphefumulele’ noma afake imicabango yakhe ezingqondweni zababhali beBhayibheli. Uma sifunda iBhayibheli futhi sizindla ngalokho esikufundayo, imiyalo kaNkulunkulu ingena ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu. Le miyalo isenza siphile ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. (Heb. 4:12) Kodwa ukuze sizuze ngokugcwele emoyeni ongcwele, kumelwe sibe nesikhathi sokutadisha iBhayibheli njalo futhi sizindle ngalokho esikufundayo. Ngaleyo ndlela, iZwi likaNkulunkulu liyoqondisa esikushoyo nesikwenzayo.

14. (a) Kungani singathi kunomoya ongcwele emihlanganweni yobuKristu? (b) Lapho sisemihlanganweni, yini eyosisiza sizuze ngokugcwele ekusebenzeni komoya ongcwele?

14 Okwesibili, khonza uJehova nebandla. (IHu. 22:22) Emihlanganweni yethu kunomoya kaJehova. (IsAm. 2:29) Kungani sisho kanjalo? Yingoba lapho sihlangana nabafowethu, sithandazela umoya ongcwele, sicula izingoma zoMbuso ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu futhi silalela izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezinikezwa abafowethu abamiswe umoya ongcwele. Umoya ongcwele usiza nodade ukuba balungiselele futhi bafeze izabelo zabo. Nokho, ukuze sizuze ngokugcwele emoyeni ongcwele, kudingeka sifike emihlanganweni silungiselele ukuze siphendule. Ngaleyo ndlela, siya emihlanganweni sibavule ngokugcwele oseyili.

15. Umoya ongcwele usisiza kanjani lapho senza umsebenzi wokushumayela?

15 Okwesithathu, shumayela. Lapho sisebenzisa iBhayibheli ukuze sishumayele futhi sifundise, sisuke sivumela umoya ongcwele ukuba usisize enkonzweni yethu. (Roma 15:18, 19) Nokho, ukuze sizuze ngokugcwele emoyeni kaNkulunkulu, kumelwe sishumayele njalo futhi sisebenzise iBhayibheli noma nini lapho sithola ithuba lokwenza kanjalo. Enye indlela engakusiza ukuze uphumelele enkonzweni yakho ukusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho kuyi-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu.

16. Iyiphi indlela eqondile yokuthola umoya ongcwele?

16 Okwesine, thandaza kuJehova. (Math. 7:7-11; Luka 11:13) Indlela eqondile yokuthola umoya ongcwele iwukuwucela kuJehova ngomthandazo. Akukho okungavimba imithandazo yethu ukuba ifike kuJehova noma kuvimbe ukuba sisithole lesi sipho esiwumoya kaNkulunkulu. Umoya ongcwele uyosisiza ngisho noma sivalelwe ejele, noSathane akukho angakwenza ukuze asivimbele ukuba siwuthole. (Jak. 1:17) Kufanele sithandaze kanjani ukuze sizuze ngokugcwele emoyeni ongcwele? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sixoxe kabanzi ngomthandazo ngokuhlola umfanekiso otholakala eVangelini likaLuka kuphela. *

PHIKELELA EMTHANDAZWENI

17. Yisiphi isifundo esisifunda ngokuthandaza emfanekisweni kaJesu okuLuka 11:5-9, 13?

17 Funda uLuka 11:5-9, 13. Umfanekiso kaJesu ubonisa indlela yokuthandazela umoya ongcwele. Kulo mfanekiso, le ndoda yakuthola eyayikudinga ‘ngenxa yokuphikelela kwayo ngesibindi.’ Yayingesabi ukucela usizo kumngane wayo ngisho noma kwase kusebusuku kakhulu. * (Luka 11:8) UJesu wathi lo mfanekiso usifundisani ngomthandazo? Wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” Sifundani-ke thina? Ukuze sithole umoya ongcwele, kumelwe siphikelele emthandazweni.

18. Ngokomfanekiso kaJesu, kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uyosinika umoya ongcwele?

18 Umfanekiso kaJesu usisiza nokuba sibone ukuthi kungani uJehova eyosinika umoya ongcwele. Indoda okukhulunywa ngayo kulo mfanekiso yayifuna ukubungaza isivakashi sayo. Yazizwa iphoqelekile ukuba isinikeze ukudla nakuba sasifike ebusuku, kodwa yayingenalutho eyayingasinika kona. UJesu wathi umakhelwane wayo wayinika isinkwa ngoba yaphikelela ngesibindi lapho icela. Laliyini iphuzu likaJesu? Uma umuntu onesono ezimisele ukusiza umakhelwane wakhe ophikelelayo, uBaba wethu osezulwini onomusa uyobanika nakanjani umoya ongcwele labo abaphikelelayo lapho bewucela! Ngakho, singathandaza siqiniseka ngokuthi uJehova uzosiphendula lapho sicela umoya ongcwele.—IHu. 10:17; 66:19.

19. Kungani singaqiniseka ngokuthi sizokwazi ukukhuthazela?

19 Singaqiniseka ngokuthi sizonqoba nakuba uSathane engayeki ukulwa nathi. Kungani? Yingoba umoya ongcwele usisiza ngezindlela ezimbili. Okokuqala, usinika amandla esiwadingayo okunqoba izilingo. Okwesibili, ungamandla asisiza sikwazi ukuqhubeka sikhonza uJehova size singene ezweni elisha. Masizimisele ukuzuza ngokugcwele osizweni lomoya ongcwele!

INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami

^ par. 5 Lesi sihloko sichaza indlela umoya ongcwele kaNkulunkulu ongasisiza ngayo ukuze sikwazi ukukhuthazela. Sixoxa nangokuthi yini thina esingayenza ukuze umoya ongcwele usisize ngokugcwele.

^ par. 16 ULuka nguye ogcizelela kunabo bonke ababhali bamaVangeli ukuthi umthandazo wawubalulekile ekuphileni kukaJesu.—Luka 3:21; 5:16; 6:12; 9:18, 28, 29; 18:1; 22:41, 44.

^ par. 17 Bheka iphuzu lokucwaninga elithi “yokuphikelela kwakhe ngesibindi” kuyi-Zikhombo ZeNcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo zikaJulayi 2018, k. 5.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: ISINYATHELO 1: Umzalwane nodade bangena eHholo LoMbuso. Ngokuhlangana namanye amaKristu, baba sendaweni lapho umoya kaJehova usebenza khona. ISINYATHELO 2: Baye balungiselela ukuze baphendule. Kumelwe sizikhandle ukuze sizuze ngokugcwele emoyeni kaNkulunkulu nakokunye okukhulunywe ngako kulesi sihloko: ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, ukushumayela nokuthandaza kuJehova.