Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 47

Luyobe Luqine Kangakanani Ukholo Lwakho?

Luyobe Luqine Kangakanani Ukholo Lwakho?

“Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. Bonisani ukholo.”​JOH. 14:1.

INGOMA 119 Kumelwe Sibe Nokholo

AMAZWIBELA *

1. Yimuphi umbuzo esingase sizibuze wona?

UYAKHATHAZEKA yini ngezinye izikhathi uma ucabanga ngezenzakalo ezisazokwenzeka​—ukubhujiswa kwenkolo yamanga, ukuhlasela kukaGogi wakwaMagogi nempi ye-Armagedoni? Uke uzibuze ukuthi, ‘Lapho kufika leso sikhathi, ngiyokwazi yini ukubhekana nalezo zenzakalo ezethusayo futhi ngihlale ngiqotho?’ Uma uke wazibuza lokhu, le ngxoxo yalokho uJesu akusho emBhalweni okusekelwe kuwo lesi sihloko, ingakusiza kakhulu. UJesu wathi kubafundi bakhe: “Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. Bonisani ukholo.” (Joh. 14:1) Ukholo oluqinile luyosisiza sibe nesibindi sokubhekana nekusasa.

2. Singaluqinisa kanjani ukholo lwethu futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Ukucabanga ngendlela esibhekana ngayo nezinto ezivivinya ukholo lwethu manje, kuzosisiza siqinise ukholo lwethu ukuze sikwazi ukukhuthazelela izilingo zangesikhathi esizayo. Uma sicabanga ngokuthi yini esiyenzayo manje lapho sibhekene novivinyo, singabona ukuthi ikuphi lapho kudingeka siqinise khona ukholo lwethu. Njalo lapho sinqoba uvivinyo, ukholo lwethu luqina nakakhulu. Lokhu kuzosisiza sikhuthazelele izilingo zangesikhathi esizayo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimo ezine abafundi bakaJesu ababhekana nazo ezabonisa ukuthi babedinga ukholo olwengeziwe. Sizobe sesixoxa ngokuthi nathi singase sibhekane kanjani nezimo ezifanayo nokuthi zingasisiza kanjani silungiselele ikusasa.

UKHOLO LOKUTHI UNKULUNKULU UZOSINIKA ESIKUDINGAYO UKUZE SIPHILE

Singase sibhekane nezimo zomnotho ezicindezelayo, kodwa ukholo lwethu luzosisiza sigxile ezintweni eziphathelene noMbuso (Bheka izigaba 3-6)

3. Njengoba kubhalwe kuMathewu 6:30, 33, yimaphi amaphuzu aphathelene nokholo uJesu awacacisa?

3 Kungokwemvelo ukuba inhloko yomndeni ifune umkayo nezingane babe nokudla okwanele, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. Kungase kungabi lula ukukwenza lokhu ngenxa yezikhathi ezinzima esiphila kuzo. Kwezinye izimo, abanye esikholwa nabo balahlekelwe imisebenzi futhi naphezu kokuzama kanzima, abayitholi eminye. Abanye baye benqaba imisebenzi engawafanele amaKristu. Kuzo zonke lezi zimo, kufanele sibe nokholo lokuthi ngandlela-thile uJehova uzosinika lokho esikudingayo thina nemindeni yethu. UJesu wakwenza kwacaca lokhu kubafundi bakhe eNtshumayelweni YaseNtabeni. (Funda uMathewu 6:30, 33.) Uma siqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova ngeke asilahle, sizokwazi ukugxila kulokho okufanele sigxile kukho​—izinto eziphathelene noMbuso. Lapho sibona indlela uJehova asisiza ngayo ngezinto esizidingayo, uzoba ngokoqobo nakakhulu kithi futhi ukholo lwethu luyoqina.

4-5. Yini eyasiza omunye umndeni wabhekana nokukhathazeka ngezidingo zawo zokuphila?

4 Cabanga ngendlela umndeni waseVenezuela owabona ngayo usizo lukaJehova ngesikhathi ukhathazeke ngezidingo zawo zokuphila. Umndeni wakwaCastro wawuthola imali eyanele ngokusebenza epulazini lawo. Kwabe sekufika iqembu lezigebengu elihlomile, lathatha indawo yabo, labaphoqa ukuba bashiye ipulazi labo. Ubaba wakhona uMiguel, uthi: “Manje sesiphila ngalokho esikwazi ukukulima endaweni encane esiyibolekile. Njalo ekuqaleni kosuku ngicela uJehova ukuba asinike lokho esizokudinga ngalolo suku.” Kunzima ukuphila kwalo mndeni, kodwa ngokholo oluqinile lokuthi uBaba wethu onothando uzokwazi ukunakekela izidingo zawo zansuku zonke, umndeni wakwaCastro uba khona njalo emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Izinto eziphathelene noMbuso uzibeka kuqala ekuphileni kwawo futhi uJehova uyazinakekela izidingo zawo.

5 Phakathi nabo bonke ubunzima ababhekane nabo, uMiguel nomkakhe uYurai baye bagxila endleleni uJehova abanakekele ngayo. Ngezinye izikhathi, uJehova usebenzise abakholwa nabo ukuba babasize ngezinto abazidingayo noma basize uMiguel athole umsebenzi. UJehova ubephinde asebenzise usizo oluvela ehhovisi legatsha ukuze bathole izidingo zabo eziyisisekelo. UJehova akakaze abalahle. Ngenxa yalokho, ukholo lomndeni wabo lwaqina. Ngemva kokuxoxa ngokuthile uJehova abasiza kukho, indodakazi yabo endala uYoselin ithi: “Kuthinta inhliziyo ukuyibona ngokucacile indlela uJehova asisize ngayo. Ngimbheka njengomngane engingahlala ngithembele kuye.” Uyanezela: “Uvivinyo esibhekane nalo njengomndeni lusenze salungela uvivinyo olunzima kakhulu lwangesikhathi esizayo.”

6. Lapho ubhekene nezimo zomnotho ezicindezelayo ungaluqinisa kanjani ukholo lwakho?

6 Ingabe ubhekene nezimo zomnotho ezicindezelayo? Uma kunjalo, cishe uthwele kanzima. Nokho, nakuba izimo zakho zinzima, ungasebenzisa lesi sikhathi ukuze uqinise ukholo lwakho. Thandaza futhi ufunde amazwi kaJesu akuMathewu 6:25-34, uzindle ngawo. Cabanga ngezibonelo zangosuku lwethu ezifakazela ukuthi uJehova uyabanakekela labo abazigcina bematasa enkonzweni yakhe. (1 Kor. 15:58) Ukwenza kanjalo kuzokwenza uqiniseke nakakhulu ukuthi uYihlo osezulwini uzokusiza njengoba eye wasiza abanye abanezimo ezifana nezakho. Uyakwazi okudingayo futhi unayo indlela yokukunika kona. Lapho ubona uJehova ekusiza, ukholo lwakho luzoqina nakakhulu, ukwazi ukukhuthazelela uvivinyo olunzima lwangesikhathi esizayo.—Hab. 3:17, 18.

UKHOLO LOKUKHUTHAZELELA ‘ISIPHEPHO ESIKHULU’

Ukholo oluqinile lungasisiza simelane nanoma isiphi isiphepho esikhulu, esingokoqobo noma esingokomfanekiso (Bheka izigaba 7-11)

7. NgokukaMathewu 8:23-26, ‘isiphepho esikhulu’ saluvivinya kanjani ukholo lwabafundi?

7 Lapho uJesu nabafundi bakhe bebhekene nesiphepho olwandle, wasebenzisa leso senzakalo ukuze abasize babone ukuthi babedinga ukholo olwengeziwe. (Funda uMathewu 8:23-26.) Njengoba isiphepho siqhubeka namagagasi emboza isikebhe, uJesu wayelele. Bethukile, abafundi bakhe bamvusa bacela ukuba abasindise, iNkosi yababuza: “Kungani nesaba kangaka, nina eninokholo oluncane?” Labo bafundi kwakufanele babone ukuthi uJehova wayezokwazi ukuvikela uJesu kanye nalabo ababenaye. Isiphi isifundo esisitholayo? Ukholo oluqinile lungasisiza simelane nanoma isiphi ‘isiphepho esikhulu,’ kungakhathaliseki ukuthi singokoqobo noma singokomfanekiso.

8-9. Lwavivinywa kanjani ukholo luka-Anel futhi yini eyamsiza?

8 Cabanga ngendlela olwaqina ngayo ukholo luka-Anel, udade ongashadile wasePuerto Rico, ngemva kokukhuthazelela isimo esinzima. Wabhekana “nesiphepho esikhulu” esingokoqobo. Uvivinyo lwaqala ngo-2017 lapho iSiphepho uMaria sicekela phansi umuzi ka-Anel. Waphelelwa umsebenzi ngenxa yaleso siphepho. U-Anel uthi, “Phakathi naleyo nkathi enzima ngazizwa ngicindezelekile, kodwa ngafunda ukuthembela kuJehova ngosizo lomthandazo, angizange ngivumele ukukhathazeka kungiphazamise.”

9 U-Anel uphawula okunye okwamsiza wabhekana novivinyo​—ukulalela. Uthi: “Ukulandela isiqondiso senhlangano kwangisiza ngahlala ngizolile. Ukuthola isikhuthazo esingokomoya kanye nezinto engangizidinga kubafowethu kwangenza ngabona isandla sikaJehova.” Uyanezela: “UJehova unginike okungaphezu kwalokho ebengingase ngikucele, futhi ukholo lwami luye lwaqina kakhulu.”

10. Yini ongayenza uma ubhekene “nesiphepho esikhulu”?

10 Ingabe ubhekene “nesiphepho esikhulu” ekuphileni kwakho? Mhlawumbe ubhekene nobunzima ngenxa yenhlekelele yemvelo. Noma kungase kube isiphepho esingokomfanekiso, njengokugula okubuhlungu okukwenza ukhungatheke, ungazi nokuthi wenzeni. Ngezinye izikhathi ungase ukhathazeke, kodwa ungavumeli ukukhathazeka kukwenze uyeke ukuthembela kuJehova. Sondela kuye ngomthandazo osuka enhliziyweni. Qinisa ukholo lwakho ngokuzindla ngendlela uJehova akusize ngayo ngokudlule. (IHu. 77:11, 12) Ungaqiniseka ngokuthi ngeke akushiye​—empeleni akasoze akushiya.

11. Kungani kufanele sizimisele ukulalela labo abaholayo?

11 Yini enye engakusiza ukhuthazelele uvivinyo? Njengoba u-Anel eshilo, ukulalela. Funda ukuthemba labo uJehova noJesu ababethembayo. Ngezinye izikhathi, abaholayo bangase bakhiphe isiqondiso esingasiqondi. Noma kunjalo, uJehova uzosibusisa uma silalela. Esikufunda eZwini lakhe nalokho okwenzeke ezincekwini ezithembekile kubonisa ukuthi ukulalela kusindisa ukuphila. (Eks. 14:1-4; 2 IziKr. 20:17) Zindla ngalezo zibonelo. Ukwenza kanjalo kuzokwenza uzimisele nakakhulu ukulandela isiqondiso senhlangano manje nasesikhathini esizayo. (Heb. 13:17) Lokho kuzokwenza ungabi nasizathu sokwesaba isiphepho esikhulu nakakhulu esizoba khona maduze.​—IzAga 3:25.

UKHOLO LOKUKHUTHAZELELA UKUNGABI NABULUNGISA

Ukuphikelela emthandazweni kuzoqinisa ukholo lwethu (Bheka isigaba 12)

12. Incwadi kaLuka 18:1-8 ibonisa kuphi ukuhlobana phakathi kokuba nokholo nokukhuthazelela ukungabi nabulungisa?

12 UJesu wayazi ukuthi ukungabi nabulungisa kwakuyovivinya ukholo lwabafundi bakhe. Ukuze abasize bakhuthazele, wabenzela umfanekiso osencwadini kaLuka. UJesu wakhuluma ngomfelokazi owayelokhu ecela ubulungisa kumahluleli ongalungile. Wayeqiniseka ngokuthi ukuphikelela kwakhe kuyophumelela. Ekugcineni, umahluleli wasiphendula isicelo sakhe. Sifundani? UJehova unobulungisa. Ngakho uJesu wathi: “Ngokuqinisekile, ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiwe abakhala kuye ubusuku nemini?” (Funda uLuka 18:1-8.) UJesu wabe esenezela: “Lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola lolu kholo emhlabeni?” Lapho sibhekene nokungabi nabulungisa, ukubekezela nokukhuthazela kwethu kuzobonisa ukuthi sinokholo oluqinile njengomfelokazi. Uma sinokholo olunjalo, singaqiniseka ukuthi uJehova uzosisiza. Kudingeka sibe nokholo nasemandleni omthandazo. Ngezinye izikhathi, imithandazo yethu ingaphendulwa ngezindlela ebesingazilindele.

13. Umthandazo wawusiza kanjani umndeni owaphathwa ngokungenabulungisa?

13 Cabanga ngalokho okwenzeka kuVero, udade ohlala eDemocratic Republic of the Congo. UVero, umyeni wakhe ongeyena uFakazi nendodakazi yabo eneminyaka engu-15 kwadingeka babaleke endaweni ababehlala kuyo lapho ihlaselwa iqembu lamasosha. Endleleni bavinjwa amasosha abasongela ngokubabulala. Lapho uVero eqala ukukhala, indodakazi yakhe yazama ukumduduza ngokuthandaza ngokuzwakalayo, isho igama likaJehova ngokuphindaphindiwe emthandazweni wayo. Lapho isiqedile, umqondisi weqembu lamasosha wayibuza, “Ntombazane, ubani owakufundisa ukuthandaza?” Yaphendula, “Ngafundiswa umama, esebenzisa isibonelo esitholakala kuMathewu 6:9-13.” Umqondisi wathi, “Hambani ngokuthula wena nabazali bakho, kwangathi uJehova uNkulunkulu wenu anganivikela!”

14. Yini engase ivivinye ukholo lwethu futhi yini ezosisiza sikhuthazele?

14 Izibonelo ezifana nalezi zisifundisa ngokubaluleka komthandazo. Kodwa kuthiwani uma imithandazo yakho ingaphendulwa ngokushesha noma ngendlela emangalisayo? Njengomfelokazi osemfanekisweni kaJesu, qhubeka uthandaza uqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wethu ngeke akulahle nokuthi ngesikhathi esifanele ngandlela-thile, uzowuphendula umthandazo wakho. Qhubeka ucela umoya ongcwele kaJehova. (Fil. 4:13) Khumbula ukuthi maduze uJehova uzokubusisa kakhulu, kangangokuba uyokhohlwa ubuhlungu bangesikhathi esidlule. Njengoba ukhuthazelela uvivinyo ngosizo lukaJehova, uyoqina ukwazi ukubhekana novivinyo lwangesikhathi esizayo.​—1 Pet. 1:6, 7.

UKHOLO LOKUNQOBA IZINSELELE

15. NgokukaMathewu 17:19, 20, abafundi bakaJesu babhekana nayiphi inkinga?

15 UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuthi ukholo lwaluyobasiza banqobe izinselele. (Funda uMathewu 17:19, 20.) Kunesikhathi lapho bahluleka khona ukukhipha idemoni, naphezu kokuba babekwenze ngokuphumelelayo ezikhathini ezidlule. Kwakuyini inkinga? UJesu wachaza ukuthi babedinga ukholo olwengeziwe. Wabatshela ukuthi uma benokholo oluqinile babeyokwazi ukubhekana nezinselele ezinzima kakhulu! Namuhla, nathi singase sibhekane nezinkinga ezingase zibonakale zingenakunqotshwa.

Singase sibhekane nosizi, kodwa ukholo luzosisiza sihlale simatasa enkonzweni kaJehova (Bheka isigaba 16)

16. Ukholo lumsize kanjani uGeydi wabhekana nosizi lokushonelwa umyeni wakhe?

16 Cabanga ngesibonelo sikaGeydi, udade waseGuatemala. Umyeni wakhe, u-Edi, wabulawa bebuya emhlanganweni webandla. Ukholo lukaGeydi lumsize kanjani wabhekana nosizi lwakhe olukhulu? Uthi: “Umthandazo ungisiza ngiphonse umthwalo wami kuJehova, lokho kungenza ngibe nokuthula. Umndeni nabangane bami ebandleni bangenza ngibone indlela uJehova anginakekela ngayo. Ukuhlala ngimatasa enkonzweni kaJehova kuyabudambisa ubuhlungu futhi kungisiza ngigxile osukwini ngalunye, ngingakhathazeki kakhulu ngosuku olulandelayo. Lesi senzakalo singifundise ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ngibhekana novivinyo olunjani esikhathini esizayo, ngosizo lukaJehova, uJesu nenhlangano, ngizokwazi ukukhuthazela.”

17. Yini esingayenza lapho sibhekene nenselele enzima kakhulu?

17 Ingabe ushonelwe umuntu omthandayo? Ukuze uqinise ukholo lwakho ngethemba lovuko, ziphe isikhathi sokufunda ngezindaba zalabo abavuswa ekufeni eBhayibhelini. Ingabe ulusizi ngenxa yokuthi ilungu lomndeni liye lasuswa? Tadisha ukuze ubone ukuthi indlela kaNkulunkulu yokunika isiyalo ihlale ilungile. Noma iyiphi inkinga obhekene nayo, yisebenzise njengethuba lokuqinisa ukholo lwakho. Mthululele isifuba sakho uJehova. Ungabi unkom’ idla yodwa, kodwa hlala useduze nabafowenu nodadewenu. (IzAga 18:1) Yenza izinto ezizokusiza ukhuthazele, ngisho noma lokho kuzokwenza ukhale. (IHu. 126:5, 6) Qhubeka uba khona emihlanganweni, enkonzweni yasensimini futhi ufunda iBhayibheli. Gxila nasezibusisweni ezinhle ozozithola kuJehova esikhathini esizayo. Njengoba ubona indlela uJehova akusiza ngayo, ukholo lwakho kuye luyoqina nakakhulu.

“SIPHE UKHOLO OLWENGEZIWE”

18. Uma ubona ukuthi ukholo lwakho aluqinile ngokwanele, yini ongayenza?

18 Uma uvivinyo obhekene nalo manje noma esikhathini esidlule luye lwabonisa ukuthi ukholo lwakho aluqinile ngokwanele, ungadikibali. Kubheke njengethuba lokuqinisa ukholo lwakho. Yenza isicelo esifana naleso esenziwa abaphostoli bakaJesu, abathi “Siphe ukholo olwengeziwe.” (Luka 17:5) Cabanga nangezibonelo esixoxe ngazo kulesi sihloko. NjengoMiguel noYurai, zikhumbule zonke izikhathi uJehova akusize ngazo. Njengendodakazi kaVero no-Anel, thandaza ngokujulile kuJehova, ikakhulu lapho ubhekene nenkinga enkulu. NjengoGeydi, khumbula ukuthi uJehova angasebenzisa abangane nomndeni ukuze akunike usizo oludingayo. Uma uvumela uJehova akusize ukhuthazelele izinkinga obhekene nazo manje, ungaqiniseka nakakhulu ukuthi uyokusiza nasesikhathini esizayo.

19. Yini uJesu ayeqiniseka ngayo futhi yini wena ongaqiniseka ngayo?

19 UJesu wasiza abafundi bakhe babona ukuthi babedinga ukholo olwengeziwe, kodwa akazange angabaze ukuthi ngosizo lukaJehova babeyokwazi ukunqoba uvivinyo lwangesikhathi esizayo. (Joh. 14:1; 16:33) Wayeqiniseka ngokuthi ukholo oluqinile luyosindisa isixuku esikhulu osizini olukhulu oluzayo. (IsAm. 7:9, 14) Ingabe wena uyobe uyingxenye yaso? Ngomusa omkhulu kaJehova, uyoba ingxenye yaso uma uwasebenzisa manje wonke amathuba ukuze wakhe futhi uqinise okholo lwakho!​—Heb. 10:39.

INGOMA 118 “Siphe Ukholo Olwengeziwe”

^ par. 5 Sibheke phambili ekupheleni kwaleli zwe. Nokho, ngezinye izikhathi singase sizibuze ukuthi ukholo lwethu luyosisiza yini sikhuthazele kuze kube sekugcineni. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezibonelo nezifundo ezingasisiza siqinise ukholo lwethu.