Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 46

INGOMA 49 Ukwenza Inhliziyo KaJehova Ijabule

Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Inceku Ekhonzayo?

Bazalwane—Niyazibekela Yini Umgomo Wokuba Inceku Ekhonzayo?

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”IZE. 20:35.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ukukhuthaza abazalwane ababhapathiziwe ukuba bazibekele umgomo wokuba izinceku ezikhonzayo futhi bawufanelekele lowo mgomo.

1. Umphostoli uPawulu wayezizwa kanjani ngezinceku ezikhonzayo?

 IZINCEKU ezikhonzayo zenza umsebenzi obalukele kakhulu emabandleni. Kusobala ukuthi la madoda athembekile ayeyigugu kumphostoli uPawulu. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ebhalela amaKristu aseFilipi ngokukhethekile wabingelela izinceku ezikhonzayo kanye nabadala.—Fil. 1:1.

2. Umzalwane okuthiwa uLuis uzizwa kanjani ngokuba inceku ekhonzayo?

2 Kungakhathaliseki ukuthi basebasha noma sebekhulile, abazalwane abaningi ababhapathiziwe bayakujabulela ukuba yizinceku ezikhonzayo. Ngokwesibonelo, uDevan wayeneminyaka engu-18 lapho eba inceku ekhonzayo. Kanti umzalwane okuthiwa uLuis waba inceku ekhonzayo eseyihlanganisile iminyaka engu-50. Lokho akusho kuveza indlela yena nabanye abaningi abazizwa ngayo. Wathi, “Kuyilungelo elikhulu kimi ukukhonza njengenceku ekhonzayo ikakhulukazi uma ngicabanga ngothando olukhulu abafowethu nodadewethu abangibonise lona ebandleni!”

3. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Uma ungumzalwane obhapathiziwe kodwa ungakabi inceku ekhonzayo, ungazibekela yini umgomo wokuba inceku ekhonzayo? Yini engakwenza ufune ukuzibekela lowo mgomo? Yiziphi izimfuneko ezingokomBhalo okudingeka ube nazo ukuze ube inceku ekhonzayo? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo. Kodwa ake siqale sixoxe ngokuthi uyini umsebenzi wenceku ekhonzayo.

YIMIPHI IMISEBENZI EYENZIWA INCEKU EKHONZAYO?

4. Yimiphi imisebenzi eyenziwa inceku ekhonzayo? (Bheka nesithombe.)

4 Inceku ekhonzayo ngumzalwane obhapathiziwe omiswe ngomoya ongcwele ukuba asize abadala benze imisebenzi eminingi yasebandleni ebalulekile. Ezinye izinceku ezikhonzayo ziyaqikelela ukuthi abamemezeli banensimu eyanele nezincwadi ezanele abazozisebenzisa ensimini. Ezinye ziyasiza ekuhlanzeni nasekunakekeleni iHholo LoMbuso. Izinceku ezikhonzayo zibuye zibe abalindi, zisebenze nasemshinini we-sound, zidlale namavidiyo emihlanganweni yebandla. Imisebenzi eminingi eyenziwa izinceku ezikhonzayo iwusizo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi izinceku ezikhonzayo zingamadoda amthandayo uJehova futhi ziphila ngemithetho yakhe yokulunga. Zibathanda kakhulu abafowabo nodadewabo abangamaKristu. (Math. 22:​37-39) Umzalwane obhapathiziwe angazibekela kanjani umgomo wokuba inceku ekhonzayo?

Izinceku ezikhonzayo zilingisa uJesu ngokukhonza abanye ngokuzithandela (Bheka isigaba 4)


5. Yini umzalwane angayenza ukuze afanelekele ukuba inceku ekhonzayo?

5 IBhayibheli lisitshela ngezimfuneko okudingeka babe nazo abazalwane abafuna ukuba izinceku ezikhonzayo. (1 Thim. 3:​8-10, 12, 13) Ungakwazi ukulithola lelo lungelo ngokuthi ufunde ngalezo zimfuneko ezingokomBhalo bese wenza konke ongakwenza ukuze ube nazo. Kodwa kudingeka uqale uhlole izisusa zakho zokufuna ukuba inceku ekhonzayo.

KUNGANI UFUNA UKUBA INCEKU EKHONZAYO?

6. Yini okufanele ikwenze ufune ukukhonza abafowenu nodadewenu? (Mathewu 20:28; bheka nesithombe.)

6 Isibonelo sethu esivelele uJesu Kristu wayeshukunyiswa uthando, uthando ngoyise nothando ngabantu. Lolo thando lwamenza wasebenza ngokuzikhandla futhi wenzela abantu izinto abanye ababezibukela phansi. (Funda uMathewu 20:28; Joh. 13:​5, 14, 15) Uma ushukunyiswa uthando, uJehova uzokusiza uwufinyelele umgomo wakho wokuba inceku ekhonzayo.—1 Kor. 16:14; 1 Pet. 5:5.

Ngesibonelo sakhe, uJesu ufundisa abaphostoli bakhe ukuba bathobeke bakhonze abanye kunokuba bafune izikhundla eziphezulu (Bheka isigaba 6)


7. Kungani umzalwane kufanele agweme izisusa zobugovu?

7 Ngokuvamile, ezweni bayathandwa abantu abazigqamisa bona. Kodwa akunjalo enhlanganweni kaJehova. Umzalwane oshukunyiswa uthando, njengoba kwakunjalo ngoJesu, akathandi ukulawula abanye noma ukubonakala ebalulekile kunabanye. Ukube umuntu onjalo ubengatuswa ebandleni, cishe ubengeke avume ukwenza eminye imisebenzi ebukelwa phansi ukuze kunakekelwe izimvu zikaJehova eziyigugu. Angase azibone ebaluleke kakhulu ukuba angenza leyo misebenzi. (Joh. 10:12) UJehova ngeke ambusise umuntu owenza izinto ngoba elawulwa ukuqhosha noma ubugovu.—1 Kor. 10:​24, 33; 13:​4, 5.

8. UJesu wabanika siphi iseluleko abaphostoli bakhe?

8 Ngezinye izikhathi ngisho nabangane bakaJesu abaseduze bafuna amalungelo athile benezisusa ezingafanele. Cabanga ngokwenziwa abaphostoli bakaJesu ababili—uJakobe noJohane. Bacela uJesu ukuba abanike izikhundla eziphakeme eMbusweni wakhe. UJesu akazange abancome ngesicelo sabo. Kunalokho, wathi kubo bonke abaphostoli abangu-12: “Noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumele abe yisikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba owokuqala phakathi kwenu kumele abe inceku yenu nonke.” (Marku 10:​35-37, 43, 44) Abazalwane abanezisusa ezinhle—okuwukuthi ukukhonza abanye—bayoba yisibusiso ebandleni.—1 Thes. 2:8.

YINI ENGAKHULISA ISIFISO SAKHO SOKUKHONZA ABAFOWENU?

9. Ungasikhulisa kanjani isifiso sakho sokukhonza abanye?

9 Akungabazeki ukuthi uyamthanda uJehova futhi ufuna ukukhonza abanye. Noma kunjalo, ungase ungabi naso isifiso sokuzandisela umsebenzi ngokwenza imisebenzi eyenziwa izinceku ezikhonzayo. Ungasikhulisa kanjani isifiso sokukhonza abanye? Cabanga ngenjabulo oyoyithola ngokukhonza abafowenu nodadewenu. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Wayekwenza lokhu okushiwo yilesi simiso. Wayekujabulela ngempela ukukhonza abanye, nawe ungakujabulela.

10. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayekujabulela ukukhonza abanye? (Marku 6:​31-34)

10 Cabanga ngendlela uJesu abonisa ngayo ukuthi wayekujabulela ukukhonza abanye. (Funda uMarku 6:​31-34.) Ngesinye isikhathi, uJesu nabaphostoli bakhe babekhathele. Babeya endaweni engenabantu ukuze baphumule. Kodwa isixuku safika kuqala kunabo sinethemba lokufundiswa uJesu. Wayengase enqabe ukusifundisa. Phela yena nabaphostoli bakhe “babengenaso ngisho nesikhathi esikhululekile sokudla.” Noma wayengase abafundise amaqiniso ambalwa bese ebayala ukuba bahambe. Kodwa ngenxa yokuthi wayebathanda ‘wabafundisa izinto eziningi.’ Waqhubeka ebafundisa isikhathi eside. (Marku 6:35) Lokho akakwenzanga ngoba nje kufanele akwenze, kodwa wakwenza ngoba ‘waba nesihawu ngabo.’ Wayefuna ukubafundisa ngoba ebathanda. Ukukhonza abanye kwakumjabulisa kakhulu uJesu.

11. UJesu wabakhonza kanjani ngezindlela ezingokoqobo labo ababemlalela? (Bheka nesithombe.)

11 Lapho uJesu eshumayeza isixuku, wenza okungaphezu kokusifundisa. Wanakekela nesidingo saso esingokwenyama. Ngokuyisimangaliso wenza ukudla, wabe esekunika abafundi bakhe ukuze baphe isixuku. (Marku 6:41) Ngokwenza kanjalo, wafundisa abafundi bakhe ukuthi bangabakhonza kanjani abanye. Wababonisa nokuthi kubalulekile ukwenza imisebenzi ewusizo, njengaleyo eyenziwa izinceku ezikhonzayo. Cabanga injabulo abaphostoli ababenayo ngokusebenza noJesu ekwabeni lokho kudla okuyisimangaliso kwaze kwaba yilapho ‘bonke bedla besutha’! (Marku 6:42) Yiqiniso, uJesu wayengaqali ukubeka izidingo zabanye kuqala kunezakhe. Ngesikhathi esemhlabeni, wakhonza abantu ukuphila kwakhe konke. (Math. 4:23; 8:16) Kwakumjabulisa futhi kumanelisa ukufundisa abanye nokunakekela izidingo zabo. Akungabazeki ukuthi nawe uzojabula kakhulu njengoba ngokuzithandela uzobe ukhonza abanye njengenceku ekhonzayo.

Ukuthanda uJehova nesifiso sokukhonza abanye kuyokwenza ukhonze abafowenu nodadewenu nganoma iyiphi indlela (Bheka isigaba 11) a


12. Kungani engekho phakathi kwethu okufanele acabange ukuthi kuncane angakwenzela ibandla?

12 Uma unomuzwa wokuthi awunalo nhlobo ikhono elivelele ungapheli amandla. Akungabazeki ukuthi unazo izimfanelo ezingaba wusizo ebandleni. Kungakuzuzisa ukuthandaza bese ufunda ngalokho uPawulu akusho kweyoku-1 Korinte 12:​12-30. Amazwi kaPawulu akwenza kucace ukuthi wena njengazo zonke ezinye izinceku zikaJehova unendima ebalulekile ebandleni futhi uyigugu. Uma ungakakufanelekeli ukukhonza njengenceku ekhonzayo njengamanje, ungapheli amandla. Kunalokho, yenza konke ongakwenza ukuze ukhonze uJehova futhi usize abafowenu. Qiniseka ngokuthi lapho abadala bekunika isabelo bayocabanga ngokuthi yini okwazi ukuyenza.—Roma 12:​4-8.

13. Yini eyiqiniso ngezimfuneko eziningi ezidingeka kubazalwane abamisiwe?

13 Cabanga ngesinye isizathu esenza kube yinto enhle ukuba uzibekele umgomo wokuba inceku ekhonzayo: Izimfuneko eziningi okulindeleke ukuba izinceku ezikhonzayo zibe nazo, izimfuneko wonke amaKristu okufanele abe nazo. Empeleni, wonke amaKristu kufanele asondele kuJehova, athole injabulo etholakala ngokupha futhi abe amaKristu ayizibonelo ezinhle. Yini ngempela umzalwane angayenza ukuze afanelekele ukuba yinceku ekhonzayo?

ONGAKWENZA UKUZE UBE INCEKU EKHONZAYO

14. Kusho ukuthini ‘ukungathathi izinto kalula’? (1 Thimothewu 3:​8-10, 12)

14 Manje, ake sixoxe ngezinye zezimfuneko okukhulunywe ngazo kweyoku-1 Thimothewu 3:​8-10, 12. (Yifunde.) Inceku ekhonzayo kumele “ingathathi izinto kalula.” Le nkulumo ingahunyushwa nangokuthi kumele ibe umuntu “ohloniphekile,” noma “okungathenjelwa kuye.” Lokho akusho ukuthi ingabe isahleka noma ibe namancoko. (UmSh. 3:​1, 4) Noma kunjalo, zonke izabelo enikwe zona akufanele izithathe kalula. Uma waziwa ngokuba umuntu okungathenjelwa kuye, abafowenu nodadewenu ebandleni bayokuhlonipha.

15. Kusho ukuthini ukungabi ‘yiphixiphixi . . . nokungafisi ukuthola inzuzo ngokungathembeki’?

15 ‘Ukungabi yiphixiphixi’ kusho ukuthi uqotho, uthembekile futhi kungathenjelwa kuwe. Uyakufeza okuthembisile futhi awubakhohlisi abanye. (IzAga 3:32) ‘Ukungafisi ukuthola inzuzo ngokungathembeki’ kusho ukuthi uthembekile lapho wenza ibhizinisi nalapho usebenza ngezimali. Ngeke usebenzise kabi ubungani onabo namanye amaKristu ukuze uzenzele imali.

16. (a) Kusho ukuthini ‘ukungaphuzi iwayini ngokweqile’? (b) Kusho ukuthini ukuba ‘nonembeza omsulwa’?

16 ‘Ukungaphuzi iwayini ngokweqile’ kusho ukuthi awubuphuzi ngokweqile utshwala noma waziwe njengomuntu ophuza kakhulu. Ukuba ‘nonembeza omsulwa’ kusho ukuthi uphila ngemithetho kaJehova. Nakuba unesono, ujabulela ukuthula okutholakala ngokuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu.

17. Umzalwane angabonisa kanjani ukuthi kungathenjelwa kuye lapho ‘esahlolwa . . . ukuthi uyafaneleka yini’? (1 Thimothewu 3:10; bheka nesithombe.)

17 ‘Ukuhlolwa . . . ukuthi uyafaneleka yini’ kusho ukuthi kakade usubonisile ukuthi kungathenjelwa kuwe lapho unikwa umsebenzi. Ngakho, lapho abadala bekunikeza isabelo kulandele ngokucophelela lokho abakushoyo neziqondiso ezivela enhlanganweni. Qikelela ukuthi ukuqonda kahle okudingeka ukwenze nokuthi kufanele usiqede nini isabelo sakho. Njengoba ufeza isabelo sakho ngasinye ngentshiseko, abanye ebandleni bayoyiqaphela intuthuko yakho futhi bayojabula ngayo. Badala, kuphaphameleni ukuqeqesha abazalwane ababhapathiziwe. (Funda eyoku-1 Thimothewu 3:10.) Bakhona yini ebandleni lenu abazalwane ababhapathiziwe abasanda kweva eminyakeni engu-12 noma abangaphansi kwaleyo minyaka? Ingabe bayisibonelo esihle uma kuziwa endabeni yokutadisha? Baphendula njalo yini emihlanganweni yebandla futhi baba khona yini enkonzweni yasensimini? Uma kunjalo, banikeze izabelo abangakwazi ukuzenza ezihambelana neminyaka yabo nezimo zabo. Ngaleyo ndlela, laba bazalwane abasebasha ‘bangahlolwa . . . ukuthi bayafaneleka yini.’ Cishe lapho sebevile eminyakeni engu-16 bangakufanelekela ukukhonza njengezinceku ezikhonzayo.

Ngokunika abazalwane ababhapathiziwe izabelo, abadala bangabahlola ukuthi ‘bayafaneleka yini’ (Bheka isigaba 17)


18. Kusho ukuthini ‘ukungasoleki’?

18 ‘Ukungasoleki’ kusho ukuthi akekho ongakumangalela ngokwenza isono esikhulu. Kuyiqiniso ukuthi amaKristu angase amangalelwe ngamanga. UJesu wayeyisisulu sokumangalelwa ngamanga futhi wabikezela ukuthi abalandeli bakhe nabo babeyobhekana nento efanayo. (Joh. 15:20) Noma kunjalo, uma uqhubeka uziphatha ngendlela ehlanzekile njengoJesu uyoba nedumela elihle ebandleni.—Math. 11:19.

19. Kuhlanganisani ukuba “amadoda amfazi munye”?

19 “Amadoda amfazi munye.” Uma ushadile, kufanele ulandele umthetho kaJehova wasekuqaleni ngokuphathelene nomshado—ube nendoda eyodwa noma umfazi oyedwa. (Math. 19:​3-9) Indoda engumKristu akufanele nanini iziphathe kabi ngokocansi. (Heb. 13:4) Kodwa kudingeka okungaphezu kwalokho. Kumele ibe qotho kumkayo, ingalokothi idlale ngothando nabanye abesifazane.—Jobe 31:1.

20. Umzalwane ukubonisa kanjani ukuthi uwuqondisa “kahle” umndeni wakhe?

20 ‘Ibaqondisa kahle abantwana bayo nomndeni wayo.’ Uma uyinhloko yomndeni, akumele uyithathe kalula imithwalo yakho. Kwenze njalo ukukhulekela komndeni. Shumayela nelungu ngalinye lomndeni wakho njalo lapho kuvela ithuba. Siza izingane zakho zibe abangani noJehova. (Efe. 6:4) Indoda ekwazi ukunakekela umndeni wayo ibonisa ukuthi ingakwazi ukulinakekela nebandla.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:5.

21. Uma ungakabi inceku ekhonzayo, yini ongayenza?

21 Bazalwane, uma ungakabi inceku ekhonzayo, sicela ufunde lesi sihloko ngokucophelela bese uthandaza kuJehova ngale ndaba. Funda ngezimfuneko okudingeka izinceku ezikhonzayo zibe nazo bese usebenza kanzima ukuze uzifinyelele. Cabanga ngendlela omthanda ngayo uJehova nabafowenu nodadewenu. Khulisa isifiso sakho sokubakhonza. (1 Pet. 4:​8, 10) Yizwa injabulo etholakala ngokukhonza umndeni wakho ongokomoya. Kwangathi uJehova angayibusisa imizamo yakho yokufanelekela ukukhonza njengenceku ekhonzayo!—Fil. 2:13.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

a INCAZELO YEZITHOMBE: Ngakwesobunxele, ngokuzithoba uJesu ukhonza abafundi bakhe; ngakwesokudla, inceku ekhonzayo isiza umzalwane osekhulile wasebandleni.