Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 46

Nina Enisanda Kushada​—⁠Gxilani Ekukhonzeni UJehova

Nina Enisanda Kushada​—⁠Gxilani Ekukhonzeni UJehova

“UJehova ungamandla ami . . . Inhliziyo yami yethembele kuye.”​—IHU. 28:7.

INGOMA 131 “Lokho UNkulunkulu Akuhlanganisile”

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Kungani abasanda kushada kufanele bathembele kuJehova? (IHubo 37:3, 4) (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

INGABE uzoshada maduze, noma usanda kushada? Uma kunjalo, asingabazi ukuthi ubheke phambili ekujabuleleni ukuphila nalowo muntu omthanda kakhulu. Kuyavunywa ukuthi ngezinye izikhathi ziba khona izinkinga emshadweni, kuba khona nezinqumo ezibalulekile okufanele zenziwe. Indlela enisingatha ngayo izinkinga nenenza ngayo izinqumo, izoba nomthelela enjabulweni enizoba nayo eminyakeni eminingi ezayo. Uma nithembela kuJehova, nizokwenza izinqumo ezihlakaniphile, umshado wenu uzoqina futhi nizojabula nakakhulu. Uma ningasisebenzisi iseluleko sikaNkulunkulu, maningi amathuba okuthi nizoba nezinkinga ezinkulu emshadweni wenu futhi ningajabuli.​—Funda iHubo 37:3, 4.

2 Nakuba lesi sihloko siqondiswe kwabasanda kushada, sizokhuluma ngezinselele bonke abantu abashadile abangase babhekane nazo. Sizoveza lokho esingakufunda ezibonelweni zamadoda nabesifazane abathile abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. Lezi zibonelo eziseBhayibhelini zisifundisa izifundo esingazisebenzisa ekuphileni, kuhlanganise nasemshadweni. Sizobona nokuthi singafundani kwabanye abashadile abaphila esikhathini sethu.

YIZIPHI IZINSELELE ABASANDA KUSHADA BANGASE BABHEKANE NAZO?

Yiziphi izinqumo ezingenza abasanda kushada bangakwazi ukwandisa inkonzo abayenzela uJehova? (Bheka izigaba 3-4)

3-4. Yiziphi izinselele abasanda kushada abangase babhekane nazo?

3 Abanye abantu bangase bakhuthaze abasanda kushada ukuba baphile ukuphila okubhekwa njengokuvamile. Ngokwesibonelo, abazali nezinye izihlobo bangase babacindezele ukuba babe nezingane ngokushesha. Benezinhloso ezinhle, abangane namalungu omndeni bangase babakhuthaze ukuba bathenge indlu, bayigcwalise ngezinto ezinhle.

4 Uma bengaqaphile, abashadile bangase benze izinqumo ezingababangela izikweletu eziningi. Kungase kudingeke indoda nomkayo basebenze amahora amaningi ukuze bakhokhe lezo zikweletu. Umsebenzi ungase uqale ukudla isikhathi okufanele ngabe sisetshenziselwa isifundo somuntu siqu, ukukhulekela komkhaya nenkonzo yasensimini. Bangase bangabi khona nasemihlanganweni ngenxa yokusebenza amahora engeziwe ukuze bathole imali ethe xaxa, noma ukuze bangalahlekelwa umsebenzi. Ngenxa yalokho, balahlekelwa amathuba amahle okwandisa inkonzo yabo kuJehova.

5. Ufundani esibonelweni sikaKlaus noMarisa?

5 Ziningi izibonelo ezibonisa ukuthi uma ukuphila kwethu kugxile ekuqongeleleni izinto, ngeke sijabule. Cabanga ngalokho uKlaus noMarisa abakufunda mayelana nalokhu. * Lapho besanda kushada, bobabili babesebenza isikhathi esigcwele ukuze bakwazi ukuphila ntofontofo. Kodwa babenganelisekile. UKlaus uyavuma: “Sasinakho konke esasikudinga ukuze siphile, kodwa sasingenayo imigomo engokomoya. Empeleni, sasicindezelekile.” Mhlawumbe nawe ubonile ukuthi ukugxila ekubeni nezinto eziningi akukwenzanga waneliseka. Uma kunjalo, ungadikibali. Ukucabanga ngezibonelo ezinhle zabanye kungakusiza. Okokuqala, ake sixoxe ngalokho abayeni abangakufunda esibonelweni seNkosi uJehoshafati.

THEMBELANI KUJEHOVA NJENGENKOSI UJEHOSHAFATI

6. Ngokuvumelana neseluleko esitholakala emBhalweni wezAga 3:5, 6, iNkosi uJehoshafati yabhekana kanjani nesimo esinzima?

6 Bayeni, ingabe ngezinye izikhathi imithwalo eninayo iniqeda amandla? Uma kunjalo, ningazuza esibonelweni seNkosi uJehoshafati. Njengoba ayeyinkosi, uJehoshafati wayenomthwalo wokuqikelela ukuthi isizwe sonke siphephile! Yini ayenza ukuze anakekele lowo mthwalo obalulekile? Wenza konke okusemandleni akhe ukuze avikele abantu. Waqikelela ukuthi amadolobha akwaJuda anezivikelo eziqinile, futhi wahlanganisa ibutho elikhulu elinamasosha angaphezu kuka-1 160 000. (2 IziKr. 17:12-19) Kamuva, uJehoshafati wabhekana nenkinga enkulu. Yena nomndeni wakhe nabantu bakhe basongelwa ibutho elikhulu labakwa-Amoni, abakwaMowabi namadoda avela esifundeni esinezintaba saseSeyiri. (2 IziKr. 20:1, 2) Wenzani uJehoshafati? Wacela usizo namandla kuJehova. Lokhu kwakuvumelana neseluleko esihlakaniphile esisencwadini yezAga 3:5, 6. (Yifunde.) Umthandazo kaJehoshafati obonisa ukuzithoba otholakala kweyesi-2 IziKronike 20:5-12, ubonisa ukuthi wayemethemba kangakanani uBaba wakhe osezulwini onothando. UJehova wasabela kanjani emthandazweni kaJehoshafati?

7. UJehova wawuphendula kanjani umthandazo kaJehoshafati?

7 UJehova wakhuluma noJehoshafati esebenzisa uJahaziyeli umLevi. UJehova wathi: “Yimani ezindaweni zenu ninganyakazi, nibone insindiso uJehova azonenzela yona.” (2 IziKr. 20:13-17) Ngokuqinisekile, leyo akuyona indlela evamile yokulwa impi! Nokho, lezo ziqondiso zazingaveli kumuntu; zazivela kuJehova. Emethemba ngokugcwele uNkulunkulu, uJehoshafati wenza lokho ayetshelwe kona. Lapho yena nabantu beyobhekana nesitha, akazange abeke ibutho lamasosha anekhono phambili, kodwa wabeka abaculi abangahlomile. UJehova wasigcina isithembiso sakhe kuJehoshafati; Yena wasinqoba isitha.​—2 IziKr. 20:18-23.

Abasanda kushada bangagxila ekukhonzeni uJehova ngokuthandaza, ngokutadisha iZwi lakhe (Bheka izigaba 8, 10)

8. Yini abayeni abangayifunda esibonelweni sikaJehoshafati?

8 Uma ungumyeni, ungafunda esibonelweni sikaJehoshafati. Unesibopho sokunakekela umndeni wakho, ngakho usebenza kanzima ukuze uwuvikele futhi uwusekele. Lapho ubhekene nezinkinga, ungase ucabange ukuthi ungakwazi ukuzixazulula ngokwakho. Nokho, gwema ukuthembela emandleni akho. Kunalokho, thandazela usizo lukaJehova uwedwa. Ngaphezu kwalokho, thandaza nomkakho. Funa isiqondiso kuJehova ngokutadisha iBhayibheli nezincwadi ezikhishwa inhlangano kaNkulunkulu, bese uyasisebenzisa iseluleko ositholayo. Abanye bangase bangavumelani nezinqumo ozenzayo ezisekelwe eBhayibhelini, bangaze bakubize ngisho nangesiwula. Bangase bathi imali nezinto ongazithenga ngayo kuzowuvikela kahle kakhulu umndeni wakho. Kodwa khumbula isibonelo sikaJehoshafati. Wathembela kuJehova, futhi lokho wakubonisa nangezenzo. UJehova akazange ayishiye leyo ndoda eqotho, ngeke akushiye nawe. (IHu. 37:28; Heb. 13:5) Yini abashadile abangayenza ukuze babe nokuphila okujabulisayo?

GXILANI EKUKHONZENI UJEHOVA, NJENGOMPROFETHI U-ISAYA NOMKAKHE

9. Yini esingayisho ngomprofethi u-Isaya nomkakhe?

9 Umprofethi u-Isaya nomkakhe bagxilisa ukuphila kwabo ekukhonzeni uJehova. U-Isaya wayengumprofethi, kungenzeka ukuthi nomkakhe wayenezabelo zakhe zokuprofetha, ngoba ubizwa ngokuthi ‘umprofethikazi.’ (Isaya 8:1-4) Kusobala ukuthi u-Isaya nomkakhe babegxile ekukhonzeni uJehova ndawonye. Bababekela isibonelo esihle ngempela abashadile namuhla!

10. Ukutadisha iziprofetho zeBhayibheli kungabasiza kanjani abashadile bazimisele ukwenzela uJehova konke okusemandleni abo?

10 Abashadile namuhla bangagxila ekukhonzeni uJehova ngokwenza konke okusemandleni enkonzweni yakhe. Bangaqinisa ukuthembela kwabo kuJehova ngokutadisha ndawonye iziprofetho zeBhayibheli, babone ukuthi zihlale zigcwaliseka. * (Thithu 1:2) Bangacabanga ngengxenye abangaba nayo ekugcwalisekeni kwezinye zazo. Ngokwesibonelo, bangaba nengxenye ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu esithi izindaba ezinhle ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ngaphambi kokuba ukuphela kufike. (Math. 24:14) Lapho indoda nomkayo beqiniseka ngokwengeziwe ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ziyagcwaliseka, bazozimisela nakakhulu ukwenzela uJehova konke okusemandleni abo.

IZINTO EZIPHATHELENE NOMBUSO MAZIZE KUQALA EKUPHILENI KWENU, NJENGOPRISILA NO-AKHWILA

11. Yini uPrisila no-Akhwila abakwazi ukuyenza, futhi kungani?

11 Abasebasha abashadile bangafunda kuPrisila no-Akhwila, ababengamaJuda, beshadile, behlala edolobheni laseRoma. Babezwe izindaba ezinhle ngoJesu, baba amaKristu. Akungabazeki ukuthi ukuphila kwabo kwakubanelisa. Nokho, izinto zashintsha kungalindelekile lapho uMbusi uKlawudiyu eyala wonke amaJuda ukuba ahambe eRoma. Cabanga ukuthi lokhu kwakusho ukuthini ngo-Akhwila noPrisila. Kwakuzodingeka bashiye indawo abayijwayele, babe nomuzi omusha, futhi baqale ibhizinisi labo lokwenza amatende kwenye indawo. Ingabe lolu shintsho lwaluzokwenza izinto eziphathelene noMbuso zize kamuva ekuphileni kwabo? Cishe uyayazi impendulo yalowo mbuzo. Emzini wabo omusha eKorinte, u-Akhwila noPrisila bahlanganyela nebandla lendawo, basebenza nomphostoli uPawulu ukuze baqinise abazalwane. Kamuva, bathuthela kwamanye amadolobha ayenesidingo esikhulu sabashumayeli. (IzE. 18:18-21; Roma 16:3-5) Kumelwe ukuba bathola injabulo enkulu nezibusiso eziningi ekuphileni kwabo!

12. Kungani abashadile kufanele bazibekele imigomo ekukhonzeni uJehova?

12 Namuhla, abashadile bangalingisa uPrisila no-Akhwila ngokubeka uMbuso kuqala. Isikhathi esikahle sokuba baxoxe ngemigomo yabo yilapho bengakashadi. Lapho benza izinqumo ndawonye futhi besebenza kanzima ukuze bafinyelele imigomo yabo ekukhonzeni uJehova, aba maningi amathuba okubona umoya kaJehova usebenza ekuphileni kwabo. (UmSh. 4:9, 12) Cabanga ngesibonelo sikaRussell no-Elizabeth. URussell uthi: “Lapho sisathandana saxoxa ngemigomo yethu engokomoya.” U-Elizabeth uthi, “Saba naleyo ngxoxo ukuze kamuva lapho sekumelwe senze izinqumo ezihlukahlukene, siqikelele ukuthi azisivimbi ekufinyeleleni leyo migomo.” Izimo zikaRussell no-Elizabeth zabavumela ukuba bathuthele eMicronesia ukuze bakhonze endaweni eyayinesidingo esikhulu sabamemezeli.

Abasanda kushada bangagxila ekukhonzeni uJehova ngokuzibekela imigomo engokomoya (Bheka isigaba 13)

13. Ngokusho kweHubo 28:7, uzoba yini umphumela lapho sithembela kuJehova?

13 NjengoRussell no-Elizabeth, abaningi abashadile baye bakhetha ukungabi nezibopho eziningi ukuze bakwazi ukuba nesikhathi esiningi sokwenza umsebenzi wokushumayela nokufundisa. Lapho indoda nomkayo bezibekela imigomo enkonzweni kaJehova futhi besebenza ndawonye ukuze bayifinyelele, bazothola imiphumela emihle. Bazobona indlela uJehova abakhathalela ngayo, bamethembe nakakhulu futhi bajabule ngempela.​—Funda iHubo 28:7.

ZETHEMBENI IZITHEMBISO ZIKAJEHOVA, NJENGOMPHOSTOLI UPETRU NOMKAKHE

14. Umphostoli uPetru nomkakhe babonisa kanjani ukuthi bayasethemba isithembiso esikuMathewu 6:25, 31-34?

14 Abashadile bangafunda nasesibonelweni esabekwa umphostoli uPetru nomkakhe. Cishe ngemva kwezinyanga eziyisithupha kuya onyakeni ehlangane noJesu okokuqala, umphostoli uPetru kwadingeka enze isinqumo esibalulekile. Wayenebhizinisi lokudoba ayesekela ngalo umndeni wakhe. Lapho uJesu emmema ukuba abe umlandeli wakhe isikhathi esigcwele, uPetru kwadingeka acabangele izimo zomndeni wakhe. (Luka 5:1-11) Wakhetha ukuyoshumayela noJesu. Wakhetha kahle! Sinesizathu esihle sokukholelwa ukuthi umkakhe wasisekela isinqumo sakhe. IBhayibheli libonisa ukuthi ngemva kokuvuswa kukaJesu, uPetru wayehamba nomkakhe ngezinye izikhathi. (1 Kor. 9:5) Akungabazeki ukuthi isibonelo sakhe njengenkosikazi engumKristu senza uPetru waba nenkululeko yokukhuluma lapho eluleka amadoda namakhosikazi angamaKristu. (1 Pet. 3:1-7) Kusobala ukuthi uPetru nomkakhe basethemba isithembiso sikaJehova sokuthi uyobanakekela uma bebeka uMbuso kuqala ekuphileni kwabo.​—Funda uMathewu 6:25, 31-34.

15. Ufundani kulokho okwenzeka kuTiago no-Esther?

15 Uma senishade iminyaka eminingana, yini enganisiza nihlakulele isifiso sokwandisa inkonzo yenu? Okunye eningakwenza ukufunda ezibonelweni zabanye abashadile. Ngokwesibonelo, ningafunda uchungechunge oluthi “Bazinikela Ngokuzithandela.” Izihloko ezinjalo zasiza uTiago nomkakhe u-Esther baseBrazil baba nesifiso esikhulu sokuyokhonza endingekweni. UTiago uyachaza, “Ukufunda ngendlela uJehova asiza ngayo izinceku zakhe zangesikhathi sethu kwenza nathi safuna ukubona isandla sikaJehova sisiqondisa futhi sisinakekela.” Bathuthela eParaguay futhi bebelokhu bekhonza khona ensimini yesiPutukezi kusukela ngo-2014. U-Esther uthi: “UmBhalo esiwuthanda kakhulu eyabase-Efesu 3:20. Sekukaningi sibona lawo mazwi egcwaliseka enkonzweni esiyenzela uJehova.” Kuleyo ncwadi eya kwabase-Efesu, uPawulu wathembisa ukuthi uJehova wayeyosinika okungaphezu kwalokho esikucelayo. Siyiqiniso ngempela leso sithembiso!

Abasanda kushada bangagxila ekukhonzeni uJehova ngokucela iseluleko kulabo abavuthiwe (Bheka isigaba 16)

16. Abasebasha abashadile bangasicela kobani iseluleko lapho behlola imigomo yabo?

16 Abasebasha abashadile bangazuza ezibonelweni zabanye abafunde ukuncika kuJehova. Kungenzeka abanye abashadile sebechithe iminyaka eminingi enkonzweni yesikhathi esigcwele. Kungani ningaceli iseluleko sabo lapho nibona isidingo sokuhlola imigomo yenu? Lena enye indlela yokubonisa ukuthi niyamethemba uJehova. (IzAga 22:17, 19) Abadala nabo bangabasiza abasebasha abashadile bazibekele imigomo engokomoya futhi bayifinyelele.

17. Yini eyenzeka kuKlaus noMarisa, futhi sifundani esibonelweni sabo?

17 Nokho, ngezinye izikhathi lapho sikhetha ukwandisa inkonzo yethu kungase kungenzeki ngendlela ebesiyilindele. Cabanga ngalokho okwenzeka kuKlaus noMarisa okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Ngemva kweminyaka emithathu beshadile, bathutha baba amavolontiya emsebenzini wokwakha egatsheni laseFinland. Nokho, bathola ukuthi babengeke bavunyelwe ukuhlala khona izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha. Ekuqaleni, badumala. Ngokushesha ngemva kwalokho bamenywa ukuba bayofunda ulimi lwesi-Arabhu, futhi manje bajabulela ukukhonza kwelinye izwe ensimini yesi-Arabhu. Lapho ecabanga ngokwenzeka, uMarisa uthi: “Kwakuthusa ukwenza into engingakaze ngiyenze ngaphambili futhi kwakudingeka ngithembe uJehova ngokuphelele. Kodwa ngibonile ukuthi uJehova uhlale esisiza ngezindlela esingazilindele. Ngemva kokubhekana nalokhu, sengimethemba nakakhulu uJehova.” Njengoba lesi sibonelo sibonisa, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyohlale ekubusisa uma umethemba ngokuphelele.

18. Yini abashadile abangayenza ukuze baqhubeke bethembela kuJehova?

18 Umshado uyisipho esivela kuJehova. (Math. 19:5, 6) Ufuna abashadile basijabulele leso sipho. (IzAga 5:18) Nina enisebasha enishadile, kungani ningahloli ukuthi nenzani ngokuphila kwenu? Ingabe nenza konke eningakwenza ukuze nibonise uJehova ukuthi niyazazisa izipho aninike zona? Khulumani noJehova ngomthandazo. Hlolani iZwi lakhe nithole izimiso ezisebenza ezimweni zenu. Yibani senisebenzisa iseluleko uJehova aninika sona. Ningaqiniseka ukuthi nizojabula futhi nithole izibusiso uma umshado wenu ugxile ekukhonzeni uJehova!

INGOMA 132 Sesimunye

^ par. 5 Ezinye izinqumo esizenzayo zingaba nomthelela esikhathini nasemandleni esiwasebenzisela ukukhonza uJehova. Abasanda kushada kudingeka benze izinqumo ezizothinta ukuphila kwabo konke. Lesi sihloko sizobasiza benze izinqumo ezihlakaniphile, ezizoholela ekuphileni okunenjongo nokujabulisayo.

^ par. 5 Amanye amagama ashintshiwe.