ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 46
Indlela UJehova Asisiza Ngayo Sikhuthazele Ngenjabulo
“UJehova ulinde ngesineke ukuze anibonise umusa, uyothatha isinyathelo ukuze anibonise isihe.”—ISAYA 30:18.
INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe
AMAZWIBELA *
1-2. (a) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo? (b) Yini ebonisa ukuthi uJehova uyakulangazelela ukusisiza?
UJEHOVA angasisiza sikwazi ukuphila nezinselele esinazo futhi sithole injabulo enkonzweni yethu engcwele. Usisiza ngaziphi izindlela? Singazuza kanjani ngokugcwele osizweni alunikezayo? Lesi sihloko sizophendula le mibuzo. Nokho, ngaphambi kokuba siyiphendule, ake sixoxe ngalo mbuzo ohlobene nayo: Ingabe uJehova uzimisele ngempela ukusisiza?
2 Igama elasetshenziswa umphostoli uPawulu encwadini ayibhalela amaHebheru lingasisiza sithole impendulo. UPawulu wabhala: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?” (Heb. 13:6) Izincwadi ezichaza iBhayibheli zithi igama elithi “umsizi,” njengoba lisetshenziswe kuleli vesi, libhekisela kumuntu ogijimayo ukuze ayosiza umuntu okhalela usizo. Mbone ngeso lengqondo uJehova ephuthuma ukuze ayosiza umuntu osenkingeni. Uzovuma nakanjani ukuthi le ncazelo ibonisa ukuthi uJehova uzimisele—yebo, uyakulangazelela—ukuba uMsizi wethu. Lapho uJehova engakithi, singalukhuthazelela ngenjabulo uvivinyo.
3. Yiziphi izindlela ezintathu uJehova asisiza ngazo sikhuthazelele uvivinyo ngenjabulo?
3 Yiziphi ezinye zezindlela uJehova asisiza ngazo sikhuthazelele uvivinyo ngenjabulo? Ukuze sithole impendulo, ake sihlole incwadi ka-Isaya. Kungani? Iziprofetho eziningi u-Isaya aphefumulelwa ukuba azibhale ziyazithinta izinceku zikaNkulunkulu namuhla. Ngaphezu kwalokho, u-Isaya uvame ukuchaza uJehova ngendlela esingayiqonda kalula. Ngokwesibonelo, cabanga ngesahluko 30 sencwadi ka-Isaya. Kuleso sahluko, u-Isaya usebenzisa ulimi olusenza sibe nesithombe esicacile ezingqondweni zethu. Uchaza indlela uJehova asisiza ngayo njengabantu bakhe (1) ngokusilalelisisa nangokuphendula imithandazo yethu, (2) ngokusiqondisa (3) nangokusibusisa manje nasesikhathini esizayo. Ake sihlolisise lezi zindlela ezintathu uJehova asisiza ngazo.
UJEHOVA UYASILALELA
4. (a) UJehova wawachaza kanjani amaJuda osuku luka-Isaya, futhi yini avumela ukuba igcine yenzekile? (b) Yiliphi ithemba uJehova alinikeza abathembekile? (Isaya 30:18, 19)
4 Emazwini okuqala esahlukweni 30 sencwadi ka-Isaya, uJehova uchaza amaJuda ngokuthi ‘amadodana anenkani, anezela isono kwesinye isono.’ Uqhubeka athi: ‘Ayisizwe esidlubulundayo, esingathandi ukuzwa umthetho kaJehova.’ (Isaya 30:1, 9) Ngenxa yokuthi abantu babengafuni ukulalela, u-Isaya wabikezela ukuthi uJehova wayeyovumela ukuba babhekane nenhlekelele. (Isaya 30:5, 17; Jer. 25:8-11) Kwenzeka lokho kanye; bathunjwa abaseBhabhiloni. Noma kunjalo, babekhona abathembekile phakathi kwamaJuda futhi u-Isaya wayenomyalezo ozobanika ithemba. Wabatshela ukuthi ngelinye ilanga uJehova wayeyobabuyisela eJerusalema. (Funda u-Isaya 30:18, 19.) Yilokho kanye okwenzeka. UJehova wabakhulula kwabaseBhabhiloni. Noma kunjalo, inkululeko yabo yayingeke ifike ngokushesha. Amazwi athi “uJehova ulinde ngesineke ukuze anibonise umusa,” abonisa ukuthi kwakuyodlula isikhathi esithile ngaphambi kokuba abathembekile bakhululwe. Empeleni, ama-Israyeli achitha iminyaka engu-70 edingiselwe eBhabhiloni ngaphambi kokuba amanye kuwo avunyelwe ukuba abuyele eJerusalema. (Isaya 10:21; Jer. 29:10) Lapho abantu sebebuyele ezweni lakubo, izinyembezi zosizi ngenxa yokuthunjwa zaphenduka izinyembezi zenjabulo.
5. Usiqinisekisa ngani u-Isaya 30:19?
5 Namuhla angasiduduza la mazwi: “Nakanjani uyokubonisa umusa lapho kuzwakala ukukhala kwakho.” (Isaya 30:19) U-Isaya usiqinisekisa ngokuthi uJehova uzosilalelisisa lapho sikhala kuye futhi uyokuphendula ngokushesha ukunxusa kwethu. Uyanezela: “Ngokushesha lapho ekuzwa uyokuphendula.” La mazwi aqinisayo asikhumbuza ukuthi uBaba wethu uzimisele—yebo, uyakulangazelela—ukusiza labo abacela usizo kuye. Ukwazi lokhu kusisiza sikhuthazele ngenjabulo.
6. Amazwi ka-Isaya abonisa kanjani ukuthi uJehova ulalela umthandazo wenceku yakhe ngayinye?
6 Kuleli vesi, yisiphi esinye isiqinisekiso esisitholayo mayelana nemithandazo yethu? UJehova uyayilalelisisa imithandazo yomuntu ngamunye. Kungani sisho kanjalo? Engxenyeni yokuqala ka-Isaya isahluko 30, kusetshenziswe isivumelwano esisebuningini esithi “ni-” ngenxa yokuthi uJehova ukhuluma nabantu bakhe njengeqembu. Nokho, evesini 19 kusetshenziswe isivumelwano esisebunyeni esithi “u-” ngenxa yokuthi umyalezo uqondiswe kumuntu ngamunye. Uyabhala: “Ngeke neze ukhale”; “nakanjani uyokubonisa umusa”; “uyokuphendula.” NjengoBaba onothando, uJehova akalokothi atshele indodana noma indodakazi edikibele athi, “Kufanele uqine njengomfowenu noma njengodadewenu.” Kunalokho, ubheka umuntu ngamunye futhi anakisise imithandazo yethu.—IHu. 116:1; Isaya 57:15.
7. U-Isaya noJesu basiveza kanjani isidingo sokuphikelela emthandazweni?
7 Lapho sithandaza kuNkulunkulu ngento esikhathazayo, impendulo kaJehova yokuqala ingase ibe ukusinika amandla okubhekana nesimo. Uma uvivinyo lwethu lungasheshi ukuphela njengoba sifisa, kungase kudingeke sicele amandla kuJehova ngokuphindaphindiwe ukuze sikwazi ukulukhuthazelela. Usimema ukuba senze kanjalo. Yilokho esikutshelwa amazwi ka-Isaya: “Ningathuli.” (Isaya 62:7) Kusho ukuthini lokhu? Kufanele siphikelele lapho sithandaza kuJehova, kube sengathi asizimisele ukuthula. Amazwi ka-Isaya asikhumbuza imifanekiso kaJesu ekhuluma ngomthandazo ekuLuka 11:8-10, 13. Kulo mBhalo, uJesu usikhuthaza ukuba ‘siphikelele ngesibindi’ emthandazweni nokuba ‘siqhubeke sicela’ umoya ongcwele. Singaphinde sicele uJehova ukuba asinike isiqondiso esisidingayo ukuze senze izinqumo ezinhle.
UJEHOVA UYASIQONDISA
8. Endulo, agcwaliseka kanjani amazwi aku-Isaya 30:20, 21?
8 Funda u-Isaya 30:20, 21. Lapho ibutho laseBhabhiloni livimbezele iJerusalema unyaka nohhafu, ingcindezi yabantu yaba yinto ejwayelekile njengesinkwa namanzi. Kodwa evesini 20 no-21, uJehova wathembisa amaJuda ukuthi uma ephenduka futhi eshintsha izindlela zawo, wayezowakhulula. Ebhekisela kuJehova ‘njengoMfundisi wabo Omkhulu,’ u-Isaya wathembisa abantu ukuthi uJehova wayezobafundisa ukuthi bangamkhonza kanjani ngendlela eyamukelekayo. Lawo mazwi agcwaliseka lapho amaJuda ekhululwa ekuthunjweni. UJehova waba uMfundisi Omkhulu kubo futhi ngesiqondiso sakhe abantu baphinde bakwazi ukumkhonza ngendlela emsulwa. Siyajabula ngokuthi uJehova unguMfundisi wethu Omkhulu namuhla.
9. Iyiphi indlela esithola ngayo isiqondiso sikaJehova namuhla?
9 Eqhubeka nenkulumo yakhe engokomfanekiso, u-Isaya usichaza njengabafundi abafundiswa uJehova ngezindlela ezimbili. Okokuqala, u-Isaya uthi: “Uyombona ngamehlo uMfundisi wakho Omkhulu.” Kulo mfanekiso, uMfundisi uchazwa ngokuthi umi phambi kwabafundi. Kuyilungelo futhi kuyazuzisa ukufundiswa uNkulunkulu namuhla. Usifundisa kanjani uJehova? Usebenzisa inhlangano yakhe. Sijabula kakhulu ngesiqondiso esicacile esisithola enhlanganweni yakhe! Imfundo esiyithola emihlanganweni yebandla, emihlanganweni emikhulu, ezincwadini zethu, ezinhlelweni ze-broadcasting nangezinye izindlela, iyasisiza ezikhathini ezinzima sikhuthazele ngenjabulo.
10. Silizwa kanjani “izwi ngemva [kwethu]”?
10 U-Isaya usho indlela yesibili uJehova asifundisa ngayo, uthi: “Izindlebe zenu ziyozwa izwi ngemva kwenu.” Lapha, umprofethi uchaza uJehova njengomfundisi onakisisayo ohamba ngemva kwabafundi bakhe, ebakhombisa indlela futhi ebaqondisa. Namuhla siyalizwa izwi likaNkulunkulu ngemva kwethu. Kanjani? Amazwi kaNkulunkulu aphefumulelwe abhalwa kudala eBhayibhelini, esikhathini esingemuva kwesikhathi sethu. Ngakho, lapho sifunda iBhayibheli kuba sengathi sizwa izwi likaNkulunkulu ngemva kwethu.—Isaya 51:4.
11. Yiziphi izinto okufanele sizenze ukuze sikhuthazele ngenjabulo, futhi kungani?
11 Singazuza kanjani ngokugcwele esiqondisweni uJehova asinika sona esebenzisa inhlangano yakhe neZwi lakhe? Phawula ukuthi u-Isaya usho izinto ezimbili. Eyokuqala, “nansi indlela.” Eyesibili, “hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Akwanele ukuyazi “indlela.” Kudingeka nokuba ‘sihambe ngayo.’ IZwi likaJehova nencazelo evela enhlanganweni yakhe, kusifundisa lokho akulindele kithi. Sifunda nendlela yokusebenzisa lokho esikufundayo. Ukuze sikhuthazele ngenjabulo enkozweni kaJehova, kudingeka sizenze zombili lezi zinto. Isibusiso sikaJehova singasithola kuphela uma sikufunda futhi sikusebenzisa lokho asifundisa kona.
UJEHOVA UYASIBUSISA
12. Ngokwencwadi ka-Isaya 30:23-26, uJehova wayeyobabusisa kanjani abantu bakhe?
12 Funda u-Isaya 30:23-26. Sagcwaliseka kanjani lesi siprofetho kumaJuda abuyela ezweni lakwa-Israyeli ngemva kokuthunjelwa eBhabhiloni? Athola izibusiso eziningi—ezingokoqobo nezaziwasiza asondele kuJehova. Wabusisa abantu bakhe ngokudla okuningi. Nokho, okubaluleke nakakhulu, wababusisa ngakho konke ababekudinga ukuze basondele kuye njengoba ukumkhonza ngendlela emsulwa kubuyiselwa kancane kancane. Izibusiso abazithola ngaleso sikhathi zazingaphezu kwanoma yini abake bayijabulela ngaphambili. Njengoba kubonisiwe evesini 26, uJehova wabakhanyisela nakakhulu ngokomoya. (Isaya 60:2) Isibusiso sikaJehova sasiza izinceku zakhe zaqhubeka zimkhonza ngenjabulo nangentshiseko “ngenxa yokwenama kwenhliziyo.”—Isaya 65:14.
13. Isiprofetho esikhuluma ngokubuyiselwa sigcwaliseke kanjani namuhla?
13 Isiprofetho esikhuluma ngokubuyiselwa kokukhonza uJehova ngendlela emsulwa siyasebenza yini kithi namuhla? Ngokuqinisekile siyasebenza! Kanjani? Kusukela ngo-1919 C.E., izigidi zabantu ziye zagqashula ekuthunjweni yiBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ziye zaqondiswa endaweni engcono kakhulu kuneZwe Lesithembiso lakwa-Israyeli. Ziye zaholelwa epharadesi elingokomoya. (Isaya 51:3; 66:8) Liyini lelo pharadesi elingokomoya?
14. Liyini ipharadesi elingokomoya futhi obani abahlala kulo? (Bheka Incazelo Yamagama.)
14 Kusukela ngo-1919 C.E., abagcotshiwe baye bajabulela ukuphila epharadesi elingokomoya. * Ngokuhamba kwesikhathi, labo abanethemba lokuphila emhlabeni, “ezinye izimvu,” nabo baye bahlala kuleli zwe elingokomoya futhi bathola izibusiso zikaJehova eziningi.—Joh. 10:16; Isaya 25:6; 65:13.
15. Likuphi ipharadesi elingokomoya?
15 Likuphi izwe, noma ipharadesi, elingokomoya namuhla? Izikhonzi zikaJehova zitholakala kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngakho, ipharadesi elingokomoya ezihlala kulo lisemhlabeni wonke. Namuhla, kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi emhlabeni, singaba ingxenye yepharadesi elingokomoya uma nje sisakusekela ngentshiseko ukukhulekela kweqiniso.
16. Yini esingayenza ukuze siqhubeke sibona ubuhle bepharadesi elingokomoya?
16 Phakathi kwezinye izinto okumelwe sizenze ukuze sihlale sisepharadesi elingokomoya, ukuqhubeka sibazisa ngokujulile ubuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke. Singakwenza kanjani lokho? Ngokugxila ezintweni ezinhle zalabo abahlala kulo, hhayi emaphutheni abo. (Joh. 17:20, 21) Kungani lokho kubaluleke kangaka? Cabanga ngalo mfanekiso. Singalindela ukubona izihlahla ezihlukahlukene epaki noma engadini enhle. Ngendlela efanayo, ipharadesi elingokomoya elisemabandleni namuhla lihlotshiswe ngabantu abahlukahlukene abanjengezihlahla. (Isaya 44:4; 61:3) Kudingeka siqiniseke ukuthi siyaqhubeka sigxila ebuhleni behlathi lilonke, hhayi ezibazini ‘zesihlahla’ ngasinye esiseduze kwethu. Akufanele sivumele amaphutha ethu noma awabanye ebandleni asiphazamise singabuboni ubuhle bobuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke obunobunye.
17. Yini umuntu ngamunye angayenza ukuze ibandla libe nobunye?
17 Yini umuntu ngamunye angayenza ukuze agcine ibandla lobuKristu linobunye? Singaba abenzi bokuthula. (Math. 5:9; Roma 12:18) Isikhathi ngasinye lapho siba nesandla ekwenzeni ukuthula nabanye ebandleni, senezela ebuhleni bepharadesi elingokomoya. Kufanele sikhumbule ukuthi isakhamuzi ngasinye sepharadesi elingokomoya sidonselwe nguJehova ekukhulekeleni kweqiniso. (Joh. 6:44) Cabanga nje ukuthi uJehova ujabula kanjani lapho esibona sisebenza kanzima ukuze senze kube nokuthula nobunye phakathi kwalabo ababheka njengabayigugu—izinceku zakhe!—Isaya 26:3; Hag. 2:7.
18. Yini okufanele sizindle ngayo, futhi kungani?
18 Njengezinceku zikaNkulunkulu, singazuza kanjani ngokugcwele ezibusisweni esizitholayo? Singazindla ngalokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu nasezincwadini zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Ukutadisha nokuzindla kuzosisiza sihlakulele izimfanelo zobuKristu ezisenza sibonise ‘uthando lobuzalwane nothando ngomunye nomunye’ ebandleni. (Roma 12:10) Lapho sizindla ngezibusiso esizijabulela manje, siqinisa ubuhlobo bethu noJehova. Ukuzindla nangezibusiso uJehova azosinika zona esikhathini esizayo kuzokwenza ithemba lokumkhonza phakade libe ngokoqobo kithi. Konke lokhu kuzosenza sikujabulele ukukhonza uJehova manje.
SIZIMISELE UKUKHUTHAZELA
19. (a) Ngokwencwadi ka-Isaya 30:18, yini esingaqiniseka ngayo? (b) Yini ezosisiza sikhuthazele ngenjabulo?
19 UJehova “uyothatha isinyathelo” ngenxa yethu, abhubhise leli zwe elonakele. (Isaya 30:18) Siyaqiniseka ukuthi uJehova—“uNkulunkulu wobulungisa”—ngeke alivumele izwe likaSathane liqhubeke isikhathi eside ngokungadingekile. (Isaya 25:9) Sikanye noJehova, silulinde ngesineke lolo suku lwensindiso ukuba lufike. Okwamanje, sizimisele ukuqhubeka silazisa ilungelo lokuthandaza, ukutadisha nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngezibusiso zethu. Lapho senza kanjalo, uJehova uzosisiza sikhuthazele ngenjabulo lapho simkhonza.
INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu
^ Lesi sihloko sizoxoxa ngezindlela ezintathu uJehova asiza ngazo izikhonzi zakhe zizikhuthazelele ngenjabulo izinselele zokuphila. Sizofunda ngalezi zinhlobo zosizo ngokuxoxa ngesahluko 30 sencwadi ka-Isaya. Njengoba sibuyekeza lesi sahluko, sizokhunjuzwa ngokubaluleka kokuthandaza kuJehova, ukutadisha iZwi lakhe nokuzindla ngezibusiso zethu zamanje nezesikhathi esizayo.
^ INCAZELO YAMAGAMA: “Ipharadesi elingokomoya” libhekisela esimweni esilondekile esikhonza kuso uJehova ngobunye. Kuleli pharadesi, sinokudla okungokomoya okuningi okungenawo amanga enkolo futhi sinomsebenzi omningi owanelisayo wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Sijabulela ubungane obuseduze noJehova futhi sihlala ngokuthula nabafowethu nodadewethu abanothando, abasisiza sizikhuthazelele ngenjabulo izinselele zokuphila. Singena epharadesi elingokomoya lapho siqala ukukhonza uJehova ngendlela efanele nalapho senza okusemandleni ukuze simlingise.