Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 48

Hlala Usangulukile Lapho Ubuqotho Bakho Buvivinywa

Hlala Usangulukile Lapho Ubuqotho Bakho Buvivinywa

“Hlala usangulukile kuzo zonke izinto.”​—2 THIM. 4:5.

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

AMAZWIBELA *

1. Kusho ukuthini ukuhlala sisangulukile? (2 Thimothewu 4:5)

 LAPHO sehlelwa izinto ezibuhlungu, ubuqotho bethu kuJehova nasenhlanganweni yakhe bungavivinywa. Singazinqoba kanjani lezo zinselele? Kudingeka sihlale sisangulukile futhi siphapheme, sime siqinile okholweni. (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:5.) Sihlala sisangulukile ngokuhlala sizolile, sicabanga ngendlela ehluzekile futhi sizama ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo. Uma senza kanjalo, imicabango yethu ngeke ilawulwe imizwa.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Esihlokweni esidlule, sixoxe ngezinselele ezintathu esingase sibhekane nazo ezivela ngaphandle kwebandla. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinselele ezintathu ezivela ngaphakathi ebandleni ezingavivinya ubuqotho bethu kuJehova. (1) Lapho sinomuzwa wokuthi omunye umKristu usiphathe kabi, (2) lapho siyalwa, (3) nalapho sikuthola kunzima ukwamukela ushintsho olwenzeka enhlanganweni. Singahlala kanjani sisangulukile futhi siqotho kuJehova nasenhlanganweni yakhe lapho sibhekene nalezo zinselele?

LAPHO SINOMUZWA WOKUTHI OMUNYE UMKRISTU USIPHATHE KABI

3. Yini esingase siyenze lapho sinomuzwa wokuthi omunye umKristu usiphathe kabi?

3 Wake waba nomuzwa wokuthi omunye umKristu ukuphathe kabi, mhlawumbe umzalwane oholayo? Cishe lowo mzalwane wayengaqondile ukukuphatha kabi. (Roma 3:23; Jak. 3:2) Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi akwenza kwakuphatha kabi. Kungenzeka waqwasha ucabanga ngaleyo ndaba. Mhlawumbe waze wazibuza, ‘Uma umzalwane enza kanje, kuseyinhlangano kaNkulunkulu ngempela le?’ Yilokho kanye uSathane afuna sikucabange. (2 Kor. 2:11) Ukucabanga ngaleyo ndlela kungasenza simshiye uJehova nenhlangano yakhe. Ngakho, uma sinomuzwa wokuthi umzalwane noma udade usiphathe kabi, yini esingayenza ukuze sihlale sisangulukile, sigweme imicabango elimazayo?

4. UJosefa wahlala kanjani esangulukile lapho ephathwa kabi, futhi sifundani esibonelweni sakhe? (Genesise 50:19-21)

4 Ungabi nenzondo. Lapho uJosefa esemncane, abafowabo abadala bamphatha kabi. Babemzonda futhi abanye babo befuna ngisho nokumbulala. (Gen. 37:4, 18-22) Bagcina bemthengisele ebugqilini. Umphumela waba ukuthi uJosefa wabhekana novivinyo olunzima iminyaka ecishe ibe ngu-13. UJosefa wayengazibuza ukuthi uJehova umthanda ngempela yini, azibuze nokuthi uJehova wayemlahlile yini ngesikhathi ayedinga ngaso usizo. Kodwa uJosefa akabanga nanzondo. Kunalokho, wahlala esangulukile ngokuba umuntu ozolile. Lapho ethola ithuba lokuziphindiselela kubafowabo, akazange aphindisele, kunalokho wababonisa uthando futhi wabaxolela. (Gen. 45:4, 5) Wenza kanjalo ngoba wakwazi ukucabanga ngendlela ehluzekile. Kunokuba agxile ezinkingeni zakhe, wacabanga ngenjongo kaJehova. (Funda uGenesise 50:19-21.) Sifundani kulokho? Uma uphathwa kabi, ungamzondi uJehova noma uzibuze ukuthi ukulahlile yini. Kunalokho, zindla ngendlela akusiza ngayo ukhuthazelele lolo vivinyo. Ngaphezu kwalokho, lapho abanye bekuphatha kabi, zama ukubabonisa uthando, ushalazele amaphutha abo.​—1 Pet. 4:8.

5. UMiqueas wahlala kanjani esangulukile lapho enomuzwa wokuthi wayephathwe kabi?

5 Cabanga ngesibonelo sangosuku lwethu sikaMiqueas, umdala waseNingizimu Melika. * Wakhumbula isikhathi lapho ayenomuzwa wokuthi abanye abazalwane abaholayo bamphathe kabi kakhulu. Wathi: “Ngangingakaze ngicindezeleke ngaleyo ndlela ngaphambili. Ngangikhathazekile. Ngangiqwasha ngize ngikhale ngenxa yokuthi nganginomuzwa wokuthi kwakungekho engingakwenza.” Noma kunjalo, uMiqueas wahlala esangulukile, wasebenza kanzima ukuze alawule imizwa yakhe. Wathandaza njalo, ecela uJehova ukuba umuphe umoya ongcwele namandla okukhuthazela. Wacwaninga nasezincwadini zethu ukuze athole usizo. Sifundani kulokho? Uma unomuzwa wokuthi umzalwane noma udade ukuphathe kabi, hlala uzolile futhi uzame ukulawula noma yimiphi imicabango emibi ongase ube nayo. Ungase ungazi ukuthi yini emenze wakhuluma noma wenza kanjalo. Ngakho, thandaza kuJehova, umcele akusize ukwazi ukubheka izinto ngendlela lowo muntu azibheka ngayo. Ukwenza kanjalo kungakusiza ubone ukuthi okholwa naye ubengaqondile ukukuphatha kabi, kukusize ulishalazele iphutha lakhe. (IzAga 19:11) Khumbula, uJehova uyakwazi obhekene nakho futhi uzokunika amandla owadingayo ukuze ukhuthazele.​—2 IziKr. 16:9; UmSh. 5:8.

LAPHO SIYALWA

6. Kungani kubalulekile ukuqaphela ukuthi isiyalo esivela kuJehova sibonisa ukuthi uyasithanda? (Hebheru 12:5, 6, 11)

6 Ukuthola isiyalo kungaba buhlungu. Kodwa uma sigxila kulobo buhlungu kuphela, singase sisilulaze, sibe nomuzwa wokuthi asisidingi noma siqine kakhulu. Ngenxa yalokho, singase singaboni ukuthi siyindlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasithanda​—okuyinto okubalulekile ukuba siyiqaphele. (Funda eyamaHebheru 12:5, 6, 11.) Kanti uma silawulwa imizwa yethu, sinikeza uSathane ithuba lokuba asizakale ngayo. Ufuna singasamukeli isiyalo, okubi nakakhulu, ufuna siqhele kuJehova nasebandleni. Uma uke wathola isiyalo, ungahlala kanjani usangulukile?

UPetru wathobeka wamukela isiyalo, ngenxa yalokho uJehova wamsebenzisa kakhulu (Bheka isigaba 7)

7. (a) Njengoba kuboniswe esithombeni, uJehova wamsebenzisa kanjani uPetru lapho esesamukele isiyalo? (b) Ufundani esibonelweni sikaPetru?

7 Yamukela isiyalo, wenze ushintsho oludingekayo. UJesu wakhuza uPetru phambi kwabanye abaphostoli izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. (Marku 8:33; Luka 22:31-34) Kumelwe ukuba waphoxeka uPetru! Noma kunjalo, wahlala eqotho kuJesu. Wasamukela isiyalo, wafunda emaphutheni akhe. Ngenxa yalokho, uJehova wamvuza uPetru ngobuqotho bakhe futhi wamnika imisebenzi ebalulekile ebandleni. (Joh. 21:15-17; IzE. 10:24-33; 1 Pet. 1:1) Singafundani esibonelweni sikaPetru? Kuzuza thina nabanye uma sibheka ngale kokuphoxeka ngenxa yokuthola isiyalo, sisamukele, senze ushintsho oludingekayo. Uma senza kanjalo, siyoba usizo nakakhulu kuJehova nakubafowethu.

8-9. Waqale wazizwa kanjani uBernardo lapho ethola isiyalo, kodwa yini eyamsiza walungisa indlela acabanga ngayo?

8 Cabanga ngalokho okwenzeka kuBernardo, umzalwane waseMozambique. Wayekiswa ukuba umdala. Waqale wazizwa kanjani? Uthi, “Ngaba nenzondo ngoba angisithandanga isiyalo engasithola.” Wayekhathazeke ngokuthi abanye ebandleni bazombheka kanjani. Uyavuma, “Kwangithatha izinyanga ezimbalwa ukuba nombono ofanele ngaleso siyalo nokuphinde ngimethembe uJehova nenhlangano yakhe.” Yini eyasiza uBernardo waba nombono ofanele?

9 Walungisa indlela ayecabanga ngayo. Uyachaza: “Ngesikhathi ngisewumdala, ngangisebenzisa eyamaHebheru 12:7 ukuze ngisize abanye babe nombono ofanele ngesiyalo sikaJehova. Ngabe sengizibuza, ‘Ubani okudingeka asebenzise lo mBhalo?’ Yizo zonke izinceku zikaJehova​—ngisho nami imbala.” UBernardo wabe esethatha izinyathelo ezazizomenza aphinde amethembe uJehova nenhlangano yaKhe. Wachitha isikhathi esengeziwe efunda iBhayibheli futhi ezindla. Nakuba kwakusamkhathaza ukuthi abafowabo nodadewabo bazombheka kanjani, wasebenza nabo ensimini, waba nengxenye nasemihlanganweni yebandla. Ngokuhamba kwesikhathi, uBernardo waphinde wamiswa njengomdala. Uma nawe, njengoBernardo, uye wathola isiyalo, zama ukubheka ngale kokuphoxeka, usamukele, wenze ushintsho oludingekayo. * (IzAga 8:33; 22:4) Uma wenza kanjalo, ungaqiniseka ukuthi uJehova uzokuvuza ngokuba qotho kuye nasenhlanganweni yakhe.

LAPHO SIKUTHOLA KUNZIMA UKWAMUKELA USHINTSHO OLWENZEKA ENHLANGANWENI

10. Yiluphi ushintsho okungenzeka lwavivinya ubuqotho bamanye amadoda angama-Israyeli?

10 Ushintsho olwenzeka enhlanganweni lungabuvivinya ubuqotho bethu. Uma singaqaphile, singase siluvumele lusihlukanise noJehova. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela okungenzeka lwawathinta ngayo amanye ama-Israyeli ushintsho olwenzeka enhlanganweni ngesikhathi soMthetho KaMose. Ngaphambi kokuba khona koMthetho, izinhloko zemindeni zazenza imisebenzi yabapristi. Zazakha ama-altare, zenzela nemindeni yazo imihlatshelo eya kuJehova. (Gen. 8:20, 21; 12:7; 26:25; 35:1, 6, 7; Jobe 1:5) Kodwa lapho kuba khona uMthetho, izinhloko zemindeni zalahlekelwa yilelo lungelo. UJehova wamisa abapristi bomndeni ka-Aroni ukuba benze imihlatshelo. Ngemva kwalolo shintsho, uma inhloko yomndeni engelona uzalo luka-Aroni yayenza umsebenzi wabapristi, yayingase ibulawe. * (Lev. 17:3-6, 8, 9) Kungenzeka yini ukuthi lesi esinye sezizathu ezenza uKhora, uDathani, u-Abhiramu nezikhulu ezingu-250 bavukela igunya likaMose no-Aroni? (Num. 16:1-3) Asiqiniseki. Esikwaziyo nje ukuthi uKhora nayehlangene nabo behluleka ukuhlala beqotho kuJehova. Uma ushintsho olwenzeka enhlanganweni luvivinya ubuqotho bakho, yini ongayenza?

Lapho amaKohati ethola isabelo esisha, akhonza ngokuzithandela njengabaculi, abalindisango futhi anakekela izinqolobane (Bheka isigaba 11)

11. Sifundani esibonelweni samanye amaLevi angamaKohati?

11 Lusekele ngokugcwele ushintsho olwenzeka enhlanganweni. Ngesikhathi esendleleni ehlane, amaKohati ayenza umsebenzi obalulekile. Lapho ama-Israyeli esuka kwenye indawo eya kwenye, amanye amaKohati ayethwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabo bonke abantu. (Num. 3:29, 31; 10:33; Josh. 3:2-4) Kwakuyilungelo elikhulu lelo! Kodwa lapho befika eZweni Lesithembiso, izinto zashintsha. Sasingasekho isidingo sokuwuthutha njalo uMphongolo. Ngakho ngesikhathi sekubusa uSolomoni, amanye amaKohati anikwa umsebenzi wokuba abaculi, amanye engabalindisango, kanti amanye enakekela izinqolobane. (1 IziKr. 6:31-33; 26:1, 24) Awukho umlando obonisa ukuthi amaKohati akhononda noma afuna umsebenzi ovelele ngenxa yokuthi ngaphambili ayenza imisebenzi ebalulekile. Sifundani kulokho? Lusekele ngenhliziyo ephelele noma yiluphi ushintsho olwenzeka enhlanganweni kaJehova, ngisho nalolo oluthinta isabelo sakho. Sijabulele noma yisiphi isabelo ositholayo. Khumbula ukuthi akusona isabelo sakho esinquma ukuthi uyigugu kangakanani kuJehova. UJehova wazisa ukulalela kwakho ngaphezu kwanoma yisiphi isabelo.​—1 Sam. 15:22.

12. Wazizwa kanjani uZaina lapho ehanjiswa eBethel?

12 Cabanga ngesibonelo sikaZaina, udade waseMpumalanga Ephakathi, owathola isabelo esisha, walahlekelwa ilungelo ayelithanda. Wabelwa ukuba aye ensimini ngemva kokukhonza eBethel iminyaka engaphezu kwengu-23. Uthi: “Ngashaqeka kakhulu lapho ngithola isabelo esisha. Ngaba nomuzwa wokuthi angilusizo lwalutho, ngangilokhu ngizibuza, ‘Kazi ngenzeni?’” Okudabukisayo ukuthi abanye abazalwane nodade ebandleni bamzwisa ubuhlungu nakakhulu lapho bethi: “Ukube ubuwusizo, bebengeke bakuhambise eBethel.” Kwaphela isikhathi esithile uZaina ephatheke kabi futhi wayekhala njalo ebusuku. Kodwa uthi: “Angizange ngingabaze ukuthi yinhlangano kaJehova le nokuthi uJehova uyangithanda.” UZaina wahlala kanjani esangulukile?

13. Yini uZaina ayenza ukuze alwisane nemizwa engemihle?

13 UZaina wakwazi ukulwisana nemizwa engemihle. Kanjani? Wafunda izihloko ezincwadini zethu ezazikhuluma ngenkinga ayebhekene nayo. Samsiza kakhulu isihloko esithi “Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nokudumazeka!” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 1, 2001. Leso sihloko sichaza indlela okungenzeka umlobi weBhayibheli uMarku wahlushwa ngayo imizwa efanayo lapho ethola isabelo esisha. UZaina uthi, “Isibonelo sikaMarku sangelapha.” Wahlala esondelene nabangane bakhe. Akazange abe inkom’ idla yodwa noma alokhu ezidabukela. Waqaphela ukuthi inhlangano kaJehova isebenza ngomoya nokuthi abazalwane abaholayo babemkhathalela ngempela. Kodwa waqaphela nokuthi inhlangano kaNkulunkulu kumelwe yenze konke okusemandleni ukuze umsebenzi kaJehova wenzeke.

14. Yiluphi ushintsho olwenziwa inhlangano uVlado akuthola kunzima ukulwamukela, kodwa yini eyamsiza?

14 UVlado, umdala oneminyaka engu-73 ohlala eSlovenia, waphatheka kabi lapho iHholo labo LoMbuso livalwa nebandla ayekulo lihlanganiswa nelinye. Uthi: “Ngangingaqondi ukuthi kungani iHholo LoMbuso elihle kanje livalwa. Ngaphatheka kabi ngoba sasisanda kulilungisa. Ngingumbazi futhi yayakhiwe yimi enye impahla entsha yaseHholo. Kanti nokuhlanganiswa kwamabandla kwakudinga ushintsho oluningi olwenza kwaba nzima kithina bamemezeli asebekhulile.” Yini eyasiza uVlado wamukela lolo shintsho? Uyachaza: “Ukuzivumelanisa noshintsho olwenziwa inhlangano kaJehova kuhlale kuletha izibusiso. Lolu shintsho lusenza silungele ushintsho olukhulu nakakhulu oluseza.” Ingabe ukuthola kunzima ukwamukela ushintsho olubangelwa ukuhlanganiswa kwamabandla noma ukushintshwa isabelo? Qiniseka ukuthi uJehova uyayiqonda indlela ozizwa ngayo. Lapho usekela ushintsho olunjalo futhi uhlale uqotho kuJehova nasenhlanganweni ayisebenzisayo, nakanjani uyobusiswa.​—IHu. 18:25.

HLALA USANGULUKILE KUZO ZONKE IZINTO

15. Singahlala kanjani sisangulukile lapho sibhekene nezinselele ezivela ngaphakathi ebandleni?

15 Njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto, singalindela ukuba izinselele zivele naphakathi ebandleni. Zingabuvivinya ubuqotho bethu kuJehova. Ngakho, kumelwe sihlale sisangulukile. Uma unomuzwa wokuthi omunye umKristu ukuphathe kabi, ungabi nenzondo. Uma uthola isiyalo, bheka ngale kokuphoxeka, samukele, wenze ushintsho oludingekayo. Lapho inhlangano kaJehova yenza ushintsho olukuthintayo, lwamukele ngenhliziyo ephelele futhi ulalele iziqondiso.

16. Yini ongayenza ukuze uhlale umethemba uJehova nenhlangano yakhe?

16 Ungakwazi ukuhlale umethemba uJehova nenhlangano yakhe lapho ubuqotho bakho buvivinywa. Kodwa ukuze wenze kanjalo, kudingeka uhlale usangulukile, okusho ukuthi kufanele uhlale uzolile, ucabanga ngendlela ehluzekile futhi ubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo. Zimisele ukutadisha ngezibonelo zabantu abaseBhayibhelini ababhekana ngokuphumelelayo nezimo ezifana nezakho futhi uzindle ngazo. Thandaza kuJehova umcele akusize. Ungalokothi uzihlukanise nebandla. Kuyothi noma kwenzeka noma yini, uSathane angakwazi ukukuhlukanisa noJehova nenhlangano yaKhe.​—Jak. 4:7.

INGOMA 126 Lindani, Niqine, Nibe Namandla

^ Ubuqotho bethu kuJehova nasenhlanganweni yakhe bungavivinywa ikakhulukazi lapho sibhekene nezinselele ebandleni. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezintathu zalezi zinselele nangalokho esingakwenza ukuze sihlale siqotho kuJehova nasenhlanganweni yakhe.

^ Amanye amagama ashintshiwe.

^ Ungase uthole amacebiso awusizo esihlokweni esithi “Ingabe Wake Wakhonza? Ungaphinde Yini Ukhonze?” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 15, 2009, k. 30.

^ UMthetho wawuthi inhloko yomndeni eyayifuna ukuhlaba isilwane ukuze sidliwe kwakufanele isiyise endlini engcwele. Kwakwenziwa okuhlukile uma izinhloko zemindeni zihlala kude nendlu engcwele.​—Dut. 12:21.