Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Onésime noGéraldine

Izibusiso Ezicebile Ezitholwa Yilabo Ababuyela Emazweni Akubo

Izibusiso Ezicebile Ezitholwa Yilabo Ababuyela Emazweni Akubo

ABAZALWANE nodade abaningi abahamba emazweni akubo asathuthuka bayofuna amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe sebebuyele emazweni akubo. Ngenxa yokuthi bathanda uJehova nabantu sebethuthele ezindaweni ezidinga abamemezeli boMbuso abengeziwe. (Math. 22:37-39) Yikuphi ukuzidela abakwenzile futhi yiziphi izibusiso abazitholile? Ukuze siphendule leyo mibuzo, ake sigxile ezweni laseCameroon elisentshonalanga ye-Afrika.

“‘UKUDOBA’ ENDAWENI EKAHLE”

Umfoweth’ u-Onésime wahamba ezweni lakubo laseCameroon ngo-1998. Wayehlala kwelinye izwe iminyaka engu-14. Ngolunye usuku esemhlanganweni wobuKristu, wezwa umfanekiso okhuluma ngomsebenzi wokushumayela. Isikhulumi sathi, “Uma abangane ababili bedoba ezindaweni ezingafani, bese omunye wabo ebamba izinhlanzi eziningi kunalo omunye, umngane obamba izinhlanzi ezincane ubengeke yini ahambe ayodoba la okudoba khona umngane obamba izinhlanzi eziningi?”

Lowo mfanekiso wenza u-Onésime wacabanga ngokuphindela eCameroon, lapho babebaningi khona abantu ababefuna ukufunda iBhayibheli, ukuze ayosiza abamemezeli bakhona. Kodwa kunezinto ezazimkhathaza. Wayezokwazi yini ukuphinde akujabulele ukuhlala eCameroon njengoba ayesehambe iminyaka eminingi kangaka? Ukuze abone ukuthi wayezokwazi yini, u-Onésime wavakashela eCameroon izinyanga eziyisithupha. Wabe esethuthela khona ngo-2012, eseyohlala khona unomphela.

U-Onésime uthi: “Kwakumelwe ngijwayele ukuhlala endaweni eshisayo, ngifunde nezimo zokuphila ezihlukile. EHholo LoMbuso, kwakumelwe ngiphinde ngijwayele ukuhlala ebhentshini elibuhlungu.” Emoyizela uthi, “Kodwa ukugxila kulokho okwakufundiswa emhlanganweni kwakungenza ngiyeke ukucabanga ngezihlalo ezintofontofo.”

Ngo-2013, u-Onésime washada noGéraldine, owayephindele eCameroon ngemva kokuhlala eFrance iminyaka engu-9. Yiziphi izibusiso abazithola ngokugxila ekwenzeni umsebenzi kaNkulunkulu? U-Onésime uthi: “Saya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso ndawonye, sakhonza naseBethel. Ngonyaka odlule, ebandleni esikulo kubhapathizwe abantu abafundelwa iBhayibheli abangu-20. Ngiyabona ukuthi manje ‘sengidoba’ endaweni ekahle.” (Marku 1:17, 18) UGéraldine uyanezela: “Ngithole izibusiso eziningi engingakaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngizithole.”

INJABULO YOKUFUNDA NABANTU BAZE BABHAPATHIZWE

UJudith noSam-Castel

UJudith wathuthela e-United States, kodwa wayefisa ukwenzela uJehova okwengeziwe. Uthi, “Njalo lapho ngivakashele ekhaya eCameroon ngangikhala uma sengihamba ngoba ngangisuke ngishiya abantu abaningi engase ngiqale ukufunda nabo iBhayibheli.” Nokho, uJudith wayenqikaza ukuphindela eCameroon. Umsebenzi ayewenza wawumholela kahle futhi wayekwazi ukukhokhela izindleko zokwelashwa zikababa wakhe owayeseCameroon. Nokho, ngenxa yokuthembela kuJehova, uJudith wakwazi ukuphindela eCameroon. Uyavuma ukuthi wayekukhumbula ukuphila okuntofontofo kwase-United States. Wathandaza kuJehova emcela amsize ajwayele ukuphila kwakhe okusha, wasizwa nayisikhuthazo asithola kumbonisi wesigodi nomkakhe.

Uma ebheka emuva, uJudith uthi, “Phakathi neminyaka emithathu, ngajabulela ukufunda nabantu abane abagcina bebhapathiziwe.” UJudith waba yiphayona elikhethekile. Namuhla ukhonza nomyeni wakhe uSam-Castel, benza umsebenzi wokujikeleza. Kodwa kwenzekani ngobaba kaJudith? UJudith nomndeni wakhe bakwazi ukuthola isibhedlela sakwelinye izwe esavuma ukukhokhela izindleko zakhe zokuhlinzwa. Kuyajabulisa ukuthi ukuhlizwa kwakhe kwahamba kahle.

SIYIBONILE INDLELA UJEHOVA ASISEKELE NGAYO

UCaroline noVictor

Umzalwane uVictor wathuthela eCanada. Ngemva kokufunda isihloko se-Nqabayokulinda esikhuluma ngemfundo ephakeme, wacabanga ngezifundo ayezozenza. Akabange esafunda eyunivesithi, kodwa wafundela ikhono elithile ayengeke alifundele isikhathi eside. Uthi: “Ukwenza kanjalo kwangisiza ngasheshe ngawuthola umsebenzi, ngakwazi ukwenza lokho okwase kukade ngifisa ukukwenza—ukuphayona.” Kamuva uVictor washada noCaroline, lapho sebeshadile bavakashela eCameroon. Ngesikhathi beseCameroon bevakashele ihhovisi legatsha lakhona, abanye abazalwane babakhuthaza ukuba bakucabangele ukuzokhonza eCameroon. UVictor uthi, “Sasingenaso isizathu sokunqaba, futhi njengoba sasiphila ukuphila okulula sasingasamukela leso simemo.” Nakuba uCaroline ayebuye ahlushwe ukugula, banquma ukuthuthela eCameroon.

UVictor noCaroline baba amaphayona avamile ukuze basize bonke abantu ababebashumayeza ababethanda ukufunda iBhayibheli. Ekuqaleni kwakungadingeki basebenze ngoba babesebenzisa imali ababeyibekile. Ngemva kwesikhathi esithile, basebenza eCanada izinyanga ezimbalwa, okwabenza bakwazi ukuphindela eCameroon baqhubeka nokuphayona. Yiziphi izibusiso abazitholile? Baya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso, bakhonza njengamaphayona akhethekile futhi manje sebekhonza emsebenzini wokwakha. UVictor uthi, “Ukushiya ukuphila okunethezekile esase sikujwayele kusenze sayibona indlela uJehova asisekele ngayo.”

INJABULO YOKUSIZA ABANTU BANIKEZELE UKUPHILA KWABO KUJEHOVA

UStéphanie no-Alain

Ngo-2002, u-Alain, owayefunda eyunivesithi yaseJalimane, wafunda ipheshana elithi Basha—Nizokwenzani Ngokuphila Kwenu? Akufunda kwamenza wazibekela imigomo emisha. Ngo-2006, waya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, wabelwa ukuyokhonza eCameroon, izwe azalelwa kulo.

ECameroon, u-Alain wathola umsebenzi ayezosebenza kuwo izinsuku ezithile. Ngokuhamba kwesikhathi, wathola umsebenzi oholela kahle, kodwa wayekhathazwa ukuthi ngeke esaba naso isikhathi sokushumayela nokufundisa abantu njengasekuqaleni. Ngakho, lapho ecelwa ukuba abe yiphayona elikhethekile, wasamukela ngaphandle kokunqikaza leso sicelo. Umqashi wakhe wathi uzomnyusela umholo, kodwa u-Alain wenqaba, wanamathela esinqumweni sakhe sokuba yiphayona elikhethekile. Kamuva, u-Alain washada noStéphanie, owayehlala eFrance iminyaka. Yiziphi izinselele uStéphanie abhekana nazo lapho ethuthela eCameroon?

UStéphanie uthi: “Ngaba nezinkinga zempilo ezingatheni eziningana, ngavela notwayi, kodwa ngakwazi ukuthola amakhambi okuzelapha, ngasizakala.” U-Alain noStéphanie babusiswa ngokukhuthazela kwabo. U-Alain uthi: “Ngesikhathi siyoshumayela endaweni engafinyeleleki kalula ebizwa ngokuthi i-Katé, sathola abantu abaningana ababefuna ukufunda iBhayibheli. Kamuva sakwazi ukufunda nabo ngocingo. Ababili kubo babhapathizwa, kwamiswa neqembu labamemezeli.” UStéphanie uyanezela: “Ayikho into ejabulisa ukwedlula ukusiza abantu baze bazinikezele kuJehova. Ukukhonza lapha kusenze sajabula kakhulu.” Manje, u-Alain noStéphanie benza umsebenzi wokujikeleza.

“SENZA KONA KANYE LOKHO OKWAKUDINGEKA SIKWENZE”

ULéonce noGisèle

UGisèle wabhapathizwa ngesikhathi esesikoleni sokufundela ubudokotela e-Italy. Kwamthinta inhliziyo ukubona indlela indoda nomkayo abangamaphayona ababemfundela iBhayibheli ababephila ngayo ukuphila okulula futhi naye wayefuna ukwenza okwengenziwe enkonzweni. Ngakho, uGisèle waba yiphayona elivamile ngesikhathi eqedela izifundo zakhe.

UGisèle wayefisa ukubuyela eCameroon ukuze enzele uJehova okwengeziwe enkonzweni, kodwa kunezinto ezazimkhathaza. Uthi, “Kwakudingeka ngidele ilungelo lami lokuba isakhamuzi sase-Italy esisemthethweni futhi kwakudingeka ngishiye abangane bami nomndeni wami ohlala e-Italy.” Nakuba kunjalo, ngoMeyi 2016, uGisèle waphindela eCameroon. Ngokuhamba kwesikhathi, washada noLéonce futhi ihhovisi legatsha laseCameroon lasikisela ukuba baye e-Ayos, idolobha elalibadinga ngempela abamemezeli boMbuso abengeziwe.

Kwakunjani ukuphila e-Ayos? UGisèle uyalandisa: “Ugesi wawuvame ukuhamba amaviki futhi omakhalekhukhwini bethu babephelelwa i-battery. Isikhathi esiningi babengasebenzi. Ngafunda ukupheka ngomlilo obaswe phansi, sasikhanyisa amathoshi lapho siyokha amanzi emthonjeni ngamabhara ebusuku uma kungasagcwele kakhulu.” UGisèle nomyeni wakhe basikhuthazelela kanjani leso simo? UGisèle uthi: “Sasisizwa umoya kaJehova, ukusekelana, isikhuthazo esasisithola emndenini nakubangane kanye nemali ababesipha yona ngezikhathi ezithile.”

UGisèle uyajabula yini ngokuthi wabuyela ezweni lakubo? Uthi: “Yebo! Ngijabula kakhulu! Ekuqaleni kwakunzima futhi ngangidikibala, kodwa lapho sengiyinqobile leyo mizwa, mina nomyeni wami sabona ukuthi senza kona kanye lokho okwakudingeka sikwenze. Sithembele kuJehova futhi sizizwa sisondelene naye.” ULéonce noGisèle baya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso futhi manje bangamaphayona akhethekile esikhashana.

Njengabadobi ababhekana nezimo ezinzima ngesibindi ukuze babambe izinhlanzi eziningi, labo ababuyela emazweni akubo bazidela ngokuzithandela ukuze basize abantu abathanda umyalezo woMbuso. Akungabazeki ukuthi uJehova uzobakhumbula futhi ababusise laba bamemezeli abazikhandlayo ngenxa yothando abalubonise egameni lakhe. (Neh. 5:19; Heb. 6:10) Uma uhlala kwelinye izwe futhi kunesidingo sabamemezeli boMbuso ezweni lakini, ungakwazi yini ukubuyela khona? Uma wenza kanjalo, uJehova uzokubusisa ngokucebile.—IzAga 10:22.