Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

“Ngangifuna Ukusebenzela UJehova”

“Ngangifuna Ukusebenzela UJehova”

SAVALELISA iqembu elincane labantu esasilivakashele eduze kwesigodi saseGranbori, esile phakathi ezindaweni ezingamahlathi eSuriname. Sabe sesisuka ngesikebhe sezingodo sehla ngoMfula iTapanahoni. Kamuva, njengoba sasidlula lapho amanzi enamandla khona, uphephela wenjini yesikebhe washayisa itshe. Ngokushesha ingaphambili lesikebhe lacwila emfuleni, sazithola sesingaphansi kwamanzi. Ngashaywa uvalo. Nakuba kwase kuphele iminyaka ngihamba ngezikebhe njengombonisi wesigodi, ngangingakwazi ukubhukuda!

Ngaphambi kokuba nginixoxele okwabe sekwenzeka, ake nginitshele ukuthi ngayiqala kanjani inkonzo yesikhathi esigcwele.

Ngazalwa ngo-1942 esiqhingini esihle saseCuraçao, eCaribbean. Ubaba wazalelwa eSuriname, kodwa wathuthela kulesi siqhingi ngenxa yomsebenzi. Eminyakeni embalwa ngaphambi kokuba ngizalwe, wayengomunye woFakazi BakaJehova bokuqala ababhapathizwa eCuraçao. * Lapho siseyizingane, wayetadisha nathi iBhayibheli masonto onke nakuba sasingathandi ukufunda ngezinye izikhathi. Sengineminyaka engu-14, sathuthela eSuriname ukuze ubaba ayonakekela umama wakhe owayesekhulile.

KWASIZA UKUBA NABANGANE ABAHLE

ESuriname ngaqala ukuzihlanganisa nentsha eyayikhonza uJehova futhi ikhuthele ebandleni. Yayindadlana kunami, ingamaphayona avamile. Lapho ikhuluma ngokwenzeke enkonzweni yasensimini, injabulo yayibhalwa ebusweni bayo. Ngemva kwemihlangano yebandla, mina nabangane bami sasiba nanezingxoxo ezisekelwe eBhayibhelini—ngezinye izikhathi sixoxe ngesikhathi sizihlalele sibheke izinkanyezi. Bangisiza laba bangane bami ngabona ukuthi yini engifuna ukuyenza; ngangifuna ukusebenzela uJehova. Ngakho, ngabhapathizwa lapho ngineminyaka engu-16. Lapho sengineminyaka engu-18, ngaba iphayona elivamile.

NGAFUNDA IZIFUNDO EZIBALULEKILE

Ngesikhathi ngiphayona eParamaribo

Lapho sengiyiphayona, ngafunda izifundo eziningi futhi zingisizile enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngokwesibonelo, esinye sezifundo zokuqala engazifunda saba ukubaluleka kokuqeqesha abanye. Lapho ngiqala ukuphayona, ngaqeqeshwa uWillem van Seijl, owayeyisithunywa sevangeli. * Wangifundisa okuningi mayelana nokwenza imisebenzi yebandla. Ngaleso sikhathi, ngangingazi ukuthi ngikudinga kangaka lokho kuqeqeshwa. Onyakeni olandelayo ngamiswa njengephayona elikhethekile, kamuva ngahola ekusizeni amaqembu ayesemajukujukwini emahlathini aseSuriname. Ngikwazisa ngempela lokho kuqeqeshwa okwafika ngesikhathi! Kusukela ngaleso sikhathi, ngiye ngalandela isibonelo sabazalwane abangisiza ngokuzinika isikhathi sokuqeqesha abanye.

Isifundo sesibili engasifunda esokuthi kuyasiza ukuphila ukuphila okulula kodwa okuhlelekile. Ekuqaleni kwenyanga, mina nengangiphayona naye sasibhala phansi izinto esasizozidinga emavikini alandelayo. Ngemva kwalokho, oyedwa wethu wayeya edolobheni ayothenga izinto esizidingayo. Kwakufanele siyisebenzise kahle imali esasiyithola nyanga zonke, nezinto esinazo singazisaphazi ukuze zisiqhube inyanga yonke. Uma siphelelwa okuthile sisendaweni esemahlathini, babembalwa kakhulu ababengasisiza. Ngikholelwa ukuthi ukufunda ukuphila ukuphila okulula kodwa okuhlelekile ngisemncane kwangisiza ngagxila emsebenzini kaJehova ukuphila kwami konke.

Isifundo sesithathu engasifunda esokuthi kuyasiza ukufundisa abantu ngolimi abaluncele ebeleni. Ngakhula ngikhuluma isiDashi, isiNgisi, isiPapiamento nesiSranantongo (esaziwa nangokuthi isiSranan), ulimi oluvamile lwaseSuriname. Kodwa ngaphawula ukuthi ezindaweni ezingamahlathi abantu bazamukela kangcono izindaba ezinhle uma sibashumayeza ngolimi abaluncela ebeleni. Kwakunzima kimi ukukhuluma ezinye zalezi zilimi, njengesiSaramaccan, ngoba uma usikhuluma kufanele uphakamise izwi noma ulehlise. Kodwa ngiyajabula ngokuthi ngasifunda. Kule minyaka edlule ngakwazi ukufundisa abaningi iqiniso ngoba ngangikwazi ukukhuluma ulimi abaluncela.

Kodwa zikhona izikhathi ezazingibangela amahloni. Ngokwesibonelo, ngake ngabuza umuntu engangimfundela okhuluma isiSaramaccan ukuthi uzizwa kanjani ngoba wayekade ephethwe isisu. Kunalokho ngambuza ukuthi ukhulelwe yini! Njengoba ungacabanga, akawuthandanga lowo mbuzo. Ngisho noma ngangenza amaphutha anjengaleli, ngangihlale ngizama ukukhuluma ulimi lwabantu bendawo.

UKWAMUKELA IZABELO EZENGEZIWE

Ngo-1970 ngaba umbonisi wesigodi. Ngalowo nyaka ngabukisa inkulumo yama-slide enesihloko esithi “Ukuvakashela Indlunkulu YoFakazi BakaJehova” emaqenjini amaningi asezindaweni ezingamahlathi. Ukuze siwafinyelele, mina nabazalwane enganginabo sasihamba ngesikebhe sezingodo eside. Esikebheni sasilayishe i-generator, isigubhu sikaphethiloli, izibani zikaphethiloli nomshini odlala ama-slide. Uma sifika la sasiya khona, sasithutha yonke leyo mpahla siyiyise ezindaweni ezingamahlathi lapho sasizobukisa khona ama-slide. Engikukhumbula kakhulu ngalolo hambo yindlela abantu ababezithanda ngayo lezo zinkulumo. Kwakungijabulisa kakhulu ukusiza abantu bafunde ngoJehova nangengxenye esemhlabeni yenhlangano yakhe. Ukubona abanye bamukela iqiniso kwangenza ngangazisola ngokuzidela engangikwenzile emsebenzini kaJehova.

UKWELUKA INTAMBO ENEMICU EMITHATHU

Mina no-Ethel sashada ngoSepthemba 1971

Nakuba ngangibona ukuthi kunezinzuzo ukungashadi, ngangisafuna ukuthola umuntu engizoshada naye. Ngakho, ngathandaza ngacela ukuthola inkosikazi eyayiyobekezelela ubunzima bokukhonza isikhathi esigcwele emiphakathini esemahlathini. Cishe ngemva konyaka ngaqala ukuthandana no-Ethel, iphayona elikhethekile elalinomoya wokuzidela. Kusukela u-Ethel esemncane wayemthanda umphostoli uPawulu, efuna ukwenza konke angakwenza enkonzweni njengaye. Sashada ngoSepthemba 1971 sase siqala ukujikeleza.

U-Ethel wayekhule ehlupheka, ngakho kwaba lula ukujikeleza emiphakathini esemahlathini. Ngokwesibonelo, lapho silungiselela ukuvakashela amabandla ayesemajukujukwini, sasiphatha izinto ezimbalwa. Sasiwasha futhi sigeza emifuleni. Sajwayela nokudla noma yini ababesipha yona​—oxamu nezinhlanzi okuthiwa ama-piranha nanoma yini abayizingele ehlathini noma abayibambe emifuleni. Uma bengenawo amapuleti sasidlela emakhasini kabhanana. Uma bengenazo izipuni sasidla ngezandla. Mina no-Ethel sinomuzwa wokuthi ukuzidela ndawonye emsebenzini kaJehova kusisizile saba intambo eqinile enemicu emithathu. (UmSh. 4:12) Asizisoli neze ngakho konke esidlule kukho!

Sasibuya emiphakathini esemahlathini ngesikhathi kwenzeka isigameko engisichaze ekuqaleni. Ngesikhathi isikebhe sintanta lapho amanzi enamandla khona, sangena ngaphansi kwamanzi, ngokushesha sabuye santanta. Ngenhlanhla sasigqoke izinto ezikwenza ungaminzi kalula futhi asiwelanga emanzini. Kodwa isikebhe sasigcwele amanzi. Sathatha amabhodwe ayenokudla sakuchithela emanzini ukudla, sase sithatha lawo mabhodwe sakhipha ngawo amanzi esikebheni.

Njengoba sase singasenakho ukudla, saqala ukudoba njengoba sehla ngomfula. Kodwa asibambanga lutho. Ngakho sathandaza kuJehova samcela asiphe ukudla kwangalolo suku. Ngemva nje kokuba sesithandazile, omunye umzalwane waphonsa udobo wabamba inhlanzi enkulu eyasanela sobahlanu, sadla sasutha.

NGANGINGUMYENI, NGINGUBABA, NGINGUMJIKELEZI

Ngemva kweminyaka emihlanu sijikeleza, mina no-Ethel sathola isibusiso esasingasilindele​—sasizothola ingane. Kwangijabulisa lokho nakuba ngangingazi ukuthi ikusasa liphetheni. Sasisakuthanda kakhulu ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngo-1976 kwazalwa indodana yethu u-Ethniël. Walanywa indodana yethu uGiovanni ngemva kweminyaka emibili nohhafu.

Ngibukele ubhapathizo eMfuleni iTapanahoni eduze kwaseGodo Holo eMpumalanga yeSuriname​—ngo-1983

Ngenxa yesidingo eSuriname ngaleso sikhathi, ihhovisi legatsha lahlela ukuba ngiqhubeke ngijikeleza nakuba sasikhulisa izingane. Ngesikhathi abafana bethu besebancane, ngabelwa ukuba ngikhonze izigodi ezinamabandla ambalwa. Lokho kwangenza ngakwazi ukujikeleza amaviki ambalwa inyanga ngayinye bese ngamanye amaviki ngiba yiphayona ebandleni esasabelwe kulo. U-Ethel nabafana babengiphelezela uma ngikhonza amabandla aseduze. Kodwa ngangihamba ngedwa uma ngikhonza amabandla nemihlangano eyayisezindaweni ezingamahlathi.

Ngesikhathi ngijikeleza ngangivame ukuhamba ngesikebhe lapho ngiyovakashela amabandla asemajukujukwini

Kwakudingeka ngihlele kahle izinto zami ukuze ngikwazi ukwenza yonke imisebenzi okwakumelwe ngiyenze. Ngangiqikelela ukuthi isifundo somkhaya senziwa maviki onke. Uma ngingekho ngiyokhonza amabandla akude, u-Ethel wayesenza nabafana ekhaya. Kodwa uma izimo zivuma, izinto sasizenza ndawonye. Mina no-Ethel sasivame ukuzijabulisa nabafana bethu​—sidlale imidlalo noma sizikhiphe. Ngangivame ukuhlala kuze kube sebusuku kakhulu ngilungiselela izabelo zebandla. Njengoba u-Ethel engumfazi okhaliphile okukhulunywa ngaye encwadini yezAga 31:15, wayevuka ekuseni ngovivi ukuze aqikelele ukuthi umndeni uyawufunda umBhalo wosuku futhi siyadla ngaphambi kokuba abafana bethu baye esikoleni. Angive ngibonga ngokuba nenkosikazi ezidela kangaka, ehlale ingisiza ukuze ngikwazi ukufeza imisebenzi engiyinikwe uJehova!

Sasebenza kanzima ukuze sisize izingane zethu zithande uJehova nenkonzo. Sasifuna zikhethe inkonzo yesikhathi esigcwele ngoba ithandwa yizona, hhayi ngoba ithandwa yithina. Sasihlale sizixoxela ukuthi kumnandi kangakanani ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele. Sasigcizelela indlela uJehova asisize nasibusise ngayo njengomndeni kodwa sasingazifihleli ukuthi kwakubuye kube nzima. Sasiqikelela nokuthi zichitha isikhathi noFakazi ababeka uJehova kuqala ekuphileni kwabo.

UJehova wayesinakekela ngakho konke esasikudinga njengoba sikhulisa izingane. Nami ngangiyidlala eyami indima. Ukuba iphayona elikhethekile elingashadile endaweni engamahlathi engangikuyo kwangifundisa ukuhlela kusengaphambili ukuthi yini esizoyidinga. Kodwa ngezinye izikhathi sasingazitholi zonke izinto esizidingayo naphezu kwemizamo esasiyenza. Ezimweni ezinjalo, ngikholelwa ukuthi uJehova wayengenela ukuze asisize. Ngokwesibonelo, ekupheleni kwawo-1980 nangasekuqaleni kwawo-1990, kwaba nemibhikisho eSuriname. Ngaleyo minyaka kwakunzima ngisho nokuthola izinto eziyisisekelo. Noma kunjalo, uJehova wayesinakekela.​—Math. 6:32.

UMA NGIBHEKA EMUVA

Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: Nginomkami u-Ethel

Indodana yethu endala, u-Ethniël nomkayo uNatalie

Indodana yethu uGiovanni nomkayo uChristal

UJehova ubelokhu esinakekela ukuphila kwethu konke, usenze sajabula kakhulu futhi saneliseka. Izingane zethu ziyisibusiso esikhulu kithi futhi kube yilungelo ukuzikhulisa zikhonze uJehova. Sijabula ngempela ngokuthi nazo ziye zakhetha inkonzo yesikhathi esigcwele. U-Ethniël noGiovanni baye bathweswa iziqu ezikoleni ezingokwasezulwini futhi manje bakhonza ehhovisi legatsha laseSuriname kanye nomkabo.

Mina no-Ethel sesikhulile manje, kodwa sisamsebenzela uJehova njengamaphayona akhethekile. Uyazi, ngendlela esimatasa ngayo, angikasitholi nesikhathi sokufunda ukubhukuda! Kodwa akukho engizisola ngakho. Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi ukunquma ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele ngisemusha kwaba isinqumo esihle kunazo zonke engake ngazenza.

^ Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002, k. 70.

^ Indaba yokuphila kukaWillem van Seijl, enesihloko esithi “Izenzakalo Ziye Zangishiya Ngimangele,” yakhishwa kuyi-Phaphama! ka-Okthoba 8, 1999.